<Doc01>
INhlangano Yezibonelelo Zomphakathi YaseNingizimu Afrika  
Isivumelwano Sokunakekelwa Kwamakhasimende
Siyakwemukela esiVumelwaneni sethu Samakhasimende
Sifuna ukuba wena, khasimende lethu, usahlulele ngezinga lesevisi esilibonise kulesi sivumelwano. 
Sizokuphatha ngenhlonipho futhi sikunike isevisi enhle ngokuvumelana nezimiso zeBATHO PELE. 
Njengengxenye yesibopho sethu, sizibophezela ukuhlinzeka isevisi yezinga eliphezulu, sikunike ulwazi olunembile, iseluleko nosizo kuwo wonke amasevisi ethu.
Injongo kaSomqulu
Lo Somqulu ukwazisa ngezinga lesevisi ongalindela ukulithola eNhlanganweni Yezibonelelo Zomphakathi YaseNingizimu Afrika (SASSA).  
I-SASSA iwumxhantela wophiko lukahulumeni lokuletha usizo oluqondisa ukuhlinzekwa kwezimali zezibonelelo zomphakathi ezakhamizini zaseNingizimu Afrika.
Sizibophezela
Ukuhlinzeka amasevisi ezibonelelo zomphakathi asezingeni elihle, ukusebenzisa izinqubo ezingcono ngendlela engabizi kakhulu nesebenza kahle.
Yini ongayilindela kithina
Ukukhuthaza nokuvikela isithunzi sobuntu, Ubumfihlo, Ubuqotho, Ukwenza izinto ngokungakhethi, Ukudalula izinto obala noKwenza izinto ngokulunga.
Kuyo yonke iNhlangano Yezibonelelo Zomphakathi YaseNingizimu Afrika,
Sizokunika ulwazi neseluleko ngazo zonke izimali zezibonelelo ongase ufake isicelo ngazo.
Sizokudlulisela kwezinye izinhlangano ezingase zikusize ngezidingo zakho.
Sizokusiza ukuba ubhale/ugcwalise amafomu ethu futhi ufake isicelo semali yesibonelelo.
Sizogcina ulwazi osinika lona luyimfihlo.
Ngaso sonke isikhathi sizosekela uMthethosisekelo weRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, imithetho elawula isevisi yomphakathi kanye nomthetho wokuziphatha wesevisi yomphakathi
Sizokusiza ngolimi olukhethayo.
Sizosebenza ngokubambisana nabantu esibenzela isevisi kanye nabanye ababambiqhaza.
Sizolwela ukuqhubeka sithuthukisa ukuhlinzekwa kwamasevisi ukuze sifeze izinto ozilindele  
Ukusithinta
Noma nini lapho usithinta wena ngokwakho, ngocingo, ngencwadi noma nge-imeyili kuzokwenzeka lokhu okulandelayo:
Isisebenzi esisiza ikhasimende okhuluma naso sizozazisa ukuthi singubani.
Mayelana nemibuzo yocingo nelethwa ngabantu, sizoxazulula imibuzo yakho ngokushesha.
Uma singenakuyixazulula ngokushesha, sizonikeza izizathu,  sitshele ikhasimende ukuthi lingayilindela nini impendulo.
Sizokunika inombolo yereferensi ukuze ukwazi ukulandelela mayelana nombuzo wakho
Sizokwazisa ukuthi sizitholile noma yiziphi izincwadi ozithumele futhi sizosingatha umbuzo phakathi nezinsuku ezingu-7 zomsebenzi. 
Uma singenakukuphendula ngokugcwele phakathi nezinsuku ezingu-7 zomsebenzi, sizokutshela isizathu nokuthi ungayilindela nini impendulo.  
Sizozama ukuxazulula umbuzo wakho phakathi nezinsuku ezingu-21 zomsebenzi.
Uma usishayela ucingo, sinenhloso yokuphendula ucingo lwakho ngokushesha ngangokunokwenzeka ngolimi olusemthethweni olukhethayo.
Sizoxhumana nawe ngencwadi ngazo zonke izinqumo ezimayelana nemali yakho yesibonelelo
Emahhovisi e-SASSA
Lapho ufika kwelinye lamahhovisi ethu, izisebenzi zethu zomnyango onikeza usizo zizokusiza ngokushesha. 
Wonke amahhovisi ethu avulwa kusukela ngo-08h00 ukuya ku-16h30, ngoMsombuluko kuya kuLwesine futhi kusukela ngo-08h00 ukuya ku-16h00 ngoLwesihlanu.  
Emahhovisi ethu nasezindaweni zokukhokhela abantu uzokwazi ukuthola lokhu okulandelayo:
Ukugcinwa kwemfihlo
Izindawo zokulinda ezithokomele
Izindlu zangasese
Usizo lwezokwelapha uma saziswe kusengaphambili ngaleso sidingo
Sizoza kuwe uma ngenxa yezizathu zezokwelapha ungaphumeleli ukuza emahhovisi ethu.  
Ungase usishayele ucingo futhi sizohlela ukukuvakashela ekhaya. 
Ukusingatha isicelo sakho semali yesibonelelo somphakathi
Sizoqala ukusebenza isicelo sakho ngalo lolo suku.
Kudingeka siqiniseke ukuthi unelungelo elingokomthetho lokuthola imali yesibonelelo.
Sizimisela imigomo yokucubungula  izicelo zakho zokukhokhelwa, sikhokhe imali yakho yesibonelelo phakathi nezinsuku ezingama-90.
Sizokwazisa ngelungelo lakho lokudlulisa icala uma kwenzeka bekwenqabela, bekumisa futhi bekhansela izicelo
Ukwenza izinqumo.
Uma senza isinqumo ngesicelo sakho sokuthola imali yesibonelelo futhi ucabanga ukuthi asilungile, noma uma ungathanda ukuthola ulwazi olwengeziwe ngesinqumo, ungenza lokhu okulandelayo:
Cela ukuba sikuchazele isinqumo sikunike imininingwane eyengeziwe; sizobambisana nawe ngesicelo sakho.
Ungasidlulisa isikhalazo sesinqumo sethu phakathi nezinsuku ezingu-30 kuphela kusukela ngosuku lwencwadi ekhuluma ngesinqumo.
Ungalifinyelela ifayela lakho nganoma yiluphi ulwazi ongase uludinge.
Isibopho sakho kuzoba
Ukusinika lokhu:
Ikheli lakho elinembile laseposini nelendawo yokuhlala.
Izinguquko ezimweni zakho siqu njengeholo, ikheli, isimo sempilo njll.
Ulwazi noma incazelo eqotho, eyiqiniso, enembile nephelele ngazo zonke izikhathi.
Ukuba uphendule ngesikhathi kuzo zonke izincwadi esikubhalela zona kuhlanganisa nezibuyekezo noma nanoma yiluphi olunye ulwazi olucelwe kuwe.
Ingabe awujabulile ngamasevisi ethu?
Uma ungajabulile ngesevisi yethu ngenxa yokuthi:
Sithathe isikhathi eside ukusebenza imali yakho yesibonelelo kanye/noma ukuthi awuyitholanga inkokhelo yakho ngesikhathi. 
Isisebenzi sethu siziphathe ngendlela engathandeki.
Izisebenzi zethu zenze iphutha esicelweni sakho noma ukuthi zikunike iseluleko esinganembile.
Ngenxa yanoma yiliphi iphutha elihlosiwe/elingahlosiwe elenziwe yithina 
sitshele ngalo futhi sizolungisa ngokushesha noma yiliphi iphutha esilenzile.   
Uma ufuna ukufaka isikhalo, sicela usibhalele noma usishayele ucingo futhi ucele ukufakwa emnyangweni wethu wokunakekelwa kwamakhasimende.
Sizoxoxa nawe ngamasevisi ethu
Sithanda ukwazi imibono yakho ngamasevisi ethu. 
Sizosebenzisa ulwazi osinika lona ukuthuthukisa amasevisi ethu. 
Sicela usithumelele impendulo nganoma iyiphi kulezi zindlela ezilandelayo ezilapha ngezansi:
Shayela ucingo esikhungweni sethu sezingcingo kuyinombolo yethu yamahhala ethi 0800 601 011
Gcwalisa ikhadi lokuphawula kwamakhasimende elitholakala kokubili emahhovisi ethu nasezindaweni zokukhokhelwa.
 Vakashela iwebhusayithi yethu ethi www. sassa.gov.za
Vakashela noma iyiphi yezindawo zethu zokusithinta. 
(Esigodini, endaweni okuyo, ezindaweni zokusevisa nakwezokukhokhela abantu)
Thumela into ebhalwe phansi kunoma yiliphi lamahhovisi ethu.
Imibuzo noma ukuphawula ngalesi sivumelwano
Uma udinga noma yiluphi ulwazi olwengeziwe ngalo Somqulu, woza kwelinye lamahhovisi ethu.
Lo Somqulu sivumelwano ungawuthola ngombhalo wolimi lwezandla, ngento eqoshiwe elalelwayo nange-CD, uma uwucela.
Lo Somqulu uzoqala ukusebenza ngomhla lu-01/04/2007 futhi uzobuyekezwa minyaka yonke ukuze kufakwe lokho okuphawulayo.
<Doc02>
Izibalo zaseNingizimu Afrika - Izindaba
Ngaphakathi Kwezibalo: Isidingo solwazi lwezibalo sizokwanda njengoba intando yeningi ijula
Lesi sihloko ekuqaleni sasishicilelwe ku-Business Report ngomhla ka-05 kuNcwaba 2004
Ngesonto eledlule ngaya emhlanganweni webhodi elelulekayo lesigodi le-East African Statistical Training Centre eTanzania, lapho ngathola khona ithuba lokuba khona emcimbini wokuthweswa kweziqu wama-39 waminyaka yonke walesi sikhungo, okwakukhona kuwo amalungu amahlanu ezisebenzi  ze-Stats SA ezazibambe iqhaza kuwo.  
IziBalo zase-SA ziyakushisekela ukuba abasebenzi bazo baqeqeshwe. 
Ngokushesha nje ngemva kokuba ngifakwe esikhundleni sokuba ngusozibalo-jikelele, iziBalo zase-SA, zibambisene noMkhandlu Wezibalo, saqalisa ukufunwa okuphuthumayo kwezinhlangano ezinikeza uqeqesho olufanele kwezemininingwane engokomthetho.
Sathola izinhlangano ezimbili: isikhungo sokuqeqesha eDar es Salaam, eTanzania, kanye ne-Institute of Statistics and Applied Economics e-Uganda.
Isikhungo sokuqeqesha samiswa ngo-1965 yiKhomishane Yezomnotho Yase-Afrika ye-UN, iNhlangano Yamasevisi Afanayo EMpumalanga Afrika kanye noHlelo Lwentuthuko Lwe-UN.
Ngo-1977, uhulumeni waseTanzania wawusuthathe ukulawulwa kwalesi sikhungo, futhi wandisa inani lamazwe ase-Afrika esiwasizayo laba ngu-13.
Isikhungo sase-Uganda samiswa ngo-1969, ngaphakathi kohlaka olungokomthetho lweNyuvesi yaseMakerere. 
Injongo yayo emenyezelwe yayiwukuqeqeshwa kwezinga eliphezulu kochwepheshe kwezezibalo nokusebenza kwezomnotho.
Eminyakeni emithathu edlule, iziBalo zase-SA bezilokhu zithumela amalungu abasebenzi bazo kulezi zikhungo. 
Ngonyaka odlule, iqembu lokuqala lathweswa iziqu. 
Selokhu labuya, liye labonisa intuthuko enkulu endleleni elenza ngayo izinto, abanye balo manje sebesezikhundleni zokuphatha.
Nokho, iziBalo zase-SA zibhekene nezinselele ezintsha. 
Isidingo solwazi lwezibalo ukuze kwenziwe izinqumo, kuzo zonke zontathu izigaba zikahulumeni, siye sanda kakhulu. 
Ikakhulukazi, abantu abaqeqeshwe ekuhlanganiseni nasekusebenziseni ulwazi lwezibalo ezingeni likamasipala baya bedingeka kakhulu.
Ukuze sigcwalise lesi sidingo, kuzodingeka siqeqeshe abantu ngezinga okungenani labangu-2 000 ngonyaka. 
Isikhungo sokuqeqesha saseTanzania kanye nesiKhungo Sase-Uganda Sezibalo Nokusebenza Komnotho cishe azinakukwazi ukubhekana nalesi sidingo esikhulu kangaka.
Lapho evula ingqungquthela yeNhlangano Yezibalo Yase-SA ngonyaka odlule, ungqongqoshe wezimali uTrevor Manuel wafakela inselele amanyuvesi aseNingizimu Afrika ukuba axazulule ukusilela kwamakhono ezezibalo atholakalayo ukuze kusizwe uhulumeni ekwenzeni izinqumo ezibonisa ulwazi ngokusekelwe olwazini olunembile lwezibalo.  
IziBalo zase-SA ziqalise izingxoxo namanyuvesi  ngenjongo yokwethula uqeqesho olunjalo. 
Nokho, okwamanje ayikho emanyuvesi aseNingizimu Afrika ehlinzeka izifundo zezibalo ezisemthethweni.
IziBalo zase-SA zihlela ukumisa inhlangano yokuqeqesha kwezezibalo esikhathini esizayo esiseduze, ehlinzeka uqeqesho kwezezibalo ezisemthethweni kwakho kokubili abasebenzi bazo bangaphakathi kanye nabasebenzi abavela kweminye iminyango.
Ukuqalwa kwesimiso sezibalo zikazwelonke kuzoholela ekubeni khona kwesidingo sokumiswa kwezimpiko zezibalo eminyangweni ehlukahlukene kahulumeni, okudala nesidingo esikhulu nakakhulu sabasebenzi bezezibalo abanamakhono.
Nokho, ukuthuthukiswa kwabasebenzi bezibalo kuhlanganiswe kokungaphezu nje kwesidingo sikahulumeni sokuthola ulwazi olunembile.
Izibalo yizo ezilawula intando yeningi. 
U-HG Wells, lapho kuqala ikhulu leminyaka lama-20, waveza umbono wokuthi esikhathini esizayo, izibalo zaziyoba ngezidingeke ezakhamizini njengekhono lokukwazi ukufunda nokubhala.
Izibalo zomphakathi ziyinto eye yafinyelelwa muva nje ngokwesiko-mpilo efike nokungena kwentando yeningi. 
Ngokwesimo sase-Afrika, lapho intando yeningi iyisenzakalo esifike muva nje, sizobona ukwanda okuphawulekayo esidingweni sezibalo zomphakathi njengoba intando yeningi iya ijula.
Ongoti bezezibalo yibo abalawula izimiso zentando yeningi yokudalula izinto obala ezindabeni zokukalwa kwezinto kanye nokutholwa kwazo, futhi ngenxa yalokho nasekubeni nokulandisa.
Yilokho-ke okubalulekile emkhankasweni wokwandisa abasebenzi bezezibalo, kanye nokumisa izinhlangano ezidingekayo zokwanda okukhulukazi nokusheshayo ekufundisweni kolwazi olusemthethweni.
UPali Lehohla ungusozibalo-jikelele kanye nenhloko ye-Stats SA.
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngeziBalo zase-SA kanye nemisebenzi yayo, vakashela ku-www.statssa.gov.za noma ushayele ucingo ku-(012) 310-8600
<Doc03>
Umkhankaso weziNsuku Ezingu-16 Wokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane: ingabe bewazi?
Kusukela ngowe-1994, uHulumeni wamisa imithetho yokulungisa izenzo ezimbi ezithinta abesifazane nezingane.
UMthetho Wokugqugquzela Ukulingana Nokuvinjelwa Kokucwasa Okungalungile, 2000 wagunyazwa ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ufinyelela amalungelo oMthethosisekelo. 
Lo Mthetho uqinisekisa ukuthi abesifazane bawathola ngokulinganayo amalungelo nenkululeko, lapho kulungiswa izenzo ezimbi zesikhathi esidlule.
UMthetho Wokuqasha Ngokulingana, 1998 uqinisekisa ukuthi kuyavinjwa ukucwasa lapho kuqashwa, emsebenzini, kanye nangeholo ngaphakathi kwemakethe yezemisebenzi eyadalwa yimithetho yobandlululo. 
Ikhuthaza ukumelelwa okulinganayo kwabesifazane kanye nabanye abantu ababencishwe amalungelo ngokomlando kuwo wonke amazinga ezinkampani zomphakathi nezizimele.
UMthetho Wesondlo, 1998 uqinisekisa amalungelo engane okuthola izinga lokuphila elanele ukuba ithuthuke ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokomoya nangokwenhlalo.  
Lo Mthetho uqinisekisa ukuthi imali yesondlo yengane iyatholakala kubazali noma abanye abantu abanesibopho sokunakekela ingane ngokwezimali.
UMthetho Wezodlame Lwasekhaya, 1998 washayelwa ukuba labo abayizisulu zodlame bathole ukuvikelwa okukhulu ekuhlukunyezweni kwasekhaya.   
Abesifazane, okuyibona abaxhashazwayo emakhaya, manje sebenodondolo olungokomthetho oluzoqinisekisa ukuthi bayavikelwa.
UMthetho Wezingane, 2005 noMthetho Wesichibiyelo Wezingane, 2007 phakathi kokunye, washayelwa ukuvikela ingane ekuphathweni kabi, ukunganakwa, ukuxhashazwa noma ukuwohlozwa.
Uhulumeni uye wasebenzisa futhi wasekela izinhlelo eziningi ezivikela isithunzi sobuntu sabesifazane nezingane.
Isivumelwano Samalungelo Ezingane siyabuyekelwa futhi siyalungiswa ukuze sihlanganise nezinselele ezintsha njengokusetshenziswa kwezingane ekubeni yizisulu zezithombe ezingcolile nokuchaywa kwezingane ezithombeni ezingcolile. 
Uhulumeni uye wasabela kuyinselele yokushadiswa ngenkani kwezingane kubantu abadala ngezaba zokuthi kuyisiko elibizwa ngokuthi “Ukuthwala”. 
Uhulumeni uzibophezele ukuqinisekisa ukuthi amasiko neminye imikhuba kuyavumelana noMthethosisekelo neminye imithetho ehambisana nalokho.
Kunenqubo esasetshenzwa yokumisa kabusha izigaba ezikhethekile zamaphoyisa ezizobhekana namacala okuhlukunyezwa kwasekhaya nangokocansi kanye nobunye ubugebengu obenziwa kwabesifazane nezingane.   
Ukumiswa kwezigaba ezikhethekile kuzoshukumisa abanamakhono adingekayo ukuze kuthuthukiswe ukuphathwa nokwahlulelwa ngempumelelo kobugebengu obenziwa kwabesifazane nezingane.  
Njengamanje kunezikhungo okuthiwa yiThuthuzela Care Centre ezingu-17 ezimiswe kulo lonke izwe emiphakathini enezigameko eziphezulu zokuhlukumeza ngocansi. 
Lezi ziKhungo zihlinzeka usizo lwezempilo nezenhlalakahle futhi ziqalisa izinqubo zokuba kubikwe ngokuphumelelayo futhi kwahlulelwe amacala esimweni esinesizotha nesinakekelayo okwenziwa ngochwepheshe abakufundele.
Izimali Zokubuyiselwa Kwempahla Yobugebengu zasetshenziselwa ukuxhasa ngezimali amaprojekti angu-19 okusekela abebeyizisulu.
Kwenziwa iNcwadi Yeziqondiso Enamasevisi Ezisulu Zodlame Nobugebengu enamasevisi ahlinzekwa yizinhlangano zikahulumeni nezomphakathi ezingaphezu kuka-1 500 kuzo zonke izifundazwe. 
Le ncwadi enemininingwane yokuthinta lezi zinhlangano ihlomisa abantu ukuba bathole amasevisi atholakala endaweni abakuyo. 
Kuye kwenziwa izikhungo ezinobungane kwabayizisulu eziteshini zamaphoyisa ezisezindaweni ezigcwele ubugebengu.
Kwakhiwe iziNkantolo Ezisebenza Ngamacala Ezocansi Kuphela.
UMthetho Wodlame Lwasekhaya ubhekelele ukuba kwakhiwe izindawo zokukhosela. 
Njengamanje kunezindawo zokukhosela ezingu-96 eNingizimu Afrika, kusukela kwezingu-39 ngo-2001.
Amalungelo esiVumelwano Sezisulu ayasetshenziswa kubantu abayizisulu zobugebengu abathintana neSimiso Sezobulungiswa Samacala Obugebengu 
Lo Somqulu uhlanganisa neMigomo Okungedlulwe Ngaphansi Kwayo Yamasevisi Ezisulu Zobugebengu, eveza uhlaka olungokomthetho lokuba abayizisulu bagcizelele amalungelo abo mayelana namasevisi abawalindele eSimisweni Sezobulungisa Samacala Obugebengu.
Ngokusetshenziswa kwesiVumelwano Sesisulu, inani lezinsuku okwalithatha ukuqeda icala eNkantolo Yamacala Ezocansi lehla lisuka kwezingu-285 ukuya kwezingu-142.
Lesi siVumelwano sibuye sibe yimfuneko yokuba uHulumeni waseNingizimu Afrika ahlangabezane nesibopho sawo samazwe ngamazwe ngokwesiMemezelo Sezimiso Eziyisisekelo Sobulungiswa Kwabayizisulu Zobugebengu Nokusetshenziswa Kabi Kwamandla SeNhlangano Yezizwe (UN).
Ukubambisana kwamazwe ngamazwe ekuxazululeni izinselele zodlame olwenziwa kwabesifazane nezingane.
INingizimu Afrika ithumele umbiko wayo mayelana nenqubekela phambili eyenziwe ngokusetshenziswa kweNgqungquthela Yokuqedwa kanye nokucwaswa kwabesifazane ekomitini le-UN CEDAW. 
INingizimu Afrika yasingatha uMhlangano WoNgqongqoshe be South African Development Community (i-SADC) (ngoMfumfu ziyisi-9) ukuze kuphethwe uhlelo lwamasu lwamazwe lweminyaka eyi-10 lokuthathela izinyathelo ukushushumbiswa kwabantu, ikakhulukazi abesifazane nezingane.
Inqubomgomo ye-SADC Ngezobulili Nentuthuko ithi amaZwe Angamalungu e-SADC ngo-2015 ayobe eseshaye umthetho olwa nokuhlukunyezwa ngokocansi.
INingizimu Afrika yasingatha iNgqungquthela Yesifunda Yezobulili (9–10 uLwezi 2009), eyahlanganisa ndawonye abameleli abavela emazweni ase-Afrika ukuba bazocobelelana ngolwazi kanye nemikhuba emihle yokuqeda udlame lwezocansi nolubhekiswe kwabobulili obuthile.
Ungazibi, thatha isinyathelo ngokumelene nokuxhashazwa
<Doc04>
ISitatimende Sokugcinwa Kwemfihlo  
UMnyango Wezezindlu uzibophezele ukuvikela ukugcinwa kwemfihlo yakho nokusungula ubuchwepheshe obukwenza usebenzise i-inthanethi ngendlela ekahle kakhulu nephephile. 
ISitatimende Sokugcinwa Kwemfihlo sisebenza kuwebhusayithi YoMnyango Wezezindlu futhi silawula ukuqoqwa nokusetshenziswa kolwazi. 
Ngokusebenzisa iwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu, uyavumelana nemikhuba yolwazi echazwe kulesi sitatimende.
Ukuqoqwa Kwemininingwane Yakho Siqu
UMnyango Wezezindlu uqoqa imininingwane echaza umuntu siqu, njengekheli lakho le-imeyili, igama, ikheli lasekhaya noma lasemsebenzini noma inombolo yocingo. 
UMnyango Wezezindlu uqoqa nemininingwane yezokuhlala kwamaqembu abantu ngendlela engasakazi ulwazi, okungenzeki kuwe wedwa nje kuphela, njengekhodi yakho yaseposini, ubudala, ubulili, izinto ozikhethayo, izinto ezikuzuzisayo kanye nozithandayo.
Kukhona nemininingwane emayelana nomshini wakho wekhompyutha nezinhlelo zawo elandwayo ngokuzenzakalelayo nguMnyango Wezezindlu. 
Le mininingwane ingahlanganisa: ikheli le-IP, uhlobo lwesiphequluli, amagama amadomeyni, izikhathi ovula ngazo umshini kanye namakheli amawebhusayithi akhonjwa ngumshini.  
Le mininingwane isetshenziswa nguMnyango Wezezindlu mayelana nokusebenza kwesevisi, ukuze kugcinwe izinga elihle lesevisi, kanye nokuhlinzeka izibalo ezivamile ngokusetshenziswa kwewebhusayithi yoMnyango Wezezindlu.
Sicela ukhumbule ukuthi uma udalula ngokuqondile imininingwane echaza umuntu siqu noma imininingwane ebucayi yomuntu othile ngamabhodi omphakathi ezokuthumela imiyalezo oMnyango Wezezindlu, le mininingwane ingase ithathwe futhi isetshenziswe ngabanye. 
Phawula: UMnyango Wezezindlu awufundi nanoma yimiphi imiyalezo yakho yangasese yokuxhumana nabantu ku-inthanethi.
UMnyango Wezezindlu ukukhuthaza ukuba ubuyekeze izitatimende zokugcinwa kwemfihlo zamawebhusayithi okhetha ukuxhumana nawo ngokusuka eMnyangweni Wezezindlu ukuze uqonde ukuthi lawo mawebhusayithi ayiqoqa, ayisebenzise futhi abelane ngayo kanjani imininingwane yakho. 
UMnyango Wezezindlu awunaso isibopho sokulandisa ngezitatimende zokugcinwa kwemfihlo noma okunye okuqukethwe yilama webhusayithi ngaphandle kweyoMnyango Wezezindlu kanye neqoqo lamawebhusayithi oMnyango Wezezindlu.
Ukusetshenziswa Kwemininingwane Yakho Siqu
UMnyango Wezezindlu uqoqa futhi usebenzise imininingwane yakho siqu ukuze uqhube umsebenzi wewebhusayithi yoMnyango Wezezindlu futhi uhlinzeke amasevisi owacelile. 
UMnyango Wezezindlu ubuye usebenzise imininingwane echaza wena siqu ukuba ukwazise ngeminye imikhiqizo noma amasevisi okutholakala eMnyangweni Wezezindlu nasezinkampanini osebenzisana nazo. 
UMnyango Wezezindlu ungase futhi ukuthinte ngocwaningo lwamasaveyi ukuze wenze ucwaningo ngombono wakho wamasevisi akhona manje noma ngamasevisi amasha angase ahlinzekwe.
UMnyango Wezezindlu awuthengiseli, uqashe noma uqashisele izinhlu zamakhasimende awo kwabanye abantu. 
Ngezikhathi ezithile, uMnyango Wezezindlu, ungase ukuthinte egameni lamabhizinisi osebenzisana nawo mayelana nento ethile ehlinzekwayo ongase uyithande. 
Ezimweni ezinjalo, imininingwane yakho  echaza wena uqobo (i-imeyili, igama, ikheli, inombolo yocingo) ayidluliselwa komunye umuntu.  
Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wezezindlu ungase wabelane ngemininingwane nophathini obethembayo ukuze basisize sihlaziye izinto ngokwezibalo, sikuthumelele i-imeyili noma iposi, sisize amakhasimende, noma sihlele ukudiliva izinto ezithile. 
Bonke abanye abantu abanjalo benqatshelwe ukusebenzisa imininingwane yakho siqu ngaphandle kokuba bahlinzeke la masevisi eMnyangweni Wezezindlu, futhi kufunwa kubo ukuba bagcine imfihlo ngemininingwane yakho.
UMnyango Wezezindlu awusebenzisi noma awudaluli imininingwane yakho ebucayi, njengohlanga, inkolo, noma izinhlangano zepolitiki ozihlanganise nazo, ngaphandle kwemvume yakho ecacile.
UMnyango Wezezindlu ugcina irekhodi lamawebhusayithi namakhasi avakashelwa ngamakhasimende ethu ngaphakathi eMnyangweni Wezezindlu, ukuze uthole ukuthi yimaphi amasevisi oMnyango Wezezindlu athandwa kakhulu. 
Le mininingwane isetshenziselwa ukuhlinzeka izinto ezivunyelaniswe nezifiso zabantu kanye nokukhangisa ngaphakathi eMnyangweni Wezezindlu kumakhasimende izenzo zawo ezibonisa ukuthi zinothando ohlotsheni oluthile lwezinto.
Amawebhusayithi oMnyango Wezezindlu azodalula imininingwane yakho siqu, ngaphandle kokukwazisa, kuphela uma kufunwa ngumthetho ukuba wenze kanjalo noma ngethemba lokuthi isenzo esinjalo siyadingeka ukuze:  (a) uvumelane nezinto ezishintshwa ngumthetho noma wenze ngokuvumelana nenqubo engokomthetho ebekwa phambi koMnyango Wezezindlu noma kuyisayithi; (b) uvikele amalungelo noma impahla yoMnyango Wezezindlu; futhi, (c) uthathe isinyathelo ezimweni eziphuthumayo ukuze uvikele ukuphepha komuntu siqu kwabasebenzisa uMnyango Wezezindlu, noma umphakathi.
Ukusetshenziswa Kwamakuki
Iwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu isebenzisa “amakuki” ukukusiza ukuba ukuhlele izinto ngendlela yakho ku-inthanethi. 
Ikuki iyifayela lombhalo elifakwa yiseva yekhasi lewebhu ediskini eqinile yakho. 
Amakuki awanakusetshenziswa ukuqhuba izinhlelo noma ukufaka izintsholongwane ekhompyutheni yakho. 
Amakuki abelwa wena wedwa, futhi angafundwa kuphela yiseva yewebhu kudomeni ekhiphele wena leyo kuki.
Enye yezinjongo eziyinhloko yamakuki wukuhlinzeka isici esenza izinto zibe lula ukuze kukongele isikhathi. 
Injongo yekuki wukutshela iseva yewebhu ukuthi ubuyele ekhasini elithile. 
Isibonelo, uma uhlela amakhasi oMnyango Wezezindlu ngendlela yakho, noma uma ubhalisa kusayithi noma kumasevisi oMnyango Wezezindlu, ikuki isiza uMnyango Wezezindlu ukuba ukhumbule imininingwane yakho eqondile ngokungena kwakho okulandelayo kuleyo ngosi. 
Lokhu kwenza ibe lula inqubo yokurekhoda imininingwane yakho siqu, njengamakheli okuthumela izitatimende, amakheli okuthumela izinto, nokunye. 
Lapho ubuyela kuyo leyo webhusayithi  yoMnyango Wezezindlu, ulwazi owawulunikezile phambilini lungase lubuyiswe, ukuze usebenzise kalula nje izici zoMnyango Wezezindlu owawuzihlelile.
Unendlela yokuwavuma noma ukuwanqaba amakuki. 
Iziphequluli eziningi zamawebhu ziwavuma ngokuzenzakalelayo amakuki, kodwa ngokuvamile ungashintsha amasethingi esiphequluli sakho ukuze uwanqabe amakuki uma ufuna kanjalo. 
Uma ukhetha ukuwanqaba amakuki, ungase ungakwazi ukuzisebenzisa ngokugcwele izici ezikusizayo zamasevisi oMnyango Wezezindlu noma amawebhusayithi ongena kuwo.
Ukuphepha Kwemininingwane Yakho Siqu
UMnyango Wezezindlu wenza ukuba iphephe imininingwane yakho siqu ekubeni ibonwe, isetshenziswe noma idalulwe ngokungagunyaziwe. 
UMnyango Wezezindlu wenza ukuba iphephe imininingwane echaza umuntu siqu oyinikeza amaseva ekhompyutha endaweni elawulwayo, ephephile, evikelekile ekubeni ibonwe, isetshenziswe noma idalulwe ngokungagunyaziwe. 
Lapho imininingwane yomuntu siqu (njengenombolo yekhredithi khadi) idluliselwa kwamanye amasayithi ewebhu, ivikelwa ngokusetshenziswa kwamakhodi, njengenqubomgomo yeLeya Yesokhethi Evikelekile (SSL). 
Izinguquko kulesi Sitatimende
Ngezikhathi ezithile uMnyango Wezezindlu uzosilungisa lesi Sitatimende Sokugcinwa Kwemfihlo ukuze sibonise imibono yenkampani neyamakhasimende. 
UMnyango Wezezindlu ukukhuthaza ukuba ngezikhathi ezithile ubuyekeze lesi Sitatimende ukuze wazi indlela uMnyango Wezezindlu ovikela ngayo imininingwane yakho.
Imininingwane Yokuthintana
UMnyango Wezezindlu uyakwamukela ukuphawula kwakho mayelana nalesi Sitatimende Sokugcinwa Kwemfihlo. 
Uma ukholwa ukuthi uMnyango Wezezindlu awulandelanga lesi Sitatimende, sicela uthinte uMnyango Wezezindlu ku-webmaster@kznhousing.gov.za.
Sizokwenza okusemandleni ukuba sithole ngokushesha futhi sixazulule inkinga.
<Doc05>
INkulumo kaNdunankulu u-Ebrahim Rasool eMcimbini Womgubho Wabafundi Bakamatikuletsheni
Namuhla size lapha ukuzobongela abafundi bethu abaphezulu bakamatikuletsheni.
Sithi kubo: Nenze kahle! Siyaziqhenya ngani, iSifundazwe neZwe lonke bayaziqhenya ngani, abazali benu bayaziqhenya ngani, futhi okubaluleke nakakhulu kufanele niziqhenye nani ngokwenu.
Isizathu sokuba sikhuthaze ukuziqhenya ngesikhathi esinje, kungenxa yokuqaphela ukuthi isikhathi sokuphumelela sivela esikhathini eside sobunzima nokuzinikela, ukuthi usuku lwanamuhla lumelela isikhathi sokucaca kwezinto esimweni esingase sichazwe ngokuthi siyinkimbinkimbi.
Umatikuletsheni uyinkimbinkimbi.
Eminyakeni engaba yishumi edlule kuye kwadingeka sishintshe sonke isimiso sezemfundo sisisuse ezimisweni zobandlululo. 
Ngezinga elikhulu siye saphumelela ngokuhlanganisa izinto ngokombono obanzi, ukuba nesilabhasi nezivivinyo okukodwa, amanani amakhulu ngokwengeziwe abafundi ababhala nabaphasa umatikuletsheni, kanye nokuqwashiswa kokuthi imfundo ibuye ifeze nezidingo ezingaphezu kwezomuntu ngamunye – ukuthi umnotho uwonke uncike emakhonweni ahlinzekwa yisimiso sezemfundo.  
Umatikuletsheni uyinkimbinkimbi ngempela.
Ngokungangabazeki lapha eLeeuwenhof  kuhlangene abaholi bethu abakahle kakhulu, labo abaye bazuza okungcono kakhulu, nalabo abafanelekela ukuthola yonke imiklomelo engase ifinyelelwe yilesi Sifundazwe.   
Nokho sicabanga ngabangama-71% emphakathini abaneminyaka engaphezu kwengama-20 ubudala abangayiqedanga imfundo yasesekhondari, nabacishe babe yingxenye yabayizi-80 000 abaqala iBanga loku-1 kanye nani eminyakeni eyi-12 edlule kodwa abangasibhalanga ngisho nesivivinyo ngo-2004 ngoba bephumile esikoleni ngokuhamba kwesikhathi, kanye nabaningi ababhala, kodwa ngenxa yezifundo namabanga abawakhetha, banezitifiketi zikamatikuletsheni ezingasebenzi kwezomnotho noma emfundweni ephakeme
Umatikuletsheni uba yinkimbinkimbi nakakhulu ngenxa yokuthi sibheka nina lapho kukhona esikufunayo. 
Isizwe sinquma ikusasa lethu ngendlela nina enenza ngayo. 
Sisekela amathemba aso ngenhlalakahle yenu. 
Sisekela ithemba laso lesikhathi esizayo ngokutshala kwethu izimali esimisweni sezemfundo esihlangana uma sekuyisikhathi esinje sokwenza umgubho.  
Yebo, ingxenye enkulu kunazo zonke yakho kokubili isabelomali sikazwelonke nesezifundazwe iya kwezemfundo. 
Kulo nyaka wodwa, ukuze silondoloze imisebenzi yothisha abangu-2000 kudingeke siphambukise imali ebihloselwe eminye imisebenzi yezifundazwe iye kwezemfundo.  
Kudingeke siqinise ukutshala kwethu izimali ezikoleni ezihlupheke kakhudlwana ukuze izinga elihle lemfundo lizwakale nakumanani andayo ukuze kube nethemba elikhulu ngesikhathi esizayo esikoleni ngasinye saselokishini.
Okubaluleke nakakhulu, Ngqongqoshe Dugmore noMphathi-Jikelele Swartz, sinendawo eyodwa yokukhiqiza iSu Lezabasebenzi ukuze sithethelele lonke lolu tshalomali. 
Kudingeka sikhiqize abafundi bakamatikuletsheni abanezimiso eziqinile, nemiphumela ehamba phambili, umnotho okwazi ukubasebenzisa, abathembekile emphakathini wakubo, futhi abayinzuzo esintwini.
Yilokhu esizele ukuzokugubha lapha namuhla. 
Nimelela la mathemba njengoba sakha iKhaya lethu Sonke. 
Sigubha impumelelo yenu ngoba niye nazinikela futhi nasebenza kanzima, abazali benu bazinikele futhi banigcina nisesikoleni, futhi umphakathi wakini wazinikela futhi wabekelela ikusasa lenu.
Abaningi bayayingabaza inzuzo yokugubha impumelelo kamatikuletsheni uma kubhekwa ukuba kwawo yinkimbinkimbi kanye neqiniso lokuthi kusengenzeka ukuthi usabonisa ukuba nezinsalela zesimiso sobandlululo.  
Yinina kuphela eninganqoba lokhu ngokuzibophezela ngentshisekelo nangokuzimisela ekwakheni iKhaya lethu Sonke, elingacwasi ngokohlanga futhi elinokulingana ngokwengeziwe.
Lokhu kumelwe kubonakale kuzo zonke izinto ozikhethayo kusukela manje ukuya phambili.
Kuze kube manje bekudingeka nje kuphela ukuba ukhethe ukuthi uzosebenza kanzima kangakanani. 
Isitifiketi sakho sikamatikuletsheni sikwenza ukwazi futhi sikuphoqelela ukuba wenze izinqumo nezinto ozikhethayo ngohlobo lomuntu ofuna ukuba yilo kanye nohlobo lokuphila ofuna ukuluphila.
Siyanibongela futhi sinifisela inhlanhla.
<Doc06>
Umgomo Ka-2010 Wokuphathwa Komsebenzi Wezokuxhumana KaHulumeni:
wukusiza ukufinyelelwa kwezinjongo zokuxhumana okunamasu mayelana neNdebe Yomhlaba YeFIFA yokuqala ngqa e-Afrika
ukulisebenzisa ngokugcwele leli thuba eliyingqayizivele ukuba kuzwakaliswe futhi kwakhiwe ngokuqhubekayo ubunye nokuziqhayisa phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika.
ukushukumisa intsha
ukumaketha leli zwe emhlabeni wonke
ukwakha isimo sokuxhumana esisiza ukuba kusetshenziswe leli thuba ukusheshisa intuthuko nokwandisa amathuba
ukwakha imbumba ye-Afrika.
Lokhu kuzofinyelelwa:
ngokuhlinzeka ubuholi nokusebenzisana kwezokuxhumana kuhulumeni mayelana neNdebe Yomhlaba Ka-2010
ngokwakha ukusebenza ngokubambisana kuzwelonke kubaxhumanisi bomphakathi nabazimele kuyo yonke imikhakha, kanye nokudala ubudlelwano nabaxhumanisi kuleli zwekazi nasenzalweni engaphandle, ukuze izwe lethu nezwekazi lilisebenzise ngokunenzuzo leli thuba lezokuxhumana eliyimvelakanye empilweni.
ukuqala imisebenzi  eyinhloko yezokuxhumana kuhulumeni mayelana neNdebe Yebhola Yomhlaba Ka-2010. 
<Doc07>
Imithetho Yokucinana Kwezimoto Emigwaqweni Kazwelonke Ichibiyelwe ukuze kuthuthukiswe ukuphepha emigwaqweni
EPOLOKWANE: Imithetho Kazwelonke Yomthamo Wezimoto Emigwaqweni ichibiyelwe.  
Ibizwa ngokuthi yisiChibiyelo Seshumi Nesikhombisa futhi yaqala ukusebenza lapho ishicilelwa.
UMnyango Wezemigwaqo Nezokuthutha wazisa abashayeli bezimoto ngezichibiyelo okuyilezi:
Izimoto ezintsha ezibhaliswe ngemva komhla ka-01 kuNcwaba 2010 kumelwe zibe namanamba pleti afakelwa  ngezinto zakufasa noma ngezikulufu.   
Uma ingenakufakelwa emotweni kumelwe ifakwe kuyibhrakhethi evumelana ne-SANS 973.  
Lesi sichibiyelo sizonciphisa ubugebengu futhi namacala ezimoto emigwaqweni enziwa ngabashayeli bezimoto abasusa kalula amanamba pleti ukuze bangatholakali kalula. 
Ngeke kube lula ukususa inamba pleti futhi uyibuyisele ngemva kokwenziwa kobugebengu ngoba njalo kuzodala izindleko ezengeziwe. 
Inamba pleti yenziwa ngensimbi okuzokwenza kube nzima ukuba ishe ingabonakali lapho kwenzeka ingozi. 
Kusukela ngomhla ka-1 kuNhlolanja 2011 abantu abathola izincwadi zokushayela zekhodi C, C1, EC noma EC1 ngeke bavunyelwe ukuba bashayele imoto edinga izincwadi zekhodi B noma EB (ngokwemibandela emidala umuntu onezincwadi zekhodi 10, 11, 13 noma 14 ngeke ashayele imoto odinga kuyo izincwadi zekhodi 08).  
Lokhu kuzosebenza kuphela kubantu abasanda kuthola izincwadi zokushayela. 
Ngokwesibonelo kunenani elikhulu labasafundela ukushayela abafaka izicelo zezincwadi zokushayela zamaloli beyeka izimoto ezincane ukuze bagweme ukuhlolwa ekupakeni imoto ngokuyifaka ime zilinganisane.
Iqiniso liwukuthi lapho sebezitholile izincwadi zokushayela amaloli, bashayela izimoto ezincane abangawajwayele amagiya azo okushayela futhi bagcine  sebenze izingozi. 
Kulindeleke nokuthi bonke labo bashayeli abathole izincwadi zokushayela amaloli kufanele babe neziMvume Zokushayela Ngobuchwepheshe, kodwa izibalo zibonisa okwehlukile. 
Lokhu kufakazela ukuthi labo abafaka izicelo babedinga izincwadi zokushayela izimoto ezincane hhayi amaloli.
IziNsiza Zokulawula Imoto Izinze zamatekisi avamile namakhudlwana zethulwa ngenqubo yokunikeza isitifiketi esiyingxenye yokuhlola ukufaneleka kwemoto emgwaqweni.  
Zisebenza kuwo wonke amatekisi avamile namakhudlwana, hhayi nje kuphela ezimotweni ezisanda kwakhiwa.
Umnikazi wemoto obhalisiwe noma okummelele kumelwe athumele ifomu i-DSCD eligcwaliswe kahle esiteshini sokuhlolwa. 
INsiza Yokulawula Imoto Izinze yinto evimbela ithaya lesondo ukuba liphume erimini uma ithaya liqhuma imoto ihamba.
Isichibiyelo kuMthetho 332 sashicilelwa futhi sinohlu lwezinto zokuhlola ubufakazi bokufuthiswa ezingase zisetshenziswe ukuqoqa amasampula obufakazi bokufuthiswa futhi isitifiketi esikhishwa ngumakhi  noma umthengisi singase sisetshenziswe njengobufakazi emacaleni, ngokusiveza nje.  
Lesi sichibiyelo sihlose ukuxazulula inkinga eyaphakanyiswa mayelana nokuba semthethweni kwezinto zokufuthiswa ngokwesigaba 65(7) soMthetho Kazwelonke Womthamo Wezimoto Emgwaqweni, 1996 futhi zivumelana ne-SABS 1793 futhi zingase zisetshenziswe ukuqinisekisa isilinganiso sotshwala emphefumulweni womuntu. 
Lokhu okulandelayo kungamathuluzi agunyaziwe:
“Kunamathuba engeziwe phakathi nale nkathi yamaholide ngoba kunika ugqozi olwengeziwe emizamweni yethu yokulwa nokushayela kuphuziwe emigwaqweni yethu", kusho u-MEC wezeMigwaqo Nezokuthutha uPinky Kekana.
<Doc08>
Amasevisi Ezempilo Angaphambi Kokubeletha
Amantombazane nabesifazane abakhulelwe badluliselwa kumasevisi abakhulelwe noma emaGunjini Ababelethisi (MOUs) ezindaweni zasemadolobheni, nasemitholampilo engomahambanendlwana noma eyakhelwe endaweni eyodwa ezindaweni zasemakhaya.
Ama-MOU yizikhungo zokubelethisa eziqhutshwa ngababelethisi basemphakathini ezigulini ezidinga ukunakekela okuyinhloko kwezempilo. 
Omama abakhulelwe belulekwa ukuba babhukhele ukuza kwabo kokuqala emtholampilo ngaphambi kwamaviki angu-20 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.
Umama wenziwa ukuhlolwa kokuqala okugcwele nokwelulekwa lapho eza ekuvakasheni kokuqala kwangaphambi kokubeletha, okwaziwa nangokuthi ukuvakasha kokubhukha. 
Ukukhulelwa kuqashwa ngokuvakasha kokulandelela okunziwa njalo. 
Impilo kamama nayo iqashwa kakhulu. 
Uzokalwa isisindo, kuthathwe umfutho wakhe wegazi futhi kuhlolwe nomchamo. 
Uma kungekho zinkinga, kufanele abuye ekuvakasheni kwakhe kokuqala kokulandelela ngemva kwamaviki amabili azolanda imiphumela yokuhlolwa okwenziwa ngokuvakasha kokubhukha. 
Ngemva kwalokhu, kumele abuyele emtholampilo njalo emavikini ayisithupha kuze kube ngamaviki angama-28, bese eza emavikini angama-34, ngemva kwalokho njengoba kuboniswe ngabasebenzi basemtholampilo/MOU (ukuthi uza kaningi kangakanani kungase kuhluke kuye ngezindawo).
Omama abakhulelwe bayahlungwa ukuze kubonakale izingozi ezingase zibe khona empilweni yabo nasempilweni yombungu. 
Kokubili amantombazane asemasha nabesifazane abaneminyaka engaphezu kuka-35 ubudala abakhulelwe babhekwa njengabasengozini enkulu. 
Lokhu kusho ukuthi basethubeni elikhulu lokuba nezinkinga ngenkathi yokukhulelwa nokuzala. 
Abesifazane abakhulelwe nabo bangase babhekwe njengabasengozini enkulu uma benomfutho wegazi ophezulu, umlando wezifo zezakhi zofuzo, ukukhulelwa umbungu ongaphezu kowodwa futhi uma beke bahlinzwa phambilini njengokuhlinzwa kokubeletha.  
Omama abatholwa besengozini enkulu badluliselwa phambili emitholampilo yangaphambi kokubeletha yeziguli ezelashelwa ngaphandle zingalali ezibhedlela ezinkudlwana noma zezinga eliphezulu, lapho kwenziwa khona ucwaningo oluqhubekayo nokuhlolwa kokuhlunga. 
Omama abanokukhulelwa okusengozini enkulu belulekwa ukuba baye kaningi ngangokunokwenzeka emitholampilo yangaphambi kokubeletha yeziguli ezingalali.
Uma uyisivakashi esiqalayo ngqa kulesi khungo sezempilo, uzocelwa ukuba ugcwalise ifomu futhi uzovulelwa ifolda. 
Woza nencwadi yakho kamazisi, nanoma yimiphi imithi oyiphuzayo kanye nekhadi lasemtholampilo noma lasesibhedlela, uma wake wabhaliswa phambilini kuleso sikhungo.
Ukukhulelwa okungeyona ingozi kusingathwa kuma-MOU (izindawo zokubeletha eziqhutshwa ngababelethisi emphakathini ezigulini zokunakekelwa kwempilo okuyinhloko) ezindaweni zasemadolobheni, nasemitholampilo engomahambanendlwana kanye neyakhelwe endaweni eyodwa ezindaweni zasemaphandleni.
Ukukhulelwa okusengozini enkulu kusingathwa emitholampilo yeziguli ezingalali ezibhedlela zasemadolobheni nezezigodi zasemaphandleni nasesibhedlela zezinga eliphezulu.
<Doc09>
Uhlelo Oluhlangene Lokudla Okunomsoco
Uhlelo Oluhlangene Lokudla Okunomsoco (INP) luhloselwe ukuthuthukisa isimo sokuthola ukudla okunomsoco sabo bonke abantu abahlala esifundazweni saseWestern Cape. 
Kunezici eziningana kulolu hlelo.
Kuyini ukungondleki?
Ukungondleki kuyinkinga enkulu eNingizimu Afrika futhi kungenye yezinto ezineqhaza elikhulu kunazo zonke lokugula nokufa kwezingane.
Kulinganiselwa ukuthi izingane zaseNingizimu Afrika ezingaba ngu-30% azikhuli kahle ngenxa yokuntuleka kokudla okwanele okunomsoco eminyakeni yokuqala yokuphila kwazo.
Ukudla ukudla okungenele, ukugula nokucindezeleka/ukuhlukumezeka kwengqondo ngenxa yezenhlalo yikho okuyizimbangela ezishesha kakhulu zokungondleki.
Inhlupheko nokuntuleka kwezimali kuyizici eziyisisekelo ezineqhaza ekungondlekini.
I-INP izama ukubhekana nalolu bhubhane oluthulile ngezindlela eziningana.
Izithasiselo zempilo zezingane
Ezingeni lokunakekelwa kwempilo emiphakathini izingane ezihlolwayo futhi kuthiwe azondlekile (lokhu kuhlanganisa izingane nabantu abadala abane-HIV nesifo sofuba) zizonikezwa izithasiselo zempilo eziwukudla  kuhlanganise nempuphu eqiniswe ngezakhi ezithile nesiphuzo esifakwe amandla amakhulu.
Izithasiselo zempilo zinikezwa amakhasimende ahlonzwe ngokuvumelana nezidingo ezithile. 
Abasebenzi bezempilo nabo banikeza izeluleko, ulwazi nemfundo mayelana nokudla okunempilo nezindlela ezinempilo kakhulu zokulungiselela ukudla.
Ongoti bezokudla nabo bahlinzeka amasevisi akhethekile emphakathini.
Ukuncelisa ibele
Ukuze basize ekulweni nokungondleki lapho izingane zisezincane abasebenzi bezempilo bakhuthaza abesifazane ukuba bancelise izingane zabo ibele lona lodwa zize zibe nezinyanga eziyisithupha ubudala futhi ngemva kwalokho baqhubeke nokuzincelisa ibele ngaphezu kokuqala ukunikezwa ukudla okufanele kokugcwalisela, ingane ize ibe neminyaka emibili ubudala.
Ezinye izindlela zokudlisa izingane kuxoxwa ngazo nomama abane-HIV.
Isibhedlela saseVredendal kanye neGroote Schuur Maternity Centre ziyiziBhedlela Eziyinzuzo Kakhulu Ezinganeni kulesi sifundazwe ngokoMkhankaso Wezibhedlela Eziyinzuzo Kakhulu Ezinganeni. 
Ukuqapha ukukhula
Zonke izingane zikalwa isisindo njalo nje njengengxenye yohlelo lokuqapha ukukhula, uphawu olubonisa ngokushesha ukuthi ingane iyakhula yini.
Isisindo sifakwa eKhadini Lendlela Eyisa Empilweni.
Izimbangela ezingumsuka zokuncipha kwesisindo ziyabhekisiswa ezintweni ezinjengezifo ezithathelwanayo, ukuntuleka kokudla ekhaya kanye nokunganakwa kwengane.
Izifo ezithathelwanayo zinendima enkulu ekungondlekini futhi lezi zifo zelashwa ezingeni lokunakekelwa kwempilo okuyinhloko.
Isifo sohudo sihlobene kakhulu nokungacoceki kwendawo (ukukhucululwa kwendle nokuhlinzekwa kwamanzi) kanye nokungondleki noma ukondleka kancane kosana, okuholela ekubeni lube yisisulu sokuba nohudo olubi kakhulu noluthatha isikhathi eside.
Ukuqedwa kobumpofu
Amakhaya akhungethwe yinhlupheko ayahlonzwa futhi adluliselwe kwezinye zezinhlelo zikahulumeni zokuqedwa kwenhlupheko.
Kubhekelelwa ukutholakala kokudla kwemindeni ngokwezigaba bese kuhlinzekwa izindlela ezifanele zokungenelela nokusekela.
Izithasiselo zempilo ezingamavithamini
Ukulawula izinto ezintulekayo zezakhi ezincanyana ezinomsoco kuyingxenye ebalulekile yesevisi.
Izakhi ezincanyana ezinomsoco yizinto ezinjengamavithamini namaminerali, ezitholakala ngamazinga amancane ekudleni futhi zibaluleke kakhulu ekulondolozeni impilo enhle.
I-INP ihlinzeka izinto zokwenezela impilo zeVithamini A ezinganeni ezihlosiwe.
Izingane ezintula uVithamini A ziyancipha isisindo, azikhuli kahle futhi zisethubeni elikhulu lokungenwa yizifo futhi zife ngenxa yazo.
Ukuntuleka kweVithamini A kulimaza namehlo futhi kungenye yezimbangela eziyinhloko zobumpumputhe phakathi kwezingane.
Izingane ezizalwa zinesisindo esiphansi zinikwa amakhepsuli eVithamini A, aqinisa isimiso somzimba sokuzivikela futhi asize ingane ukuba ikhule ngokuqhubekayo.
Izinsana ezinezinyanga ezingu-6-11 zinikwa umthamo owodwa kaVithamini A (100 000 IU) ukuvimbela ukugula okubi kakhulu.
Izingane ezisukela ezinyangeni ezingu-12 ukuya eminyakeni emihlanu ubudala zinikwa umthamo owodwa we-200 000 IU lapho zinezinyanga ezingu-12 bese kuba umthamo ongu-200 000 IU njalo ezinyangeni eziyisithupha zize zibe neminyaka emihlanu ubudala.
Imithamo eyengeziwe kaVithamini A inikezwa izingane ezingondlekile ngezinga elikhulu, noma ezinezifo ezithathelwanayo eziphikelelayo njengohudo, isimungumungwana noma i-HIV.
Ukubulala izilo
Ukuncipha isisindo ezinganeni kungase kubangelwe nawukungenwa yizilo futhi lokhu kungelashwa emtholampilo ngomuthi wokubulala izilo.
Izeluleko zokudla okunomsoco sezimo ezithile
Ukufundiswa ngokudla okunomsoco, ulwazi nokwelulekwa okunikezwa kuwo wonke amazinga okunakekela kubantu abake bafa uhlangothi, abanomfutho wegazi ophezulu kakhulu, umfutho wegazi ophezulu, isifo sikashukela, i-HIV/AIDS nesifo sofuba.
Uhlelo lokudla okunomsoco lwasezikoleni zebanga eliphansi
Uhlelo Lokudla Okunomsoco Lwasezikoleni Zebanga Eliphansi lutholakala ezikoleni ezithile ezihlonziwe ezisezindaweni ezinomnotho ophansi.
Lezi zikimu njengamanje ziqhutshwa ngokubambisana noMnyango Wezemfundo.
Uhulumeni wesifundazwe uhlose ukufinyelela izingane eziyizi-125, 000 ezikoleni zebanga eliphansi ezingama-847 esifundazweni ngo-2004 ngohlelo lwawo lokondla izingane ezikoleni.
Ukudla ezinhlanganweni
I-INP ibuye ibe nomthelela ekunakekeleni amakhasimende asezibhedlela ngokulungiselela amasevisi okuhlinzeka ukudla okunomsoco okunezakhi ezidingekayo.
Imiyalelo:
Abafika ngokokuqala ngqa emtholampilo/esibhedlela esikhudlwana noma esezinga eliphezulu bazocelwa ukuba bagcwalise ifomu futhi kuzovulwa ifolda yesiguli.
Woza nencwadi yakho kamazisi.
Kuzodingeka incwadi kadokotela evela emtholampilo lapho uya esibhedlela.
Izibhedlela zizocela ipheyisiliphu yakho yamuva kakhulu/iphepha lokuhlaziywa kweholo (IRP5). 
Woza nekhadi lakho lasesibhedlela uma wawubhalisiwe esibhedlela phambilini.
<Doc10>
Inkulumo yePhini likaNgqongqoshe Wemisebenzi Yomphakathi, uMnu Ntopile Kganyago, MP, ngesenzakalo sokuthulwa kokuqala emphakathini koHlelo Lwenkaba Yedolobha LaseTshwane, South African Reserve Bank Building, eTshwane
Ezinye izikhulu eziphezulu zikahulumeni
Manene namanenekazi ezindaba
Zihambeli ezihloniphekile
Isinqumo esathathwa yiKhabhinethi ngo-1997 sokukhuthaza iminyango kahulumeni kazwelonke ukuba yenze inkaba yedolobha laseTshwane ibe yikhaya layo unomphela sasiwukuboniswa kokuba nombono omuhle kakhulu; ngaleso sikhathi namanje.
Umphumela wohlelo olwenziwe kahle lokuhlanganisa ukuvuselelwa kwamadolobha ethu nobizo lukahulumeni lokuvuselela izindawo zasemadolobheni kanye neminye imikhankaso yokuthuthukisa izindawo ezingenalutho okuhloswe ngangayo ukukhuthaza imikhuba emihle yokuphathwa kwezindawo zasemadolobheni okusabelayo emalungelweni abantu, izindawo zokuhlala abantu ezithokomele, ukuthuthukiswa komnotho nokuvumelana kwezimo zezenhlalo.
Namuhla njengoba siphonsa itshe lokuqala ekufezekeni kwalowo mbono, sibuye futhi sigubhe uhambo esiluhambile kuze kube namuhla.
Izingxoxo ezishubile ezazivame ukuhambisana nezinkulumo-mpikiswano ezishube ngezinga elilinganayo ngezidingo kanye nezinto okungakhethwa kuzo ezivulekele iminyango kahulumeni ngokuphathelene nendawo engokoqobo ekuyo akusiphambukisanga sonke ezinjongweni zasekuqaleni, okungukuthi ukuthuthukisa indawo engokoqobo esebenzela kuyo iminyango kahulumeni enkabeni yedolobha laseTshwane. 
Ngesikhathi esifanayo kudingeka ngaso leso sikhathi sibe nomthelela ekuvuselelweni nasekwenziweni busha kwenkaba yedolobha.
Ezinye izinjongo nazo ezibalulekile zihlanganisa umkhankaso wokuheha utshalomali lwezinkampani ezizimele, ukuthuthukisa isimo seTshwane njengenhlokodolobha ebalulekile e-Afrika nekhuthaza ukuhlonyiswa kwabamnyama kwezomnotho.
Uhulumeni unomhlaba omkhulu kunayo yonke futhi uphakathi kwabatshalimali abaphambili empilweni engokomnotho kahulumeni wasekhaya ikakhulukazi eDolobheni laseGoli nelaseTshwane eGauteng.
Iminyango idinga indawo yokusebenzela kanye neyamahhovisi ukuze ihlangabezane nezibopho zayo zokuhlinzeka izinsizakalo emphakathini lapho ifeza izibopho zayo.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi iningi lezakhiwo zikahulumeni lisesigabeni okuthiwa silungile ukuya kwesikahle ngokuphambene nokuba kuthiwe ziphuma phambili ngokwezimo zazo.
Ukuvuselela, ukuthuthukisa nokulungisa kuzohamba phambili kuchithomali lwekhephithali futhi kube nomthelela esigabeni se-BEE soMsebenzi Wasenkabeni Yedolobha LaseTshwane.
Minyaka yonke uhulumeni kazwelonke ngoMnyango Wemisebenzi Yomphakathi uchitha imali engaphezu kwamarandi angamabhiliyoni amabili (R2 bhiliyoni) ukuze ukhokhele izivumelwano zomqasho kanye nezinye izimali ezihlobene zokuphatha izakhiwo njengama-rates namasevisi, kuzwelonke, kuhlomule kokubili izinkampani ezizimele kanye nohulumeni basekhaya.
Njalo nje kuba ngababambiqhaza abafanayo abalindeleke ukuba bakhuthaze inqubo yokuvuselelwa kwenkaba yedolobha laseTshwane, cishe nokubamba iqhaza kukaHulumeni Wesifunda SaseGauteng ngemisebenzi emikhulu yotshalomali njengoba kusekelwa yiNhlangano Yokuthuthukisa Umnotho WaseGauteng (GEDA).
Ngokomongo woHlelo Lwenkaba Yedolobha LaseTshwane, manje esesizokubiza ngokuthi "Re Kgabisa Tshwane" futhi okuchazwa ngokuthi "Indawo Engcono Yokusebenzela", kugxilwa kakhulu kubantu (kokubili abasebenzi bakahulumeni kanye nomphakathi), ngokufanayo nasezindaweni  abahlala kuzo njengoba kuhlinzekwa futhi kwamukelwa izinsizakalo ezibalulekile zomphakathi.
Lapho ememezela uHlelo Lokuthatha Isinyathelo lukahulumeni luka-2004, uMongameli uMnu Thabo Mbeki watshela umnyango kazwelonke weMisebenzi Yomphakathi kanye noweziNkonzo Zomphakathi Nokuphatha ukuba iqondise lo msebenzi ngokubambisana ukuze kuthuthukiswe indawo engokoqobo okusetshenzelwa kuyo yeminyango kahulumeni nabasebenzi bakahulumeni.
Ingqalasizinda yomphakathi engokoqobo iyinjini yokuhlinzekwa kwamasevisi futhi izikhulu zikahulumeni zinguphethiloli oqhuba injini futhi uyenze idume ngesivinini esengeziwe, kahle kakhulu nangokuphumelela kakhulu.
Phakathi nesigaba sokuhlolwa kwezidingo zeprojekthi, abasebenzi abaningi bakahulumeni okwaxoxiswana nabo bagcizelela ukubaluleka kokuba nezindawo zokusebenzela ezikahle kakhulu, ezifanelana nomsebenzi wabo futhi lokhu kuhlanganisa kokubili izindawo zangaphakathi nezangaphandle yingakho kunesidingo sokusebenzisana noDolobha laseTshwane, okuyilona eliqondisa izici eziningi zokuphathwa kwezinto ezenzeka emadolobheni njengokucinana kwezimoto, ukuhlanzeka, ukuphepha, ukulondeka kanye nezinto ezinhle zobuciko.
Mangithathe leli thuba ukuba ngibonge abaphathi nabaholi beTshwane ngokubona izinto kusengaphambili ngokwamukela le projekthi ngokuyenza ukuba ihambisane neziNhlelo zabo zeNtuthuko Exhumene.
Empeleni iMemorandamu Yesivumelwano esizoyenza ngokushesha nje namuhla phakathi koMnyango kazwelonke Wemisebenzi Yomphakathi kanye noDolobhakazi laseTshwane, iyisiqinisekiso sokuthi sithole isizathu esifanayo esingaqalela kuwo.
Kuyisimemezelo senhloso ukuba sibambisane emikhankasweni nakumaprojekthi azuzisa ngokufanayo bobabili abathintekayo.
Umyalezo wethu kuwe namuhla uthi “usuqalile umsebenzi” futhi iminyaka ezayo engu-10 izobona ukufakwa kwamarandi angaphezu kwamabhiliyoni ayisishiyagalombili (R8 bhiliyoni) avela kuhulumeni kazwelonke nezinkampani ezizimele ngezabelomali ezinkulu, ukuthuthukiswa kwezivumelwano zokuqasha nokusebenzisana phakathi kwezinkampani zikahulumeni nezizimele.
NgokokuPhathwa Kohlelo, kumiswe iKomiti Eliqondisayo phakathi koMnyango Wezinkonzo Zomphakathi Nokuphatha, uMnyango Wemisebenzi Yomphakathi, uMgcinimafa Kazwelonke kanye neDolobha laseTshwane. 
Phakathi kokunye iKomiti lizohola kulolu hlelo, lengamele futhi liqondise ukusetshenziswa kwalo, liphethe isu lokuxhasa ngemali futhi liqinisekise ukuthi lisetshenziswa ngendlela enokuxhumana. 
UMnyango umise uMnu Dumisani Dlamini njengePhini Lomqondisi-Jikelele onomsebenzi wokuphatha lonke uhlelo.
Ngiyabonga.
<Doc11>
Nenekazi ElinguSomlomo, Ndunankulu Ohloniphekile, Bozakwethu Bekhabhinethi, Malungu Endlu, Zihambeli ezihloniphekile, zikhulu zomnyango wezezindlu, malungu abezindaba kanye nawo wonke umphakathi, nginamukela ngokufudumele.
Ukuthi Manene namanenekazi kubonisa ipolitiki yaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi eWestern Cape.
Kungakhathaliseki ukuthi abantu abazinikele nabathanda intuthuko baleli zwe basebenza kanzima kangakanani, umgomo wabantu abathile njalo uwukunyathela umsebenzi omuhle owenziwe yilo hulumeni onakekelayo phakathi nesikhathi esifushane esinokwenzeka uphethe izintambo.
Manene namanenekazi, abantu abaningi baye baphikisana ngokuthi indaba yezindlu imayelana nani, kodwa ngivumeleni ngininike enye futhi incazelo.
Kimina, ezezindlu akuyona nje umpheme wokukhosela.
Imayelana nabantu ngokwabo abakubeka emahlombe abo ukulondoloza indawo abahlala kuyo bonke,  bazakhele ikusasa labo.
Imayelana nokwakha imiphakathi esebenza kahle nezindawo zokuhlala ezisimeme.
Imayelana nokuchuma ngobunye ngokusebenzisana phakathi kwezinkampani ezizimele, izinkampani zikahulumeni, iziNhlangano Ezingekho Ngaphansi Kukahulumeni, kodwa okubaluleke nakakhulu, imiphakathi. 
Kimina ezezindlu zingachazwa kangcono ngokuthi yinqubo, ebandakanya ukuhlela nabantu okuyinto ephambene nokuhlelela abantu.
Ngokomongo waseNingizimu Afrika ezezindlu aziwona nje umkhiqizo, kodwa futhi ziyinqubo esekelwe ezimisweni zentando yeningi abantu baleli zwe abayilwela kanzima kakhulu.
Kuyinqubo elalela abantu, evumela abantu basebenzise ilungelo labo lentando yeningi ukuba bakhethe uhlobo lwezindlu nezindawo abafuna kwakhiwe kuzo izindlu zabo. 
Ngakho-ke akukho okususa isithunzi sobuntu nokuqeda intando yeningi kunokuncisha abantu ilungelo labo elibalulekile lokuzikhethela.
Ngokungafani nombuso wobandlululo, kimina njengesishoshovu sezenhlalo, umbono wami nesu lokuhlinzeka izindlu kugxile ebantwini.
Manene namanenekazi, kule ntambama ngiyajabula ukunethulela inkulumo yami yesibili yesabelomali njengoNgqongqoshe Wezezindlu Wesifundazwe.
Ngiyaziqhenya futhi nangokuthi ngethula le nkulumo yesabelomali ngobusuku bangaphambi kokuKhunjulwa kweminyaka eyi-10 yentando yethu yeningi.
Kunobufakazi obuqinile bokuthi uhulumeni oholwa yi-ANC uye wafeza okuningi eminyakeni engaphansi nje kweyishumi yokubusa kwentando yeningi kunanoma yiliphi elinye izwe elike lakwenza emhlabeni wonke.
Sisebenzile.
Ngamazwi aqinile, ezindlini eziyizigidi ezingu-1.4 ezakhiwe nguhulumeni, ngiyaziqhenya ukumemezela ukuthi eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, isifundazwe sethu sakha izindlu ezingu-167 000, okuyingxenye engu-11% ezindlini zikazwelonke. 
Ngokombono wami, lokhu kungumsebenzi omuhle kakhulu nganoma yiliphi izinga.
Ngithanda nokuveza ukuthi iminyaka eyishumi edlule yayigcwele izinselele, okwakuphazamisa kabi kakhulu ukuhlinzekwa kwezindlu ezweni lonke, ngaphandle kwakulesi sifundazwe ngokukhethekile.
Lezi zinselele zazibangelwa ukwethulwa kwemiyalelo yenqubomgomo entsha nezindlela njengokunikela kwabazohlomula imali engu-R2 479 kanye nokwethulwa kwesiKimu Sesiqinisekiso Somkhandlu Wokubhaliswa Kwabakhi Bezindlu Kuzwelonke ezindlini ezixhaswa nguhulumeni.
Lezi zinyathelo akuhloswanga ngazo ukwenza kuhambe ngolonwabu ukuhlinzekwa kwezindlu kodwa ngezokuqinisekisa ukuthi abantu bethu bathola izindlu ezingabizi zezinga elihle.
Nokho ukufunda esikutholayo lapho sisebenzisa lezi zinqubomgomo kwenze ukuhlinzekwa kwezindlu kwahamba ngolonwabu.
Okwenza izinto zaba zimbi nakakhulu ukuthi umnyango wami wasebenza izinyanga eziyisishiyagalolunye ungenawo uMqondisi Owengamele.
Lokhu kwayidodobalisa inqubekela phambili ngezinga elikhulu kakhulu.
Manje usekhona engimmisile, uMnu. Seth Maqethuka, owazalelwa futhi wakhulela eCape Town onolwazi lwezikahulumeni kazwelonke nowasekhaya, engithanda ukumbongela nokumamukela nakuba ngiye ngakwenza lokho izikhathi eziningi.
Naphezu kwazo zonke lezi zinselele nezithiyo, ngiyaziqhenya  ukumemezela kubantu bethu ukuthi umnyango wami ukwazile ukuchitha imali eyizigidi ezingu-R348, okungu-92% wemali eyayabelwe ezezindlu eWestern Cape.
Ezinye zezifundazwe azikwazanga nokuchitha u-52% wesabelomali sazo.
Lokhu kwaba nomphumela wokugunyazwa koxhasomali lwezindlu ezicishe zibe yizi-25 000.
Imindeni eminingi ngokwandayo ehluphekayo izothola ithuba lokujabulela izithelo zentando yethu yeningi.
Manene namanenekazi, lokhu kumelela ukwanda okukhulu kwezindlu ezingu-3000 uma kuqhathaniswa nonyaka owedlule.
Kulokhu, ngithanda ukubonga iqhaza ebalulekile elibanjwe ngomasipala esifundazweni sethu.
Ngaphandle kokuzibophezela kwabo nomsebenzi omuhle kakhulu, sasingeke sikwazi ukuchitha le mali.
Ngezwi elifanayo, ngithanda ukubongela iDolobha laseCape Town ngokuchitha okungaba ngu-70% wesabelomali sethu.
Angizikhohlwa nezikhulu zami ngomsebenzi wazo wokuzikhandla nomthelela embonweni wethu wokwakhela isizwe izindlu.
Manene namanenekazi, ngiyobe angithembekile kulokho unembeza wami ongitshela khona uma ngininika umbono okhazimulayo kuphela wenqubo yokuhlinzekwa kwezindlu.
Kusenamagebe asasele enqubweni yethu yokuhlinzeka izindlu.
Ukuze sifeze lokhu, kusadingeka sithuthukise kulezi zindawo ezicindezelayo ezilandelayo:
Iningi lezindlu zethu alikavumelani nokushintsha kwenqubomgomo kusuka enanini kuya ezingeni elihle lezindlu.
Kusadingeka sishintshe inqubo yokuhlinzeka izindlu isuke kweyokuhlinzeka indawo yokukhosela kuye ekwakheni izindawo ezisimeme zokuhlala abantu.
Kudingeka siguqule ukubamba iqhaza kwabahlomulayo bayeke ukungenzi lutho kodwa babambe iqhaza ngentshiseko.
Kudingeka sishintshe indlela abantu bethu abacabanga ngayo ukuze baqale ukubheka izindlu ezixhaswe nguhulumeni hhayi nje njengeziyimikhiqizo engasho lutho kodwa njengezinto eziyinzuzo.
<Doc12>
IMISEBENZI YOKUQAPHA ENDAWENI
Kwaba nempumuzo enkulu ngomama nengane lapho uJames Busakwe onezinsuku ezingu-16 ubudala ephinda ehlanganiswa nomama wakhe ongokwemvelo ngomhla ka-7 kuMbasa 2006.
Usizi lwaqala lapho umama womntwana uJames efika eSibhedlela saseKlerksdorp ngomhla ziyisi-6 kuMbasa ezovakashela indodana yakhe, futhi abahlengikazi beqaphela ukuthi ingane bayinike omunye owesifazane, owathi ungumama wengane oyizalayo ngayizolo.
Ngokushesha ngemva kokutholakala kwalokho, abahlengikazi batshela iSiteshi SamaPhoyisa SaseKanana, ngoba owesifazane owayethathe uJames wayebanike ikheli eliseKanana.
Baya kulelo kheli kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Kulelo kheli kwakungekho muntu onalelo gama noma incazelo yalowo wesifazane eyaziwayo lapho.
Ngobusuku bangomhla ka-6 kuMbasa iKanana CPF yabamba umhlangano.
Ukhomishana obambele esiteshini wazisa umhlangano ngengane eduniwe futhi wacela bonke abantu ukuba bavule amehlo nezindlebe.
Kwathi cishe ngo-23:00 ngabo lobo busuku, elinye lamalungu omphakathi lashayela amaphoyisa ucingo ngezindaba zokuthi owesifazane othile ohlala endaweni yabo, futhi obaziwa ukuthi akakhulelwe, khonamanjalo usenomntwana womfana. 
Amaphoyisa ayilandelela le ndaba futhi ngempela amthola lo wesifazane nengane.
Abasebenzi basesibhedlela babizwa futhi ngokushesha bayibona ingane, kanye nowesifazane owayeyidunile esibhedlela.
Endlini yomsolwa kwatholakala ubufakazi obuhlukahlukene, kuhlanganisa nesongo lepulasitiki lasesibhedlela.
Lo wesifazane waboshwa futhi ingane eyayingalimele yabuyiselwa esibhedlela, lapho yaphinde yahlanganiswa khona nonina wangempela ekuseni ngakusasa.
Izenzo zamalungu omphakathi owawubandakanyekile ekutholweni kwengane, kumelwe zinconywe, ngoba zabonisa ukubaluleka koMsebenzi Wokuqapha Womphakathi.
Ukubaluleka koMsebenzi Wokuqapha Endaweni owenziwa futhi ulondolozwe kahle, akumelwe kuthathwe kancane.
Qhubekani nomsebenzi omuhle, Kanana CPF!
Nkosikazi Ethandekayo
Ngithatha ngokuthi bekuyinhlanhla noma mhlawumbe ibika lokuhle ukuthi kudingeke ngidlule esiteshini senu samaphoyisa eMondeor, ngibone iNcwajana yenu yamaPhoyisa.
Ngithatha ngokuthi ishicilelwa kanye ngenyanga, futhi ngikuthole kujabulisa kakhulu ukuyifunda.
Mina nomkami sisanda kuqala ibhizinisi Elisha futhi singathanda ukumema zonke izisebenzi zakho, noma nanoma ubani kuzo lapho zisendaweni yakithi, ukuba zingene zizophuza inkomishi yekhofi noma itiye lamahhala futhi mhlawumbe singazinika namakhekhe ambalwa
Ngiyaqiniseka ukuthi uzokuqonda lokhu, ukuqala ibhizinisi elisha akulula futhi kudinga umsebenzi omningi nemali yokuqalisa.
Nokho, sisakholelwa ukuthi amaphoyisa kanye nayo yonke eminye iminyango yokuphoqelelwa komthetho kubaluleke kakhulu kuzo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
Lokhu kumane nje kuyinto encane esingathanda ukunenzela yona ukunibonga ngenxa yalokho eniye nakudela ukuze niqinisekise ukuthi thina, zakhamuzi, singaqhubekela phambili nokuphila kwethu kwansuku zonke.
Silangazelela ukuzwa kini, noma okungcono nakakhulu, ukubona abanye bezisebenzi zenu befake umfaniswano, bengena esitolo sethu esincane futhi sibazi kangcono.
Siyaphinda siyanibonga, nina basebenzi bezokuqiniswa komthetho baseNingizimu Afrika, ngawo wonke umsebenzi wenu onzima nokuzinikela ekugcineni iNingizimu Afrika iphephile.
Izincwadi ezimfushane, eziveza amaphuzu zingathunyelwa ngefeksi noma nge-imeyili kuMhleli.
Sigodla ilungelo lokuhlela noma ukufushanisa izincwadi.
<Doc13>
UBIZO LOKUTHATHA ISINYATHELO
Ngomhla ziyi-14 kuNhlangulana 2007, esinye sezihloko kuyo i-SAPS Journal Online (www.sapsjournalon-line.gov.za) sachaza indlela amaphoyisa amabili oPhiko Lokuhlonzwa Kwezimoto eWelkom aboshelwa ngayo inkohlakalo nokukhwabanisa.
Kubikwa ukuthi laba ababili, umphathi nomhloli, babethengisa izimoto eziye zatholwa ngamaphoyisa, ukuze bazenzele inzuzo.
Bobabili abasolwa bavela enkantolo ngomhla ka-12 kuNhlangulana futhi icala lahlehliselwa umhla ka-21 kuNcwaba 2007.
Osukwini kamuva, ngomhla ka-15 kuNhlangulana 2007, isihloko esasikuNews24 sathi: “Kubanjwe amaphoyisa amabili ngokwenza ubugebengu kuhlonyiwe”.
Kulokhu kwakuyiphoyisa elisaqeqeshwa kanye nomseshi okubikwa ukuthi ubakhombe ngesibhamu esitolo sezimpahla, eMarble Hall, wantshontsha imali, amabhulukwe neyembe.
Kumelwe iphele inkohlakalo emaphoyiseni.
Nakuba iningi lethu liyizakhamuzi ezithembekile, ezisebenza kanzima, abambalwa ezikhulwini zamaphoyisa abazihloniphi bona, nomfaniswano wabo noma uMthetho Wokuziphatha Wamaphoyisa.
Sekuyisikhathi sokuba sikhiphe ku-SAPS okokugcina bonke laba abenza imisebenzi emibi.
Futhi manje usungasiza ekubeni kulahlwe amaphoyisa anenkohlakalo ngokuwadalula ocingweni olusha lobugebengu.
Igama lakho lingadalulwa!
Uma usola ukuthi omunye wozakwenu kukhona ubugebengu abenzayo, noma uma wazi omunye othile, kungaba yizikhulu zamaphoyisa, amalungu omndeni, ozakwenu, omakhelwane noma abantu abangaziwa, ababandakanyekayo noma abahlela ukubandakanyeka ezenzweni zobugebengu, okudingeka ukwenze nje, ukuthumela i-SMS ku-32211.
Lena yinombolo entsha kazwelonke yobugebengu eyethulwe muva nje yiPrimedia eSandton. 
Ungathumela i-SMS ku-32211 (izindleko ngu-R1 ngayinye) noma ungene ku-www.crime-line.co.za. 
Abasebenzi abafaka lolo lwazi kukhompyutha balindele ukuludlulisela emaphoyiseni, wona azothatha isinyathelo ngokushesha!
Okuhle kakhulu ukuthi igama lakho ngeke lidalulwe.
Manje usunamandla okusiza ekulweni nobugebengu ngaphandle kokuzifaka engozini ngokwakho.
Umkhankaso wePrimedia uthembisa ukuzenza zilandise izigebengu.
UYusuf Abramjee, onguMxhumanisi Weprojekthi Yokulwisana Nobugebengu ePrimedia, wathi: "Asifuni igama lakho noma ikheli lakho ngaphandle uma usinikeza lona ngokuzithandela futhi akudingeki kwenziwe izitatimende ezithile noma kuvelwe enkantolo. 
Esikufunayo nje thina wulwazi ngezigebengu ukuze amaphoyisa athathe izinyathelo.”
Lo mkhankaso omusha, wezigidigidi zamarandi, kazwelonke wokulwa nobugebengu wethulwa yiPrimedia eSandton ngomhla ka-7 kuNhlangulana 2007.
Usekelwe esimisweni sokuNqanda Ubugebengu Samazwe Ngamazwe.
AbaNqanda Ubugebengu baqala e-Albuquerque, eNew Mexico, kuMandulo 1976. 
Kuwukusebenzisana phakathi komphakathi, abezindaba kanye nezinhlangano zokuphoqelelwa komthetho futhi kwakuhlanyelwe ukulwa nobugebengu nokugcina abahlali bephephile.
Namuhla kunezinhlelo ezingaba ngu-1 200 zabaNqanda Ubugebengu emhlabeni wonke ezisebenza emazweni angu-20 ezisebenzisa ulwazi olunikezwa ngumphakathi ukuze kuxazululwe ubugebengu.
Ngokwe-CEO yePrimedia Ltd, uMnu William Kirsh, lezi zinhlelo ziye zasiza ekubeni kuboshwe izigebengu ezingu-600 000!
Okumelwe kwaziwe yisikhulu ngasinye samaphoyisa ngalo mkhankaso omusha wokulwa nobugebengu, ukuthi usekelwa ngokugcwele nguNgqongqoshe Wezokuphepha Nokulondeka, uMnu Charles Nqakula kanye noKhomishana Kazwelonke we-SAPS, uKhomishana Jackie Selebi. 
Ukhomishana Selebi wathembisa ukuthi "njengenhlangano, sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuze senze lo msebenzi uphumelele." 
Umbuzo uwukuthi yini wena ozoyenza ngakho?
Kudingeka ukusekela okugcwele kwawo wonke umuntu, hhayi nje kuphela ukusabela ngokushesha lapho uthola ulwazi oluvela esikhungweni socingo lobugebengu, kodwa futhi nokwazisa abanye ngalo mkhankaso nomaphi lapho kungenzeka khona.
Tshela abantu, ama-CPF, izikole, umndeni wakini nabangane bakho ngalo mkhankaso.
Qiniseka ukuthi bayaqonda ukuthi lo mkhankaso uthembisa ukuzenza zilandise izigebengu, ukuthi amagama ngeke adalulwe noma sekunjani. 
Futhi khumbula ukuthi lolu akulona ucingo lwezimo eziphuthumayo.
Abantu kusafanele baqhubeke babike izimo eziphuthumayo ku-10111 noma eziteshini zamaphoyisa eziseduze nabo.
Ngalo mkhankaso wokulwa nobugebengu abezindaba baye bafaka isandla ukusiza amaphoyisa.
Bafuna ukusisiza ukuze kwenziwe iNingizimu Afrika ibe yindawo ephephile yabo bonke.
Lapho kwethulwa umkhankaso wocingo lobugebengu, uJohn Robbie, umphathi wohlelo lwasekuseni lwe-Talk Radio 702, wanikeza amaphoyisa e-SAPS imishini yamaThuluzi Okuhlonza engu-65.
Muva nje uMnu Robbie wanxusa emoyeni abalaleli ukuba banikele ngemali yokuthenga le mishini yamaThuluzi Okuhlonza.
Abathengisi bale mishini, i-Face Technology, nabo basabela kahle, behlisa intengo yale mishini, okwenza izinkampani ezazinikele ngemali eyanele nje ukuthenga umshini owodwa ukuba zithenge emibili.
IPrimedia noJohn Robbie akubona bodwa empeleni abasiza amaphoyisa ekulweni nobugebengu.
Funda noma iyiphi ezindaweni zabantu ababe nempumelelo eNcwajaneni yamaphoyisa e-SAPS noma eNcwadini ye-SAPS Ku-inthanethi futhi uzobona ukuthi amacala axazululwa kanjani ngosizo lwamalungu omphakathi.
Njengoba sekunalo mkhankaso omusha wokulwa nobugebengu, izigebengu, kuhlanganisa nalezo ezimbalwa ezonakele kumaphoyisa, mazazi into eyodwa ngokuqiniseka … izinsuku zazo zibaliwe.
<Doc14>
Ukugunyazwa ukuhlinzeka isevisi ye-ETQA
Amasevisi Kahulumeni WaseNingizimu Afrika
Isicelo kuyo i-ETQA ukuba ugunyazwe ukuba ngumhlinzeki wemfundo noqeqesho
Incazelo
Imithetho esebenza ezinhlanganweni zesiQinisekiso Sezinga Elihle Lezemfundo Noqeqesho (ETQA) ngaphansi kweGunya Lamaphepha Emfundo LaseNingizimu Afrika (SAQA) ifuna ukuba abazohlinzeka imfundo noqeqesho bafake isicelo sokugunyazwa ku-ETQA.
Ukuze bagunyazwe, abahlinzeki bemfundo noqeqesho kudingeka babhaliswe ngokwemithetho esebenzayo.
Umthetho ophathelene neMfundo Ephakeme kanye neMfundo Eyengeziwe ufuna ukuba bonke abahlinzeki bezemfundo noqeqesho abanikeza amaphepha emfundo kumelwe babhalise eMnyangweni wezeMfundo.
Umhlinzeki wezemfundo noqeqesho kumelwe anikeze izimiso zezifundo kanye/noma amaphepha emfundo awela ngaphakathi komkhakha egxila kakhulu kuwo inhlangano yesiQinisekiso Sezinga Elihle Lezemfundo Noqeqesho (ETQA) yoMkhakha Wegunya Lezemfundo Noqeqesho (SETA) noma iNhlangano Yochwepheshe.
Izimfuneko zokugunyazwa:
* Izimfuneko zokugunyazwa ziqukethwe encwadini enesihloko esithi Izidingo Nemihlahlandlela Yabahlinzeki futhi iyatholakala kuwebhusayithi ye-SAQA.
* Izinhlelo (kanye/noma ukuhlolwa) ezinikezwa ngumhlinzeki wezemfundo noqeqesho zigcina sezingama-unit standards kanye/noma amaphepha emfundo abhaliswe oHlakeni Lwamaphepha Emfundo Lukazwelonke (NQF).
* Uhlelo lwezifundo (umklamo, okuphakathi kanye nezinto zokufunda) lwenziwa luhambisane nezimiso zezifundo kanye/noma amaphepha emfundo.
* Kunabasebenzi abanamaphepha emfundi abafaneleka kahle (abafundisayo nabahlolayo ababhalisiwe).
* Abafundi bakwazi ukuthola amasevisi anele okusekelwa ngokufunda.
* Izindlela zokuhlola namathuluzi asetshenziswa ukukala izimfuneko zezimiso zezifundo kanye/noma iphepha lemfundo zikahle, ziyasebenza futhi zinokwethenjwa, futhi zisetshenziselwa ukuthuthukisa ukufunda.
Izinyathelo okumelwe uzilandele
* Thumela incwadi ebonisa inhloso yakho yokuba ugunyazwe njengomhlinzeki wezemfundo noqeqesho ku-ETQA efanele.
* Thumela ifomu lokuzihlaziya ngokwakho kanye nelokufaka isicelo ku-ETQA.
* Uma unganikezwa isigunyazo futhi unomuzwa wokuthi inqubo ayibanga nokulunga, unelungelo lokudlulisa isinqumo.
* Uhlu lwama-ETQA nemininingwane yokuthintana kuyatholakala kuwebhusayithi ye-SAQA.
Kungase kuthathe inkathi efika ezinyangeni ezingu-6.
Isevisi imahhala.
Amafomu okumelwe uwagcwalise
Amafomu okufaka izicelo zokugunyazwa ukuba ngumhlizeki kanye namanye amaphepha ahambisana nawo angase atholwe e-ETQA efanele.
Imininingwane yokuthintana – Sicela ukhethe okukodwa:
