

Isicelo semvume yokungenisa izimoto ezithengiswa okwesibili noma esezike zasetshenziswa

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Uma ufuna ukungenisa izimoto ezithengiswa okwesibili noma esezike zasetshenziswa eNingizimu Afrika, udinga imvume yesipesheli ebuya kuNgqongqoshe waboMnyango wezoHwebo neZimboni noma ama-agent akhe. Ihhovisi likaNgqongqoshe lizothatha isinqumo ngokubonelela isizwe ngezimoto ezithengwa okwesibili noma esezike zasetshenziswa ukuthi zingeniswe ngaphakathi ezweni.

Kumele ufakele ifomu elichaziwe ukwenza isicelo sezimvume zokungenisa ngaphakathi ezweni. Izimvume zokungenisa impahla ngaphakathi zidingeka kuzo zonke izimpahla ezingaphansi kolawulo lwezimpahla ezingeniswayo.

Izimvume ziyadingeka ukuqinisekisa ukuthi impahla ethengiswa okwesibili engeniswayo, ngeke yacikela phansi imboni ye-South African Customs Union . Le nkonzo  ithuthukisa ukulandelwa kwenqubo kwezokuphepha kanye neqophelo.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi-website ethi:International Trade Administration Commission.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gudluzela ifomu, IE 462
Nikeza ngekhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe sikaMazisi wakho .
Nikeza aboMnyango ikhophi eqinisekisiwe yesitifikedi sobhaliso  yemoto.
Isicelo kumele sithunyelwe kwabophiko abe-Directorate ye-: Import and Export Control of the International Trade Administration Commission .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Amadokhumende atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser.

International Trade Administration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezintathu ukubhekana nesicelo sakho.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amadokhumende atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser.

Application for Importation of second hand or used vehicle 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


