﻿
Ukubhekana nokuzingenela kwabantu emhlabeni ngaphandle kwemvume 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umhlaba wombuso  kanye nomhlaba onabanikazi bangasese ungangenelwa  ngokungemthetho.

Uhulumeni unomsebenzi ngokomthethosisekelo ukuqinisekisa ukuthi - lapho kunesidingo khona, kanti futhi lapho kunemithombo yosizo eyenele – zonke izakhamizi zingafinyelela kumalungelo azo okuthola umhlaba kanye/noma izindlu. Kwizimo ezithile ezifana nalapho iningi labantu lingena emhlabeni ngokungemthetho, uhulumeni unomsebenzi wokusizana nomnikazi womhlaba ukuvikela umhlaba wakhe.

Lapho kunabahlezi emhlabeni ngokungemthetho amalungelo abo angekho engozini, kumele bakhishwe , abasemagunyeni ngakuhulumeni ababhekene nomhlaba wombuso, noma umhlaba umnikazi wabo ongumuntu wangasese, kumele ngaphandle kokuchitha isikhathi, axhumane nenkantolo ukuthola umyalelo wenkantolo wokukhipha abantu  ngokulandela umthetho wokuvimbela ukukhishwa kwabangene emhlabeni ngokungemthetho i-Prevention of Illegal Eviction From and Unlawful Occupation of Land Act, 1998 . Lo mthetho okwamanje ungaphansi kolawulo lwaboMnyango wezeZindlu.

Abantu ziqu  , abanganayo imihlaba yolimo bangaxhumana noMnyango wezeMihlaba ukuthola usizo ukuthola umhlaba ofanele wolimo. Abantu ziqu  abadinga izindlu bangaxhumana nomasipala wendawo noma, uma kunesidingo, umnyango wezezindlu kahulumeni wesifundazwe  noma uMnyango kazwelonke wezeZindlu, ukuthola usizo.

UMnyango wezeMihlaba, uzokwenza okulandelayo:

uzothintana nenkantolo ukuthola umyalelo wokukhipha abahlezi ngokungemthetho kumhlaba wombuso ongaphansi kolawulo lwawo inqaba nje uma amalungelo abahlezi ngokungemthetho engathikamezeki
usize abahlezi emhlabeni wombuso ngokungemthetho abadinga nabangenawo umhlaba wolimo ukuthola umhlaba wolimo ofanele
usize ezinye iziphathimandla zikaulumeni ukuthola omunye umhlaba ofanele onganikezwa abahlezi ngokungemthetho, abadinga izindlu
lapho kudingeke khona, nalapho kunezimo ezingavamile, ukusiza abantu bangasese abangabanikazi bomhlaba wolimo umhlaba wabo ongenelwe ngokungemthetho ukususa labo abahlezi kuwo ngokungemthetho abadinga umhlaba wolimo ofanele ukuya komunye umhlaba ofanele.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Lapho umhlaba womuntu wangasese ungenelwe ngokungemthetho, kanti futhi kungekho izimo ezingavamile, umnikazi womhlaba kumele athintane nenkantolo ngaphandle kokuchitha isikhathi ukuthola umyalelo wokukhipha abantu ngokulandela umthetho wokuvimbela ukungena emhlabeni ngokungemthetho i-Prevention of Illegal Eviction From and Unlawful Occupation of Land Act, 1998.
Lapho khona umhlaba womuntu wangasese ungenelwe ngokungemthetho, kanti kungekho izimo ezingavamile, umnikazi wenkantolo angathintana naboMnyango wezeMihlaba ukuthola usizo, uma isidingo esibangelwe ukungenelwa komhlaba ngokungemthetho kuyidisingo sokuthola umhlaba wolimo.
Lapho umhlaba wangasese ungenelwe ngokungemthetho kanti kukhona izimo ezingavamile, umnikazi womhlaba angaxhumana nomasipala wendawo, noma uma kufanele, umnyango wesifundazwe  noma uMnyango kazwelonke wezeZindlu, ukuthola usizo uma isidingo esibangele lokho kungenelwa ngokungemthetho kuyisidingo sezindlu.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



â¢ State Land Disposal Act, 1961  
â¢ Provision of Land and Assistance Act, 1993  
â¢ Prevention of Illegal Eviction From and Unlawful Occupation of Land Act, 1998  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ekuqaleni, kungathatha abophiko lwe-Directorate: Ukusekelwa kwabantu ngoMhlaba izinsuku ezingu-14, ukufuna kanye nokubeka omunye umhlaba ofanele. Kodwa-ke, ngenxa yesidingo sokubonisana nabathintekayo kanye nokwamukelwa ngungqongqoshe, inqubo ingathatha cishe izinyanga ezimbili ukuya kwezintathu ukuthi iphethwe.

Phezulu

Izindleko

Izindleko ezibandakanyekayo ekutholeni omunye umhlaba ofanele, kuya ngesimo nesimo. Izinto ezifana nobungakanani bomphakathi ofunelwa umhlaba, kanye nezindleko zomhlaba kuleyo ndawo nakho kuyabonelelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu okumele agcwaliswe

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


