
Isicelo sokujoyina i-learnership uma ungasebenzi





Isimo


I-learnership wuhlelo oluholela ekutholeni ikhwalifikheshini yomsebenzi . Ama-learnership abandakanya izifundo ezenziwa emaklasini esikhungweni soqeqesho noma ekholishi kanye noqeqesho lwasemsebenzini ngesikhathi wenza umsebenzi. Ukuze ungenele ku-learnership, umqashi kumele azimisele nokukwazi ukunikeza nge-learnership.

Ubani ongenza isicelo?

Noma ngubani oqede isikole, ikholishi noma iyunivesithi nakhona ongasebenzi. Abantu abangasebenzi kumele babhalise njengabantu abafuna umsebenzi kuMnyango wezeMisebenzi.

Akukhokhiswa lutho kumuntu ngokujoyinela i-learnership. Noma ngubani okhethelwe uhlelo lwe-learnership, kumele athole imadlana yesibonelelo se-alawensi kumqashi.

Ubude besikhathi se-learnership siyehlukahlukana kuye nge-sector ne-sector, kodwa ngeke saba sifishane ngokungaphansi konyaka.



Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi. 




Inqubo okumele ilandelwe


Cabanga ngohlelo loqeqesho kanye nomsebenzi owufunayo. Ngamanye amagama, uma uthanda ukuba ngaphandle, ungenzi isicelo somsebenzi osetshenzwa ngaphakathi ehhovisi.
Yenza i-CV enikeza imininingwane ngawe siqu efana nokulandelayo:
Igama lakho kanye nosuku lokuzalwa
Imfundo, isikole owafunda kuso kanye namakhwalifikheshini akho
Isipiliyoni somsebenzi, igama labaqashi oke wasebenza kubo nomsebenzi owawuwenza.
Amanye amakhono onawo, afana nekhono lekhompyutha, ukuthi ngabe unelayisense yokushayela, nokunye.
Orefri  

Bhalisa njengomuntu ofuna umsebenzi esikhungweni sezemisebenzi  esiseduzane nawe. Lokhu kuzosiza abaqashi ukuthi bakuthole uma befuna ukusungula i-learnership.
Xhumana nama-SETA ukuthola ukuthi ngabe yibaphi abaqashi abanama-learnership.
Cela abangani nomndeni ukuthi bakubhekise lapho kunezithuba zemisebenzi kumanyuziphepha.
Xhumana nesikhungo sezemisebenzi i-labour centre ukuze ufakele imininingwane yakho emisha uma ishintshile.




Umthetho osetshenziswayo


Skill Development Act, 1998  
Basic Conditions of Employment Act, 1997 , Sectoral Determination No. 5 .




Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi


Ubude bama-learnership buyahlukahlukana, kodwa kuvamise ukuthi kungabi ngaphansi konyaka.




Izindleko




Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.




Amafomu okumele agcwaliswe


Yenza isicelo kwaboMnyango wezemiSebenzi  e-labour centre  esiseduzane nawe.




Indawo nendlela yokuxhumana



