﻿
Ubhaliso lokuzalwa
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umthetho wobhaliso lokuzalwa nokushona i-Births and Deaths Registration Amendment Act, 1997, uchaza ukuthi ukuzalwa kwengane ephilayo kumele kubhaliswe kungakapheli izinsuku ezingu-30 izelwe.

Inothisi yokuzalwa kumele inikezwe abazali noma umnakekekeli osemthethweni, kanti uma umzali noma abazali bengakwazi ukwenza lokho, umuntu ocelwe ngomunye wabazali noma umnakekeli osemthethweni anganikeza inothisi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Fakela inothisi yokuzalwa kwifomu le-BI-24 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya.
Umuntu ocelwe ukuth anikeze inothisi kumele abe nelungelo lokuthunywa elibhaliwe, okumele libandakanye izizathu zokuthi kungani abazali bengakwazi ukunikeza inothisi ngokwabo.
Uma ingane izalwe ngaphandle kweNingizimu Afrika kanti omunye wabazali eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngesikhathi sokuzalwa kwengane, ukuzalwa kungafakelwa inothisi yakho kwiNxusa, iConsulate noma kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika.
Kwinothisi yokuzalwa enikezwa ngemuva kwezinsuku ezingu-30, kodwa ngaphambi kokuba ingane iqede unyaka, abazali noma umnakekeli osemthethweni kumele banikeze izizathu zokuthi kungani bengabhalisanga ezinsukwini ezingu-30 njengoba kudingwe wumthetho.
Uma abazali bengashadile nakhona befisa ukubhalisa ingane ngaphansi kwesibongo sikababa, ubaba kumele amukele ukuthi nguyena ubaba wayo , kwisikhala esibekelwe loko kwiFomu lokubhalisa ukuzalwa. Ubaba kumele abekhona lapho kubhaliswa ukuzalwa.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Births and Deaths Registration Amendment Act, 1997  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili  ukuya kwangu-12.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for a birth certificate, BI -154
Notice of birth BI-24

Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


