﻿
Ukwenza amaphepha kahulumeni nezitifiketi ezisetshenziswa ngabantu zibe ngezisemthethweni
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukwenza amaphepha ukuthi abe ngasemthethweni noma ukuveza ubufakazi bokuthi angawo qobo kungumsebenzi wokwenza ubufakazi bokuthi lapho kusayinwe khona kungikho yini, loku kusho ukuthi amaphepha kahulumeni ayananyathiselwa, avalwe asayinwe nesitifiketi se Apostille  noma nesitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo .

Isigaba sokwenza into ibe semthethweni:

Senza amaphepha kahulumeni adabuka kuleli lase Iningizimu Africa abe semthethweni ukusetshenziswa ngaphandle kwaleli ngokukhipha isitifiketi okuthiwa yi Apostille noma ngesitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo

Inikeza abakhonzi izeluleko ukuthi bathole amaphephe noma amasayini angiwo

Inikeza abakhonzi ulwazi ngocingo, ngencwadi noma nge email.


Amanxusa ase Iningizimu Africa kwamanye amazwe angwenza amaphepha ukuthi abe semthethweni uma aqale enziwa ukuba semthethweni yisiphathimandla saleyo ndawo, noma enziwe ukuba semthethweni yisigaba salowomsebenzi segatsha lezangaphandle. Amanxusa akuleli awanalo ilungelo lokukhipha isitifiketi okuthiwa yi Apostille kodwa banalo ilungelo lokukhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Qala uthole ukuthi yiliphi iphepha ofuna ukuthi lenziwe libe senthethweni.

Isigaba sokwenza into ibe semthethweni ingakhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma
isitifiketi okuthiwa yi Apostille gokulandela lemithetho elandelayo:


Iphepha alikaqedi umnyaka labhalwa.

Umele ukuthi utshele abesigaba sokwenza into ibe semthethweni ngelizwe lapho ufuna ukuthi iphepha lisebenze khona ukuze bakwazi ukufunisisa ukuthi kudingeka isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma isitifiketi okuthiwa yi Apostille.

Ngaphambi kokuba abesigaba sokwenza into ibe semthethweni bangakhipha isitifiketi eziveza ubufakazi bokuthi angawo qobo noma isitifiketi okuthiwa yi Apostille iphepha kumele lenziwe libe semthethweni ngu:


Yimantshi, noma yimantshi eyongeziwe, noma yisekela likemantshi

Ngumbhali noma isekela lakhe noma inkantolo ephakeme yase Iningizimu Africa.




Thunmela amaphepha akho kwabesigaba sokwenza into ibe semthethweni ngayinye yalezindlela ezilandelayo:


Wena ngesiqu sakho – amaphepha athunyelwe ngalendlela ungawalanda uma uveza ubufakazi bokuthi wawaletha. Uma uthumela amaphepha akho ngokuwamikisa wena mathupha unikezwa irisidi yokuvuma ukuthi bawatholile amaphepha akho.

Ngesithunywa – isithunywa sizonikezwa iphephe lokulanda amaphepha elizodingeka mzukwana ulanda amaphepha. Isithunywa sikhokhelwa nguwena.

Ngeposi eliphuthumayo – emaphepheni akho, faka imvilopi elingana nephepha elejwayelekile enekheli lakho eseyikhokhelwe nemali yokuposa  ukuze abesigaba sokwenza into ibe semthethweni bakwazi ukubuyisela amaphepha akho emuva. Bhala nencwadi esho ukuthi uthumele amaphepha angakanani ukuze enziwe abe semthethweni, nezwe ofuna ukuthi asebenze kulona, kanye nemininingwane yakho ephelele yokukuthinta.

Hambisa amaphepha akho adlule enxuseni lase Iningizimu Africa kulelozwe .



Lamaphepha alandelayo awavunya:

Amaphepha afingqiwe noma abhalwe ngecomputha
Amaphepha omshado, afakazela ukuzalwa, afakazela ukufa noma isitifiketi semvume yamaphoyisa afakazelwe ngesitembu samaphoyisa
Izitifiketi ezichaza isimo somuntu mayelana nomshado noma ezifakazela umuntu ukuthi uyisakhamuzi sakuliphi izwe ezifakazelwe ngesitembu samaphoyisa
Amakhophi epasipoti noma encwadi yomazisi afakazelwe ngesitembu samaphoyisa
Amaphepha afakazelwe ukhomishane ofungisayo ukuthi angawo qobo. Ummeli wokulungisa izivumelwano nguye omele ukuthi awafakazele.

Lamaphepha alandelayo awadingi ukwenziwa abesemthethweni kuqala yinkantolo njengoba kushiwo ngaphezulu uma ngabe asayiniwe yisiphathimandla esiwakhiphile:

Izitifiketi ezingafinciwe zokuzalwa, zomshado, zokufa nencwadi efakazela umuntu ukuthi uyisakhamuzi sakuliphi izwe, ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezasekhaya elinemvume yokwenze njalo.

Amaphepha okuthola intandane asayiniwe, agqotshwa isitembu ngumbhali walelohhovisi lokuthola izintandane egatsheni lezomthetho.

Amaphepha okuthengisa impahla yalapha kwamanye amazwe asayiniwe, agqotshwa isitembu yigatsha lezohwebo.

Izitifiketi zemfundo ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezemfundo.

Izitifiketi zemvume yamaphoyisa ezisayiniwe zaphinde zagqotshwa isitembu ngabaphenti bamacala bamaphoyisa ase Iningizimu Africa. .

Incwadi esho ukuthi azikho izigibe mayelana nomshado esayiniwe yaphinde yagqotshwa isitembu yisisebenzi segatsha lezasekhaya elinemvume yokwenze njalo.

Amaphepha okubhaliswa kwenkampani asayiniwe, agqotshwa isitembu ngumbhalisi wezinkampani.

Amaphepha achaza isimo sempilo asayiniwe, agqotshwa isitembu yisisebenzi sekhansela yabantu abafundele ezempilo esinemvume yokwenze njalo.

Amaphepha aphathelene nokuthutha izilwane kanye nezilwane asizigcina ekhaya kumele asayiniwe, agqotshwa isitembu ngudokodela wezilwane wahulumeni onemvume yokwenze njalo.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

The Hague Convention of 5 October 1961 

Rule 63 of The Rules of the Supreme Court of South Africa, as amended by Government Notice R.500 dated 12 March 1982 and R.801 dated 23 April 1982 

Rules of the High Court of South Africa as published in Government Notice R.277 dated 3 March 1967 


Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Amahora omsebenzi omphakathi msombuluko - lwesihlanu, 08:30 – 12:30 .
Abesigaba sokwenza into ibesemthethweni bazokhipha isimemezelo sezinsuku ezingu 7 uma bezovala, loku akuwafaki amaholide.

Phezulu

Izindleko

Abantu abakhokhi lutho uma kusetshenzwa amaphepha abo.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu agcwaliswayo, kodwa-ke qinisekisa kuthi usho izwe lapho ufuna amaphepha akho asebenze khona.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


