
Isicelo selayisense yokudoba kwabemikhumbi yangaphakathi kwezwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umkhumbi wangaphakathi kwezwe, usho umkhumbi obhaliswe ngaphansi kweFulegi yoMbuso weNingizimu Afrika   onikezwe isitifikedi sezokuphepha ngabe-South African Maritime Safety Authority , kanye neLayisene yoMkhumbi enikezwe ngaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha . Umkhumbi kumele ube:

onobunikazi kanye nolawulo lomuntu noma abantu baseNingizimu Afrika ngokugcwele noma

onobunikazi noma ukulawulwa ngokugcwele yi-body corporate, i-society, noma i-asosiyeshini yabantu abayinkampani  noma osunguwle ngokulandela imithetho yeRiphabliki yeNingizimu Afrika, kanti futhi khona ubuningi bamasheya kanye namalungelo okuvota alawulwa ngabantu baseNingizimu Afrika.


Umkhumbi wokudweba uvamise ukuba ufakelwe izinto ezizosetshenziselwa ukudweba noma okunye okuhambelana nalokhu. Umkhumbi ubandakanya onke amagiya , imishini esetshenziswayo , indawo yokugcina, impahla, kanye namafutha okuqhuba umkhumbi  ngaphakthi komkhumbi. Umkhumbi wangaphakathi ungabandakanya noma yimuphi omunye umkhumbi owodwa noma ngaphezulu eselwandle ekwenzeni imisebenzi ehambelana nokwedweba. Lokhu kungabandakanya, kanti futhi hhayi lokhu okulandelayo kuphela:

amalungiselelo

ukusaplaya 

ukugcina

amafriji okubandisa

izinto zokuhambisa , kanye nokuprosesa; kanye/noma

ukwenza imisebenzi yokudweba ngaphansi kwendawo ebizwa i-Exclusive Economic Zone  noma kumanzi amazwe omhlaba  ngaphansi kwefulegi ye-Republic of South Africa .


Akukho umuntu ongavunyelwa ukusebenzisa umkhumbi wokudweba, noma yimuphi omunye umkhumbi ukusebenzisa ilungelo lokufinyelela  ngaphandle kokuba kukhishwe ilayisense, ehambelana nemvume uma umnikazi womkhumbi enelayisene yelungelo lokudweba. Uma umnikazi womkhumbi engenalo ilungelo lokudweba, kumele kube nekontraki yokusebenzisa lowo mkhumbi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Umkhumbi wokudweba uzohlolwa ngaphansi kwenqubo yabe-South African Maritime Safety Authority  ukubona ukuthi ngabe ukufanele yini ukuba solwandle , kanti bangakhipha iSitifikedi sokuPhepha .

Thola ifomu lesicelo kwaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha.

Kumele ube ngonelungelo lokudweba . Uma ungeyena umnikazi welungelo lokudweba onomkhumbi, kumele ufakele, noma ubandakanye ikontraki, oyiphethe nomnikazi womkhumbi ukusebenzisa lowo mkhumbi lapho ufakele isicelo selayisense yomkhumbi.

Fakela isicelo kwaboMnyango wesimo seNdalo nezokuVakasha (Department of Environmental Affairs and Tourism, ubandakanye nolwazi olulandelayo:


igama lomkhumbi

igama lomnikazi womkhumbi

uhlobo lwamandla enjini, ubude bomkhumbi

amandla enjini yomkhumbi kanye nomthamo  womkhumbi

umkhakha wokudweba  lapho umkhumbi onenhloso yokuyosebenza khona

umbuso lowo mkhumbi obhalise ngaphansi kwawo okwamanje 


Gcwalisa ifomu ngokuprinta ngokusebenzisa amagama amakhulu kuphela, kanye nokubhala incazelo yesidingo  lapho kufanele.

Khombisa ubude besikhathi sokusebenza kwawo kanye nesicelo somkhakha wokudweba lapho lowo mkhakha ohlose ukusebenza khona.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  

The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  

The National Marine Protected Areas Act, 2003  

The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  
The Sea Fishery Act, 1988  
The Sea-shore Act, 1935  
The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Iisicelo singathatha izinsuku ezintathu  zokusebenza noma ngaphezulu kwazo, kuye ngokuthi isicelo sefakwe ngokulandela inqubo efanele.

Phezulu

Izindleko

Izindleko ziyehlukahlukana kuye ngobude bomkhumbi.

