<Doc01>
IHhovisi Elibhekele Ezenhlalakahle eNingizimu Afrika
IShatha Yokunakekelwa Kwamakhasimende
Siyakwemukela kwiShatha Yamakhasimende
Sifuna ukuthi wena, khasimende lethu, usehlulele ngokwezinga lokusebenza esilimise kule shatha. 
Sizokuphatha ngenhlonipho futhi sikunike usizo ngokuhambisana nezimiso zika-BATHO PELE. 
Siyazibophezela njengenxenye yesibopho sethu ukuthi sinikeze usizo olusezingeni lomhlaba, sikunike ulwazi olushaya emhlolweni, kanjalo nezeluleko nosizo kuzona zonke izinsiza zethu.
Inhloso yeShatha
Le shatha ikwazisa ngezinga lesevisi ongalilindela eHhovisi elibhekele ezenhlalakahle eNingizimu Afrika (i-SASSA).  
iSASSA iyiselulo sengalo yomsebenzi kahulumeni eyengamela ukulethwa kwesondlo sezenhlalakahle kubahlali baseNingizimu Afrika. 
Siyazibophezela
Ukukulethela isevisi yezenhlalakahle esezingeni, ngentengo ephansi nangempumelelo, sisebenzisa izinqubo ezisezingeni eliphakeme.
Ongakulindela kithi
Ukugqugquzelwa nokuvikelwa kwesidima sesintu, Ubumfihlo, Ubuqotho, Ubulungiswa, Ukuba sobala Nokulinganiswa.
Kulona lonkana iHhovisi Lezenhlalakahle LaseNingizimu Afrika, 
Sizokunika ulwazi nezeluleko, mayelana nazo zonke izondlo ongazifakela izicelo.
Sikudlulisele nakwezinye izinhlaka ezingabhekela izidingo zakho.
Sikusize ugcwalise/uqede amafomu ethu okucela isibonelelo.
Sigcine ulwazi osinikeza lona luyimfihlo.
Sihlale siphakamisa uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, imithetho eyengamele imisebenzi kahulumeni, kanjalo nomgomo wokuziphatha kuhulumeni
Sikusize ngolimi olushiwo uwe.
Sisebenze ngokubambisana nabantu esibasizayo nezinye izinhlaka ezithintekayo.
Sizozabalazela ukuqhubeka nokuphucula ukulethwa kwemisebenzi ukuze sihlangabezane nokulindelwe inina 
Ukusithinta
Uma nifika mathupha, nisishayela ucingo, nisibhalela ama-imeyili kumbe izincwadi kuzokwenzeka loku okulandelayo:
Osebenza kwezamakhasemende ozoxhumana naye uzozisho ukuthi uwubani.
Uma usishayela ucingo noma uzifikela mathupha, sizokusiza ngaleso sikhathi.
Uma singakwazanga ukukusiza ngaleso sikhathi sizokutshela izizathu bese sikwazisa ukuthi ungayilindela nini impendulo ephathelene nodaba lwakho.
Sizokunika inombolo yodaba ezokusiza uma usulandelela udaba
Sizosho ukuthi siyitholile incwadi yakho, kanti sizobuyela kuwena nempendulo zingakapheli izinsuku eziyi-7 okusetshenzwa ngazo. 
Uma singakwazanga ukukunika impendulo ephelele ezinsukwini eziyi-7, sizokuchazela ukuthi kungobani nokuthi ungayilindela nini impendulo.  
Sizozama ukuthi udaba lwakho siluxazulule zingakapheli izinsuku ezingama-21 okusetshenzwa ngazo.
Uma usishayela ucingo, sifisa ukuluphedula masisha ngolimi oluthandayo olusemthethweni.
Sizokubhalela zonke izinqumo mayelana nesibonelelo sakho
Emahhovisi akwa-SASSA
Uma ufika kwelinye lamahhovisi ethu, abasebenzi bethu base-deskini losizo bazokusiza khona manjalo. 
Onke amahhovisi ethu avulwa kusuka ngo 08h00 kuya ku 16h30, ngoMsobuluko kuze kube Olwesine bese kuthi ngolweSihlanu kuvulwe kusuka ngo-08h00 kuya ku-16h00.  
Emahhovisi ethu nasezindaweni zokukhokha yilokhu okulandelayo ozokufica:
Ubumfihlo
Izindawo zokulinda ezinethezekile
Izindlu zangasese
Usizo lwezokwelashwa uma ubusazisile phambilini ngesidingo sakho esinjalo
Sizoza kuwe uma ngokwesimo sezempilo ungakwazi ukuza kithi emahhovisi.  
Ungasishayela ucingo nje, sizobe sesiyahlela ukuthi sifike kuwe ekhaya. 
Ukubhekana nesicelo sakho sesibonelelo sezenhlalakahle
Sizoqala sisicubungule ngalo lolo suku isicelo sakho.
Kufanele siqinisekise ukuthi sikufanele yini ngokomthetho isibonelelo.
 Sizibekela isikhathi sokuthi siluphothule udaba lwakho bese ukhokhelwa isibonelelo sakho zingakapheli izinsuku ezingama-90.
Sizokweluleka ngamalungelo akho okudlulisa udaba uma kwenzeka isicelo sakho singaphumeleli, simiswa, kumbe sinqanyulwa 
Ukuthathwa kwezinqumo.
Uma ubona isinqumo esisithathe maqondana nesicelo sakho sokuthola isibonelelo singafanele, noma uma udinga eminye imininingwane ngesinqumo, ungenza loku okulandelayo:
Usicele ukuba sikuchazele kabanzi ngesinqumo, sizobambisana nawe kuleso sicelo.
Ungassedlulisa isinqumo sethu zingakapheli izinsuku ezingama-30 kulandela usuku incwadi yesinqumo eyabhalwa ngalo.
Ungalithola ifayela lakho uma udinga noma luphi ulwazi kulo.
Okulindeleke kuwe
Ukuba usinikeze:
Ikheli eliyilo lokukubhalela nela la uhlala khona.
Ulwazi ngezinguquko esimweni sakho njengeholo, ikheli, ukugula, nokunye.
 Ulwazi noma incazelo okunokwethembeka, oluyiqiniso, olushaya emhlolweni zikhathi zonke.
Usheshe usiphendule uma kade sikubhalele, kumbandakanya izibuyekezo nanoma iluphi olunye ulwazi esiye salucela kuwe.
Akukuthokozisi ukusebenza kwethu?
Uma kungakuthokozisi ukusebenza kwethu ngoba:
Sithathe isikhathi eside kakhulu ukubhekela isicelo sakho ngesibonelelo/noma imali yakho iphuzile ukufika kuwe.
Isiphathimandla sethu asiziphathanga kahle.
Abasebenzi bethu benze iphutha ngesicelo sakho noma bakunika iseluleko esingeyiso.
Senze iphutha thina ngenhloso/ ngokungenhloso 
sazise, sizobe sesililungisa ngokuphuthumayo noma iliphi iphutha esilenzile.  
Uma ufisa ukuletha isikhalazo, siza usibhalele noma usishayele ucingo ucele ukudluliselwa kuhlaka lokunakekelwa kwamakhasimende.
Sizoxoxa ngemisebenzi yethu nawe
Sinentshisekelo yokuzwa uvo lwakho ngemisebenzi yethu. 
Sizosebenzisa ulwazi esiluthola kuwe ukwenza ngcono ukusebenza kwethu. 
Sicela usibuyisele izimpendulo nganoma iyiphi indlela kulezi ezilandelayo:
Shayela isizinda sethu mahhala ku-0800 601 011
Gcwalisa ikhadi lamakhasimende lokuphawula elitholakala kumahhovisi ethu nasezindaweni zokukhokha.
Vakashela iwebhusayithi yethu ku-www.sassa.gov.za
Vakashela noma isiphi isizinda sokuxhumana nathi. 
(Esifundeni, endaweni yasekhaya, nasezindaweni zesevisi nezokukhokha)
Ulethe isethulo esibhaliwe kunoma iliphi lamahhovisi ethu.
Imibuzo noma ukuphawula ngale shatha
Uma udinga olunye ulwazi ngalo somqulu, xhumana nelinye lamahhovisi ethu.
Iyatholakala le shatha ngeBhreyili, ngetheyiphi elalelwayo noma i-CD, uma uyicela.
Le shatha izoqala ukusebenza mhla lulu-01/04/2007 kanti izobuyekezwa njalo ngonyaka ukufaka uvo lwakho.
<Doc02>
Umnyango Wezibalo WaseNingizimu Afrika –  Izindaba
Izibalo zangaphakathi: Izidingo zezibalo zizokhula ngokudepha kombuso wentando yeningi
Le ndaba yashicilelwa kuMbiko Wamabhizinisi ngomhla wesi-5 Agasti 2004
Ngesonto eledlule ngethamela umhlangano webhodi labeluleki besifunda sesiZinda saseAfrika Esempumalanga sokuqeqesha ngokubala owawuse-Tanzania, lapho engathola ithuba lokuthi ngiyohlanganyela emcimbini wama-39 wesikhungo wokwethwesa iziqu, okwakuhlanganyele khona kuwo abasebenzi abahlanu beseNhlanganweni yaseNingizimu Afrika Yezokubala.
Ukuqeqeshwa kwabasebenzi beseNhlanganweni yaseNingizimu Afrika Yezokubala kuyinto esinentshisekelo enkulu ngayo kule nhlangano. 
Emveni kancane nje kokuba ngiqokwe njengosozibalo-jikelele, Inhlangano yaseNingizimu Afrika Kwezokubala, ngokubambisana noMkhandlu Wezibalo, waqala umkhankaso ophuthumayo wokuhlonza izikhungo ezinekhono lokuqeqesha ngezibalo ezisemthethweni.
Sazithola zambili izikhungo: isizinda sokuqeqesha e-Dar es Salaam, e-Tanzania, kanye neSikhungo sase-Uganda Sezibalo Nezomnotho Ezisebenzisekayo.
Isizinda sokuqeqesha sasungulwa ngowe-1965 sisungulwa ikhomishani ye-UN yezomnotho wase-Afrika , iNhlangano YaseMpumalanga Afrika Yokubambisana Kumisebenzi kanye ne-Nohlelo lwe-UN Lwentuthuko.
Kwathi kufika owe-1977, uhulumeni wase-Tanzania wabe esewathathile amatomu okwengamela lesi sizinda, wanweba ukusebenza kwaso kwaze kwafinyelela kumazwe ase-Afrika ali-13.
Isikhungo esise-Uganda sona samiswa ngowe-1969, ngaphansi kwesisekelo sohlaka lwezomthetho saseNyuvesi yase-Makerere. 
Inhloso esayiveza kwaba ukuqeqeshwa kochwepheshe okusezingeni eliphakeme kuzibalo nezomnotho ezisebenzisekayo.
Eminyakeni emithathu eyedlule, Inhlangano yaseNingizimu Afrika Kwezokubala ubeyiloku ethumela abasebenzi kulezi zikhungo. 
Ngonyaka odlule, iqoqo lokuqala lathweswa imiyezane. 
Ekubuyeni kwabo, baveza ukuphucuka okukhulu ekusebenzeni kwabo, kanti abanye babo sebeqhwakele ezikhundleni zokuphatha.
Yize kunjalo, Inhlangano yaseNingizimu Afrika Kwezokubala ubhekene nezingqinamba ezintsha. 
Isidingo semininingwane eyizibalo okuhambisana nokuthathwa kwezinqumo, kuwona omathathu amazinga kahulumeni, sinyukile kakhulu. 
Ikakhulukazi, kubucayi kakhulu ukuthi kube nabantu abaqeqeshelwe ukuqoqa nokusebenzisa imininingwane eyizibalo emazingeni kamasipala.
Ukwenelisa lesi sidingo, sizodinga ukuqeqesha okungenani abantu abazi-2 000 ngonyaka. 
Isizinda sokuqeqesha sase-Tanzania kanjalo neSikhungo sase-Uganda Sezibalo Nezomnotho Ezisebenzisekayo ngeke zakwazi ukumelana nalesi sidingo esiphezulu.
Evula inkomfa Yenhlangano Yezibalo ngonyaka odlule, ungqongqoshe wezezimali u-Trevor Manuel waphonsa inselelo kumanyuvesi aseNingizimu Afrika ukuthi abhekele ukushoda kwamakhono kwezezibalo ukuze loko kusize uhulumeni ekuthatheni izinqumo ezasisekile ezesekwe kulwazi olushaya khona ngokwezibalo.
Inhlangano yaseNingizimu Afrika Kwezokubala useqale izingxoxo namanyuvesi ngenhloso yokuthi kuqalwe ukuqeqeshwa okunjalo. 
Yize kunjalo, okwamanje ayikabi khona inyuvesi yaseNigizimu Afrika eyethula izifundo ezisemthethweni kumkhakha wezokubala.
Inhlangano yaseNingizimu Afrika Kwezokubala ufuna ukusungula isikhungo sokuqeqesha kwezokubala maduze, ukuze kuqeqeshwe abasebenzi bangaphakathi nabakweminye iminyango kwezokubala ezisemthethweni.
Ukusabalaliswa kohlelo lwezokubala kuzwelonke kuzoba nemiphumela yokuthi kudingakale amahhovisi ezibalo eminyangweni kahulumeni eyehlukahlukene, loko okuzophehla isidingo sokuthi kukhule umthamo wamakhono kwezokubala.
Yize kunjalo, ukuthuthukiswa komthamo wamakhono kwezokubala akuxhumene nje kuphela nesidingo sikahulumeni sokuthi kube nokwazisa okushaya emhlolweni.
Izibalo ziya ngqo kummongo wentando yeningi. 
u-HG Wells, kuqala ikhulunyaka lama-20, waba nombono wokuthi esikhathini esizayo, izibalo zizodingeka kuzakhamizi kanjengoba kudingeka ulwazi lokufunda nelokubhala.
Izibalo kuhulumeni, ziyimpumelelo entsha efike nombuso wentando yeningi. 
E-Afrika, la intando yeningi kuseyinto entsha khona, sizobona isidingo esithe ukwenyuka sezibalo kuhulumeni kuhambisana nokujula kwentando yeningi.
OSozibalo, bayinqolobane yezimiso zentando yeningi maqondana nokuba sobala kwezilinganiso nokufinyelela, ngaloko neyokusebenza ngobuqotho.
Yilokho-ke okungummongo ekuqinisweni komthamo wamakhono kwezokubala, nasekuthuthukiseni izikhungo ezidingekela ukusabalala kabanzi nangokushesha kokufundiswa ngemininingwane engahluziwe.
UPali Lehohla uwusozibalo-jikelele abuye abe inhloko Yenhlangano yaseNingizimu Afrika Yeezokubala.
Uma udinga eminye imininingwane Ngenhlangano yaseNingizimu Afrika Yezokubala negalelo lakhe, vakashela ku- www.statssa.gov.za noma ushayele ku-(012) 310-8600
<Doc03>
Izinsuku ezili-16 zokulwisana nesihluku esibhekiswe kwabesimame nezingane: uthi bewazi nje?
Kusukela ngowe-1994, uHulumeni usakhe imithetho yokubhekana nobubi obuthinta abesimame nezingane.
Umthetho obhekele Ukulingana Nokuqedwa Kobandlululo olungenabulungiswa,wezi- 2000 waphasiswa ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu usebenzisa amalungelo akhe angokoMthethosisekelo. 
Lo Mthetho uqinisekisa ukuthi abasifazane banenkululeko namalungelo alinganayo, ukulungisa ububi besikhathi esedlule.
UMthetho Wokulinganiswa Emsebenzini we-1998 uqinisekisa ukuthi kuyadambiswa ukucwasa okwadalwa isikhathi sobandlululo emsebenzini, ezikhundleni, nasemaholweni emakethe yabasebenzi.
Ukhuthaza ukulinganiswa kobukhona kwabesimame nabanye abantu abanomlandu wokucindezelwa kuwona onke amazinga kuzinhlaka zikahulumeni nezizimele.
uMthetho Wesondlo, we-1998 uqinisekisa amalungelo ezingane okuthi ziphile ezingeni elenele ngokwentuthuko yomzimba, yengqondo neyokuba ilungu lomphakathi. 
UMthetho uqinisekisa ukuthi isondlo sengane siyatholakala kubazali bayo noma kwabanye abantu abanesibopho sokuyondla ngemali.
Umthetho Wesihluku Emakhaya, we-1998 wangeniswa ukubhekela ukuvikeleka okukhulu kwalabo abaphunyuke ekuhlukumezweni ukuthi bangabuye bahlukunyezwe emakhaya futhi. 
Abesimame, okuyibon abasebucayini bokuhlukunyezwa, sebenomgudu womthetho oqinisekisa ukuvikeleka kwabo.
uMthetho Wezingane, wezi-2005 nesibichiyelo soMthetho Wezingane sezi-2007 wasungulelwa ukuthi, phakathi kwezinye izinto,  uvikele ingane ekuxhashazweni, ukunganakwa, ukuhlukunyezwa, noma ukwehliswa isithunzi.
UHulumeni usengenelele ngezindlela eziningi futhi waseka izinhlelo zokungenelela ezehlukahlukene ezivikela isithunzi sobuntu sabesimame nesezingane.
iShatha Yamalungelo Ezingane, iyabuyekezwa ifakwe ulwazi lwakamuva ukuze ifake izinselelo ezintsha ezifana nokusetshenziswa kwezingane ngokocansi kuqoshwe izithombe zalezo zenzo, nokubukisa izingane izithombe zezenzo zocansi.
UHulumeni useyiphendulile ingqinamba yokuphoqelelwa emshadweni kwezingane kuthiwe azishade nabantu abadala kube kuqanjwa amanga kuthiwa kugcinwa isiko lakudala elibizwa ngokuthi "Ukuthwala". 
UHulumeni uzinikele ekuqinisekiseni ukuthi izinqubo zamasiko nezinye ziyahambisana noMthethosisekelo kanjalo nemithetho efanele.
Kukhona uhlelo olusezithebeni lokuba kuvuselelwe izinkambu zamaphoyisa abhekele ukuhlumezeka kwasemakhaya, amacala ocansi nobunye ubugebengu obubhekiswe kwabesimame nezingane. 
Ukusungulwa kwalezi zinkambu ezikhethekile kuzoveza isidingo sokuthi kutholakale abantu abanamakhono afanele ukuze ziphathwe kahle lezi zikhungo nokuthi bushushiswe kahle ubugebengu obubhekiswe kwabesimame nezingane.  
Kumanjena nje sekusungulwe izikhungo ezili-17 zoNakekelo zeThuthuzela ezweni lonke nasemiphakathini okudlange kuyo ubugebengu bocansi.
Izikhungo ziletha usizo lwezempilo nezenhlalakahle, bese ziqala izinhlelo zokuthi kubikwe ngempumelelo, kushushiswe namacala endaweni enesidima nenakekelayo lokho kwenziwa ongoti abagogodile.
Kwasetshenziswa Isikhwama Sokufunwa Kwempahla Ezigebengwinise ukweseka ngezimali imikhankaso eli-19 yokuthuthukisa abahlukumezekile.
Kwabhalwa Inkomba yemininingwane yamahhovisi osizo kwabahlukumezwayo nabagetshengwayo equkethe usizo oluhlinzekwa izinhlangano ezingaphezulu kweziyi-1 500 zikahulumeni nezomphakathi kuzona zonke izifundazwe. 
Le nkomba isiza abantu ukuthi bafinyelele kuzinsiza ezikhona endaweni. 
Kukhona izinhlelo ezisungulelwe ukunakekelwa kwabahlukumezekile eziteshini zamaphoyisa la kudlange khona ubugebengu
Kwasungululwa Nezinkantolo Ezibhekele Amacala Ocansi nje kuphela.
uMthetho Wokuhlukumezeka Emakhaya wabhekela ukusungulwa kwezindawo zokukhoselisa abahlukumezekile. 
Sekunezindawo zokukhosela ezingama-96 eNingizimu Afrika, kusuka kwezingama-39 ngowezi-2001.
Amalungelo kuShatha yabahlukumeziwe ayabonakala kulabo abahlukumezwe izinswelaboya uma bexhumana Nohlelo Lwezobulungiswa Elimelene Nobugebengu
Le Shatha imbandakanya Amazinga Amasevisi anikezwa labo abahlukumezekile, okuyisekelo sohlaka lwezomthetho olubhekele abahlukumezwayo ukuze basebenzise amalungelo abo ngosizo abangalulindela Ohlelweni Lwezobulungiswa Olumelene Nobugebengu. 
Ngokusetshenziswa kukaSomqulu Wabahlukunyezwayo, zabe seziyancipha izinsuku ebeziye zithathwe uma kucutshungulwa udaba eNkantolo Yamacala Ocansi zisuka ema-285 zehlela e-142.
IShatha iyadingwa futhi uHulumeni waseNingizimu Afrika ukuze wenelise izimfuno zamazinga omhlaba nesibopho sakhe ngokwesiVumo Sezizwe Ezihlangene (UN) esimayelana Nezimiso Eziyisisekelo Zobulungiswa Kwabahlukunyezwe Ubugebengu Nokusetshenziswa Budedengu Kwamandla.
Ukubambisana kwawo onke amazwe mayelana nokumelana nezinselelo zodlame olubhekiswe kwabesimame nezingane.
INingizimu Afrika yethula umbiko ngesikwenzile ekuphumeleliseni iziphakamiso zeNgqungquthela Eyayidingida Ukuqedwa kodlame nokucwasa okubhekiswe kwabesimame iwethula ekomidini le-UN CEDAW.
Kwaba khona umhlangano Wawongqongqoshe Womphakathi Wentuthuko yaseAfrika Eseningizimu (SADC) eNingizimu Afrika (ngo-Okthoba 09) ukuze kuphothulwe isu mgomo leminyaka eli-10 lokusebenza elimelene nokuthuthwa kwabantu, ikakhulukazi abesimame nezingane.
Umgomo we-SADC Wobulili Nentuthuko uyasho ukuthi Amazwe Angamalungu e-SADC bekufanele kuthi kufika owezi-2015 abe eseshaye imithetho elwa nokuxhashazwa ngokocansi.
Kwaba khona Ingqungquthela Yesifunda eNingizimu Afrika ephathelene Nobulungiswa Kwezobulili, (mhla ziyi 9–10 kuNovemba 2009), lapho okwakuhlangene khona abamele amazwe ase-Afrika ukuze babelane ngolwazi ngasebadlula kuko ngodlame locansi nobulili.
Ungashalazi, ilwa nokuhlumeza
<Doc04>
Isitatimende Sobumfihlo
Umnyango Wezezindlu uzinikele ekuvikeleni ubumfihlo bakho nokwakha ubuchwepheshe okuzothi ngabo ube nesikhathi senjabulo enamandla sokusebenzisa i-intanethi. 
Lesi sitatimende Sobumfihlo siphathelene newebhusayithi yoMnyango Wezezindlu kanti silawula ukuqoqwa nokusetshenziswa kwemidanti. 
Ngokusebenzisa iWebhusayithu Yomnyango Wezezindlu, uyavumelana nezinkambiso ze-data njengokuba kuchazwe kulesi statimende.
Ukuqoqwa kwemininingwane yakho siqu
Umnyango Wezezindlu uqoqa imininingwane ongayiyamanisa nomuntu, enjengekheli lakho le-imeyili, ikheli lakho lasekhaya noma lasemsebenzini, kumbe inombolo yocingo. 
Umnyango Wezezindlu ubuye uqoqe imininingwane eqondene nesakwhiwo somthamo wabantu engayamaniswa nagama lamuntu, engaqondise kumuntu, efana neZIP khodi yakho, ubudala, ubulili, okokuzikhethela, izintshisekelo nezinto ezithandwa kakhulu.
Kubuye kube khona ulwazi olumayelana nesakhiwo sekhompyutha yakho kanjalo ne-softhiwe uMnyango Wezezindlu oluqoqa ngokuzenzekelayo. 
Lolu lwazi lungafaka: ikheli lakho le-IP, uhlobo lwesiphequluli, amagama amadomeyini, izikhathi okufinyelelwa ngazo kanye namakheli alawa mawebhusayithi ashoyo ukuthi ubusukephi uze ufike la ukhona. 
Lolu lwazi lusetshenziswa uMnyango Wezezindlu ukuhambisa umsebenzi, ukugcina amazinga esevisi ephezulu, kanjalo nokuhlinzeka izibalo jikelele mayelana nokusetshenziswa kwewebhusayithi yoMnyango Wezezindlu.
Usize ungakhohlwa ukuthi uma udalula imininingwane ekuvezayo noma ulwazi olubucayi oluveza ubuwena ngamabhodi emiyalezo oMnyango Wezezindlu asetshenziswa uwonke uwonke, lolu lwazi lungaqoqwa futhi lusetshenziswe abanye. 
Qaphela: Umnyango Wezezindlu awufundi lutho oluwukuxhumana kwakho kwangasese.
Umnyango Wezezindlu ukukhuthaza ukuba ubuyekeze izitatimende zobumfihlo zamawebhusayithi oye ukhethe ukuwalandela usuka kuMnyango Wezezindlu ukuze uqonde ukuthi lawo mawebhusayithi aluqoqa kanjani, alusebenzise futhi aze aludlulisele kanjani nakwabanye ulwazi lwakho. 
Umnyango Wezezindlu awuhlangene nezitatimende zobumfihlo kumbe okuqukethwe amanye amawebhusayithi angaphandle koMnyango Wezezindlu kanjalo nomndeni wamawebhusayithi oMnyango Wezezindlu.
Ukusetshenziswa kwemininingwane yakho siqu
uMnyango Wezezindlu uqoqa uphinde usebenzise imininingwane yakho siqu ukusebenzisa iWebhusayithu Yomnyango Wezezindlu nokukulethela imisebenzi oyicelile.
Umnyango Wezezindlu ubuye usebenzise imininingwane ekuvezayo ukuze ukwazise ngeminye imikhiqizo kumbe amasevisi akhona kuMnyango Wezezindlu nozakwabo. 
Umnyango Wezezindlu ungabuye ukuthinte ngomgudu wocwaningo ukuze wenze uphenyo ukuthola umbono wakho ngamasevisi amanje noma ahlongozwayo amasha.
UMnyango Wezezindlu awudayisi, uqashise kumbe ubolekise ngohlu lwamakhasimende awo kubantu abangaphandle.
Umnyango Wezezindlu kungathuke kwenzeka ukuthi ukuthinte ngokuphathelene nomuntu wesithathu ngamathuba ebhizinisi ongahle uwathande. 
Kulokho-ke, imininingwane ekuvezayo (i-imeyili, igama, ikheli, izinombolo zocingo) ayidluliselwa kumuntu wangaphandle. 
Nangaphezu kwaloko, Umnyango Wezezindlu ungayidlulisa imininingwane kubalingani abathenjwayo ukuze sisizakale ngohlaziyo lwezibalo, sikuthumelele i-imeyili noma sikuposele incwadi, siseke amakhasimende, noma silungiselele ukuthumela impahla. 
Bonke abanye abanjengalaba bayanqatshelwa ukusebenzisa imininingwane yakho siqu ngaphandle uma beyisebenzisela ukusiza uMnyango Wezezindlu, futhi bedingeka ukuthi babhekele ubumfihlo bemininingwane yakho.
UMnyango Wezezindlu awuyisebenzisi futhi awuyidaluli imininingwane ebucayi, efana nobuhlanga, inkolo, iqembu lezombusazwe, ngaphandle kokuthola imvume yakho ngokucacile.
Umnyango Wezezindlu uyawalandelela amawebhusayithi namakhasi avakashelwa amakhasimende ethu kuMnyango Wezezindlu, lokho sikwenzela ukubona ukuthi iwaphi amasevisi oMnyango Wezezindlu athandwa kakhulu. 
Le mininingwane isetshenziselwa ukuthi silethe umthamo nezikhangiso ezenziwe ngokwezidingo kuMnyango Wezezindlu kumakhasimende okwenza kwawo kunezinkomba zokuthi anentshisekelo ezihlokweni nakumikhakha ethile.
iwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu izoyikhipha imininingwane yakho siqu, ngaphandle kwesexwayiso, kuphela uma kunesidingo somthetho ukuthi wenze njalo noma uma kunenkolelo yokuthi kufanele futhi kuhle ukwenze njalo ukuze: (a) uhambisane nomthetho noma uma kunohlelo lwezomthetho olubhekiswe kuwona Umnyango Wezezindlu noma isayithi; (b) kuvikelwe kulwelwe amalungelo kumbe impahla yoMnyango Wezezindlu; kanjalo, (c) kubhekelwe isimo esiphuthumayo esidinga kuvikelwe ukuphepha kwabasebenzisi boMnyango Wezezindlu, noma umphakathi.
Ukusetshenziswa Kwamakhukhi
iWebhusayithu Yomnyango Wezezindlu isebenzisa “amakhukhi” ukukusiza wenze isikhathi osichitha ku-intanethi sihambisane nobuwena. 
Ikhukhi ifayela elinamagama elibekwa yiseva yekhasi lewebhu kudiski yakho eqinile.
Amakhukhi awasebenziseki ukuhambisa amaphrogremu kumbe ukuthumela amagciwane ekhompyutheni yakho. 
Amakhukhi athunyelwa kuwena ngokuqondene nawe ngqo, kanti angafundwa kuphela yiseva yewebhu kudomeyini ekukhiphele ikhukhi.
Enye yezinhloso ezibalulekile zamakhukhi ukukwenzela lula ukuze wonge isikhathi. 
Inhloso yamakhukhi ukutshela iseva yewebhu ukuthi usubuyile ekhasini elithize.
Isibonelo, uma wenza umthamo wekhasi loMnyango Wezezindlu uqondane nezidingo ezithize, noma uma urejista kusayithi nakumisebenzi yoMnyango Wezezindlu, amakhukhi asiza Umnyango Wezezindlu ukubuyisa ulwazi lwakho ngqo uma usubuya uyivakashela isayithi. 
Lokhu kwenza kube lula ukuthi siqophe imininingwane yakho siqu, efana nekheli esikuthumelela kulo ama-akhawunti, amakheli esikuposela kuwo impahla, nokunye. 
Uma usubuyela kuyo leyo webhusayithi yoMnyango Wezezindlu, ulwazi obuke walufaka phambilini luyatholakala, okwenza kube lula ukuba usebenzise izinhlelo zoMnyango Wezezindlu oye wazimisela izidingo zakho.
Uyakwazi ukuwavuma noma ukuwenqaba amakhukhi. 
Iziphequluli eziningi zeWebhu zimiselwe ukuvele ziwavume amakhukhi, kodwa uyakwazi ukuwaguqula amasethingi esiphequluli sakho ukuthi siwenqabe amakhukhi uma kuyilokho okufunayo. 
Uma unquma ukuwenqaba amakhukhi, kungenzeka kube khona izinhlelo ozongakwazi ukuzisebenzisa ngokugcwele zoMnyango Wezezindlu noma zewebhusayithi oyivakashele.
Ukuphepha kwemininingwane yakho siqu
Umnyango Wezezindlu uyayivikela imininingwane yakho siqu kungafinyeleleki kuyo,  ingasetshenziswa futhi ingadalulwa kwabanye kungagunyaziwe. 
UMnyango Wezezindlu ugcina imininingwane ekudalulayo oye uyinike amaseva amakhompyutha endaweni elawulekile ephephile, kungafinyeleleki kuyo, ingasetshenziswa futhi ingadalulwa kwabanye kungagunyaziwe.
Uma kudluliselwa imininingwane yakho siqu (njengenombolo yekhredithi khadi) kwenye iwebhusayithi, ivikelwa ngokusebenzisa uhlelo lokuhluthulela ulwazi, olufana nomgomo Wokuqinisekisa ukuphepha kolwazi makuxhunyanwa (SSL).
Izinguquko kulesi Sitatimende
Umnyango Wezezindlu uhlala uhlale usibuyekeze lesi sitatimende Sobumfihlo ukuveza imibono yenkampani neyabantu. 
Umnyango Wezezindlu uyakukhuthaza ukuthi nawe ude usibuyekeza lesi Sitatimende ukuze waziseke ngokuthi Umnyango Wezezindlu uyivikela kanjani imininingwane yakho.
Imininingwane yokusithinta
Umnyango Wezezindlu uyayamukela imibono yakho mayelana nalesi Sitatimende Sobumfihlo. 
Uma ukholwa ukuthi Umnyango Wezezindlu awuzange usilandele lesi Sitatimende, siza uwuthinte Umnyango Wezezindlu ku- webmaster@kznhousing.gov.za.
Sizosebenzisa izindlela esizokwazi ukubhekana nezindleko zazo ukuba sisheshe siyihlonze, siyixazulule inkinga.
<Doc05>
Inkulumo kaNdunankulu Ebrahim Rasool kuMgubho Wabaphase uMatikuletsheni
Namuhla sizohalalisela abaphase uMatikuletsheni ngamalengiso.
Sithi kubona: Halala! Siyaziqhenya ngani, iSifundazwe neZwe kuyaziqhenya ngani, abazali benu bayaziqhenya ngani, kanti okubaluleke nakakhulu kumele nani niziqhenye ngani.
Isizathu sokuthi sigqugquzele ukuziqhenya kulesi sikhathi, ukuveza ukuthi impumelelo esiyibonayo manje ilandela isikhathi eside sobunzima nokuzinikela, nomphumela wokuthi usuku lwanamuhla lumele isikhashana sesimo esicacile kumlandu obunxakanxaka.
u-Matric unxakanxaka.
Eminyakeni eyishumi eyedlule kuye kwadingeka ukuthi siluguqule lonkana uhlelo lwezemfundo silugudluze kubo ubunjalo balo besikhathi sobandlululo.
Sesenze igxathu elikhulu impela ngokudidiyela kabanzi, sasungula ukuhlolwa okwesekwe kusilabhasi eyodwa, anyuka amanani alabo ababhala futhi baphase umatikuletsheni, safinyelela ekuqwasheni ngokuthi imfundo akusiyona eyomuntu oyedwa nje kuphela – ukuthi umnotho wethu uncike kwiqoqo lamakhono ahlinzekwa uhlelo lwemfundo.
u-Matric unxakanxaka ngempela.
Abaholi bethu ababuthana lapha e-Leeuwenhof ngokungangabazeki baqotho isibili, labo abenze kahle kakhulu, nalabo abafanelwe imiyezane ephezulu kunayo yonke eyake yathweswa yilesi siFundazwe. 
Kepha imicabango yethu iya kulawa ma-71% ezakhamuzi ezibudala bazo bungaphezu kweminyaka engama-20 ezingazange zayiphothula imfundo yamazinga ase-sekhondari, labo abacishe babe isigamu sezi-80 000 abangena kanye nawe esikoleni eBangeni 1 eminyakeni eli-12 eyedlule abangazange bakubhala nokuhlolwa ngowezi-2004 ngoba baqathaka endleleni, nabaningi ababhala, kepha ngenxa yokukhetha abakwenza ezifundweni nakumabanga, banezitifiketi zikamatikuletsheni ezingeke zisebenziseke kumnotho kumbe zibadlulisele kwimfundo ephakeme.
uMatric unxakanxaka nangokungeziwe ngoba ninjengamafasitela esitolo sethu.
Isizwe sehlulela ikusasa lethu ngokwenza kwenu. 
Isisekelo sokuba nethemba ngekusasa impilonhle yenu. 
Ithemba labo kwikusasa lesekwe kumdlandla esiwufaka kwezemfundo uvuthondaba lwawo olubonakala kumigubho enjangalona esikuwo namuhla. 
Yebo phela, ingxenye enkulu yesabelo zimali kuzwelonke nasezifundazweni, iya kwezemfundo. 
Kulo nyaka nje, ukuze siphephise imisebenzi yothisha abayizi-2000, kuye kwafanela ukuthi siphambukise imali ingayi kweminye imisebenzi yezifundazwe ukuze siyifake kwezemfundo. 
Kufanele sifake umfutho wokutshala imali kuzikole ezintulayo ukuze kuthi ngokukhula kwamanani ukulingana kwemfundo kuzwakale kabanzi ngenkolelo yokuthi sonke isikole saselokishini sinekusasa.
Okubaluleke nakakhulu, Ngqongqoshe uDugmore noNsumpa-Jikelele Swartz, sinethuba elilodwa lokukhiqiza iSumgomo Lezabasebenzi ukuvuna lonke lolu tshalomali.
Sidinga ukukhiqiza abaphase umatikuletsheni abanezinkolelo ezinesisekelo sobuqotho, abanemiphumela emihle, efanele isimo somnotho, abathembekile emphakathini wabo, isintu esizozuza ngabo.
Yilokhu-ke esizokugubha namuhla. 
Nimele lawa mathemba njengoba sakha iKhaya lethu Lawo Wonke Umuntu.
Sigubha impumelelo yenu ngoba nizinikelile nasebenza kanzima, abazali benu bazinikelile banigcina nisesikoleni, umphakathi wakini uzinikelile waqinisekisa ikusasa lenu.
Baningi abalingabazayo igugu lokugubha impumelelo kamatikuletsheni, ngoba uxhante kangaka nje, nanokuthi usaveza insila yohlelo lobandlululo. 
Inina kuphela eningakunqoba lokhu ngokuthi nazi ukuthi nenzani futhi nizinikele ekwakheni Ikhaya Labo Bonke, elingenabuhlanga futhi elinobulinganiswa nakakhulu. 
Loku kufanele kubonakale kuzinqumo enizozithatha kusukela manje kuya phambili.
Kuze kube manje, bekufanele nje unqume ukuthi uzosebenza kanzima kangakanani. 
Isitifiketi sakho sikamatikuletsheni sikuvumela futhi sikuphoqe ukuthi uthathe izinqumo ngokuthi ufuna ukuba yiluphi uhlobo lomuntu nohlobo lwempilo ofuna ukuyiphila.
Halala, Okumhlophe.
<Doc06>
Inhloso Yomkhankaso kaHulumeni Kwezokuxhumana wezi-2010 ukuba:
usize ukufinyelela empumelelweni yezinhloso zesumgomo lezokuxhumana eNdebeni yokuqala Yomhlaba yase-Afrika ye-FIFA
usebenzise ngokuphelele leli thuba elingandile ukuveza nokwakha ubumbano nokuziqhenya phakathi kwabaseNingizimu Afrika
uvuse ugqozi entsheni
ukhangise ngezwe emhlabeni
wakhe isimo sokuxhumana esisiza kusetshenziswe leli thuba ukusheshisa intuthuko kwande namathuba
wakhe ubumbano e-Afrika.
Lokhu kungaphumelela:
ngokuhlinzeka ubuholi nokudidiyela kuxhumano lukahulumeni mayelana neNdebe Yomhlaba Yezi-2010
ngokwakha ukubambisana kuzwelonke kuzixhumani zikahulumeni nezizimele kuyona yonke imikhakha, kanjalo nokwakha amaxhama nezixhumani ezwenikazi namaphethelo, ukuze ngokubambisana kusetshenziswe leli thuba lokuxhumana eliyivela kancane
ngokuthabatha imikhankaso kahulumeni esemqoka maqondana neNdebe Yomhlaba Yebhola yezi-2010.
<Doc07>
Imithethonqubo Kazwelonke Yomthamo Wasemgwaqeni Ichibiyelwe ukuphucula ukuphepha emgwaqeni
ePOLOKWANE: Imithethonqubo Kazwelonke Yomthamo Wasemgwaqeni ichitshiyelwe.
Ibizwa ngeSichibiyelo Seshumi nesikhombisa kanjalo yaqala ukusebenza ngamhla ishicilelwe.
UMnyango Wemigwaqo Nezokuthutha wazisa abashayeli zimoto ngalezi zichibiyelo:
Izimoto ezintsha ezirejistwe emva komhla woloku-01 Agasti 2010 kufanele zibe namanamba puleti aboshelwe ngama-phpho rivethi noma izipikili eziboshelwayo.  
Uma ingakwazi ukukinatelwa emotweni, kufanele ikinatelwe kwi-bhurakhethi ehambisana  ne-SANS 973. 
Lesi sichibiyelo sizothoba izinga lobunswelaboya nokwephulwa komthetho yomgwaqo abashayeli abakuthola kulula ukususa amanamba puleti ukuze bangalandeleki. 
Ngeke kube lula ukuyisusa inamba puleti bese ibuyiselwa emva kokwenza icala ngoba kuzoba nezindleko ezengeziwe ukwenze njalo. 
Inamba puleti yakhiwe nge-aluminiyamu okwenza kungabi lula ukuthi ishe ingqongqe ize ingabisabonakala uma kunengozi.
Kusukela ngomhla lulu-1 Februwari 2011 abantu abathola amalayisensi ka-khodi C, C1, EC noma EC1 ngeke bavunyelwe ukushayela imoto yelayisensi kakhodi B noma ukhodi EB (ngesidala umuntu onelayisensi kakhodi 10, 11, 13 noma 14 ngeke ayishayele imoto edinga ilayisensi ewukhodi 08).  
Lokhu kuzothinta abathola amalayisensi amasha. 
Baningi impela abafundela ukushayela abaye bafake izicelo zokushayela izimoto ezisindayo kunezilula ukuze bagweme ukuhlolelwa ukupaka okuyipharaleli, isibonelo. 
Iqiniso ukuthi uma sebezitholile izincwadi zokushayela amaloli, bashayela izimoto ezincane abangazijwayele izilawuli zazo kanjalo bese bengena ezingozini. 
Kulindelekile futhi ukuthi bonke labo bashayeli abathole amalayisensi okushayela amaloli babe neMvume Yabashayeli Abangongoti, kepha izibalo ziveza okunye. 
Lokhu kufakazisa ukuthi abafaki zicelo bebedinga amalayisensi okushayela izimoto ezincane, hhayi ezisindayo.
Izisetshenziswa Ezilawula Ukusimama Ngokohlangothi zama-mini nama-midi bhasi zethulwa ngohlelo lokukhishwa kwezitifiketi okuba ingxenye yokuhlolelwa ukufaneleka ukuba semgwaqeni.  
Lokhu kubhekiswe kuwo onke amamini bhasi namamidi bhasi, hhayi izimoto ezisanda kwakhiwa nje kuphela.
Umnini moto obhalisiwe noma lowo ommele kufanele alethe ifomu le-DSCD eligcwaliswe ngokufanele esiteshini sokuhlola. 
Isisetshenziswa Esilawula Ukusimama Ngokohlangothi yisisetshenziswa esivimbela isondo ukuthi lingaphumi erimini uma ithaya liqhuma imoto ihamba.
Isichibiyelo soMthethonqubo 332 sachicilelwa futhi sinoluhla lwemishini yokuhlola umoya ukufakazisa engasetshenziswa ukuqoqa ubufakazi uma abashayeli befuthiswa kanti isitifiketi esikhishwe umkhiqizi wayo singakhishwa sisetshenziswe njengobufakazi emacaleni. 
Lesi sichibiyelo sibhekele udaba olwavela mayelana nokuba semthethweni kwemishini yokufuthisa abantu ngokwengxenye 65(7) yoMthetho Kazwelonke Womthamo Womgwaqo, 1996 kanti sihambisana ne-SABS 1793 futhi singasetshenziswa ukuthola ukuthi bungakanani utshwala obusekuphefumuleni. 
Yilena elandelayo imishini eyalelwe:
"Lokhu kuhle kakhulu njengoba kuyisikhathi semigubho njengaloku kusiza imizamo yethu yokulwa nokushayela abantu bephuzile emigwaqeni yethu ", kusho u-MEC Wemigwaqo Nezokuthutha, uPinky Kekana.
<Doc08>
Uhlelo Lwezempilo Lwabakhulelwe (Abangakabelethi)
Amantombazane nabesimame abakhulelwe badluliselwa kuzinhlelo zezokubeletha noma Izikhungo Zababelethisi (MOU) ezindaweni zasemadilobheni, nezikhungo ezingamasathelayithi noma amakliniki ezindaweni zasemaphandleni. 
Ama-MOU izindawo zokubelethela okusebenza kuzo ababelethisi emphakathini ezibhekele iziguli ezingeni lokuqala lokwelashwa. 
Omame abakhulelwe bayelulekwa ukuthi babhukhele ukuvakasha kwabo kokuqala engakahlangani amasonto angama-20 noma baphuthume uma esedlulile.
Umama uhlolwa ngokuphelele futhi anikwe izeluleko uma efika okokuqala ngokukhulelwa, okubuye kwaziwe ngokuvakasha kokubhukha. 
Uye abe eseyoxukuza ke umame ngezikhathi ezinqunyiwe kubhekwe ingane. 
Nempilo kamama iqashwa ngeso elibukhali. 
Ufakwa esikalini, ahlolwe umfutho wegazi nomchamo kanjalo. 
Uma kungekho lutho olumxakayo, angabuya kovakasha futhi emva kwamasonto amabili azolanda imiphumela yokuhlolwa okwenziwa mhla eze kukuvakasha kokubhukha. 
Emva kwalokhu, kufanele aphindele ekliniki njalo emva kwamasonto ayisithupha kuze kuhlangane amasonto okukhulelwa angama-28, bese efika futhi emva kwamasonto angama-34, emva kwaloko eze njengoba kuzobe kusho abasebenza ekliniki/MOU (kuyehluka-ke ngezindawo ngezindawo).
Omame abakhulelwe bahlolelwa okungahle kube yingozi empilweni yabo nasempilweni yengane. 
Amatshitshi nabesimamme abakhulelwe abangaphezu kweminyaka engama-35 bathathwa njengabasebucayini obuphezulu. 
Lokhu kusho ukuthi makhulu amathuba okuthi babe nezinkinga besakhulelwe nangenkathi sebebeletha. 
Omame abakhulelwe bathathwa njengabasebucayini uma umfutho wegazi labo unyukile, uma benomlandu wezinkinga ngokofuzo, uma bengaqali ukukhulelwa noma uma beke bahlinzwa phambilini njengokubeletha ngomthungo nje. 
Omame abahlonzwe njengabasebucayini baye badluliselwe kunakekelo oluthe thuthu lwasezibhedlela ezijwayelekile kumbe ezokufunda bengezukulaliswa, ukuze benziwe ukuhlolwa okwengeziwe. 
Omame abakukhulelwa kwabo kusebucayini bayelulekwa  ukuthi baye kothamela amakilasi abakhulelwe ezibhedlela kaningi ngokungenzeka.
Uma uvakasha okokuqala esikhungweni sezempilo, uzocelwa ukuthi ugcwalise ifomu uzobe usuvulelwa ifolda. 
Ufike nomazisi wakho i-ID, imithi oyiphuzayo nekhadi lakho lasekliniki noma lasesibhedlela, uma wake wabhalisa esikhungweni phambilini. 
Abangekho sebucayini bekhulelwe babhekwa kuma-MOU (izizinda zokubelethela okusebenza kuzo ababelethisi basemphakathini ababhekele impilo yeziguli) ezindaweni zasemadolobheni, nezikhungo ezingamasathelayithi noma amakliniki ezindaweni zasemaphandleni.
Abakhulelwe okuthiwe basebucayini bona babhekwa kumakliniki eziguli ezingalaliswa asezibhedlela zasemadilobheni noma zasemaphandleni zesifunda kanye nezokufunda.
<Doc09>
Uhlelo Oludidiyele Lokuhlinzeka Ukudla okunomsoco
Uhlelo Oludidiyele Lokuhlinzeka ukudla okunomsoco (INP) lunenjongo yokuphucula ukondleka kwabo bonke abantu abahlala esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.
Lunezinhlangothi eziningi ke lolu hlelo.
Siyini isifo sokungondleki ngomsoco?
Ukuswela umsoco kuyinkinga enkulu eNingizimu Afrika kanti kungenye yezimbangela eziqavile zokugula nokufa ezinganeni. 
Zilinganiselwa kuma-30% izingane zaseNingizimu Afrika ezibhashile ngenxa yokungatholi umsoco owenele uma zisencane.
Ukungadli ngokwenele, ukugula nengcindezi yengqondo neyasemphakathini/isihluku yizona zimbangela eziseduze zokweseleka komsoco. 
Indlala nokuntula yizona zinto ezisondelene kakhulu nokungondleki. 
i-INP izama ukubhekana nalolu bhubhane olucathama buthule ngezindlela eziningi.
Izengezo kudla zezingane
Kuzikhungo zezempilo emphakathini izingane okuthi lapho zihlolwa kutholakale ukuthi azondlekile (loku kumbandakanya izingane nabadala abane-HIV nabanofuba) zizophiwa izengezo kudla kumbandakanya impuphu enongwe ngezithako ezinomsoco nesiphuzo samandla. 
Izengezo ziye zinikezwe abathize abahlonziwe ngokwemigomo ebekiwe. 
Abasebenzi bezempilo babuye bahlinzedke ukweluleka, ulwazi nokufundisa ngezinhlelo zokudla okunempilo nezindlela ezinempilo zokulungisa ukudla.
Ongoti kwezokudla babuye basize umphakathi ngokukhethekile ngolwazi lomkhakha wabo.
Ukuncelisa
Ukusiza ukulwa nokungondleki ingane uma isencane, abasebenzi bezempilo baye bakhuthaze omame ukuba bazincelise kuphela izingane zabo zize zibe nezinyanga ezisithupha kuthi emva kwaloko baqhubeke nokuncelisa ngaphezu kokuqala okunye ukudla okufanele kokugcwalisela, ingane ize ibe neminyaka  emibili yobudala. 
Ezinye izindlela zokufunza ingane kuye kuxoxwe ngazo nabomama abane-HIV. 
Isibhedlela saseVredendal neSizinda Sokunakekela Abazobeletha sase-Groote Schuur yizibhedlela eZingabangane Bezingane esifundazweni ngokomkhankaso Wezibhedlela Ezingabangane Bezingane.
Ukuqashelwa kokukhula
Zonke izingane ziyakalwa njalo njalo njengengxenye yohlelo lokuqashelwa kokukhula, okuyinkomba ebalulekile yokuthi ingane iyakhula. 
Isisindo sifakwa ekhadini Lomzila Oya Ekuphileni. 
Kubhekwa zizathu eziyimbangela yokwehlelwa isisindo ezifana nezifo ezithathelanwayo, indlala ekhaya nokunganakwa kwengane. 
Izifo ezithathelwanayo zidlala indima enkulu ekungondlekini ngokufanele kanti lezi zifo ziyelashwa ezingeni lokuqala lonakekelompilo. 
Uhudo lusondelene kakhulu nokungahlanzeki kwendawo (izindlu zangasese nokuhlinzekwa kwamanzi) kanjalo nokungondleki kosana, okuye kulandelwe ukuthi kube lula ukuthi ingenwe uhudo olubi futhi ludonse isikhathi eside.
Ukudambiswa kobubha
Amakhaya akhungethwe ububha ayahlonzwa bese ethunyelwa kuzinhlelo zikahulumeni zokudambiswa kobubha. 
Ukusimama ngokudla kwamakhaya kubhekelwa ngokuxube imikhakha kanti kuhlinzekwa ungenelelo nokwesekwa okufanele.
Amavithamini ayizengezo
Ukulawula ukushoda komsosco ezingeni le-mayikhro kuyingxenye ebalulekile yesevisi. 
umsoco oyiMayikhro uwumongo wemvelo ofana nama-vithamini namaminerali, otholakala ngomthamo omncane ekudleni kanti ubaluleke ngempela ukugcina isimo esihle sempilo. 
i-INP inikeza izengezo zika-Vithamini A ezinganeni ezikhethekile. 
Izingane ezishoda ngo-Vithamini A zehlelwa isisindo, zingakhuli kahle kanti zingenwa izifo kalula zife futhi zibulawa izifo. 
Ukushoda kuka-Vithamini A kubuye kubulale amehlo kanti kungenye yezimbangela zobumpumputhe ezinganeni.
Izingane ezizalwe zinesisindo esiphansi zinikezwa amakhepsuli ka-Vithamini A, akhuthaza uhlelo lomzimba lokuzivikela asize ukukhula kwengane ngokuthuthukayo. 
Izinsana zezinyanga ezi-6-11 zobudala zinikezwa isilinganiso esisodwa sika-Vithamini A (100 000 IU) ukuvimbela ukugula. 
Izingane kusuka kuzinyanga ezili-12 kuya eminyakeni emihlanu ubudala zinikezwa isilinganiso esisodwa sezi-200 000 IU uma sezinezinyanga ezili-12 bese kuba yizi-200 000 IU njalo ezinyangeni ezithupha zize zihlanganise iminyaka emihlanu.
Izilinganiso ezengeziwe zika-Vithamini A zinikwa izingane ezikhungethwe indlala ngokudlulele, noma ezibeleselwe izifo ezithathelwanayo njengohudo, isimungumungwane noma i-HIV.
Ukukhishwa kwezibungu
Ukwehlelwa isisindo ezinganeni kungadalwa nawukuhlaselwa zibungu kanti zingakhishwa ngomuthi ekliniki.
Izeluleko zokondleka ngokudla maqondana nezimo ezithile
Abantu ababe nesifo sikanhlangothi, somfutho wegazi ophakeme, ushukela, i-HIV/AIDS nofuba bafundiswa ngokudla kahle, banikwe ulwazi nezeluleko kuwona onke amazinga onakekelo.
Uhlelo lokuhlinzeka ukudla ezikoleni eziseMabangeni Aphansi
Uhlelo lokuhlinzeka ukudla ezikoleni ziseMabangeni Aphansi lubhekiswa ezikoleni ezithile ezihlonzwe njengezintulayo. 
Lezi zinhlelo zethulwa ngokubambisana noMnyango Wezemfundo. 
Uhulumeni wesifundazwe unehloso yokuthi kuthi kufika owezi-2004 ube usufinyelele ezinganeni eziyizi-125 000 ezisezikoleni zaMabanga Aphansi ayizi-847 esifundazweni.
Ukudla okusezikhungweni
i-INP ibuye ifake igalelo ekunakekelweni kwamakhasimende ayo ezikhungweni ngezinhlelo zokuhlinzeka ukudla okunomsoco olinganisiwe.
Imiyalelo:
Abafika okokuqala ekliniki/esibhedlela esisezingeni lesibili kumbe sokufunda bazocelwa ukuba bagcwalise ifomu, bese bevulelwa ifolda.
Uphathe umazisi wakho, i-ID. 
Kuzodingeka ufike nencwadi yasekliniki ekudlulisela esibhedlela. 
Izibhedlela zizocela uzinike isifakazisi somholo/sokuhlolwa komholo (IRP5) sakho sakamuva.
Uze nekhadi lakho lasesibhedlela uma wake wabhalisa khona phambilini.
<Doc10>
Inkulumo kasekela Ngqongqoshe wakwa-Public Works, uMnu Ntopile Kganyago, iLungu Lephalemende, mhla kwethulwa emphakathini ngokokuqala uHlelo Lwedolobhakazi Elingaphakathi laseTshwane, eBhilidini leBhangengodla LaseNingizimu Afrika, eTshwane
Ziphathimandla ezinye eziphakeme  zikahulumeni
Manene namanenekazi ezemithombo yezindaba
Zethameli ezikhethekile
Isinqumo esithathwe yisishayamthetho ngowe-1997 ukukhuthaza iminyango kahulumeni kuzwelonke ukuthi yenze idolobhakazi elingaphakathi lase-Tshwane kube yikhaya labo lanjalo kwaba yinkomba yenhlosombono enkulu; ngaleso sikhathi, namanje.
Umphumela kube isu elicatshangwe kahle ukuba kuxhumanise ukuvuselelwa kabusha kwamadilobha ethu nekhwelo likahulumeni lokuvuselela izindawo ezisemadolobheni neminye imikhankaso yokuthuthukisa ngokwakha emiselwe ukugqugquzela ukwenganyelwa kwamadolobha ukubhekela amalungelo abantu, izindlu okuhlalekayo kuzo, intuthuko kwezomnotho nokusimama komphakathi.
Namuhla njengoba siphosa itshe lokuqala ekuboneni umbono usuba yiqiniso, sigubha nebanga esesilihambile kuze kube manje. 
Kubile nokubonisana okunzulu ngokunjalo nezingxoxo ezimayelana nezidingo kanjalo namathuba avulekele iminyango kahulumeni ngokuthi izosebenzela kuziphi izakhiwo, futhi lokho akuzange kwasichezukisa emzileni wezinjongo ngqangi, okungukuphucula izakhiwo eziyizindawo la kusebenzela khona iminyango kahulumeni maphakathi nedolobhakazi lase-Tshwane.
Khona manjalo kudinga sibe negalelo ekuvuselelweni nasekwenziweni kabusha kwedolobhakazi phakathi.
Ezinye izinjongo, ezibaluleke ngokufanayo nazo zimbandakanya umbhidlango wokuheha utshalo mali lwamabhizinisi, ukwakha isithombe se-Tshwane ibe idolobhakazi elimqoka e-Afrika nokugqugquzela intuthuko yabansundu ngakwezomnotho. 
UHulumeni uyena onezakhiwo eziningi kunawo wonke umuntu futhi uphakathi kwabatshalizimali abahamba phambili empilweni yezomnotho kahulumeni wasekhaya ikakhulukazi kumaMethro aseJohannesburg naseTshwane eGauteng.
Iminyango idinga izindawo zokusebenza namahhovisi ukuze isigcine ngempumelelo isibopho sayo sokwethula izinsiza kumphakathi. 
Yinto eyaziwa inomubani ukuthi iningi lezakhiwo zikahulumeni zisesimweni esihle nangaphansi esikhundleni sokuthi zibe sesimweni esihle ngokubabazekayo.
Kuzohamba phambili ukulungiswa, ukukhushulwa kwamazinga nokukhandwa kuzindleko zikahulumeni ezinkulu bese kufaka igalelo engxenyeni ye-BEE yemikhankaso yeDolobhakazi Elingaphakathi e-Tshwane.
Ngonyaka uhulumeni kazwelonke ngoMnyango Wezemisebenzi kaHulumeni usebenzise imali eyevile kumabhliyoni amabili (R2 bhiliyono) ukukhokhela ukuqashwa kwezindawo nezinye iznhlawulo ezinjengentela nemisebenzi, ezweni lonke, okuyimali eyakhokhelwa amabhizinisi azimele nawohulumeni bezindawo. 
Kanjalo-ke yibona bona laba babambiqhaza okulindeleke ukuthi badudule inqola yokuvuselelwa kweDolobhakazi Elingaphakathi eTshwane, mhlasimpe ngokubambisana noHulumeni Wesifundazwe SaseGauteng ngemikhankaso yabo emikhulu yotshalomali njengoba kuphakanyiswe yiHhovisi Lentuthuko Ngokomnotho eGauteng, (GEDA).
Ngokuhambisana nengqikithi yoHlelo lwe-Dolobhakazi Elingaphakathi e-Tshwane, ebe isiyaziwa nge- "Re Kgabisa Tshwane" bese inikezwa isihlokwana esithi "Indawo Engcono Yokusebenzela”, ukugxila kuthi kusebantwini (abasebenzi bakahulumeni nomphakathi), kubuye kube nasezindaweni ezakhiwe abahlala kuzo ngenkathi benza imisebenzi yomphakathi nangenkathi bemukela imisebenzi eyizidingo eyethulwa uhulumeni. 
Ngenkathi ememezela uHlelo Lokwenza lwezi-2004, uMmengameli, uMnu Thabo Mbeki wamema iminyango kazwelonke yeMisebenzi kaHulumeni noweMisebenzi kahulumeni Nobuphathiswa ukuba ibambisane ekududuleni umkhankaso ukuze kuphuculwe izindawo okusetshenzelwa kuzo iminyango kahulumeni nabasebenzi bakahulumeni. 
Ingqalasizinda yamabhilidi kahulumeni iyinjini yokwethulwa kwemisebenzi kumphakathi kanti iziphathimandla zikahulumeni zona zibasa umlilo odudula injini ukuba ihambe ngamandla, isebenze kahle nangempumelelo.
Esigabeni sokucutshungulwa kwezidingo kumkhankaso, abasebenzi abaningi bakahulumeni okwathintanwa nabo bagcizelela ukubaluleka kokuba nezindawo zokusebenzela ezisezingeni, ezifanelene nomsebenzi abawenzayo, izakhiwo eziseqophelweni ngaphandle nangaphakathi, okwenza kube khona isidingo sokusebenzisana ne-Methro yaseTshwane, okuyiyona ebhekele ukwengamela edilobheni, njengomthamo wemigwaqo, inhlanzeko, ukuphepha, nobuhle bendawo.
Ake ngithathe leli thuba ngibonge ubuphathi nobuholi baseTshwane ngobuhlakani babo ekugoneni lo mkhankaso bawenze uhambisane namaSu abo Entuthuko Edidiyele 
Empeleni, Isivumelwano (MOU) esizongena kuso kungekudala nje namuhla esizoba Phakathi koMnyango kaZwelonke Wemisebenzi kahulumeni ne-Methro Yedolobhakazi laseTshwane, siyisiqinisekiso sokuthi simqondo munye ngokuthi sizosuka sibheke phi.
Kuyisivumo sokuthi kunenhloso yobambisana kumikhankaso neminhidlango okuzohlomula zombili  izinhlangothi kuyona.
Umyalezo wethu kini namuhla uthi “usuqalile umsebenzi” kanti eminyakeni elishumi ezayo kuzongena ngaphezulu kwamarandi angamabhiliyoni ayisishiyagalombili (R8 bhiliyoni) iqhamuka kuhulumeni kazwelonke namabhizinisi ngebhajethi eyisamba esikhulu, ukuphuculwa kwezivumelwano zokuqashiselana kanye nokusebenzisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi azimele.  
Ngokuhambisana Nokuphathwa Kwemikhankaso, kumiswe iKomidi Elishayelayo phakathi koMnyango Wemisebenzi Kahulumeni Nobuphathiswa, uMnyango Wemisebenzi Kahulumeni, uMnyango KaZwelonke Wezimali nedolobhakazi laseTshwane.
Phakathi kokunye, iKomidi lizokhangisa ngoHlelo, lengamele futhi liqaphe ukuphumeleliswa kwalo, liphothule isumgomo lokwesekwa ngezimali, futhi liqinisekise ukuphumeleliswa okuhlanganiswe kahle.
Umnyango uqoke uMnu Dumisani Dlamini ukuthi abe Yibamba likaMqondisi-Jikele ozobhekela konke ukuphathwa kohlelo.
Ngiyabonga.
<Doc11>
Somlomo, Ndunankulu ohloniphekile, Bozakwethu esigungwini sikahulumeni, Malungu Endlu, Zimenywa zethu ezihloniphekile, ziphathimandla zomnyango wezezindlu, zintatheli nani mphakathi, namukelekile ngokufudumele.
Lawa mazwi manene namanenekazi abhekise kwezokubuswa kwezwe eNingizimu Afrika, ikakhulukazi  eNtshonalanga Kapa. 
Noma ngabe basebenza ngokuzikhandla nangokuzinikela kangakanani abantu baleli zwe abathanda inqubekela phambili, kukhona abahlala bezimisele ukuwubukela phansi umsebenzi omuhle kangaka osuwenziwe uhulumeni wethu onakekelayo ngesikhathi esifusha kangaka ungene ekubuseni.
Manene namanenekazi, abantu abaningi sebelubekile uvo lwabo ngokuthi ezezindlu zimayelana nani, kepha ake ningivumele nami nginibekele olunye.
Kumina, ezezindlu aziphathelene nokufihla ikhanda nje kuphela. 
Ziphathelene nabantu bebhukula ukuzenzela ngokusimamisa indawo abakuyo nokubumba ikusasa labo.
Zimayelana nokudala imiphakathi esimeme kanjalo nezindawo okuhlalwa kuzo ezisimeme. 
Kumayelana nobumbano ngokusebenzisana phakathi kwamabhizinisi azimele, uhulumeni, izinhlangano ezingahlobene nohulumeni, kodwa okubaluleke nakakhulu, imiphakathi.
Ukuhlaliswa kwabantu kimina zingachazwa njengohlelo oluqhubekayo, olubandakanya ukuhlela nabantu okungafani nokubahlelela.
Ezezindlu ngokwaseNingizimu Afrika, akuwona nje umkhiqizo, kepha kuwuhlelonqubo olwesekwe kumanani entando yeningi leli zwe elayilwela kanzima kangaka.
Kuwuhlelonqubo olulalela abantu, luvumele abantu ukuthi basebenzise amalungelo abo enkululeko yokuzikhethela uhlobo lwezindlu nezindawo abafuna izindlu zabo zakhiwe kuzo.
Ayikho-ke into eyehlisa isithunzi sabantu njengokubavimbela ukuthi basebenzise ilungelo labo eliyisisekelo lolukhetha. 
Kungafani nangenkathi yobandlululo, mina njengesigagayi somphakathi, nginentshisekelo ngezindlu zabantu kumbono nakwisumgomo lami.
Manene namanenekazi, ngiyathokoza ntambama nje ukuthi nginethulele inkulumo yami yesibili yesabelozimali njengoNqongqoshe Wesifundazwe Wezezindlu.
Ngiyaziqhenya futhi ngokuthi nginethulela le nkulumo yesabelo zimali ngosuku olwandulela usuku lomgubho weminyaka elishumi sathola inkululeko.
Kunobufakazi obuqinile bokuthi uhulumeni oholwa i-ANC usuphumelele kokuningi esikhathini esingaphansi kweminyaka elishumi ungenile embusweni wentando yeningi, okudlula osekuke kwenziwa nanoma iliphi elinye izwe umhlaba ungaka. 
Sisebenzile - Siphumelele.
Ngamagama aliqiniso, kemathubeni ayisigidi esiso-1.4 ezindlu asethulwe uhulumeni, ngiyaziqhenya ukusho ukuthi isifundazwe sethu sesikhiphe izindlu eziyizi-167 000 eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, okungama-11% ezweni lonke.
Lokhu, ngokubona kwami kuwumsebenzi omuhle kakhulu noma ukubuka ngayiphi indlela.
Ngiyathanda ukusho futhi ukuthi unyaka owedlule ubungeve unezingqinamba, okube nomthelela omubi ekwethulweni kwezindlu ezweni lonkana, kodwa kuzwele kakhulu esifundazweni.
Lezi zinselelo zibe umphumela wokusungulwa kwezimiso nezinkambiso zenqubomgomo entsha ezifana nokuthi lowo ozothola indlu kumele akhokhe R2 479 nokulethwa Isikimu Sokuqinisekiswa Wumkhandlu Kazwelonke Wokubhalisa Abakhi Bezindlu eNingizimu Afrika ezindlini zomxhaso kahulumeni.
Le mizamo akuhlosiwe ngayo ukuba kuhambe kancane ukwethulwa komsebenzi, kepha eyokuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bathola izindlu ezisezingeni futhi ezingambi eqolo. 
Njengoba sidlula kulesi sifundo nje ekuphumeleliseni lezi zinqubomigomo, kuwubambezelile umsebenzi wokuletha izindlu kubantu.
Okwenze isimo sashuba nakakhulu kube ukuthi umnyango wami uqhubeke ngaphandle kobuholi boMqondisi Omkhulu kwaze kwaphela izinyanga eziyisishiyagalolunye. 
Lokhu kwayibambezela ngempela inqubekela phambili kakhulu. 
Sengiye ngamthola ongene kulo msebenzi, uMnu Seth Maqethuka, osebenze kakhulu kuhulumeni kazwelonke nowesifundazwe, engithanda ukumhalalisela kakhulu futhi ngimamukele yize sengikwenze izikhathi eziningana impela.
Yize siye sahlangabezana nalezi zinselelo nemikhawulo, ngiyaziqhenya ukumemezela kubantu bakithi ukuthi umnyango wami ukwazile ukusebenzisa izigidi ezingama-R348, okungama-92% esabelo sezezindlu eNtshonalanga Kapa. 
Ezinye izifundazwe azikwazanga ukufinyelela ngisho kuma-52% ebhajethi yazo.
Lokhu kube nomphumela wokuthi kugunyazwe ukuxhaswa kwezindlu eziyi-25 000. 
Kancane kancane izokwanda imindeni entulayo ezokudla izithelo zombuso wethu wentando yeningi. 
Lokhu, manene namanenekazi, kuyinkomba yokwanda kwezindlu ngezi-3000 uma uqhathanisa nonyaka odlule. 
Maqondana nalokhu, ngithanda ukuveza iqhaza elibalulekile elibanjwe omasipala esifundazweni sakithi. 
Ngaphandle kokuzinikela kwabo nokusebenza okubabazekayo, besingeke sakwazi ukuyisebenzisa le mali.
Ngisasho njalo, ngithanda ukuhalalisela iDolobhakazi lase-Cape Town ngokusebenzisa cisho ama-70% ebhajethi yethu. 
Ngingazikhohlwa neziphathimandla zami ngokusebenza nzima kwazo negalelo lazo kumbono wethu wokuhlinzeka isizwe ngezindlu.
Manene namanenekazi, ngabe anginalo iqiniso kunembeza wami uma ngincoma nje kuphela ngohlelo lokwethulwa kwezindlu. 
Zisekhona izikhala ezisasele ohlelweni lokwethulwa kwezindlu. 
Kuze kube manje, kusadinga silungise kule zindawo ezilandelayo ezinengcindezi:
Iningi lezindlu zethu azikawenelisi umgomo wokugudluka emananini kuyiwe ekhwalithini.
Sisadinga ukuluguqula uhlelo lokwethula izindlu, kungabi nje izindawo zokufihla ikhanda, kepha sakhe izindawo ezisimeme abantu abazohlala kuzo kade.
Sidinga ukuliguqula iqhaza labahlomulayo bangabe besaba ababukayo nje bamukele loko abakunikwayo, kepha nabo bahlanganyele ohlelweni.
Sidinga ukuyiguqula indlela yokucabanga yabantu bakithi ukuze baqale babuke izindlu zemixhaso kahulumeni njengezabo hhayi imikhiqizo nje.
<Doc12>
UKUPHOYISA NGEZINDAWO KUYASEBENZA
Kwaba nokukhululeka okukhulu kumame nendodana mhla uJames Busakwe owayenezinsuku ezili-16 nje kuphela ezelwe ephinde exhumana nonina omzalayo mhla ziyi-7 Ephreli 2006. 
Lesi sigemegeme saqala mhla we-6 Ephreli unina ka-James efika esibhedlela sase-Klerksdorp ethi uzovakashela indodana yakhe, kwayila amanesi ebona ukuthi ingane yakhe inikezwe omunye wesimame ngayizolo, owayethe nguyena umama wengane.
Kwathi kungavela nje loko, amanesi azisa amaphoyisa aseSiteshini Samaphoyisa sase-Kanana, njengalo umuntu wesifazane owathatha ingane wayenikeze ikheli laseKanana. 
Lafunwa-ke ikheli, lutho ukuba litholakale. 
Wayengaziwa umuntu owayenencazelo yalo wesifazane kulelo kheli.
Kusihlwa mhla we-6 Ephreli iKanana CPF yabamba umhlangano. 
Owayebambe okwesikhashana isikhundla sikakhomishani esiteshini wazisa umhlangano ngokuthunjwa kwengane wabe esecela wonke umuntu ukuthi avule amehlo nezindlebe. 
Ngezikhathi zama-23:00 kubo lobo busuku, elinye ilungu lomphakathi lashayela amaphoyisa ucingo liwazisa ukuthi kukhona owesifazene endaweni  yangakubo, ongazange wabonakala ekhulelwe, kepha osenengane encane yomfana.
Amaphoyisa abe eselunandelela ke udaba, nangempela bambhadama lo wesimame nengane. 
Kwabizwa abasebenza esibhedlela, kwahlonzwa ngokushesha ingane, kanjalo nalo wesifazane owayeyithumbe esibhedlela.
Kwatholaka ubufakazi obehlukehlukene  endlini kamsolwa lo, okubalwa kubo nebhengela lepulasitiki eliye lifakwe engalweni yengane.
Waboshwa ke lona wesimame, kanti ingane yabuyiselwa kunina oyizalayo ingenamyocu ngakusasa ekuseni.
Ukwenza kwamalungu omphakathi afaka isandla ekutholakaleni kwengane, kufanele kushayelwe ihlombe, njengalo kwabonisa ukubaluleka kwesiPhoyisa Sasemphakathini. 
Inani lokuphoyisa ngezigaba okwenziwa futhi kugcinwe ngendlela, akufanele kubukelwe phansi.
Qhubekani ngomsebenzi wenu omuhle, Kanana CPF!
Mame Ohloniphekile
Ngingasho ukuthi kwaba yinhlanhla noma ithamsanqa ukuthi ngidlule ngasesiteshini senu samaphoyisa e-Mondeor, ngabe sengizithela ephephabhukwini lenu i-SAPS Jenali. 
Ngiyacabanga likhishwa kanye ngenyanga, kanti ngalithola lingihlaba umxhwele ngempela ngilifunda.
Mina nonkosikazi siqale ibhizinisi Elisha, kanti sifisa ukumema bonke, noma ibaphi abasebenzi bakho uma besendaweni yangakithi, ukuba balunguze bazothola inkomishi yetiye noma ikhofi mahhala, mhlasimbe singabapha nokwekhekhana nje uma kwenzeka.
Ngineqiniso uzokuqonda ukuthi, ukuqala ibhizinisi akulula futhi kudinga kusetshenzwe kakhulu, kudinga nemali.
Noma kunjalo, sisakholwa ukuthi amaphoyisa neminye iminyango yokugcinwa komthetho ibalulekile kubona bonke abahlali baseNingizimu Afrika.
Sininika lokhu okuncane esikhombisa ukubonga kwethu ngako kunina ngokuzinikela kwenu ukuqinisekisa ukuthi thina, zakhamizi, siqhubeka nezimpilo zethu zansuku zonke.
Siyathemba sizobabona abanye benu maduze nje bombutho wenyufomu bezosivakashela esitolo sethu esincinyane ukuze sibazi kangcono.
Siphinde sibonge kini, basebenzi bokugcinwa komthetho eNingizimu Afrika, ngokusebenza kwenu ngokuzikhandla ekugcineni iNingizimu Afrika iphephile.
Izincwadi ezimfisha, eziyiqiniso zingafekselwa kumbe zithunyelwe nge-imeyili kuMhleli.
Kuzohlala kuyilungelo lethu ukuba izincwadi size-edithe kumbe sizifushanise.
<Doc13>
AYIHLOME IHLASELE
Mhla zili-14 Juni 2007, enye yezindaba ezaphuma ephephabhukwini i-SAPS Jenali Onlayini (www.sapsjournalon-line.gov.za) yachaza ukuthi amaphoyisa amabili ayiziphathimandla aseSikhungweni Sokuhlonzwa Kwezimoto sase-Welkom aboshwa kanjani maqondna nenkohlakalo nokukhwabanisa.
Kubikwa ngokuthi laba ababili, okuwunsumpa nomhloli, badayisa izimoto ezazitholwe amaphoyisa, bazakhela inzuzo ngalokho. 
Bobabili abasolwa bavela enkantolo mhla zili-12 Juni kanti icala lahlehliselwa umhla wama-21 Agasti 2007.
Kwadlula usuku nje, ngomhla we-15 Juni 2007, kwavela isihloko sezindaba ku-News24 sithi: "Amaphoyisa amabili aboshelwe ukuphanga ehlomile". 
Kulokhu kwabe kuwu-khonstabuli ongumfundi nomhloli okuthiwa babamba inkunzi isitolo sezimpahla esise-Marble Hall, beba imali, amabhulukwe neyembe.
Kufanele iphele nya inkohlakalo esiphoyiseni. 
Yize iningi lethu lithembekile, lisebenza ngokuzikhandla, kukhona leyo mithonseyana yeziphathimandla ezingakhombisi kuzihlonipha nje, ezingahloniphi kwanyufomu yazo, ngisho uMgomo Wamaphoyisa Wokuziphatha qobo. 
Sekuyisikhathi sokuthi sisikhiphe kube kanye lesi sihlava kwa-SAPS. 
Manje usuyakwazi ukuwembula amaphoyisa akhohlakele ngokusishayela ocingweni olusha lokubika ngobugebengu. 
Ungalidalulana igama lakho!
Uma usola ukuthi omunye wabozakwenu uphezu komqondo ongalungile, noma uma kukhona omunye omaziyo, noma eyisiphathimandla sasemaphoyiseni, owomndeni, enisebenza naye, omakhelwane noma ongabazi, abambandakanyekayo ezenzweni zobunswelaboya, okudinga ukwenze nje ukuthumela i-SMS ku- 32211. 
Lena inombolo entsha kazwelonke yezimo zobugebengu esanda kwethulwa abakwa-Primedia e-Sandton. 
Ungathumela i-SMS ku-32211 (ebiza R1 iyodwa) noma uye ku-www.crime-line.co.za. 
Kukhona abashayi mshini abaqeqeshiwe abalinde wena ukuze ulwazi obanikeza lona baludlulisele ngokuphuthumayo emaphoyiseni bese ehlala izithonto kulona! 
Okuhle kakhulu la ukuthi akekho ozokwazi igama lakho. 
Manjena usunamandla okusiza kuliwe nobugebengu ngaphandle kokuzifaka engozini. 
Umshikashika wakwa-Primedia uthembisa ukungabuyeli kuwe. 
UYusuf Abramjee, Ongumdidiyeli woMkhankaso wakwaPrimedia olwa nobugebengu, wathi: “Asilidingi igama lakho ngaphandle uma ufuna ukusinikeza, kanti asikho nesidingo sezitatimende nokuthi uyovela enkantolo.
Esikudingayo nje ulwazi ngezigebengu ukuze amaphoyisa abhekane nazo."
Lo mkhankaso kazwelonke omusha omelene nobugebengu, obiza izigidigidi zamarandi, wethulwa abakwa-Primedia e-Sandton mhla ziyi-7 Juni 2007. 
Isisekelo sawo uhlelo lomhlaba Abanqandi Bugebengu Bomhlaba 
Abanqandi Bugebengu baqala e-Albuquerque, New Mexico, ngo-September 1976. 
Iwubambiswano lomphakathi, abezindaba, nezinhlaka ezibhekele ukugcinwa komthetho, kanti yakhelwa ukumelana nobugebengu nokugcina izakhamuzi ziphephile.
Namuhla, sekukhona izinhlelo eziyi-1 200 Zabanqandi Bugebengu emhlabeni wonke, zisebenza emazweni angama-20 asebenzisa ulwazi alunikezwa umphakathi ukusiza ukuxazulula ubugebengu. 
NgokweSikhulu Esiphezulu SakwaPrimedia Ltd, uMnu William Kirsh, lezi zinhlelo sezisize ukuba kuboshwe izinswelaboya eziyizi-600 000!
Okufanele kwaziwe yilo lonke iphoyisa ngalo mkhankaso omusha omelene nobugebengu, ukuthi uNgqongqoshe Wezokuphepha Nokuvikeleka, UMnu Charles Nqakula noKhomishane Wamaphoyisa Kuzwelonke, uKhomishane Jackie Selebi bawuseka ngokuphelele. 
UKhomishane Selebi wathembisa ukuthi "njengenhlangano, sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthi lo mkhankaso usebenze." 
Umbuzo lapha uthi, wena-ke uzokwenzani ngaloku? 
Wonke umuntu kudinga aweseke lo mkhankaso, hhayi ngokuphendula isimo osibonayo nje kuphela, kepha ngokwazisa abanye ngawo kabanzi. 
Tshela abantu, ama-CPF, izikole, umndeni nabangane bakho ngalo mbhidlango. 
Yenza isiqiseko sokuthi bayaqonda ukuthi umkhankaso uyathembisa ukuthi ngeke ubuyele kubo, nanokuthi akekho umuntu ozobazi noma sekunjani. 
Ukhumbule futhi ukuthi lona akusiwona ulayini wezimo eziphuthumayo. 
Abantu abaqhubeke babike okuphuthumayo ku-10111 noma esiteshini samaphoyisa esiseduze nabo.
Abezindaba belulele amaphosyisa isandla ngalo mkhankaso omelene nobugebengu. 
Bafuna ukwenza iNingizimu Afrika ibe yindawo enokuphepha okuthe thuthu kuwona wonke umuntu. 
Ngesikhathi sokwethulwa kwalo mkhankaso, u-John Robbie, osakaza uhlelo lwasekuseni kwa- Talk Radio 702, wanikeza amaphoyisa akwaSAPS imishini engama-65 yeThuluis le-ID. 
uMnu Robbie usanda kunxenxa abalaleli ukuthi banikele ukuze kuthengwe le mishini yeThuluis le-ID.  
Odaysia le mishini, u-Face Technology, naye wafaka isandla, wehlisa intengo yemishini, lokho okwenza izinkampani ezazinikele ukuthenga umshini owodwa zikwazi ukuyithenga ibe mibili.
uPrimedia no-John Robbie akusibona bodwa nje kuphela abasiza amaphoyisa ukulwa nobugebengu. 
Funda noma iluphi udaba lwempumelelo ku-SAPS Jenali noma ku-SAPS Jenali Onlayini uzobe usuyathola ukuthi ubugebengu buxazululeka kanjani ngosizo lwamalungu omphakathi.
Njengoba sekuthulwe lo mkhankaso omelene nobugebengu nje, izinswelaboya, nalezo zikhohlakali zamaphoyisa ezimbalwa, kufanele bazi ngokungangabazeki ukuthi ... kukhona okusina kubajeqeza.
<Doc14>
Ukugunyazwa kwabahlinzeki misebenzi yi-ETQA
Imisebenzi kaHulumeni WaseNingizimu Afrika
Ukufaka isicelo ku-ETQA sokugunyazwa ukuthi uhlinzeke umsebezni wokufundisa nokuqeqesha
Incazelo
Imithethonqubo esebenza ezinhlakeni zokuqinisekisa izinga emfundweni nasekuqeqesheni (i-ETQA) ngaphansi kwenhlangano egunyaza okufundelwe eNingizimu Afrika (i-SAQA) idinga ukuthi abahlinzekimisebenzi kwezemfundo nokuqeqesha bafake izicelo ku-ETQA.
Ukuze bagunyazwe, abahlinzeki misebenzi kwezemfundo nokuqeqesha kudingeka barejistwe ngokwemithetho esebenzayo. 
Imithetho ephathelene neMfundo Ephakeme neMfundo Eqhubekayo idinga ukuthi bonke abahlinzeki misebenzi kwezemfundo nokuqeqesha abanikeza izifundo ezigcwele babhaliswe kuMnyango Wezemfundo.
Umhlinzeki kwezemfundo nokuqeqesha kufanele ahlinzeke izigaba zezifundo kanye/noma izitifiketi ezisemkhakheni oyingqikithi yohlaka Lokuqinisekisa Izinga Emfundweni Nasekuqeqesheni (ETQA) kuMkhakha Womgwamanda Wezemfundo nokuqeqesha (SETA) noma iNhlangano Yawongoti.
Okudingakalayo ukuze ugunyazwe:
* Okudingakalayo ukuze ugunyazwe kutholakala kusomqulu osihloko sawo sithi Izinkomba Nemihlahlandlela Yabahlinzeki kanti uyatholakala kuwebhusayithi yakwaSAQA.
* Izinhlelo (kanye/noma ukuhlolwa) okulethwa umhlinzeki kwezemfundo nokuqeqesha zivela njengezigaba zezifundo kanye/noma izitifikethi ezirejistwe kuHlaka Lokufundelwe Lukazwelonke (NQF).
* Umthamo wokufundwayo (isakhiwo sawo, okumumethwe nokusetshenziswa makufundwa) kuhambisana  nezigaba zezifundo kanye/noma izitifikethi.
* Kukhona abasebenzi abaqeqeshwe ngokufanele (abasizi nabahloli ababhalisiwe).
* Abafundi bayafinyelela ekwesekweni nezifundo abazenzayo.
* Izindlela zokuhlola namathuluzi asetshenziswa ukukala izimiso ezidingekayo mayelana nezigaba zezifundo kanye/noma izitifikethi kunobulungiswa, kuyiko futhi kuthembekile, futhi kusetshenziselwa ukulekelela ukufunda.
Izinyathelo okufanele zilandelwe
* Thumela incwadi yokuthi unenhloso yokugunyazelwa ukuba umhlinzeki kwezemfundo nokuqeqesha ku-ETQA efanele.
* Thumela amafomu okuzihlola nawesicelo ku-ETQA.
* Uma singaphumelelanga isicelo sakho sokufuna ukugunyazwa kepha ubona sengathi udaba lwakho alubhekwanga ngobulungiswa, unelungelo lokuludlulisa udaba.
* Uhla lwama-ETQA kanye nemininingwane yokuwathinta luyatholakala kuwebhusayithi yakwa-SAQA.
Kungaze kuphele izinyanga eziyi-6.
Kumahhala.
Amafomu okudinga ukuba uwagcwalise
Amafomu okufaka isicelo sokugunyazwa oMhlinzeki nezinye izincwadi kuyatholakala ku-ETQA eqondene.
Imininingwane yokuthintana – Uyacelwa ukuba ukhetha okukodwa:
