<Doc01>
Inhlangano Yezokuphepha Kwenhlalakahle YaseNingizimu Afrika
UMqulu Wokunakekelwa Kwamakhasimende
Siyakwemukela KuMqulu Wamakhasimende ethu
Sifuna wena njengekhasimende lethu usehlulele ngezinga lesevisi yethu esilibeke kulo mqulu.
Sizokuphatha ngenhlonipho futhi sikunikeze isevisi enhle ehambisana nemigomo yohlelo lwe-BATHO PELE.
Siyazibophezela njengengxenye yomsebenzi wethu ukuthi sikuhlinzeke ngesevisi esezingeni eliphezulu, sikunike ulwazi olushaya khona, izeluleko kanye nosizo kuwo wonke amasevisi ethu.
Inhloso yalo Mqulu
Lo mqulu okutshela mayelana nezinga lesevisi yethu ongalilindela Enhlanganweni Yezokuphepha Kwenhlalakahle YaseNingizimu Afrika (SASSA).  
I-SASSA yingalo kahulumeni elawula ukwethulwa kwezibonelelo zikahulumeni kuzakhamuzi zaseNingizimu Afrika. 
Siyazibophezela 
Ukulawula amasevisi ezinganhle ovikelo lwenhlalakahle ngendlela engabizi nenempumelelo ngokusebenzisa izindlela ezinhle.
Yikuphi ongakulindela kuthina
Ukuthuthukisa nokuvikela isithunzi somuntu, Ubumfihlo, Ubuqotho, Ukungachemi, Ukuvuleleka, Nokulingana.
Ngale Nhlangano Yezokuphepha Kwenhlalakahle YaseNingizimu Afrika, sizokwenza lokhu okulandelayo
Sizokunikeza ulwazi nezeluleko mayelana nazo zonke izibonelelo ongafaka izicelo zazo.
Sizokudlulisela kwezinye izikhungo okungadingeka ukuba uye kuzo mayelana nezidingo zakho.
Sizokusiza ukugcwalisa amafomu ethu nasekufakeni isicelo sesibonelelo.
Sizogcina ulwazi osinikeza lona luyimfihlo.
Sizokwenza ngaso sonke isikhathi ukuthi sinamathele kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, nasemithethweni ebusa ukwethulwa kwamasevisi omphakathi kanye nasemgomweni wokuziphatha mayelana nokwethula amasevisi omphakathi
Sizokusebenzela ngolimi oluthandwa nguwe.
Sizosebenza ngokubambisana nabantu esibasebenzelayo kanye nabanye abanentshisekelo.
Sizokwenza ngokusemandleni ethu ukuqhubeka nokwenza ngcono kwethu ekwethulweni kwamasevisi ukuze sihlangabezane nalokho okulindele  
Ukuxhumana nathi
Uma uxhumana nathi ngokuza kithina, ngocingo, ngokusibhalela incwadi noma i-imeyili kuzokwenzeka lokhu okulandelayo:
I-ejenti yezokuseviswa kwamakhasimende ozobe ubhekane nayo izozazisa kuwe.
Mayelana nemibuzo ebuzwa ngocingo noma oyibuza ngokuza kuthina, sizoyiphendula ngokushesha.
Uma singakwazi ukuyiphendula ngokushesha sizokunikeza izizathu bese sazisa ikilayenti ukuthi iyilindele nini impendulo.
Sizokunikeza inombolo yeriferensi ukuze ukwazi ukulandelela umbuzo wakho
Sizokwazisa mayelana nanoma yikuphi ukuxhumana nathi okwenzile bese sibhekana nalokho zingakapheli izinsuku eziyisi-7 phakathi nesonto.
Uma sehluleka ukukuphendula ngokuphelele zingakapheli izinsuku eziyisi-7 phakathi nesonto, sizokutshela isizathu salokho bese sikutshela ukuthi uyilindele nini impendulo.
Sizozama ukuxazulula ukukhononda kwakho zingakapheli izinsuku ezingama-21.
Uma usishayela ucingo, sihlose ukuphendula ucingo lwakho ngokushesha sisebenzise noma yiluphi ulimi olusemthethweni oluthandayo.
Sizoxhumana nawe ngokubhalwe phansi mayelana nazo zonke izinqumo ezithathiwe mayelana nesibonelelo sakho
Kumahhovisi ethu e-SASSA
Uma ufika kwelinye lamahhovisi ethu, abasebenzi basedeskhini losizo bazokusiza ngokushesha.
Wonke amahhovisi ethu asebenza kusukela ngehora lesi-08h00 kufikela seli-16h30, kusukela ngoMsombuluko kufikela ngoLwesine bese kuthi ngoLwesihlanu avulwe kusukela ngehora lesi-08h00 kufikela kwele-16h00.
Emahhovisini ethu kanye nalapho kukhokhelwa khona uzothola lokhu okulandelayo:
Ubumfihlo
Izindawo zokulinda ezinethezekile
Izindlu zangasese
Ukusizwa ngokwezokwelapha uma saze ngaphambi kwesikhathi mayelana nalesi sidingo
Sizoza kuwe uma wena ungakwazi ukuza emahhovisini ethu ngenxa yokugula.
Ungasishayela ucingo thina sizobe sesihlela ukukuvakashela ekhaya
Ukubhekana nesicelo sakho sesibonelelo
Isicelo sakho sesibonelelo sizoqala ukubhekwa ngalolo suku esithunyelwe ngalo.
Kudingeka ukuba senze isiqiniseko sokuthi unelungelo lezomthetho lokuthola isibonelelo. 
Sizinqumela isikhathi sokubhekana nesicelo sakho bese sikhokha isibonelelo sakho zingakapheli izinsuku ezingama-90.
Sizokweluleka mayelana nelungelo lakho lokufaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo sokubekelwa eceleni, sokumisa kanye nesokukhansela
Ukuthathwa kwezinqumo.
Uma sithatha isinqumo mayelana nesicelo sakho sesibonelelo wena ucabange ukuthi isinqumo esingafanele, noma uma uthanda ukuthola olunye ulwazi mayelana nesinqumo, ungenza lokhu okulandelayo:
Ungasicela ukuba sikuchazele ngokuthe xaxa ngesinqumo, thina sizobambisana nawe mayelana nesicelo sakho. 
Uvumelekile ukufaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo sethu zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku olubhalwe encwadini yesinqumo.
Uvumelekile ukufinyelela efayilini lakho mayelana nanoma yiluphi ulwazi okungenzeka oludinge.
Lokho okumele kwenziwe nguwe
Uzosihlinzeka ngalokhu:
Ikheli lakho laseposini kanye nekheli lasekhaya okufanele.
Ushintsho mayelana nezimo ezibhekene nawe njengemali oyitholayo, ikheli, isimo sakho sezokwelashwa, njl.
Ulwazi noma incazelo ethembekile, eyiqiniso nephelele ngaso sonke isikhathi.
Ukuphendula ngesikhathi kuzo zonke izincwadi zethu esikuthumelela zona kubandakanya nezibuyekezo noma nanoma yiluphi ulwazi esilucela kuwe.
Ingabe awuthokozile ngamasevisi ethu?
Uma ungathokozile ngamasevisi ethu ngenxa:
Yokuthi sithathe isikhathi eside kakhulu ekubhekeni isibonelelo sakho kanye/noma inkokhelo yakho awuzange uyithole ngesikhathi.
Ukuziphatha kwesikhulu sethu bekungajabulisi.
Abasebenzi bethu benze iphutha mayelana nesicelo sakho noma bakunikeze iseluleko esingalungile.
Mayelana nalokho esikwenze ngabomu/ngephutha ngasohlangothini lwethu 
sazise ngakho sizolungisa noma yiliphi iphutha esilenzile ngokushesha.
Uma ufuna ukukhalaza, sicela usibhalele noma usishayele ucingo bese ucela ukuba udluliselwe eyunithini yethu yokunakekelwa kwamakhasimende.
Sizoxoxisana nawe mayelana namasevisi ethu
Singathanda ukuzwa imibono yakho mayelana namasevisi ethu.
Sizosebenzisa lolo lwazi osinikeza lona ekwenzeni ngcono amasevisi ethu.
Sicela usithumelele imbuyisombiko  ngokusebenzisa noma yiziphi izindlela kulezi ezilandelayo:
Ngokushayela inombolo engakhokhelwa yesizinda sethu sokushayelwa izingcingo ethi: 0800 601 011 
Gcwalisa ikhadi lokuphawula lamakhasimende elitholakala emahhovisini ethu nasezindaweni zethu zenkokhelo.
Vakashela iwebsaythi yethu ethi: www. sassa.gov.za
Ngokuvakashela enye yezindawo zethu lapho ukwazi ukuxhumana nathi. 
(Isifunda, endaweni, isevisi kanye nezindawo zokwenza inkokhelo)
Thumela izethulo ngokubhalwe phansi kunoma yimaphi amahhovisi ethu.
Imibuzo noma ukuphawula mayelana nalo mqulu
Uma udinga noma yiluphi ulwazi oluthe xaxa mayelana nalo mqulu, woza kwelinye lamahhovisi ethu. 
Ungawuthola lo mqulu ngombhalo weBreyli, ngethephu eqoshiwe nange-CD, uma ucela.
Lo Mqulu uzoqala ukusebenza ngomhla lulu-01/04/2007 futhi uzobuyekezwa njalo ngonyaka ukuze kubhekelelwe ukuphawula kwenu.
<Doc02>
UMnyango Wezezibalo waseNingizimu Afrika – Izindaba
Ngaphakathi koMnyango Wezezibalo: Isidingo sezibalo sizokwenyuka njengoba umbuso wentando yeningi ujula
Le athikhili yashicilelwa okokuqala kuyo i-Business Report yomhla zi-05 kuNcwaba 2004
Ngesonto eledlule ngethamela umhlangano wesifunda webhodi loluleko Lesizinda Soqeqesho Kwezezibalo seMpumalanga Afrika eTanzania, lapho engathola khona ithuba lokwethamela umcimbi wama-39 walesi sizinda waminyaka yonke wokwethulwa kweziqu zemfundo, lapho abasebenzi abahlanu Bezezimali eNingizimu Afrika babebambe iqhaza khona.
Ukuqeqeshwa kwabasebenzi Bezezimali eNingizimu Afrika kungenxa kothando lwenhlangano. 
Emva kokuba ngisandakuqokelwa esikhundleni sikasozibalo jikelele Kwezezimali eNingizimu Afrika ngabambisana noMkhandlu Wezezibalo ekwethulweni uhlelo oluphuthumayo lokucinga lezi zikhungo ezihlinzeka ngoqeqesho mayelana nezifundo zedatha esemthethweni. 
Sahlonza izikhungo ezimbili: isizinda soqeqesho esiseDar es Salaam, eTanzania, Nesikhungo Sezokubala Nokusebenza Kwezomnotho e-Uganda.
Lesi sizinda sasungulwa ngonyaka we-1965 yiKhomishane Yezomnotho ye-UN, neNhlangano Yamasevisi Okwabelana eMpumalanga Afrika kanye Nohlelo Lwezentuthuko Lwe-UN.
Ngonyaka we-1977, uhulumeni waseTanzania wathatha ulawulo lwalesi sizinda, wenyusa inani lamazwe ase-Afrika asizwa yilesi sizinda laba yi-13.
Isikhungo sase-Uganda sasungulwa ngonyaka we-1969, ngaphakathi kohlaka lwezomthetho lwe-Makerere University. 
Inhloso yayo kwakungukuhlinzeka ngoqeqesho lwezinga eliphezulu longoti emkhakheni Wezezibalo Nokusebenza Kwezomnotho.
Eminyakeni emithathu eyedlule, abeStats SA balokhu bethumela abasebenzi babo kulezi zikhungo.
Iqembu lokuqala lethwese iziqu ngonyaka odlule.
Selokhu babuya, bakhombisa ukuthuthuka okukhulu ekwenzeni umsebenzi wabo, nalapho abanye babo sebekhushulelwe ezikhundleni zokuphatha manje.
Noma kunjalo Ezezibalo eNingizimu Afrika zibhekene nezinselelo ezintsha.
Isidingo solwazi lwezezibalo senyuke kakhulu mayelana nokuthathwa kwezinqumo, kuwo wonke amazinga amathathu kahulumeni.
Ikakhulukazi, abantu abaqeqeshelwe ukuqoqwa nokusetshenziswa kolwazi lwezezibalo emazingeni omasipala baya ngokubaluleka. 
Ukuze kuxazululeke lesi sidingo, kuzomele ukuba siqeqeshe abantu okungenani abayizi-2000 ngonyaka.
Isizinda soqeqesho saseTanzania kanye Nesikhungo Sezezibalo Nokusebenza Kwezomnotho e-Uganda ngeke sikwazi ukubhekana nomthwalo ongaka.
Ngesikhathi uNgqongqoshe Wezezimali uTrevor Manuel evula inkomfa yeNhlangano Yezezibalo YaseNingizimu Afrika ngonyaka odlule wacela inselelo amanyuvesi aseNingizimu Afrika ukuba alungise isimo sokwesweleka kwamakhono akhona kwezezibalo ngenhloso yokusiza uhulumeni ekuthatheni izinqumo ezisekelwe olwazini lwezezibalo.
Ezezibalo eNingizimu Afrika seziqale izingxoxo namanyuvesi ngenhloso yokuqalisa ngalolu qeqesho. 
Nakuba kunjalo, ayikho inyuvesi eNingizimu Afrika ehlinzeka ngesifundo sezezibalo ezisemthethweni.
Ezezibalo eNingizimu Afrika zihlela ukusungula isikhungo soqeqesho kwezezibalo esikhathini esizayo, esizohlinzeka ngoqeqesho lwezezibalo ezisemthethweni maqondana nabasebenzi bangaphakathi kanye nabasebenzi beminye iminyango.
Uhlelo lokuhlola lwezezibalo kuzwelonke luzokwenza ukuthi kube nesidingo sokusungula amayunithi ezezibalo eminyangweni kahulumeni ehlukahlukene, okuzokwenza ukuthi isidingo sibe sikhulu sabantu abaqeqeshiwe mayelana namakhono ezezibalo.
Nakuba kunjalo, ukuthuthukiswa kwamakhono emkhakheni wezezibalo kungaphezulu kwesidingo sikahulumeni mayelana nolwazi olushaya khona.
Umkhakha wezezibalo uyingqikithi yombuso wentando yeningi.
U-HG Wells, ekuqaleni konyakakhulu wama-20, wabeka umbono wokuthi esikhathini esizayo kuzoba nesidingo sokuthi izakhamuzi zibe namakhono emkhakheni wezezibalo njengekhono lokufunda nokubhala.
Ezezibalo zomphakathi ziyimpumelelo esandakwenzeka yamasiko ezithuthuke ngenxa yokufika kombuso wentando yeningi. 
Mayelana ne-Afrika, lapho umbuso wentando yeningi uyinto esandakwenzeka, sizobona ukwenyuka kwezinga lokufuneka kwezezibalo zomphakathi njengoba umbuso wentando yeningi uya ngokuya ujula.
Ngumsebenzi wosozibalo ukuvikela imigomo yombuso wentando yeningi yokuvuleleka ekulinganiseni nasekufinyeleleni okusho ukuthi bangabavikeli bokwenza izinto ngobuqotho.
Yikho lokhu okubalulekile emkhankasweni wokwenyuswa kwamazinga amakhono emkhakheni wezezibalo, kanye nasekwakheni izikhungo ezidingeka maqondana nohlelo lokwelulwa okukhulu nokusheshayo kokufundiswa kwezifundo zedatha esemthethweni.    
UPali Lehohla ungusozibalo jikelele nenhloko yeZezibalo eNingizimu Afrika.
Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana neZezibalo eNingizimu Afrika nemisebenzi yayo, vakashela ku: www.statssa.gov.za noma ushaye ucingo kule nombolo: (012) 310-8600
<Doc03>
Izinsuku eziyi-16 Zomzabalazo: ingabe ubuwazi yini?
Kusukela ngonyaka we-1994, uHulumeni usungule umthetho wokulungisa izinto ezimbi ezithinta abantu besifazane nezingane.
UMthetho Wezokuthuthukiswa Kwezokulingana Nokuvinjelwa Ukucwasa Okungachemile, ka-2000 washaywa ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uyasizakala ngamalungelo akuMthethosisekelo. 
Lo Mthetho uqinisekisa ukuthi abantu besifazane basizakale ngokulinganayo mayelana namalungelo nenkululeko ngenhloso yokulungisa izinto ezimbi ebezenzeka esikhathini edlule.
UMthetho Wezokulingana Emsebenzini, ka-1998 uqinisekisa ukuthi ukucwaswa emsebenzini, emsebenzini owenzayo kanye nomholo ezindaweni zomsebenzi okudalwe yimithetho yobandlululo kuyalawulwa. 
Ugqugquzela ukumeleka ngokungachemile  kwabesifazane kanye nabanye abantu ababebekelwe eceleni esikhathini esidlule kuwo wonke amazinga emkhakheni womphakathi nakulowo ozimele.
UMthetho Wesondlo, ka-1998 uqinisekisa amalungelo engane okuphila impilo esezingeni elifanele elanele ekukhuleni komzimba, kwengqondo, ngokomoya nangokwenhlalakahle. 
Lo Mthetho uqinisekisa ukuthi isondlo siyatholakala kulabo bazali noma abanye abantu okungumsebenzi wabo ukondla ingane ngokwemali.
UMthetho Wodlame Lwasekhaya, ka-1998 wasungulelwa ukuthi labo abayizisulu zodlame bathole ukuvikelwa ngokuphelele odlameni lwasekhaya. 
Labo bantu besifazane abayizisulu zodlame lwasekhaya sebayaluthola usizo lwezomthetho manje oluqinisekisa ukuphepha kwabo. 
UMthetho Wezingane, ka-2005 kanye noMthetho Wezingane Woshicilelo, ka-2007 wasungulelwa  phakathi kwezinye izinto, ukuvikela ingane ukuthi ingahlushwa, ingashiywa inganakwe wumuntu, ingahlukunyezwa noma ingehliswa isithunzi.
UHulumeni usebenzise, weseka izinhlelo eziningi zokungenelela ezivikela isithunzi sabesifazane nezingane.
UMqulu Wamalungelo Ezingane uyabuyekezwa futhi kufakwa nolwazi lwakamuva kuwo njengamanje kubandakanya izinselelo eziqubukayo njengokusetshenziswa kwezingane emifanekisweni yezocansi kanye nokuvezela izingane ezintweni ezinemifanekiso yezocansi.
UHulumeni usephendulile kule nkinga yemishado ephoqelelwa ezinganeni ukuba zishade nabantu abadala kube kuzitshwa ngesiko elibizwa ngokuthi "Ukuthwala". 
UHulumeni uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi amasiko nokunye okwenziwayo kuhambisana noMthethosisekelo kanye nemithetho efanele.
Kusungulwa kabusha amayunithi amaphoyisa akhethekile azobhekana namacala enziwa emakhaya nawezocansi kanye namanye amacala enziwa kubantu besifazane nasezinganeni. 
Lokhu kusungulwa kwamayunithi akhethekile kuzolungiselela futhi kuzohlanganise ubungoti obudingekayo ekwenzeni ngcono ukulawula nokushushisa ngempumelelo mayelana namacala enziwe ebantwini besifazane nezingane.  
Okwamanje kunezizinda zonakekelo eziyi-17 ezibizwa ngokuthiwa ngamaThuthuzela Care Centre ezasungulwa kulo lonke leli lizwe emiphakathini ezibhekene nezigameko eziningi ezimayelana nodlame kwezocansi. 
Lezi Zizinda zihlinzeka ngamasevisi onakekelo lwezempilo kanye nenhlalakahle futhi ziqala nezinqubo ezimayelana nokubika kanye nokushushiswa mayelana namacala esimweni esinesithunzi nesinakekelayo kube kwenziwa ngongoti abakuqeqeshelwe ukwenza lokhu.
Uhlelo Lwesikhwama Sempahla Yobugebengu Eshaqiwe lwalusetshenziselwa ukuxhasa amaphrojekthi ayi-19 okuvivisa labo abayizisulu.
Kwasungulwa Ibhuku Elinohla Lwamasevisi Amayelana Nezisulu Zodlame Nobugebengu eliqukethe amasevisi angaphezulu kwayi-1500 ahlinzekwa nguhulumeni nezinhlangano zomphakathi kuzo zonke izifundazwe.
Leli bhuku livivisa abantu ukuba bakwazi ukufinyelela amasevisi atholakala ezindaweni zabo. 
Kusungulwe izizinda ezinozwelo kuzisulu eziteshini zamaphoyisa ezibhekana nobugebengu lapho ubugebengu benzeka phakathi kwabantu abazanayo noma lapho omunye azi omunye
Kwasungulwa Izinkantolo Ezizinikele Ezibhekele Amacala Ezocansi.
UMthetho Wodlame Lwasekhaya ubhekele ukusungulwa kwamakhaya abahlukumezekile. 
Njengamanje kunamakhaya abahlukumezekile angama-96 eNingizimu Afrika, ayengama-39 ngonyaka wezi-2001.
Amalungelo oMqulu Wezisulu ayabhekelelwa mayelana nezisulu zobugebengu ezizibandakanya Nohlelo Lwezobulungiswa
Lo Mqulu ubandakanya uhlelo Lwamazinga Abekiwe Mayelana Namasevisi Ahlinzekwa Izisulu Zobugebengu okuqala ngawo uhlaka lwezomthetho ukuze uqinisekise amalungelo azo mayelana namasevisi alindelekile Ohlelweni Lwezobulungiswa.  
Inani lezinsuku elithathwa ekuphothulweni kwecala Enkantolo Yamacala Ezocansi lehla kusukela ezinsukwini ezingama-285 kweziyi-142 ngokusebenzisa uMqulu Wezisulu.
Lo Mqulu uyisidingo mayelana noHulumeni waseNingizimu Afrika ngenhloso yokuhlangabezana nesibophezelo sakhe emazingeni omhlaba ngokuhambisana Nesimemezelo Senhlangano Yezizwe (i-UN) mayelana Nemigomo Eyisisekelo Yezobulungiswa Mayelana Nezisulu Zobugebengu Nokusetshenziswa Kwamandla Budedengu.
Ukusebenzisana emazingeni omhlaba ekulubhekaneni nezinkinga zodlame oluqondiswe kubantu besifazane nezingane.
INingizimu Afrika yathumela umbiko wayo ekomidini le-UN CEDAW mayelana nenqubekelaphambili esiyenziwe mayelana nokusebenza Kwesivumelwane Sokuqeda Ukucwasa okubhekizwe kubantu besifazane.
INingizimu Afrika yabamba Umhlangano Wongqongqoshe Benhlangano Yokuthuthukiswa Komphakathi eNingizimu ne-Afrika (i-SADC) (Ngomhla we-9 kuMfumfu) ngenhloso yokuphothula uhlelo lwezifunda lwezamasu lokuzokwenziwa lonyaka we-10 mayelana nokushushumbiswa kwabantu, ikakhulukazi abesifazane nezingane.
IPhrothokholi ye-SADC mayelana Nobulili Nentuthuko ithi Amazwe Angamalungu e-SADC kumele kuthi kushaya unyaka wezi-2015 abe esewushayile umthetho olwa nokusikiselisa ngokocansi.
INingizimu Afrika yasingatha iNgqungquthela Yesifunda Kwezobulungiswa Mayelana Nobulili (Kusukela ngomhla ziyisi-9 kuze kube mhla ziyi-10 kuLwezi 2009), eyayihlanganise labo abamele amazwe ase-Afrika ngenhloso yokuxoxisana ngalokho okuhlangatshezwane nakho kanye nezibophezelo zokusebenzisa lonke ulwazi nobuchwepheshe obukhona ekuqinisekiseni impumelelo ekuqedeni udlame olumayelana nezocansi nobulili.
Musa ukuziba, yenza okuthile mayelana nokuhlukunyezwa
<Doc04>
Isitatimende Semfihlo
UMnyango Wezezindlu uzibophezele ekuvikeleni imfihlo yakho nasekuthuthukiseni ubuchwepheshe obukunikeza i-inthanethi enamandla amakhulu nephephile. 
Lesi Sitatimende Semfihlo sisebenza kuwebhsaythi yoMnyango Wezezindlu elawula ukuqoqwa kwedatha nokusetshenziswa kwayo. 
Ngokusebenzisa kwakho iwebhsaythi yoMnyango Wezezindlu, uyavumelana nokusetshenziswa kwedatha njengoba kuchaziwe kulesi sitatimende.
Ukuqoqwa Kolwazi Oluqondene Nawe Siqu 
UMnyango Wezezindlu uqoqa ulwazi oluhlonza wena siqu, njengekheli lakho le-imeyili, igama lakho, ikheli lakho lasemsebenzini noma lasekhaya noma inombolo yocingo. 
UMnyango Wezezindlu uqoqa nolwazi lwabantu abangaziwa ukuthi bangobani, olungaxhomekanga kuwe, njengokhodi yakho ye-ZIP, iminyaka yobudala, ubulili, lokho okukhethayo, lokho onentshisekelo kukho kanye nalokho okuthandayo.
Kukhona nolwazi mayelana nehadiwe kanye nesofthiwe yekhompyutha yakho eqoqwa ngokuzenzekela nguMnyango Wezezindlu. 
Lolu lwazi lungabandakanya: ikheli lakho le-IP, uhlobo lwebhrawza yakho, amagama akho edomeyni, izikhathi ongena ngazo kanye namakheli adlulisayo ewebhsaythi. 
Lolu lwazi lusetshenziswa uMnyango Wezezindlu mayelana nokusebenza kwesevisi, nokugcina izinganhle lesevisi linjalo, kanye nokuhlinzeka ezezibalo jikelele mayelana nokusebenzisa iwebhsaythi yoMnyango Wezezindlu.
Sicela wazi ukuthi uma ulwazi oluhlonza wena siqu noma idatha ebucayi eqondene nawe siqu ukudalule kumabhodi emiyalezo yomphakathi oMnyango Wezezindlu, lolu lwazi kungenzeka ukuthi luqoqwe futhi lusetshenziswe ngabanye abantu. 
Yazi lokhu: UMnyango Wezezindlu awukufundi ukuxhumana kwakho kwangasese kwi-inthanethi.
UMnyango Wezezindlu ukugqugquzela ukuthi ubuyekeze izitatimende zemfihlo zamawebhsaythi okhetha ukuwaxhuma kulawo oMnyango Wezezindlu ukuze uqonde indlela lawo mawebhsaythi aqoqa ngayo ulwazi lwakho, indlela alusebenzisa ngayo kanye nendlela abelana ngayo nabanye ngolwazi lwakho.  
UMnyango Wezezindlu angeke ulithwale icala mayelana nezitatimende zemfihlo noma okunye okuqukethwe kumawebhsaythi angaphandle koMnyango Wezezindlu noMnyango Wezezindlu zemindeni.
Ukusetshenziswa kolwazi lwakho siqu
UMnyango Wezezindlu uqoqa futhi usebenzise ulwazi lwakho siqu ekusebenziseni iwebhsaythi yoMnyango Wezezindlu nokukulethela lawo masevisi owacelile.
UMnyango Wezezindlu ubuye usebenzise ulwazi lwakho oluhlonza wena siqu ngenhloso yokukwazisa ngeminye imikhiqizo noma ngamanye amasevisi atholakala kuMnyango Wezezindlu nakulabo abangamalungu awo.
UMnyango Wezezindlu kungenzeka futhi ukuthi uxhumane nawe ngezinhlolovo ngenhloso yokuqhuba ucwaningo maqondana nombono wakho omayelana namasevisi akhona njengamanje noma amasevisi amasha okungenzeka ahlinzekwe.
UMnyango Wezezindlu awuzidayisi noma uqashisane ngezinhla zamakhasimende awo kwabanye abantu.
UMnyango Wezezindlu kungenzeka uxhumane nawe ngaleso nangaleso sikhathi egameni lalabo bangaphandle obambisene nabo emabhizinisini mayelana nokunye okuthile okuhlinzekwayo okungakusiza.
Kulezo zimo ezinjalo, ulwazi lwakho olwehlukile oluhlonza wena siqu (i-imeyili, igama, ikheli, inombolo yocingo) aluzukudluliselwa kwabanye abantu.
Phezu kwalokhu, uMnyango Wezezindlu kungenzeka wabelane ngedatha nalabo abambisene nabo abathembekile ngenhloso yokusisiza ukuthi sikwazi ukwenza uhlaziyo lwezezibalo, ukukuthumelela i-imeyili noma iposi, ukukweseka njengekhasimende, noma ukuhlela mayelana nokudiliva.
Bonke laba bantu abavumelekile ukuba basebenzise ulwazi lwakho siqu ngaphandle kokuhlinzeka uMnyango Wezezindlu ngalawa masevisi, futhi kulindeleke ukuba bagcine ulwazi lwakho luyimfihlo.
UMnyango Wezezindlu awulusebenzisi noma udalule ulwazi lwakho siqu, njengobuzwe, inkolo, noma ubulungu bakho nezinhlangano zepolitiki ngaphandle kwemvume yakho ecacile.
UMnyango Wezezindlu uyawazi amawebhsaythi namakhasi avakashelwa ngamakhasemende ethu angaphakathi koMnyango Wezezindlu, ukuze ukwazi ukuthola ukuthi yimaphi amasevisi athandwa kakhulu.
Le datha isetshenziselwa ukulethela lokho okuqukethwe kanye nokukhangisa okuqondene nalawo makhasimende ukwenza kwawo okukhombisa ukuthi anentshisekelo entweni ethize ngaphakathi koMnyango Wezezindlu.  
Amawebhsaythi oMnyango Wezezindlu uzodalula ulwazi lwakho siqu, ngaphandle kokuthi ukwazise, uma umthetho udinga ukuthi wenze kanjalo noma ngenhloso enhle uma ubona ukuthi lokhu kuyadingeka ukuze: (a) uhambisane nomyalelo womthetho noma uhambisane nenqubo yezomthetho enikezwe uMnyango Wezezindlu noma isayithi yawo; (b) ukuvikela amalungelo noma impahla yoMnyango Wezezindlu; (c) ukuthatha isinyathelo ngaphansi kwezimo ezicindezelayo ngenhloso yokuvikela ezokuphepha maqondana nabasebenzisi ziqu zabo boMnyango Wezezindlu noma ukuvikela ezokuphepha komphakathi.
Ukusetshenziswa kwamaKhukhi
Iwebhsaythi yoMnyango Wezezindlu isebenzisa “amakhukhi” ngenhloso yokuthi ukwazi ukwenza i-inthanethi ikuhlonze lapho uyisebenzisa.
Ikhukhi yitheksfayili ebekwa kwihadiskhi yiseva lepheji lewebhu.
Amakhukhi awakwazi ukuthi angasetshenziselwa ukuqhuba amaphrogramu noma ukuletha amavaryasi kwi-khompyutha yakho.
Amakhukhi abelwa wena ngendlela ehlukile, futhi yiseva yewebhu kuphela ekwazi ukuwafunda kwidomeyni okuyiyo ekunikeze leyo khukhi. 
Enye yezinhloso ezinkulu zamakhukhi ukukuhlinzeka ngophawu oluthile oluwusizo olukongela isikhathi. 
Inhloso yekhukhi ukwazisa iseva yewebhu ukuthi usuphindele ephejini elithile.
Isibonelo, uma wenza amapheji oMnyango Wezezindlu ukuba akwazi ukukuhlonza, noma ubhalisa esayithini noma kumasevisi oMnyango Wezezindlu, ikhukhi isiza uMnyango Wezezindlu ukuthi ukwazi ukubuyisa ulwazi lwakho oluthile ekuvakasheni kwakho okulandela lokho.
Lokhu kwenza ibe lula inqubo yokurekhoda ulwazi lwakho siqu, njengamakheli okuthunyelwa kuwo ama-akhawunti, amakheli okuthunyelwa kuwo impahla, njalo njalo. 
Uma uphindela kuleyo webhsaythi okade ukuyo yoMnyango Wezezindlu, lolo lwazi oluhlinzeke phambilini lungakwazi ukubuya, ngakho-ke ungakwazi ukusebenzisa lezo zimpawu zoMnyango Wezezindlu ozenze zahambisana ngendlela ofuna ngayo.
Uyakwazi ukuwamukela noma ukuwenqaba amakhukhi. 
Iningi lamabhrawza ewebhu lamukela amakhukhi ngokuzenzekela, kodwa uyakwazi ukushintsha isethingi yebhrawza ukuze ukwazi ukuwenqaba uma ufuna kanjalo.
Uma ukhetha ukuwenqaba amakhukhi, kungenzeka ukuthi ungakwazi ukusebenzisa ngokuphelele izimpawu zamasevisi oMnyango Wezezindlu noma zamawebhsaythi owavakashelayo.
Ukuvikeleka Kolwazi lwakho Siqu
UMnyango Wezezindlu uvikela ulwazi lwakho siqu ukuba lutholakale, lusetshenziswe noma ludalulwe ngendlela engagunyaziwe.
UMnyango Wezezindlu uvikela ulwazi oluhlonza wena siqu olufaka kumaseva ekhompyutha endaweni elawulekile nevikelekile ekutholakaleni, ekusetshenzisweni noma ekudalulweni ngendlela engagunyaziwe.
Uma ulwazi oluqondene nawe siqu (njengenombolo yekhadi lekhredithi) ludluliselwa kwamanye amawebhsaythi, luyavikeleka ngokusebenzisa uhlelo lokuguqula ulwazi lube yikhodi, njengephrothokholi yeLeya Yesokhethi Evikelekile (i-SSL).
Ushintsho kulesi Sitatimende
UMnyango Wezezindlu uzofaka ulwazi lwakamuva ngezikhathi ezithile kulesi Sitatimende Semfihlo ngenhloso yokukhombisa imbuyisambiko evela enkampanini nakumakhasimende. 
UMnyango Wezezindlu uyakugqugquzela ukuthi ubuyekeze lesi Sitatimende njalo ngezikhathi ezithile ukuze uyazi indlela uMnyango Wezezindlu evikela ngayo ulwazi lwakho   
Imininingwane yokuxhumana
UMnyango Wezezindlu angakuthokozela ukuphawula kwakho mayelana nalesi Sitatimende Semfihlo.
Uma ukholelwa ekutheni uMnyango Wezezindlu awusilandelanga lesi Sitatimende, sicela uxhumane noMnyango Wezezindlu ku: webmaster@kznhousing.gov.za.
Sizosebenzisa imizamo enengqondo yezohwebo ukuze siyithole futhi siyilungise ngokushesha leyo nkinga.  
<Doc05>
Inkulumo kaNgqongqoshe u-Ebrahim Rasool Emcimbini Wokubungaza Abafundi Bamatikuletsheni
Namhlanje size lapha ukuzohalalisela abafundi bethu bamatikuletsheni abaphumelele ngamazinga aphezulu.
Sithi kubo: Nisebenzile! Siyaziqhenya ngani, isiFundazwe kanye Nezwe kuyaziqhenya ngani, abazali benu bayaziqhenya ngani, kanti okubaluleke kakhulu ukuthi kumele niziqhenye.
Isizathu esenza siziqhenye ngomzuzu ofana nalo, ukwazi ukuthi umzuzu wempumelelo udalwa ukuzinikela nobunzima kwesikhathi eside njengoba inamhlanje lethula umzuzu wokucaca esimweni esingachazwa ngokuthi ngesiphithene.    
Umatikuletsheni uphithene.
Eminyakeni eyishumi edlule kwadingeka ukuthi silukhiphe lonke uhlelo lwezemfundo esimweni sombuso wobandlululo.  
Sesiyiphothulile ingxenye enkulu yempumelelo mayelana nokudidiyela okukhulu esekwenziwe, isilebhasi nokuhlola kokuphela konyaka okufanayo, isibalo esikhulu salabo ababhala baphase umatikuletsheni, ukuqwashisa mayelana nokuthi imfundo isetshenziswa nakwezinye izidingo ezingale komuntu ngamunye – njengoba zonke ezomnotho zincike ohlwini lwamakhono ahlinzekwa wuhlelo lwezemfundo. 
Umatikuletsheni uphithene ngempela.
Abaholi abahlangene lapha e-Leuwenhof akungatshazwa ukuthi bangabaholi abasezingeni eliphezulu esinabo, yilabo asebephumelele futhi bafanele, futhi yilabo abafanele ukuhlonishwa ngakho konke yilesi siFundazwe.   
Nakuba kunjalo, sibuye sicabange nangabantu abangama-71% abangakwazanga ukuqeda imfundo yamazinga aphezulu esikhathi seminyaka engama-20 edlule, okungenani yisigamu sabantu abayi-80 000 abafika ku-Grade 1 nawe eminyakeni eyi-12 edlule abangazange babhale ngisho ukuhlolwa kokuphela konyaka ngonyaka we-2004 ngenxa yokuthi baphuma esikoleni, abaningi babo ababhala bathola izitifikethi zikamatikuletsheni kodwa abakwazi ukungena kwezomnotho noma emazingeni emfundo ephakeme ngenxa yezifundo namagredi abakukhetha.   
Umatikuletsheni uya ngokuphithana ngenxa yokuthi ningamafasitela ethu esitolo.
Isizwe sibona ikusasa lethu ngokusebenza kwenu. 
Baseka ithemba labo elihle kwinhlalakahle yenu. 
Baseka ithemba labo lekusasa ekutshaleni kwethu imali ohlelweni lwezemfundo oluhlanganise lo mzuzu wokubungaza.
Kuthi kuyiqiniso ukuthi ucezu olukhulu lwesabelomali kuzwelonke nasezifundazweni luya kwezemfundo.
Kulo nyaka nje uwodwa, kuye kwadingeka ukuthi sithathe imali kweminye imisebenzi yezifundazwe siyifake kwezemfundo ukuze sigcine othisha abayizi-2000 beqashiwe.
Ukutshala kwethu imali sikuqinisile kulezo zikole ezihlupheka kakhulu ukuze ukwenyuswa kwamanani kwenze ukuthi izinganhle lemfundo libonakale ngokukholelwa kakhulu kwikusasa lazo zonke izikole ezisemalokishini.  
Okubaluleke kakhulu, Ngqongqoshe Dugmore noNsumpa Jikelele Swartz, sinethuba ekusunguleni Ezamasu Kwezabasebenzi ngenhloso yokukhombisa ukuthi konke lokhu kutshalwa kwemali kuyinto efanele.  
Sidinga ukukhiqiza abafundi bakamatikuletsheni abagxile emigomeni yabo yokuziphatha, ekutholeni imiphumela encomekayo, abathembekile kwinhlalakahle yabo nabawusizo ebantwini. 
Yilokhu okusenze ukuba size lapha namhlanje ukuzobungaza.
Nimele lawa mathemba njengoba sakha Ikhaya  Lawo Wonke Umuntu.
Sibungaza impumelelo yenu ngoba nizidelile nasebenza kanzima, abazali benu bazidela banigcina nisesikoleni kanti nomphakathi wenu wazidela watshala ekusaseni lenu.
Abantu abaningi bayakungabaza ukubaluleka kokubungaza imiphumela kamatikuletsheni njengoba iphithene nje kanye nokuthi kungenzeka ukuthi isakhombisa izinsalela zohlelo lobandlululo. 
Yinina kuphela eningakunqoba lokhu ngokuba nizinikele kakhulu ekwakheni Ikhaya Lawo Wonke Umuntu, elingenabandlululo futhi lapho abantu belingana.
Lokhu kumele kubonakale kukho konke enikukhethayo kusukela manje kuya phambili.
Kufikela manje benikhethe kuphela ukuthi nizosebenza kanzima kanjani.
Isitifikethi sikamatikuletsheni senza futhi siniphoqa ukuthi nikwazi ukuthatha izinqumo, nizikhethele nina ukuthi nifuna ukuba ngobani nokuthi nifuna ukuphila impilo enjani.
Siyanihalalisela futhi sinifisela inhlanhla.
<Doc06>
Impokophelo Yokulawulwa Kwephrojekthi Yezokuxhumana KaHulumeni yonyaka we-2010 yile:
ukugqugquzela impumelelo yezinhloso zezamasu okuxhumana mayelana nendebe yokuqala ebizwa i-African FIFA World Cup
ukusebenzisa leli thuba eliyingqayizivele ekukhombiseni nasekuqhubekeni nokwakha ubumbano kanye nokuziqhenya kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika
ukuvusa ugqozi entsheni yethu
ukumaketha leli lizwe emhlabeni wonke
ukusungula isimo sokuxhumana esizosiza ukusebenzisa leli thuba ukusheshisa intuthuko kanye nokwandisa amathuba
ukwenza i-Afrika ibe yimbumba.
sizophumelela kulokhu ngokwenza lokhu okulandelayo: 
Ukuhlinzeka ngabaholi nokuhlanganisa ezokuxhumana zikahulumeni mayelana Nendebe Yomhlaba ye-2010. 
Ukwakha ukubambisana kuzwelonke kwabaxhumanisi bomphakathi nabangasese kuyo yonke imikhakha, kanye nokusungula umbimbi nabaxhumanisi abasezwenikazi nasekufudukeni, ukuze ngokubambisana leli lizwe nezwekazi basebenzise leli thuba lezokuxhumana okungeke kuphele  
Ukuqhuba amaphrojekthi abalulekile ezokuxhumana kuhulumeni mayelana Nendebe Yomhlaba Kanobhutshuzwayo ka-2010.
<Doc07>
Imithetho Yomgwaqo Kuzwelonke Ichitshiyelwe ukuze kwenziwe ngcono ukuphepha emgwaqeni
EPOLOKWANE: Imithetho Yomgwaqo Kuzwelonke isichitshiyelwe.
Lolu chibiyelo lubizwa ngokuthi Uchibiyelo Lweshumi Nesikhombisa futhi luqale ukusebenza ngesikhathi sokushicilelwa kwalo.
UMnyango Wezokuthutha Nemigwaqo wazisa abashayeli ngalezi zichibiyelo:
Zonke izimoto ezibhaliswe emva komhla woku-1 Ncwaba 2010 kumele zibe nezinombolo zemoto ezibanjwe ngamaphophurivithi noma izikulufu.
Uma zingakwazi ukungena emotweni, kumele zifakwe ngebhrakhethi ehambisana ne-SAN 973.
Lesi sichibiyelo sizokwehlisa izinga lobugebengu namacala omgwaqo enziwa ngabashayeli abakhipha izinombolo zemoto kalula ukuze bangatholakali. 
Ngeke kube lula ukukhipha izinombolo zemoto bese uzibuyisela emva kokwenza icala njengoba kuzodingeka ukuba ukhokhe ezinye izindleko ezengeziwe. 
Izinombolo zemoto zenziwe nge-aluminyamu okwenza kube lukhuni ukuthi ishe ingabe isabonakala lapho kwenzeke ingozi khona.
Kusukela ngomhla lu-1 kuNhlolanja 2011 abantu abathole izincwadi zokushayela zalawa makhodi: C, C1, EC noma EC1 ngeke bavunyelwe ukushayela imoto edinga incwadi yokushayela ukhodi B noma ukhodi EB (ngokuya ngamagama akudala umuntu onelayisensi engukhodi 10, 11, 13 noma 14 akavunyelwe ukushayela imoto edinga ukuthi ube nencwadi yokushayela engukhodi 08).
Lokhu kuzosebenza kuphela kubanikazi bamalayisensi amasha.
Inani elikhulu labashayeli abasafunda esikhundleni sokufaka  izicelo zamalayisensi okushayela izimoto ezincane bafaka izicelo zokushayela izimoto ezinkulu ukuze bagweme ukuvivinyelwa ipharaleli phakhingi njengesibonelo. 
Kuthi uma sebethole amalayisensi abo okushayela izimoto ezinkulu, bese beshayela izimoto ezincane abangazijwayele izilawulo zazo zokushayela bese begcina bebandakanyeka ezingozini. 
Futhi kulindeleke ukuthi bonke labo bashayeli abathole amalayisensi okushayela izimoto ezinkulu kumele babe namaPhemithi Ongoti  Okushayela, kodwa izibalo zikhombisa okunye okuhlukile kulokhu. 
Lokhu kufakazela ukuthi abafakizicelo bebezifunela amalayisensi okushayela izimoto ezincane hhayi ezinkulu.
Kungeniswa ama-Directional Stability Control Devices mayelana namabhasi amancane nalawo amakhudlwana ngenqubo yokuthola izitifikethi eziyingxenye yokuhlolelwa ukulungela umgwaqo.  
Lokhu kusebenza kuwo wonke amabhasi amancane namakhudlwana hhayi nje kuphela ezimotweni ezisanda kukhiqizwa. 
Umnikazi obhalisiwe wemoto noma lowo amqokele ukuba ammele kumele athumele ifomu eligcwalisiwe le-DSCD esiteshini sokuhlola. 
IDivaysi Elawula Ukusimama Kwenkombandlela iyidivaysi evikela ukuthi ithayi lingaphumi kwirimi uma kwenzeka liqhuma ngesikhathi imoto ihamba.
Isichibiyelo Somthetho 332 sashicilelwa futhi sinohla lwamathesta omoya owubufakazi obungasetshenziselwa ukuqoqa amasampula omoya owubufakazi kanye nesitifikethi esikhishwe ngumkhiqizi noma umhlinzeki singasetshenziswa njengofakazi emacaleni ngokuveza lokhu. 
Ngalesi sichibiyelo kuhloswe ngaso ukulungisa inkinga eyaphakanyiswa emayelana nokuvunywa kwamabhrethalayza kwezomthetho ngokuya ngesigaba 65(7) soMthetho Wezemigwaqo, 1996 nokuthi ayahambisana yini ne-SABS 1793 nokuthi angasetshenziswa yini ekutholeni inani lotshwala ekuphefumuleni. 
Lokhu okulandelayo kuyizisetshenziswa eziyalelwe:
"Lokhu kufanele kakhulu ngesikhathi samaholide okuphela konyaka njengoba kwengezelela emizamweni yethu yokulwa nokushayela uphuzile emigwaqeni yethu", kusho uNgqongqoshe Wezokuthutha Nemigwaqo uPinky Kekana.
<Doc08>
Amasevisi Ezempilo Okunakekela Abakhulelwe (ngaphambi kokubeletha)
Amantombazane nabesifazane abakhulelwe badluliselwa kumasevisi aphathelene nokukhulelwa nokubeletha noma kumaYunithi Okubelethisa (ama-MOU) asezindaweni zasemadolobheni, nakuleyo mitholampilo yezibhedlela engekho emagcekeni ezibhedlela noma leyo mitholampilo okungeyona eyezibhedlela ezindaweni ezisemakhaya. 
Ama-MOU angamayunithi okubelethisa alawulwa ngababelethisi emphakathini mayelana nonakekelo lwezempilo oluyisisekelo  lweziguli. 
Ukunconywa ukuthi abomama abakhulelwe babhukhe ukuvakasha kwabo kokuqala emtholampilo ngaphambi kokuphela kwamasonto  angama-20 noma ngokushesha emva kwawo.
Umama unikezwa ukuhlolwa kokuqala okuphelele kanye noluleko ngesikhathi efika ekuvakasheni kwakhe kokuqala okumayelana nokunakekelwa kwabakhulelwe, okubuye kwaziwe ngokuthiwa ukuvakasha okubhukhiwe. 
Ukukhulelwa kuqashelwa ngokusebenzisa ukulandelela kokuvakasha okuvamile. 
Impilo kamama nayo iyabhekisiswa. 
Uzokalwa isisindo, athathwe umfutho wegazi ahlolwe nomchamo. 
Uma zingekho izinkinga, kumele abuye ngokulandelela kokuvakasha kwakhe kokuqala emva kwamasonto amabili ukuze athole imiphumela yokuhlolwa okwenziwa ngokuvakasha okubhukhiwe. 
Emva kwalokhu, kumele abuyele emtholampilo njalo emva kwamasonto ayisithupha kufikela emasontweni angama-28, bese kuba amasonto angama-34 emva kwalokho njengokusho komtholampilo/kwabasebenzi e-MOU (izikhathi okuvakasha zingehluka kuleyo nakuleyo ndawo).
Omama abakhulelwe bahlungelwa mayelana nezingozi ezingabakhona empilweni yabo nasempilweni yombungu. 
Amantombazane asekhulakhulile nabesifazane abangaphezu kweminyaka engama-35 yobudala abakhulelwe bathathwa njengezimo ezisezingeni eliphezulu lobungozi. 
Lokhu kusho ukuthi maningi amathuba okuba babe nezinkinga ngesikhathi sokukhulelwa nesokubeletha. 
Abesifazane abakhulelwe nabo bangathathwa njengabasezingeni eliphezulu lobungozi, uma benomfutho wegazi ophezulu, umlando wokuphazamiseka kwamajini, ukukhulelwa kaningi noma uma bake bahlinzwa ngaphambilini njengokubeletha ngokuhlinzwa. 
Omama okutholakala ukuthi basezingeni eliphezulu lobungozi badluliselwa phezulu emgqeni yemitholampilo yonakekelo lweziguli ezingalalisiwe esibhedlela ezibhedlela zamazinga aphakeme noma aphezulu lapho kwenziwa khona olunye ucwaningo nokuhlola kokuhlunga. 
Omama abasezingeni eliphezulu lobungozi bayalwa ukuba bavakashele imitholampilo yonakekelo lwabakhulelwe oluhlinzekwa iziguli ezingalalisiwe ezibhedlela kaningi ngokudingekayo.
Uma uyisivakashi esiqalayo esizindeni sezempilo, uzocelwa ukuba ugcwalise ifomu kuzobe sekuvulwa ifayili. 
Zana nencwadi yakho kamazisi, noma yimuphi umuthi owusebenzisayo kanye nekhadi lasemtholampilo noma lasesibhedlela, uma wabhalisa kulesi sizinda phambilini. 
Ukukhulelwa okusezingeni eliphansi lobungozi kulawulwa kuma-MOU (amayunithi okubelethisa alawulwa ngababelethisi emphakathini mayelana nonakekelo lwezempilo oluyisisekelo  lweziguli) ezindaweni ezisemadolobheni, nasemitholampilo yezibhedlela engekho emagcekeni ezibhedlela nakuleyo mitholampilo okungeyona eyezibhedlela ezindaweni ezisemakhaya.
Ukukhulelwa okusezingeni eliphezulu lobungozi kulawulwa emitholampilo yeziguli ezingalalisiwe esibhedlela yezibhedlela ezisemakhaya nezibhedlela zesifunda nezibhedlela zamazinga aphakeme.
<Doc09>
Uhlelo Lokudla Oludidiyelwe
Uhlelo Lokudla Oludidiyelwe (i-INP) kuhloswe ngalo ukwenza ngcono isimo sokudla sabo bonke abantu abahlala esifundazweni zaseNtshonalanga Kapa.
Lolu hlelo lunezingxenye eziningi.
Kusho ukuthini ukungondleki emzimbeni?
Ukungondleki emzimbeni kuyinkinga enkulu eNingizimu Afrika futhi kungenye yezinto ezidala ukugula nokufa kwezingane.
Izingane zaseNingizimu Afrika ezingakhuli kahle ngenxa yokungondleki ngokulingene eminyakeni yokuqala yempilo zazo zilinganiselwa kuma-30% .
Ukungadli ukudla okwanele, ukugula nengcindezi yengqondo neyenhlalakahle/usizi yizo izinto ezinkulu ezidala ukungondleki kahle emzimbeni.
Ukuhlupheka kanye nokwesweleka kokudla kuyizinto eziyisisekelo ezidala ukungondleki kahle emzimbeni.
I-INP izama ukubhekana nalokhu kubhebhetheka okusabuthule ngezindlela eziningi.
Izinezelelo zokudla zezingane
Izingane ezisezingeni lonakekelo lapho zihlala khona, ezihlolwa, zihlonzwe njengezingondlekile kahle emzimbeni (lokhu kubandakanya izingane nabantu abadala abane-HIV nesifo sofuba) bazonikezwa izinezelelo zokudla kubandakanya impuphu enomsoco owengeziwe neziphuzo ezinikeza amandla.
Izinezelelo zokudla zinikezwa lawo makhasimende ahlonziwe ngokuya ngemigomo.
Osompilo bahlinzeka nangoluleko, ulwazi nezemfundo mayelana nokudla okunomsoco nangezindlela ezinempilo zokupheka ukudla.
Ongoti bohlelo lokudla nabo bahlinzeka umphakathi ngamasevisi akhethekile. 
Ukuncelisa 
Ukusiza ekulwiseni ukungondleki kahle emzimbeni eminyakeni yokuqala yezingane, osompilo bagqugquzela abesifazane ukuthi bancelise izingane zabo kuphela bangaziphi okunye ukudla zize zibe nezinyanga eziyisithupha bese kuthi emva kwalokho baqhubeke bazincelise nangesikhathi sebeqala ukuzipha ukudla okufanele zize zibe neminyaka emibili ubudala.  
Ezinye izindlela zokudlisa izingane kuxoxwa ngazo nomama abanesandulelangculaza.
Isibhedlela se-Vredendal nesibhedlela sokubelethela se-Groote Schuur Ziyizibhedlela Ezizwana Nabantwana kulesi sifundazwe ngokuya ngemigomo Yohlelo Lwezibhedlela Ezizwana Nabantwana.
Ukuqapha ukukhula
Zonke izingane zikalwa njalo ngezikhathi ezithile njengengxenye yohlelo lokuqapha ukukhula, okuyinkomba esheshe ithole ukuthi ingabe ingane iyakhula yini.
Isisindo somzimba sibhalwa ekhadini elibizwa iKhadi leNdlela eya Empilweni.
Kubhekwa lokho okudala ukuncipha emzimbeni njengezifo ezithathelanayo, ukwesweleka kokudla ekhaya kanye nokunganakwa kwezingane.
Izifo ezithathelanayo zibamba iqhaza elikhulu ekungondleki kahle kwengane kanti lezi zifo zelashwa ezingeni lonakekelo lwezempilo oluyisisekelo.
Isifo sohudo sisondelene kakhulu ezimweni ezingahlanzekile (ukuthuthwa kwendle nokuhlinzekwa kwamanzi) nasezimweni lapho umntwana engondlekile kahle, okwenza ukuthi abe sengcupheni yokuba nohudo olubi kabi noluqhubeka izikhathi eside. 
Ukwehliswa kwezinga kokuhlupheka
Imindeni ehluphekayo iyahlonzwa bese idluliselwa kolunye lwezinhlelo zikahulumeni zokwehlisa izinga lokuhlupheka.
Ukuhlinzekwa kokudla okwanele nokunomsoco kubhekwana nakho phakathi kwezigaba zengxenye yomkhakha wezempilo nezinye izingxenye zomunye umkhakha bese kuhlinzekwa ngezinhlelo zokungenelela nokweseka ezifanele.  
Izinezelelo zamavithamini
Ukulawulwa kokusweleka kwamamayikhronyuthrenti kuyingxenye ebalulekile yesevisi yethu.
Lawa mamayikhronyuthrenti ayizinto zemvelo ezinjengamavithamini namaminerali atholakala ngamanani amancane ekudleni futhi abaluleke kakhulu ekugcineni impilo enhle. 
I-INP ihlinzeka ngesinezelelo uVithamini A kulezo zingane ezihlonziwe.
Izingane ezishoda ngoVithamini A ziyehla emzimbeni, zingakhuli kahle futhi zivame ukuba sengcupheni yokuthola izifo nokubulawa yizo.
Ukwesweleka kukaVithamini A kulimaza namehlo futhi ngenye yezinto ezidala ukungaboni ezinganeni.
Izingane ezizalwa zinesisindo esincane zinikezwa amakhephsuli kaVithamini A onikeza amasotsha omzimba amandla futhi usize nasekukhuleni kwengane.
Izinsana ezinezinyanga kusukela kweziyi-6 kuya kweziyi-11 zinikezwa umthamo owodwa kaVithamini A (100 000 IU) ukuze kuvinjelwe ukugula okubi.
Izingane ezinezinyanga eziyi-12 kuya eminyakeni emihlanu ubudala zinikezwa umthamo owodwa ongu-200 000 IU ezinyangeni eziyi-12 bese umthamo ongu-200 000 IU njalo ezinyangeni eziyisithupha zize zibe neminyaka emihlanu yobudala.
Imithamo eyengeziwe kaVithamini A inikezwa lezo zingane ezisesimweni esibi kakhulu sokungondleki, noma eziba nezifo ezithathelanayo njalo njengesifo sohudo, isimungumungwane noma isandulelangculaza.
Ukukhishwa kwezikelemu
Ukwehla emzimbeni ezinganeni kungadalwa ukuba khona kwezikelemu kanti lokhu kungelashwa emtholampilo onemithi yokukhipha izikelemu.
Iseluleko esiphathelene nokudla ezimweni ezithile
Imfundo ephathelene nokudla, ulwazi nokwelulekwa inikezwa kuwo wonke amazinga onakekelo kulabo bantu abake bafa uhlangothi, abanomfutho wegazi ophezulu, abanesifo sikashukela, abane-HIV/AIDS nabanesifo sofuba.
Uhlelo lokudla lezikole zamabanga aphansi
UHlelo Lokudla Lwezikole Zamabanga Aphansi luyatholakala kulezo zikole ezihlonziwe ezinezingane eziphuma emakhaya ahluphekayo.
Lezi zinhlelo njengamanje ziqhutshwa ngokubambisana noMnyango Wezemfundo. 
Uhulumeni wesifundazwe uhlose ukufinyelela izingane eziyi-125 000 ezikoleni zamabanga aphansi ezingama-847 kulesi sifundazwe ngonyaka we-2004 ngalolu hlelo lwakhe lokudla kwezingane ezikoleni.
Ukudla ezikhungwini
I-INP ibambe iqhaza nasekunakekelweni kwamakhasimende ezikhungwini ngezinhlelo zesevisi yokudla mayelana nokuhlinzekwa kokudla okunomsoco. 
Imiyalelo: 
Abavakashela emtholampilo/esibhedlela samazinga aphezulu noma samazinga aphakeme okokuqala bazocelwa ukuba bagcwalise ifomu kuzobe sekuvulwa ifayili yaleso siguli.
Fika uphethe ibhukwana lakho likamazisi.
Kuzodingeka ukuthi uphathe incwadi yakho yokudluliselwa uma uvakashela isibhedlela.
Izibhedlela zizocela isiliphi somholo/ukuhlolwa kwemali engenayo (i-IRP5)
Phatha ikhadi lakho lasesibhedlela uma wawubhaliswe esibhedlela.
<Doc10>
Inkulumo kaSekela Ngqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni, uMnu. Ntopile Kganyago, Ilungu Lephalamende, emcimbini wokwethulwa okokuqala kohlelo lukahulumeni okuwuHlelo Lwenkaba Yedolobhakazi i-Tshwane, eSouth African Reserve Bank Building, eTshwane
Nezinye izikhulu zikahulumeni ezisezikhundleni eziphezulu
Manene namanenekazi ezemithombo yezindaba
Zivakashi ezikhethekile
Isinqumo esathathwa yiKhebhinethi ngonyaka we-1997 sokugqugquzela iminyango kahulumeni kuzwelonke ukuba yenze ukuthi inkaba yedolobhakazi laseTshwane libe yikhaya yayo unomphelo sikhombisa inhlosombono enkulu; ngaleso sikhathi namanje.
Umphumela wuhlelo oluhleleke kahle lokuxhumanisa ukubuyiselwa kwamadolobhakazi ethu esimweni sobusha kanye nomyalelo kahulumeni wokuvuselelwa kwamadolobha kanye nezinye izinhlelo zokuthuthukiswa kwezindawo ezenzelwe ukuthuthukiswa kosiko lokulawulwa kwamadolobha oluhambisana namalungelo abantu   
Namhlanje njengoba kuyithi abokuqala bokuhlasela mayelana nempumelelo yaleyo nhlosombono, sibungaza nohambo lwethu esesiluhambile kufikela manje. 
Izingxoxo ezijulile zivame ukubonakala ngokufanayo nezinkulumo mpendulwano ezijulile mayelana nezidingo nalokho okungakhethwa kukho kuvulelekile eminyangweni kahulumeni mayelana nezindawo zayo akuzange kusiphazamise sonke ezinhlosweni zasekuqaleni, okungukuthuthukisa izindawo zokusebenzela zeminyango kahulumeni ezisenkabeni yedolobhakazi iTshwane.
Ngaso lesi sikhathi sidinga ukubamba iqhaza ekuvuselelweni kwenkaba yedolobhakazi nasekubuyiselweni kwalo esimweni esisha ngesikhathi esisodwa. 
Ezinye izinhloso okungasho ukuthi azibalulekile zibandakanya umkhankaso wokuheha ukutshalwa kwezimali ngumkhakha ozimele, ukwakha isithombe seTshwane njengenhlokodolobha ebalulekile e-Afrika kanye nokuthuthukisa amandla ezomnotho kubantu abamnyama. 
Uhulumeni nguye umnikazi omkhulu womhlaba nezakhiwo futhi ungomunye wabatshalizimali abahamba phambili kwezomnotho kohulumeni basekhaya ikakhulukazi komasipala abakhulu eGoli naseTshwane eGauteng. 
Iminyango idinga izakhiwo ezisetshenziselwa ukwenza umsebenzi kanye namahhovisi ukuze ikwazi ukuhlangabezana nezibophezelo zayo  zokulethela umphakathi amasevisi ukuze kugcwaliseke lokho eyalelwe ukuba ikwenze. 
Kuyaziwa ukuthi iningi lezakhiwo zikahulumeni zisesimweni esikahle kuya kwesingcono esikhundleni sokuba zibe sesimweni esihle kakhulu impela.
Ukuvuselela, ukuthuthukisa kanye nokulungisa yiko okuzohamba phambili ekusebenziseni imali futhi kuzobamba iqhaza engxenyeni ye-BEE yePhrojekthi Yenkaba Yedolobhakazi laseTshwane. 
Njalo ngonyaka uhulumeni kuzwelonke ngoMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni uchitha imali ngokungaphezulu engamarandi angamabhiliyoni amabili (R2 wamabhiliyoni) ekukhokheleni imiqashiso kanye namanye amanani amayelana nokulawulwa kwezakhiwo njengezintela zikamasipala kanye namasevisi, ezweni lonke lapho kusizakala khona umkhakha ozimele nohulumeni basekhaya. 
Ngaso sonke isikhathi kuyaye kube yibo bona labo bantu abanentshisekelo okulindeleke ukuba baqhube le nqubo yokuvuselela inkaba yedolobhakazi iTshwane, okungenzeka ukuthi uHulumeni Wesifundazwe saseGauteng ubambe iqhaza ngamaphrojekthi awo amakhulu ngokwesekwa Yinhlangano Yezokuthuthukiswa Kwezomnotho eGauteng (i-GEDA).
Mayelana Nohlelo Lwenkaba Yedolobhakazi iTshwane, okusukela manje oluzokwaziwa ngokuthiwa "yi-Re Kgabisa Tshwane" olunesihlokwana esithi "Indawo Engcono Yokusebenza", lapha kugxilwe kakhulu kubantu (okungabasebenzi bakahulumeni kanye nomphakathi), njengoba lunjalo kulezo zindawo abahlala kuzo ngesikhathi beletha amasevisi nalapho bethola amasevisi abalulekile kahulumeni.
Ngesikhathi uMongameli uMnu. Thabo Mbeki ememezela Uhlelo Lokuzokwenziwa ngonyaka we-2004, wayalela iminyango Yemisebenzi KaHulumeni kuzwelonke kanye Nowamasevisi KaHulumeni Nokuphathwa Kwawo ukuba kubanjiswane kuqhutshwe le phrojekthi ukuze kuthuthukiswe izimo zezindawo zokusebenzela zeminyango kahulumeni kanye nabasebenzi bakahulumeni. 
Ingqalasizinda kahulumeni iyinjini yokulethwa kwamasevisi kanti izikhulu zikahulumeni zona zingamandla okwenza ukuthi le njini ihambe nokuyenza ukuthi isheshe, isebenze ngekhono futhi nangempumelelo.
Ngesikhathi sesigaba sokuhlolwa kwezidingo mayelana nale phrojekthi, abasebenzi abaningi bakahulumeni abathintwa mayelana nalokhu bagcizelela ukubaluleka yokuba nezindawo zokusebenzela ezinhle ngokuncomekayo eziwusizo ekwenzeni umsebenzi wabo kanti lokhu kubandakanya izindawo ezingaphakathi nezingaphandle yingakho kube nesidingo sokuba kubanjiswane noMasipala iTshwane, njengoba kungumsebenzi wakhe ukulawula iningi lezingxenye zedolobha njengokuhamba kwezimoto, inhlanzeko, ezokuphepha, ezokuvikeleka kanye nokubukeka kahle kwalo.   
Mangithathe leli thuba lokubonga Ezokuphatha Nobuholi baseTshwane mayelana nombono wokweseka le phrojekthi ngokuyenza ukuba ihambelane Nezinhlelo Ezididiyelwe Zentuthuko.  
Isivumelwano esingabophi hlangothi (i-MOU) okuyisivumelwano uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni noMasipala WoMkhandludolobha WaseTshwane abazongena kuso maduzane namhlanje okuzobe kuyisiqinisekiso sokuthi bayavumelana ngezinto eziyisisekelo abazoqala kuzo ukuya phambili.
Kuyisimemezelo senhloso yokusebenzisana mayelana nezinhlelo namaphrojekthi lapho lezi zinhlangano zombili zisizakala ngokulingana. 
Umyalezo wethu kuwe uthi "usuqalile umsebenzi" kanti eminyakeni eyi-10 ezayo sizobona ukufakwa kwemali engaphezulu kwamabhiliyoni ayisishiyagalombili (R8 wamabhiliyoni) nguhulumeni kuzwelonke kanye nomkhakha ozimele ngezabelomali, ngokwenziwa ngcono kwempahla eqashiwe kanye nokusebenzisana komkhakha kahulumeni nomkhakha ozimele.
Mayelana Nohlelo Lokulawula, Ikomidi Lolawulo selisunguliwe phakathi koMnyango Wamasevisi Kahulumeni Nokuphathwa Kwawo, uMnyango, uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni, uMnyango Wezezimali Kuzwelonke kanye noMasipala WoMkhandludolobha WaseTshwane.  
Phakathi kwezinye izinto leli Komidi lizokweseka loli hlelo, lilawule futhi liqaphe ukusebenza kwalo, ukuphothula isu lokuxhaswa ngemali futhi liqinisekise ukusebenza ngokuhlanganyela.    
UMnyango usuqoke uMnu. Dumisani Dlamini njengoSekela Jikelele okunguye ozolawula lonke lolu hlelo. 
Ngiyabonga 
<Doc11>
Somlomo, Ndunankulu Ohloniphekile, Ozakwethu Bekhebhinethi, Amalungu ale Ndlu, izivakashi Ezihloniphekile, izikhulu zomnyango wezezindlu, amalungu omthombo wabezindaba kanye nomphakathi jikelele, siyanemukela.  
Manene namanenekazi la mazwi  ananela ezombusazwe eNingizimu Afrika, ikakhulukazi eNtshonalanga Kapa.
Ngisho noma bangasebenza ngokuzinikela kanjani abantu abanothando lwenqubekela phambili kuleli lizwe, inhloso yabanye abantu wukubukela phansi umsebenzi omuhle osuwenziwe yilo hulumeni onakekelayo esikhathini esincane usehhovisi.
Manene namanenekazi, abantu abaningi bebephikisana ngokuthi kushoni ukuhlaliswa kwabantu, ngicela ningivumele ukuthi ngininike enye incazelo.
Ngokuya ngami ezezindlu akukhona kuphela izindlu.
Kumayelana nabantu uqobo lwabo abazinikeza umsebenzi wokusimamisa indawo yabo nokubumba ikusasa labo.  
Kumayelana nokusungula imiphakathi ephumelelayo kanye nezindawo zokuhlala ezisimeme. 
Kumayelana nokuphumelela sibumbene ngokubambisana phakathi komkhakha ozimele, umkhakha kahulumeni, Izinhlangano Ezingekho Ngaphansi Kukahulumeni, kodwa okubaluleke kakhulu, imiphakathi.  
Ngokuya ngami ukuhlaliswa kwabantu kungachazwa ngokuthi yinqubo ebandakanya ukuhlela nabantu esikhundleni sokuhlelela abantu.
Ezezindlu eNingizimu Afrika akukhona nje ukuthi kungumkhiqizo kuphela, kodwa kuyinqubo eyesekelwe kwimigomo yentando yeningi abantu bakuleli lizwe abayilwele kanzima.
Kuyinqubo elalela abantu, evumela abantu ukuba basebenzise amalungelo abo entando yeningi ekukhetheni uhlobo lwezindlu nezindawo abafuna izindlu zabo zibe kuzo.
Ngakho-ke ayikho into eyehlisa isithunzi somuntu naleyo okungeyona eyentando yeningi encisha abantu amalungelo abo ayisisekelo okuzikhethela.
Ngokwahlukileyo nombuso wobandlululo, mina njengoba ngiyisishoshovu sezenhlalakahle, abantu yibo engigxile kubo mayelana nenhlosombono yami nesu lami lokubalethela izindlu.
Manene namanenekazi, ngiyathokoza ukuthi kule ntambama nginethulela inkulumo yami yesibili yesabelomali njengoba nginguNgqongqoshe Wezezindlu Wesifundazwe.
Ngiyaziqhenya ngokuthi ngethula le nkulumo yesabelomali ngosuku olwandulela ukuphela kweminyaka eyi-10 kwaba khona umbuso wentando yeningi.  
Kunobufakazi obubonakalayo bokuthi uhulumeni oholwa yi-ANC usuphumelele ezintweni eziningi esikhathini esingaphansi kweminyaka eyishumi kuphela sombuso wentando yeningi, lokhu okungakaze kwenzeke nakunoma yiliphi ilizwe emhlabeni wonke.
Sisebenzile. 
Mayelana nalokho okubonakalayo, emathubeni ezezindlu angu-1.4 wamabhiliyoni uhulumeni owafezile, ngineqholo lokumemezela ukuthi isifundazwe sethu eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule sakhe amayunithi ayi-167 000, okuyingxenye yama-11% ekhekhe kuzwelonke.
Ngokubona kwami lokhu kungumsebenzi oncomekayo kunoma yiliphi izinga.
Ngizothanda nokuthi ngikusho ukuthi unyaka odlule ubugcwele izinselelo ezibe nomthelela ongemuhle ekwethulweni kwezindlu ezweni jikelele, kodwa ikakhulukazi la kulesi sifundazwe.
Lezi zinselelo zaba khona ngenxa yokusungulwa kwemithetho emisha yenqubomgomo lapho kwase kudingeka khona ukuthi lowo owakhelwa indlu akhiphe imali engama-R2 479 kanye nokusebenza Kwesikimi Samawaranti  Omkhandlu Kuzwelonke Sokubhaliswa Kwabakhizindlu mayelana nezindlmxhaso zikahulumeni.
Lezi zindlela akuhlosiwe ngazo ukuhambisa kancane ukulethwa kwezindlu kodwa kungukuqinisekisa ukuthi abantu bethu bathola izindlu ezingabizi nezisezingeni elihle.
Inqubo yokufunda kwethu ukufaka ekusebenzeni lezi zinqubomgomo yiko okwenza ukulethwa kwezindlu kuhambe kancane.
Okwenza izinto zaba zimbi kakhulu wukuthi umnyango wami ubusebenza ngaphandle kukaMqondisi Omkhulu izinyanga eziyisishiyagalolunye. 
Lokhu kwayiphazamisa kakhulu inqubekela phambili.
Sengimqokile uMnuz Seth Maqethula, owazalelwa wakhulela lapha eKapa, oseke wasebenza kuhulumeni kazwelonke nakuhulumeni wasekhaya, engithanda ukumhalalisela futhi ngimemukele nakuba sengikwenzile lokhu izikhathi eziningi.
Ngaphandle kwazo zonke lezi zinselelo nezithiyo, ngiyaziqhenya ngokumemezela kubantu bethu ukuthi umnyango wami ukwazile ukusebenzisa ama-R348 wamabhiliyoni okungama-92% esabelo sezezindlu eNtshonalanga Kapa.
Ezinye zezifundazwe azikwazanga ngisho ukusebenzisa ama-52% wesabelozimali sazo.
Lokhu kube nomphumela wokuthi zivunyelwe cishe imixhaso yezindlu eziyi-25 000.
Liyakhula inani lemindeni ehluphekayo ezothola ithuba lokuthokozela izithelo zombuso wethu wentando yeningi.
Manene namanenekazi, lokhu kukhombisa inani elenyuke kakhulu ngamayunithi ayi-3000 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Mayelana nalokhu, ngithanda ukubonga indima ebalulekile edlalwe ngomasipala kulesi sifundazwe.
Ngaphandle kokuzibophezela kwabo nomsebenzi wabo oncomekayo, besingeke sikwazi ukusebenzisa le mali.
Ngithanda nokuhalalisela uMkhandludolobha Kamasipala WaseKapa ngokusebenzisa cishe ama-70% esabelwenizimali sethu.
Nezikhulu zami angizishiyi ngokusebenza kwazo ngokuzikhandla nokubamba iqhaza kwinhlosombono yethu yesizwe esinezindlu. 
Manene namanenekazi, angeke ngizikhohlise ngokuthi ngibeke isithombe esihle kuphela mayelana nenqubo yokulethwa kwezindlu.
Zisekhona izikhala kwinqubo yethu yokulethwa kwezindlu.
Ukufikela manje, kusadingeka ukuthi senze ngcono kulokhu okulandelayo okusasicindezele: 
Iningi lezindlu zethu alikahambisani nenqubomgomo egudluke ukusuka emananini ezindlu kwaya kwizinganhle lezindlu. 
Kusadingeka ukuthi sishintshe inqubo yokulethwa kwezindlu kusukela ekuhlinzekweni kwamakhaya kuye kwinqubo yokusungula yezokuhlaliswa kwabantu okusimeme. 
Kudingeka ukuba sishintshe ukubamba iqhaza kwalabo abalethelwa izindlu ukuba kube khona abakwenzayo esikhundleni sokungenzi lutho kule nqubo.
Kudingeka ukuba sishintshe indlela abantu bethu abacabanga ngayo ukuze bakwazi ukubona izindlu zomxhaso kahulumeni njengempahla enenani kunokuba babone lezi zindlu njengemikhiqizo nje kuphela.
<Doc12>
UHLELO LOKUGADWA KOMPHAKATHI NGAMAPHOYISA NGEZIGABA ZAWO
Wasizakala kakhulu umama nengane ngesikhathi uJames Busakwe onezinsuku eziyi-16 ubudala ebuye ehlangana nomama wakhe omzalayo ngomhla wesi-7 Mbaso 2006.  
Lesi sehlo saqala ngesikhathi unina womntwana uJames efika eKlerksdorp Hospital ngomhla ziyisi-6 kuMbasa ukuzovakashela indodana yakhe, okwaba yingaleso sikhathi amanesi abona khona ukuthi ingane inikezwe omunye umama owayethe nguye umama ozala  ingane ngayizolo.
Masinyane emva kokuthola lokhu, amanesi azisa Isiteshi Samaphoyisa SaseKanana, njengoba lo owesifazane owalanda uJames wanikezela ngekheli laseKanana. 
Lahlolwa lelo kheli kodwa akutholwanga lutho kulo.
Akekho umuntu owayenalelo gama noma incazelo yalo owesifazane owayaziwa kuleli kheli.
Kwathi ebusuku ngomhla ziyisi-6 kuMbaso i-CPF yaseKanana yabamba umhlangano.
Ukhomishane owayeyibamba kuleso siteshi wazisa umhlangano mayelana nengane eyayithunjiwe, wacela wonke umuntu ukuba avule izindlebe namehlo ngaso sonke isikhathi.
Kuthe ngehora le-23:00 ngalobo busuku, oyedwa welungu lomphakathi washayela amaphoyisa wawanika ulwazi olwaluthi kukhona owesifazane ohlala kuleso sigaba, futhi owayengakaze abonakale ukuthi ukhululelwe kodwa usenomntwana womfana. 
Amaphoyisa alandela lolo lwazi ase emthola lo owesifazane nengane.
Abasebenzi basesibhedlela babizwa kwathi ngaphandle kokuchitha isikhathi bayibona le ngane ukuthi kwakuyiyo, kanye nalo owesifazane owayithumba esibhedlela.
Kwatholakala ubufakazi obuhlukahlukene endlini yalo msolwa kubandakanya ibhengela leplastiki lasesibhedlela.
Waboshwa lo owesifazane kwathi ingane eyayingalinyazwanga yabuyiselwa esibhedlela, lapho eyahlanganiswa khona nonina wangempela ekuseni ngosuku olulandelayo. 
Izenzo zamalungu omphakathi ezaholela ekutholakaleni kwengane kumele zishayelwe izandla njengoba zaqhakambisa ukubaluleka kohlelo Lokubambisana Komphakathi Namaphoyisa. 
Ukubaluleka kohlelo Lokubambisana  Komphakathi Namaphoyisa akumele lubhekelwe phansi, uma lusetshenziswa futhi lugcinwa ngendlela efanele.
Qhubekani nomsebenzi omuhle, CPF yaseKanana!
Sawubona Nkosazane
Ngicabanga ukuthi kube yinhlanhla kimi ukuthi ngidlule esiteshini senu samaphoyisa esise-Mondeor, ngakho ngibe senginqwamana neJenali yenu Yezamaphoyisa.
Ngicabanga ukuthi ishicilelwa kanye ngenyanga, kanti kube mnandi kakhulu ukuyifunda.
Mina nonkosikazi wami sisanda kuqala ibhizinisi yethu entsha futhi besingathanda ukunimema nonke, noma abanye babasebenzi benu uma besendaweni yethu, ukuba bangene bazophuza inkomishi yekhofi noma yetiye mahhala kanti futhi ngethemba ukuthi sizokwazi ukubapha ibhesikidi elilodwa noma amabili.
Njengoba ngiqinisekisile ukuthi uzoqonda ukuthi ukuqala ibhizinisi elisha akulula futhi kungumsebenzi omningi futhi kuthatha nemali eningi. 
Noma kunjalo, sisakholelwa ekutheni amaphoyisa kanye nayo yonke eminye iminyango yezokugcinwa komthetho ibalulekile kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika.
Lokhu kuyinto encane esithanda ukunenzela yona ukukhombisa ukubonga ngokuzinikela kwenu ekuqinisekiseni ukuthi thina, izakhamuzi, sikwazi ukuqhubeka ngempilo yethu yansuku zonke.
Simagange ekutholeni impendulo yenu, noma okuzoba ngcono, ukubona abanye babasebenzi benu abazobe begqoke iyunifomu, bengena esitolo sethu esincane nokuthi sazane.
Sidlulisa okunye ukubonga kini nina basebenzi bezokugcinwa komthetho eNingizimu Afrika ngokusebenza ngokuzinikela nangokuzidela ngenhloso yokugcina iNingizimu Afrika iphephile. 
Izincwadi ezimfushane ezibeka ngamaphuzu zingathunyelwa kuMhleli ngefeksi noma nge-imeyili. 
Amalungelo okuhlelemba noma okufinyeza izincwadi agodliwe.
<Doc13>
UMYALELO WOKUTHATHWA KWESINYATHELO
Ngomhla we-14 Nhlangulana 2007, enye yama-athikhili kwiJenali Yamaphoyisa kwi-inthanethi (www.sapsjournalon-line.gov.za) ichaza indlela amaphoyisa amabili ase-Welkom Esigabeni Sokuhlonzwa Kwezimoto aboshwa ngayo mayelana nenkohlakalo nokukhwabaniswa.
Kubikwa ukuthi laba bobabili, okungunsumpa ne-inspektha bathengisa izimoto ezatholwa ngamaphoyisa ukuze kusizakale bona.
Bobabili laba basolwa bavela enkantolo ngomhla ziyi-12 ku-Nhlangulana kodwa icala labo lahleliselwa umhla wama-21 Ncwaba 2007.
Kuthe ngosuku olulandelayo ngomhla ziyi-15 kuNhlangulana 2007, isihloko se-News24 savela kanje: "Amaphoyisa amabili aboshelwe ukuhlasela kuhlonyiwe".  
Kulokhu kwakuqondiswe ephoyiseni elalisafunda kanye no-inspector okubikwa ukuthi babamba inkunzi isitolo sezingubo zokugqoka eMarble Hall, bantshontsha imali, amabhulukwe neyembe.
Inkohlakalo emaphoyiseni kumele iphele nya.
Ngesikhathi iningi lethu siyizakhamuzi ezethembekile, ezisebenza ngokuzikhandla, idlanzana lamaphoyisa likhombisa ukungazihloniphi, ukungahloniphi iyunifomu yabo noma Umgomo Wokuziphatha Kwamaphoyisa.
Sekufike leso sikhathi lapho kumele siqede nya  bonke laba bantu abayizihlava Kwezamaphoyisa. 
Manje usuyakwazi ukusiza ekuchithweni kwamaphoyisa akhohlakele ngokuwadalula ocingweni olusha lokubika ngobugebengu.  
Ukungaziwa!
Uma usola ukuthi omunye wozakwenu kukhona okusolisayo ngaye, noma uma kukhona omaziyo, okungaba ngamaphoyisa, amalungu omndeni, ozakwenu, omakhelwane noma abantu ongabazi, ababandakanyeka noma abahlela ukubandakanyeka ezenzweni zobugebengu, konke okumele ukwenze, ukuthumela i-SMS ku: 32211.
Leyo yinombolo entsha yokubika ubugebengu kuzwelonke esanda kwethulwa ngabePrimedia eSandton.
Ungathumela i-SMS ku-32211 (ngenani le-R1 ngayinye) noma uye kwi-www.crime-line.co.za.
Labo bantu abaqeqeshelwe ukuqoqa idatha balinde ukudlulisa ulwazi emaphoyiseni okuyiwo azothatha isinyathelo ngokushesha!
Okuhle ukuthi uzohlala ungaziwa.
Manje usunamandla okulwa nobugebengu ngaphandle kokuzibeka engozini.
Abakwa-Primedia bethembisa ukuthi ngeke baphindele kuwe.
U-Yusuf Abramjee, Ongumgqugquzeli Wephrojekthi Elwa Nobugebengu yabakwa-Primedia, uthe: "Asilidingi igama noma ikheli lakho ngaphandle uma kunguwena ofuna ukusinikeza lona futhi asikho isidingo sokuthi wenze izitatimende noma uvele ezinkantolo. 
Esikufunayo thina ulwazi mayelana nezigebengu nje kuphela ukuze amaphoyisa akwazi ukuluthathela izinyathelo."
Lo mkhankaso omusha wokulwisa ubugebengu kuzwelonke obize izinkulungwane ngezinkulungwane zamarandi wethulwa abakwa-Primedia eSandton ngomhla wesi-7 Nhlangulana 2007. 
Usekelwe ohlelweni Lwamazwe Ngamazwe Lokuqeda Ubugebengu. 
Uhlelo Lokuqeda Ubugebengu lwaqala e-Albuquerque, eNew Mexico, ngoMandulo 1976.
Luwubambiswano phakathi komphakathi, abomthombo bezindaba nezinhlangano zezokugcinwa komthetho kanti yasungulwa ngenhloso yokulwa nobugebengu nokugcina izakhamuzi ziphephile.
Namhlanje sekunezinhlelo Zokuqeda Ubugebengu eziyi-1 200 emhlabeni wonke ezisebenza emazweni angama-20 asebenzisa ulwazi oluhlinzekwa ngumphakathi ngenhloso yokusiza ekuxazululweni kobugebengu. 
Ngokuya nge-CEO ye-Primedia Ltd, uMnu. William Kirsh, lezi zinhlelo sezisize ekuboshweni kwezigebengu eziyizi-600 000!
Okumele kwaziwe yilelo nalelo phoyisa mayelana nalo mkhankaso omusha wokulwa nobugebengu wukuthi wesekwe ngokuphelele uNgqongqoshe Wezokuphepha Nokuvikela uMnu. Charles Nqakula kanye noKhomishane Wamaphoyisa Kuzwelonke, uKhomishane uJackie Selebi. 
UKhomishane Selebi uthembise ukuthi "njengoba siyinhlangano, sizokwenza konke okusemandleni ethu ukwenza le phrojekthi ukuthi isebenze."
Umbuzo uthi yini ezokwenziwa nguwe mayelana nayo?
Kudingeka ukweseka okuphelele kwawo wonke umuntu, hhayi kuphela ukuthatha isinyathelo ngokushesha uma kwenzeka nithola ulwazi oluvela esizindeni sezingcingo zobugebengu, kodwa kumele nilumakethe lolu hlelo noma kuphi lapho nikwazi ukulumaketha khona.
Yazisani abantu, ama-CPF, izikole, imindeni yenu nabangane mayelana nalolu hlelo.
Qinisekani ukuthi bayaqonda ukuthi kulo mkhankaso umuntu akubuyelwa kuwe, bazohlala bengaziwa noma kwenzekani. 
Futhi khumbulani ukuthi lokhu akusilo ucingo lwezimo eziphuthumayo.
Abantu kumele babike ngezimo eziphuthumayo ku-10111 noma eziteshini zamaphoyisa eziseduzane nabo.
Ngalo mkhankaso olwisa ubugebengu abomthombo wezindaba belulele amaphoyisa isandla.
Bafuna ukusisiza ekwenzeni iNingizimu Afrika ukuba ibe yindawo yethu sonke ephephile. 
Ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo locingo lobugebengu, uJohn Robbie, oqhuba uhlelo lomsakazo lwasekuseni i-Talk Radio 702, unikezele ngemishini ye-65 ID Tool emaphoyiseni.
Umnu. Robbie usandakunxusa esemoyeni abalaleli ukuba banikele ngemali mayelana nale mishini yama-ID Tool. 
Abathengisi bale mishini, abakwaFace Technology, nabo bajoyina ngokwehlisa amanani ale mishini okwenza ukuthi lezo zinkampani ezanikela ngemali elingene ukuthenga umshini owodwa zithenge imishini emibili.
Abakwa-Primedia no-John Robbie akubona bodwa abasiza amaphoyisa ekulwiseni ubugebengu. 
Funda noma yiziphi izindaba Kwijenali Yamaphoyisa noma Kwijenali Yamaphoyisa Ku-Inthanethi uzobona ukuthi amacala axazululwa kanjani ngosizo lwamalungu omphakathi.
Ngokusebenza kwalo mkhankaso wokulwisa ubugebengu, izigebengu, kubandakanya nalabo abambalwa abakhohlakele kwisevisi sebezokwazi kahle hle into eyodwa … izinsuku zabo sezibaliwe. 
<Doc14>
Ukuqinisekiswa komhlinzeki wamasevisi e-ETQA.
Amasevisi Kahulumeni WaseNingizimu Afrika
Ukufaka isicelo ku-ETQA sokuqinisekiswa njengomhlinzeki wezemfundo noqeqesho 
Incazelo 
Imithetho esebenza kuzinhlangano Zokuqinisekiswa Kwezinganhle Lezemfundo Noqeqesho (i-ETQA) ezingaphansi kweGunya Lamakhwalifikheshini eNingizimu Afrika (i-SAQA) idinga ukuthi abahlinzeki bezemfundo bafake izicelo zokuqinisekiswa yi-ETQA.   
Ukuze baqinisekiswe, abahlinzeki bezemfundo badinga ukuba babhaliswe ngokuya ngalowo mthetho osebenzayo.
Imithetho emayelana Nemfundo Yamazinga Aphakeme Nemfundo Eqhubekela Phambili idinga ukuthi bonke abahlinzeki bezemfundo nokuqeqeshwa abahlinzeka ngamakhwalifikheshini agcwele babhalise kuMnyango Wezemfundo.  
Umhlinzeki wezemfundo noqeqesho kumele ahlinzeke ngamayunithi standadi kanye/noma ngamakhwalifikheshini angaphansi kwaleyo ndawo okugxilwe kuyo eyisisekelo senhlangano Eqinisekisa Izinganhle Lezemfundo Noqeqesho (i-ETQA) yeGunya Lesigaba Sezemfundo Noqeqesho (i-SETA) noma yeNhlangano Yongoti.
Izidingo zokuqinisekiswa:
* Izidingo zokuqinisekiswa ziqukethwe kwidokhumenti elinesihloko esithi Imigomo Nezinkombandlela mayelana Nabahlinzeki futhi ziyatholakala kuwebhsaythi ye-SAQA.
* Izinhlelo (kanye/noma ukuhlola) ezihlinzekwa ngumhlinzeki wezemfundo noqeqesho zigcina zingamayunithi standadi kanye/noma amakhwalifikheshini abhaliswe kuHlaka Lwamakhwalifikheshini Kuzwelonke (i-NQF).
* Uhlelo lwezifundo (idizayini, okuqukethwe nezinto zokufunda) luhambisana namastandadi amayunithi kanye/noma amakhwalifikheshini.
* Kunabasebenzi abafanele nabakufundele lokho (amafasilitheytha nama-asesa abhalisiwe).
* Abafundi bayakwazi ukufinyelela kumasevisi enele amayelana nokwesekwa ekufundeni.
* Izindlela zokuhlola kanye namathuluzi asetshenziselwa ukukala izidingo zeyunithi standadi kanye/noma ikhwalifikheshini ukuthi zikahle, sisemthethweni futhi zithembekile, futhi zisetshenziselwa ukwenza ngcono ukufunda.
Izinyathelo okumele zilandelwe
* Thumela incwadi kwi-ETQA efanele eshoyo ukuthi ufisa ukuqinisekiswa njengonhlinzeki wezemfundo noqeqesho.
* Thumela ifomu lokuzihlola nokufaka isicelo kuyo i-ETQA.
* Uma kwenqatshiwe ukuqinisekiswa futhi ubona sengathi inqubo beyichemile, unelungelo lokufaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo.
* Uhla lwama-ETQA kanye nemininingwane yokuxhumana kuyatholakala kuwebhsaythi ye-SAQA.
Kungathatha ukufikela ezinyangeni eziyisi-6.
Le sevisi ayikhokhelwa.
Kunamafomu okumele agcwaliswe
Amafomu okufaka isicelo sokuqinisekiswa njengomhlinzeki kanye namanye amadokhumenti ahambisana nalokhu kungatholakala kuleyo ETQA efanele.
Imininingwane yokuxhumana – Sicela ukhethe okukodwa:
