﻿
Isicelo solwazi kwabarejista  amatayitela
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abarejista  amatayitela bavumela noma yiliphi ilunga lomphakathi ukuthola ulwazi maqondana nokulandelayo:

umnikazi wempahla  obhalisile 
izimo ezichaphazela leyo mpahla 
imiyalelo yenkantolo yokuvimbela ukwenziwa kokuthize  maqondana nempahla 
inani lentengiso yempahla 
imitheshwana yolawulo  yesikimu setayitela eyingxenye yempahla 
ikhophi yesivumelwano esenziwa phambi komendo , ilungelo lokudlula kwimpahla yomonye umuntu, imali-mboleko yebhondi yokuthenga impahla , nokunye
ikhophi yeplani yetayitela eliyingxenye yempahla , noma imitheshwana yolawulo  lweSikimu seTayitela eyingxenye yempahla . , kodwa yikhophi yenhloso yokuthola ulwazi)
zimo ngokusungulwa kwendawo yokuhlala yabantu
ulwazi oluqondene nempahla noma itayitela.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Ngaphambi kokuba kutholakale ulwazi kubabhalisi bamatayitela, kumele ube nalokhu okulandelayo:

amagama aphelele/ noma inombolo kamazisi yomnikazi wempahla, noma okungenani usuku lwakhe lokuzalwa. 
inombolo yesitende ye-erf kanye nenombolo ye-township, noma igama lepulazi kanye nenombolo, kodwa hhayi ikheli lomgwaqo. 

Ukuthola ikhophi yetayitela noma idokhumende evela kubabhalisi bamatayitela, kumele wenze okulandelayo:

hamba uye kunoma yiliphi ihhovisi lematayitela 
hamba uye kwideski lolwazi, lapho khona isikhulu sizosizana nawe ukugcwalisa ifomu elibekiwe kanye nokuchaza inqubo
cela u-data typist ukuthi akuseshele ulwazi ngempahla , noma
khokha inani lemali efanele kwihhovisi elamukela imali ebese uthatha isiliphu usibuyisela kusikhulu kwideski yolwazi . Inombolo yerisidi izofakelwa kwikhophi yakho yetayitela.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Deeds Registries Act, 1937  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukusesha ulwazi kungathatha imizuzu engu-30 ukuya kwengu-60. Kwamanye amahhovisi amakhulu, ikhophi yetayitela iyaposwa, noma kumele izolandwa ngemuva kwesikhathi esithize.

Phezulu

Izindleko

Ikhophi yesivumelwano esenziwa phambi komendo  noma itayitela ngenhloso yolwazi: Ngu-R36
Ikhophi yezimo ngokusungulwa kwendawo yokuhlala yabantu: Ngu-R4 ikhasi
Ukusesha itayitela: Ngu-R6
Ukuprintelwa ngekhompyutha iphepha Ngu-R6 iphepha eliprintwayo

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Isikhulu ehhovisi lamaTayitela sizokunikeza ifomu okumele uligcwalise.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


