﻿

Ukufaka isicelo selayisensi yomkhumbi wangaphandle wokudoba

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umkhumbi wangaphandle wokudoba ngumkhumbi omnikazi wawo angeyena wase South Africa, umuntu owakwelinye izwe noma ubhaliswe ngaphansi kwefulegi yakwelinye izwe elingelona I- South Africa. Umkhumbi waloluhlobo ungaqashwa ngumuntu onelungelo wase South Africa, uma isimo singavamile ukuthi udobe emanzini akhethiweyo noma emanzini omhlaba jikelele ngaphansi kwefulegi yase South Africa.

Awukho umkhumbi wangaphandle ozonikezwa ilayisensi yokudoba yase South Africa ngamphandle uma usebenzisana ngokubambisana nomuntu onelungelo wase South Africa bedoba. Kumele bathintane negatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha bengakaqalisi ukudoba ukuze kutholisiswe ukuthi ukuqasha umkhumbi wangaphandle kuvumelekile yini enhlobeni ethize yezinhlanzi nokuthi maphepha mani adingekayo ukuze imvume inikezwe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma ngokomgomo kwemukeleka ukuthi kusetshenziswe umkhumbi wangaphandle, ofaka isicelo kumele athole ifomu lokucela ukusebenzisa umkhumbi wangaphandle ehhovisi eliseduze naye lakwa DEA&T.
Gcwalisa ifomu ulithumele ehhovisi eliseduze nawe lakwa nalemininingwane elandelayo:

igama lomkhumbi wokudoba
igama nimininingwane yomnikazi womkhumbi 
amandla omkhumbi
ubude nokuthi uthwala kangakanani
inombholo obhaliswe ngayo umkhumbi
izwe obhaliswe kulona umkhumbi 
isitifiketi sokuphepha esivela kulelozwe.

Lomkhumbi wokudoba uzakuhlolisiswa ukuthi ufanele yini uhambe emanzini ngabaphathe ezokuphepha ezasemanzini base South Africa South African Maritime Safety Authority  ngezindleko zomnikazi.
Yonke imikhumbi yangaphandle kumele ibe nomshini osebenzayo okuthiwa yi INMARSAT CVMS othintana nabaphethe ezamanzi olwandle. Kumele ufakazelwe yilabo abaphethe ezamanzi olwandle.
Esicelweni sakho, yisho ukuthi nguyiphi isekisheni yokudoba ozosebenza kuyona nokuthi uzodoba Isikhathi esingakanani.
kuzodingeka incwadi esemthethweni evela kwabaphethe ezokudoba kulelizwe umkhumbi umbethe ifulegi yakhona ivuma ukuthi:

umkhumbi uvunyelwe ukuthi udobe izinhlanzi emanzini ase South Africa
umkhumbi awukaze ubandanyeke ekudobeni okungekho emthethweni noma okuyimfihlo noma okungahlelekile
abaphethe ezokudoba e South Africa bazogunyazwa ukuthi balawule lomkhumbi
abaphethe ezokudoba e South Africa bazogunyazwa ukuthi babike okudotshiwe kwabaphethe ezokudoba ezifundeni ezinkudlwana kwamanye amazwe.uma kunesidingo sokuthi benze njalo
ngokwesivumelwano sesifunda, zonke izinhlanzi ezidotshwe yilomkhumbi, emanizini ase South Africa, noma asezindaweni ezikhethiweyo noma olwandle olunamagagasi aphezulu, zizoba ngezase South Africa kuze kuphele Isikhathi semvume yalomkhumbi
lomkhumbi wangaphandle uzothobela yonke imithetho yokudoba nesimiso sephomedi sase South Africa.

Uma umkhumbi ungewona okhethiweyo ngokuya ngomthetho welungelo, ofaka isicelo kumele agcwalise ifomu lokugudluzela lomkhumbi kwenye indawo.
Ukuze umkhumbi unikezwe ilungelo lokudoba, ofaka isicelo kumele agcwalise ifomu lephomedi ehambelana nesekisheni yokudoba lomkhumbi ozodoba kuyo. Okokugcina, uma ofaka isicelo acabanga ukuthi lomkhumbi uzodoba olwandle olunamagagasi aphezulu, kumele agcwalise ifomu lokudoba endaweni enjalo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Marine Living Resources Act, 1998  

The National Environmental Management Act, 1998  

The National Biodiversity Act, 2004  

The National Marine Protected Areas Act, 2003  

The Sea Birds and Seals Protection Act, 1973  
The Sea Fishery Act, 1988  
The Sea-shore Act, 1935  
The International Convention for the Prevention of Pollution from Ships Act, 1986  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sokusebenzisa umkhumbi wangaphandle  kungathatha izinsuku ezingu 14 uma onke amaphepha ephelele.

Phezulu

Izindleko

R21 200- yelayisensi yangaphandle
R1 695 – yelayisensi yolwandle olunamagagasi aphezulu
R790 – yephomedi yokudoba
Isicelo sokugudluzela umkhumbi asikhokhelwa

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

The foreign vessel licence  Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


