﻿

Isicelo sokukhishwa kwezitifikedi ze- Internation Seed Testing Association 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Njengelabhorethri eyilunga egunyazwe ngokomthetho  kwi-asosiyesheni yamazwe omhlaba yokuhlolwa kwezimbewu i-International Seed Testing Association , isiteshi esisemthethweni sokuhlola izimbewu se-Official Seed Testing Stations  soMnyango wezoLimo sigunyazwe ukunikeza ngezitifikedi zamazwe omhlaba zokuhlola izimbewu. Lezi zetifikedi zinikezelwa inhloso yokuthumela kwamanye amazwe.

Kukhona izinhlobo ezintathu zezitifikedi, amagama azo angu-Seed Lot Certificates  kanye nesitifikedi sesampuli yezimbewu esiBlu .

Isitifikedi esiwolintshi sinikezwa lapho isampuli ithathwa ngokomthetho phakathi kwezinye ukuze ihlolwe ngaphansi kwegunya lelaborethri egunyazwe ngokomthetho  okuyiyona ekhiphe leyo sampuli.
Isitifikedi esi-Green  sinikezwa lapho isampuli ithathwa phakathi kwezinye ngaphansi kwegunya lelabhorethri egunyaziwe, kodwa uhlolo lwenziwa kwenye ilabhorethri nayo egunyaziwe kodwa kwelinye izwe.
Isitifikedi esiBlue  sikhishwa lapho isampuli ingathathwa ngaphansi kwelabhorethri egunyaziwe, kodwa ilabhorethri egunyaziwe yona ibhekene nje nohlolo lwesampuli.

Izitifikedi eziwolintshi nezi-Green, zisebenza kwizimbewu lapho ezithathwe khona, kanti izitifikedi eziBlue zona zisebenza kwisampuli eyamukelwe ukuze ihlolwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola amafomu e-Orange Itnernational Certificate kwi-website, uwagcwalise ukwenza isicelo. Njengelunga lelabhorethri egunyazwe kwelinye izwe, uzonikezwa i-Green Certificate, sicela uxhumane ne-OSTS .
Cela ukunikezwa izinombolo ze-seed lot ezigunyaziwe.
Thumela izicelo ngefekisi kwabe-OSTS .
Izinombolo ze-Seed lot zokwaba, kanye nesicelo kuzothunyelwa kuwe futhi ngefekisi. Kuzothunyelwa nakwisikhulu sesigunyaziso sohlolo noma u-authorised audit officer  emahhovisi erijini , ozokwenza isampuli.
Lungiselela ukwenziwa kwesampuli ye-seed lot. Lokhu kubandakanya ukumaka ama-lot ngezinombolo zokwaba onikezwe zona. Umphongolo nomphongolo kumele umakwe kahle  noma ufakelwe ilabuli ebeka inombolo eyabiwe ye-lot.
Lapho ama-lot ezimbewu eselungele ukwenziwa kwesampuli, biza umhloli  ukuzothatha amasampuli.
Amasampuli anikezwa abe-OSTS abese ehlolelwa iqophelo  ebese kukhishwa isitifikedi.
Khokha imali yokuhlolwa kwezimbewu. Lapho sekwamukelwe amasampuli, kuzokhishwa i-invoice . Imininingwane yeBhangi yilena engezansi:

Ibhangi: Standard Bank
Igama leGatsha: Arcadia
Ikhodi leGatsha: 01-08-45
Inombolo ye-akhawunti: 011244887
Igama le-akhawunti: NDA: Seed Testing Services

Kungakhokhwa ngendlela ye-elektroniki  noma ngokukhokha kukhawuntala, kodwa kubalulekile ukuthi usho inombolo ye-invoice ukuze bazokwazi ukuqhathanisa imali ekhishiwe kanye ne-invoice eyenziwe.
Yenza isicelo seSetifikedi esiBlue  nencwadi ebhalwa kwi-letterhead yenhlangano yakho, ngoba ukumakwa kwama-seed lot kanye nokugxivizwa kwesitembu ngeke kwamukelwa.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Awukho umthetho osetshenziswayo.

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abesiteshi esigunyaziwe sokuhlolwa kwezimbewu iOfficial Seed Tasting Station, babonelela kuqala ukuhlolwa kwamasampuli ezimbewu ezithunyelwa ngaphandle. Izinhlobo ezehlukene zezitshalo zinezimo ezehlukene zokuhlolwa kanti isikhathi sokuhlolwa siyehlukahluke ukusukela ezinsukwini ezimbalwa ukuya kumaviki ambalwa.

Abe-OSTS bazimisele ukuqhumisa amasampuli ezimbewu kwikhonsayinimente noma inqwaba eyodwa ngaphansi kwezimo ezifanayo zohlolo. Kanti futhi iklayenti ingacela uhlolo olunhlobo-nhlobo. Ngeke kwanikezwa ulwazi maqondana namazinga okuhlola. Buza kuleyo ndawo ngokwayo .

Phezulu

Izindleko

