﻿
Ukufaka isicelo sencwadi yokugunyaza ephathelene nemoto
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umele ukuthi uthole incwadi yokugunyaza uma ufuna ukwenza loku okulandelayo ukuthenga imoto entsha noma ese isebenzile kwamanye amazwe, ukuthenga imoto yezimpahla noma inqola edonswa ngenye nokwakha noma ukuguqula kancane imoto.

Umele ukuthi ube nencwadi yokugunyaza noma imoto yakhiwe kuleli noma yakhiwe kwelinye izwe. Izinhlobo zezimoto okudingeka incwadi yokugunyaza kuzona:

izimoto, amabhasi kanye nezithuthuthu
izimoto ezithwala izimpahla 
izinqola ezidoswa ngemuva kwezimoto
izimoto eziyisipesheli nje ngoJibha ohambayo, ogandaganda nezimoto zokuvuna.

Zonke izimoto, noma zakhiwe lapha eMzansi noma kwamanye amazwe kumele zilandele amazinga abekwe ngumthetho wezinqola ezihamba emgwaqweni kazwelonke ka 1996. abathenga izimoto ngaphandle kwaleli kumele baveze ubufakazi bokuthi zilandele amazinga abekwe ngumthetho wezinqola ezihamba emgwaqweni kazwelonke ka 1996 babuse e SABS okuyondawo ebhekene namazinga okwenziwa kwemisebenzi eMzansi.

Isixwayiso: ifomu ligcwaliswa ngumuntu imoto ibhaliswe ngaye.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola amafomu afaneleyo eSABS.
Gcwalisa amafomu uthumele nalamaphepha alandelayo:

ikhophi yomazisi
incwadi yamandla okumela uma ngabe yinkampani noma yinhlangano enkulu
iafidaviti evela kumaphoyisa aseMzansi uma kuyimoto eyakhiwe. Loku kefanele kufake phakathi nenombholo yenjini, neyechesi, nemininingwane yonke yomsebenzi owenziwe nokuthi izinsimbi zitholakale kuphi.
nesitifiketi semvume yamaphoyisa
nesitifiketi semvume yokuthi imoto ihambe emgwaqweni
nesitifiketi sesisindo semoto
izithombe ezimbili zemoto.

Khokha imali enqunyiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Lencwadi yokugunyaza izobe isilungile ezinsukwini ezine kuya kweziyisithupha.

Phezulu

Izindleko

