﻿
Isicelo selayisense yokufunda
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ilayisensi yokufundela ukushayela yilayisensi yokwesikhashana efakazela ukuthi unolwazi oluncane lokushayela imoto. Amalayisensi okufundela ukushayela ahlukaniswe izigaba ezintathu. Zonke izigaba zibekelwe iminyaka ngokwehlukahlukana.

Isigaba sokuqala: Isithuthuthu noma ngayisiphi

Isithuthuthu esimandla afika ku 125cc – iminyaka engu 16.
Isithuthuthu esinamandla angaphezulu kuka 125cc - iminyaka engu 18.

Isigaba sesibili: Imoto encane

Imoto encane - iminyaka engu 17.

Isigaba sesithathu: enye nenye imoto - iminyaka engu 18

Abafake izicelo abangeke bavivinywe ngosuku olubekiwe, kanti-ke nesikhathi sokulindela ukuvivinywa siyashiyana ngabomasipala.

Ilayisensi yokufundela ukushayela iyaphela emuva kwezinyanga ezingu 18 kanti izinsuku noma izinyanga ezengezwa.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma ufuna ukufaka isicelo gcwalisa ifomu  esiteshini sokuvivinya esiseduze nawe.
Woza nomazisi walkho omukelekile kanye namakhophi njengokusho komthetho wezinqola ezihamba emgwaqweni kazwelonke ka 1996, umazisi, noma umazisi wesikhashana noma ipasipoti.
Izithombe ezingezona zombala zencwadi yomazisi ezimbili.
kuzomele ukuthi uhlolwe amehlo esiteshini sokuvivinya.
Khokha imali enqunyiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ilayisense yokufunda itholalakala ngalo usuku obhale ilayisense yakho.

Phezulu

Izindleko

