﻿

Ubhaliso  yama-Asosiyesheni ezokuvimbela imiLilo

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Onke ama-Asosiyesheni okuvimbela imililo  kumele abhalise naboMnyango wezaManzi namaHlathi .

Abenzi bezicelo abafisa ukubhalisa kungenzeka kudingeke ukuthi bafezekise imibandela ethize okungenzeka ibe ngaphambi kobhaliso noma ngemuva kobhaliso. Lokhu kubandakanya nemibandela ekhonjiswe kwisichibiyelo somthethosisekelo wama-Asosiyesheni.

Yi-Asosiyesheni eyodwa kuphela yesivimbela mililo engabhaliswa endaweni ethize.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Thola i-Form1: Isicelo sobhaliso se-asosiyesheni yokuvimbela imililo kwaboMnyango wezaManzi namaHlathi .
Gcwalisa ifomu ebese ulifakela ehhovisi labe-DWAF eliseduzane nawe.
Isicelo sakho sizohlolwa kanti uma samukelwe, abomnyango bazacela ukuthi ugcwalise i-Form 2: Isicelo sobhaliso ye-asosiyesheni yokuvimbela imililo.
Gcwalisa i-Form 2 ebese ulifakela kwaboMnyango wezaManzi namaHlathi eliseduzane nawe
Isicelo sakho, sizohlolwa futhi, kanti uma samukelwe, abomnyango bazokhipha isitifikedi sobhaliso.
Isicelo sakho sobhaliso kumele sibe nolwazi olulandelayo:

imininingwane ye-asosiyesheni yokuvimbela imililo eyenza isicelo
imininingwane yomuntu oqala inqubo yobhaliso lwe-asosiyesheni yokuvimbela imililo eyenza isicelo sokubhaliswa
isiqinisekiso sokuthi akukho mnikazi oye akangabandakanywa ngamabomu emihlanganweni noma ezingxoxweni maqondana nolwazi lwe-asosiyesheni yezivimbela mililo
imininingwane ngendawo i-asosiyesheni yezivimbela mililo eyenza isicelo enegunya kuyo
isiqinisekiso sokuthi ayikho enye i-asosiyesheni yezivimbela mililo enenhloso yokusungula lapho noma ekhona kuleyo ndawo lapho le asosiyesheni eyenza isicelo sakhona
isiqinisekiso somuntu osungula ukubunjwa kwe-asosiyesheni yokuvimbela imililo
isincomo ngofanele omele uhulumeni wendawo
isincomo ngomele ihhovisi lesifunda lobomnyango wezamanzi namahlathi
isiqinisekiso ngomqondisi ophezulu wesifunda waboMnyango wezaManzi namaHlathi.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Veld and Forest Fires Act, 1998  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Cishe ngeke kwathatha izinsuku ezingu-30 zokusebenza ukuhlola isicelo kanye nokubhalisa i-asosiyesheni uma lonke ulwazi oludingekayo lunikeziwe.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe




Form 1: Application for registration of a fire protection association 
Form 2: Application for the registration of a fire protection association 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


