﻿
Isicelo sokungenisa imikhiqizo yederi  ngaphakathi ezweni noma ukuhambisa ngokudlulisa eNingizimu Afrika
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Kudingeka imvume yodokotela bempilo yezilwane yokungenisa ngaphakathi  ukuze ungenise imikhiqizo yederi eNingizimu Afrika noma ukuyihambisa ngokuyidlulisa ngaphakathi ezweni.

Lezi zimvume zokungenisa impahla  zibekelwe umkhawulo wesikhathi esithize, kanye nokungeniswa kanye.

Yenza isicelo semvume okungenani amaviki ayisithupha kodwa hhayi angaphezulu kwayisishagalombili  ngaphambi kwenyathelo olihlosile.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo
Uma imikhiqizo ihamba ngokudluliswa eRiphabhliki yeNingizimu Afrika, kumele kube nekhophi yemvume kadokotela wezilwane ebuya kulelo lizwe lapho lo mkhiqizo osiwa khona, le khophi yemvume kumele inikezwe ihambisana nesicelo semvume yokudlusa umkhiqizo, isicelo sinikezwe udokotela wezilwane weNingizimu Afrika.
Imali yediphozithi kumele ifakelwa kwi-akhawunti yebhangi loMnyango wezoLimo:

Igama lebhangi Standard Bank of South Africa
Igama lomnikazi we-akhawunti: Department of Agriculture
Inombolo ye-Akhawunti: 011219556 International Band
Igatsha: 010845
IB Brand 0001982 Centre Code
Swift Code SBZA-ZAJJ
Igama lebhangi: Arcadia

Sicela niqaphele: Umngenisi womkhiqizo, unomsebenzi emahlombe akhe wokukhokhela amashaji ebhangi, kanye namashaji eBhangi langaPhandle uMnyango ngeke wakhipha imvume uma inani eligcwele elingamarandi ayikhulu  lingakakhokhelwa.

Ungafakela isheke, elibhalwe laqondiswa ku-Director General: kwifomu lesicelo nakhona liposelwe ekheleni elizonikezwa ngemuva.

Imali ingakhokhelwa nasemahhovisi loMnyango wezolimo, uhla lawo olufakelwe kamuva esigabeni esithi: Indawo nendlela yokuxhumana.

Uma wenza isicelo egameni lomunye umuntu, sicela uqinisekise ukuthi ukhokha egameni lalowo muntu noma leyo nkampani.
Asikho isicelo esiyobonelelwa ngaphandle kobufakazi bokukhokha. Ubufakazi bokukhokha kumele buthunyelwe ngefekisi kule nombolo ethi: 012 329 8292, iqondiswe ku: Ina Labuschagne.
Thumelani ifomu eligcwalisiwe ku:

The Directorate: Animal Health
Import Export Policy Unit
Private Bag X138
Pretoria
0001
South Africa
Noma IFekisi to 012 329 8292

Chaza kwifomu lesicelo ukuthi ngabe uzozilandela imvume noma kumele uposelwe yona. Qinisekisa nabehhovisi lemvume ngocingo ukuthi imvume isilungile ngaphambi kokuba uyoyilanda.
Uma sesamukele ifomu lesicelo, sizokhipha futhi sithumele kuwe ngqo, i-Veterinary Import Permit kanye nesipesimeni , sesitifikedi se-Veterinary Health Certificate.
I-Veterinary Health Certificate kumele sigcwaliswe ngolwimi lwesilungu sigcwalise ngogunyaziwe wezempilo yezilwane  ukwenza lokho ngabe-Veterinary Administation wezwe elithumela impahla, kanti futhi siprintwe kuma-letterhead abo, kungakapheli izinsuku ezilishumi ngaphambi kokuba imikhiqizo ihanjiswe.
Uma udinga ulwazi ngezidingo eziqondane ngqo nomkhiqizo othize, ungathola amakhophi esipesimeni se-Veterinary Import Permit kanye ne-Verterinary Health Certificate esibuya kwabehhovisi lezimvume .
Okulandelayo, kumele kulethwe kwisikhulu sodokotela bezilwane solawulo lokungenisa imikhiqizo, iSouth African Veterinary Import Control IHhovisini, echwebeni lokungenisa :

Original Veterinary Import Permit  kadokotela wezilwane yokungenisa)
Veterinary Health Certificate  sikadokotela wezilwane esikhishwa ngudokotela osemthethweni wezilwane ezweni lapho impahla isuka khona).

Imikhiqizo yeDeri kumele ihlolwe kwenye yezindawo zohlolo :
eThekwini: Ucingo: 031 337 4346/7
Cape Town: Ucingo: 021 551 2050
City Deep Abattoir 
Ucingo: 011 613 1636
Port Elizabeth : Uncingo: 041 585 8907
Izidingo zokungenisa imikhiqizo yenyama zitholakala ehhovisi lemvume noma kwi-website yoMnyango wezoLimo ekhelini loMnyango wezolimo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Animal Diseases Act, 1984   with amendments

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kuthatha izinsuku ezimbili ukuya kwezintathu zokusebenza ukubhekana nesicelo semvume uma abempilo yezilwane besivuma.

Phezulu

Izindleko

â¢ R1 000 for the first consign-ment plus.
â¢ R115 for each additional consignment in respect of group of consignments con-signed on the same day.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application to import/move in transit dairy products into/through the Republic of South Africa

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


