﻿

Isicelo sosizo lwabantu kwabe-International Social Service

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

I-International Social Service  yinhlangano ekumkhakha wamazwe omhlaba, engekho ngaphansi kohulumeni, engavuni ngokwezepolitiki, kwezobuhlanga, ezenkolo noma ngokobuzwe, enamahhovisi eGeneral Secretariat eGeneva, eSwitzerland. Le nhlangano iyinhlanganisela yosonhlalonhle bamazwe omhlaba abaqeqeshelwe futhi nabonolwazi ngamazwe abo.

I-ISS isizana nabantu ngamunye kanye nemindeni abanezinkinga umuntu ngamunye siqu noma zemiphakathi, abadinga usizo lokusebenzisana phakathi kwamazwe. Lulu sizo lutholakala kunoma yimuphi umuntu oseNingizimu Afrika noma phesheya.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Izicelo zabantu abahlala eNingizimu Afrika:

Yenza isicelo ehhovisi eliseduzane nawe likasonhlalonhle
Yenza isishwankathelo sodaba  ngokulandela indlela ebekwe ngabe-ISS. Isishwankathelo sodaba sizochaza izimo kanye nezicelo zosizo ezidingeka kuzwe langaphandle.
Hambisa isishwankathelo sodaba kubameli besifundazwe be-ISS ehhovisi eliyinhloko  kwabehhovisi lezeNtuthuko yaBantu lesifundazwe .
Abameli besifundazwe bazodlulisela isicelo sakho kwabehhovisi le-International Social Service of South Afrika , elitholakala kwaboMnyango wezeNtuthuko yaBantu kuzwelonke.

Izicelo zabantu abahlala ngaphandle kweNingizimu Afrika:

Yenza isicelo kwabe-Bureau exhumene ne-ISS noma komele bona kuzwe langaphandle.
Owe-bureau uzothumela isicelo sakho kwabe-ISS SA.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Izinkonzo zosizo kubantu zamazwe omhlaba zinikezwa ngokulandela isivumelwano esiphakathi koMnyango wezeNtuthuko yaBantu kanye ne-ISS: General Secretariat.

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abathunyelwe kubhekwana nabo ngokulandela ukwamukelwa kwezicelo. Lapho kutholakala isicelo sokuthunyelwa  esivela kumnyango weprovinsi, I-ISS SA izodlulisela isicelo sosizo kwabe-ISS Affilliated Bureau noma omele yona kuzwe langaphandle. Impendulo izoncika kuzimo zendawo.

Lapho kwamukelwe isicelo sokuthunyelwa esibuya ezweni langaphandle, abe-ISS SA badlulisela udaba kummeli wesifundazwe wendawo ozokwenza amalungiselelo nosonhlalonhle ukuphenyisisa ngalo kanye nokunikeza umbiko kwabomnyango wesifundazwe. Uma umbiko usuwamukelwe, uthunyelwa kwabe-ISS SA, okuyibona abawuhlaziyayo kanye nokudlulisela umbiko kwabathintekayo , umbiko ozohambisana nokuphawula kwabo, imibuzo noma ukuphengulula .

Izinga leqophelo lenkonzo liqinisekiswa ngosonhlalonhle bendawo nabesifundazwe kanye nosonhlalonhle obhekene nezindaba ehhovisi le-ISS SA. Abasebenzi bakahulumeni bazolandela yonke inqubo okumele bayilandele ebekwe yi-ISS: General Seretariat.


Phezulu

Izindleko

ENingizimu Afrika, inkonzo inikezelwa mahhala. Kwamanye amazwe, ungakhokhiswa imali yezinye izinkonzo. Lezi zimali ezikhokhelwayo ziyahluka kuzwe nezwe.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu okumele agcwaliswe.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


