﻿
Isicelo somxhaso  lwendlu kumuntu oyedwa
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umxhaso  lwendlu kumuntu oyedwa, yigranti kahulumeni enikezwa umuntu siqu ofuna ukuba nobunikazi besitende esinamasevisi noma izinsiza . Umxhaso  lwenza ukuthi labo abazuzayo bakwazi ukungenela ikontraki nomakhi, noma ukuthenga indawo yokuhlala evele ikhona, engeyona ingxenye yeprojekthi yomxhaso wendlu osuvele wamukelwe.

Lo mxhaso ubuye usize nalabo okumele bawuthole obafisa ukukhuphula izinga lemixhaso yabo ngokuthola imali-mboleko, kanye nalabo abangakwazi ukuthola imali-mboleko.

Abantu abahlangabezana nalezi zidingo ezingezansi kumele benze isicelo:
izakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma umuntu onemvume yokuhlala unomphela

oshadile noma ohlalisana nomunye umuntu isikhathi eside
umuntu oneminyaka engaphezulu kuka-21 ubudala onabancike kuye
abathola umholo womndeni uhlangene ongu-R3 500 noma ongaphansi kwaleli nani
umuntu ongakaze abe nendlu yokuhlala ngaphambilini 
abenzi-zicelo abakhubazekile abenza izicelo sokushintshelwa okuthile .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo elitholakala kuphela kwaboMnyango wezeZindlu wesiFundazwe , emabhangi kanye nakomasipala.
Thatha ifomu uhambe nalo kwabomthetho ababhekana nokubhalisa ubunikazi bempahla ukusuka komunye ukuya komunye  ukuyogcwalisa iSigaba  G.
Thatha ifomu uhambe nalo kuMboleki noma kwisikhungo sezezimali ukugcwalisa iSigaba  H umangabe leso sicelo sihambisana nokuthola imali-mboleko.
Hambisa ifomu kuSokontilaki ukugcwalisa iSigaba  I, uma kuyindlu esanda kwakhiwa.
Yenza isiFungo kuMfungisi osemthethweni .
Hambisa nawo wonke amadokhumende esiqinisekiso, isibonelo, incwadi kamazisi, isitifikedi somshado, isitifikedi sokuzalwa, ubufakazi bomholo kanye netayitela lokuthenga.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Housing Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for an individual housing subsidy

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


