﻿
Isicelo somxhaso  ngokulandela uhlelo lokwabelwa umhlaba wentuthuko yezolimo olubizwa i-Land Redistribution for Agricultural Development 
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Uhlelo lokwabela umhlaba wentuthuko yezolimo olubizwa i-Land Redistribution for Agricultural Development , lwenzelwe ukusiza izakhamizi zemiphakathi eyacikelwe phansi ngesikhathi esedlule, zabantu bama-Afrika, amaKhaladi, amaNdiya ukuze bathenge umhlaba, noma izisetshenziswa zezolimo ngenhloso yezolimo.

Ukuze ufaneleke kulolu hlelo, kumele

ube yilunga lemiphakathi eyayicikelwe phansi ngesikhathi esedlule 
ubeneminyaka angu-18 noma engaphezulu kwayo
ube nenhloso yokusebenzisa umhlaba ngenhloso yezolimo kuphela
ube nenhloso yokulima ngokuphelele
ungabe sesikhundleni sikahulumeni
uzimisele ukungenela uhlelo loqeqesho ngemuva kokuthola umhlaba
ube kwisimo sokufaka esivivaneni nawe
nibe nihleleke kahle, uma nenza isicelo njengeqembu
nokuba ne-akhawunti yebhangi.

Abalimi abaphumelelayo, abafisa ukukhulisa imisebenzi yabo yolimo, bangenza izicelo zemixhaso , kodwa inani eliphelele lwemali yosizo ngeke yaba ngaphezulu kwenani lika-R100 000. Ezinye izimali zokuqala noma zokukhulisa umsebenzi wolimo, kumele zicelwe kumabhenki.

Umxhaso  yohlelo lwe-LRAD, alubuyiselwa  njengemali-mboleko. Kusetshenziswa ifomyula  ukubala ukuthi umuntu oyedwa uthola malini. Ukuze ufaneleke ukuthola umxhaso  ka-R20 000, kumele ube nemali ozoyifakela nawe engu-R5 000. Lokhu okufakelayo akudingekile ukuthi kuze kube yimali engukheshi, kungaba yimishini yokulima, imfuyo noma enye impahla  yezolimo. Ngisho nabasebenzi imbala, bangafakelwa kuprojekthi njengokuthela kwakho esivivaneni somxhaso wohlelo lwezolimo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Khomba umhlaba ofisa ukuwuthenga. Kokunye, ungaba usunawo umhlaba, ofana nomhlaba ohlanganyelwe womphakathi.
Thintana noMnyango wezoLimo noma isikhulu somlimisi endaweni yangakini ukwenza isicelo somxhaso .
Fakela okulandelayo kanye nesicelo:

isiphakamiso sokuthi umhlaba uzosetshenziswa kanjani noma iplani yokulima 
ukukhetha ukuthenga nesivumelwano senani lentengo, uma niqasha ngenhloso yokuthenga
uhla lwamalunga omuzi noma amalunge eqembu, uma nihlongoza ukuthola umhlaba njengeqembu
isiqinisekiso sokuthi udaba lwetayitela lucacile, akukho abenze isicelo sokukhalazela ukubuyiselwa lowo mhlaba, umhlaba ubhaliswe ngegama lomthengisi, kanye nokuthi inani lentengo yomhlaba alikho ngaphezulu kwenani lentengo ezimakethe 
ubufakazi bokuthi insalela yemali edingekayo ikhona 
umbiko wokuhlola inani lentengo .


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Provision of Land and Assistance Act, 1993  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Inqubo izothatha isikhathi esingangezinyanga ezine, kodwa uma iprojekethi yenu inesixaka-xaka, kungathatha isikhathi eside kunalesi.

Phezulu

Izindleko

Umxhaso wemali engu-R20 000, izodinga ukuthi nani nibe nenikuthela esivivaneni , okulinganele u-R5 000. Kodwa umxhaso ophezulu wenani lika-R100 000, uzodinga ukuthi enikuthela esivivaneni kwenu kube yinani lika-R400 000. Phakathi kobuncane  bamanani kanye namanani aphezulu , kukhona amanye amanani emixhaso aqhubekayo , ancike kulokho okufakelwa ngababamba iqhaza.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Nizonikezwa ifomu okumele niligcwalise, elivela ehhovisi lesifundazwe  laboMnyango wezeMihlaba noma ehhovisi lomlimisi wendawo yangakini .

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


