﻿
Isicelo sikamazisi  esenziwa okokuqala
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Idokhumende kamazisi , yidokhumende efakazela ubuyena bomuntu. Amadokhumende kamazisi anikezwa kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika noma kubantu abanezimvume zokuhlala ezweni unomphela, abaneminyaka engu-16 nangaphezulu. La madokhumende anganikezwa nakunoma ngubani omunye umuntu osebenzela uhulumeni noma inhlangano esungulwe ngokulandela umthetho ngaphandle kweNingizimu Afrika, noma umuntu ocelwe ukusebenza egameni likahulumeni kwelinye izwe. Lokhu kunikezwa nakowakwakhe noma ezinganeni.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Yenza isicelo kwihhovisi eliseduzane leZangaphakathi noma imission uma ungaphandle kwezwe.
Gcwalisa ifomu le-BI-9.
Fakela isitifikedi sakho sokuzalwa noma ipasi lakudala  elalinikezwa ngaphambi komhlaka-1 kuJuly 1986.
Uma ukuzalwa komuntu kungabhaliswanga , kanti futhi singekho isitifikedi sokuzalwa, gcwalisa ifomu le BI-24/15 ebese uhambisa nenye yamadokhumende asekelayo, isibonelo, isitifikedi sokubhabhadiswa, incwadi yesikole, noma isitifikedi sokukhulelwa.
Fakela izithombe ezimbili zosayizi kamazisi .
Kuzothathwa iminwe ukuze ifakelwe kuhla lwabantu ezweni .
Abenzi bezicelo abashadile kumele bakhiphe namakhophi ezitifikedi zomshado.
Owesimame owenza isicelo sikamazisi  nakhona ofisa ukusebenzisa esinye sezibongo ayaziwa ngaso, kumele anikeze nobufakazi bokuthi unelungelo lokusebenzisa leso sibongo.
Umuntu obuya ngaphandle kwezwe, owenza isicelo sikamazisi , kumele afakele nemvume yokuhlala ezweni unomphela, kanye nesitifikedi sokuba nelungelo lokuba yisakhamuzi sezwe  noma isitifikedi sokukhishwa phansi kwezibopho , isitifikedi somshado kwifomu le-BI-529.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Identification Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-529 
Application for identity document, BI-9 

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


