<Doc01>
I-Ejensi Yezibonelelo Zomphakathi YaseNingizimu Afrika
USomqulu Wokunakekelwa Kwamakhasimende
Siyakwamukela KuSomqulu Wamakhasimende wethu
Sifuna kube nguwe, khasimende lethu, osahlulela ngokwezinga lomsebenzi esilibhale kulo somqulu.
Sizokuphatha ngenhlonipho, sikuhlinzeke ngosizo olusezingeni eliphakeme ngokulandela imigomo yeBATHO PELE.
Siyazibophelela njengengxenye yomthwalo wethu ngokuthi sikuhlinzeka ngomsebenzi osezingeni lomhlaba, sikunike imininingwane eyiyonayona, izeluleko kanye nosizo ngayo yonke imisebenzi yethu.
Inhloso ngoSomqulu
Lo somqulu ukutshela ngezinga lomsebenzi ongawulindela kwi- Ejensi Yezibonelelo Zomphakathi YaseNingizimu Afrika (SASSA).
I-SASSA iyisengezo sohlaka lukahulumeni olulawula ukuhlinzekela izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngezibonelelo zomphakathi. 
Siyazibophezela
Ukulawula imisebenzi yezibonelelo zikahulumeni eseqophelweni eliphezulu, eziyimanani afanele nagculisayo ngokusebenzisa izindlela eziphuma phambili.
Ongakulindela kithi
Ukugqugquzelwa nokuvikelwa kwesithunzi somuntu, Ubumfihlo, Ubuqotho, Ukungachemi, Ukuveleleka kanye Nokulinganisa.
Kuyo yonke i- Ejensi Yezibonelelo Zomphakathi YaseNingizimu Afrika, nakhu esizokwenza
Ukukunika ulwazi nezeluleko mayelana nazo zonke izibonelelo ongazifakela izicelo.
Ukukudlulisela kwezinye izikhungo ezingase zihlangabezane nezidingo zakho.
Ukukusiza ukugcwalisa amafomu ethu nokufaka isicelo sesibonelelo.
Ukugcina ulwazi osinika lona luyimfihlo.
Ukuhlonipha uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngaso sonke isikhathi, imithetho elawula imisebenzi kahulumeni kanye nomgomo wokuziphatha  wemisebenzi kahulumeni
Ukukuhlinzekela ngolimi olukhethayo.
Ukusebenzisana nabantu esibasebenzelayo kanye nabanye ababambiqhaza.
Ukuphokophela ekuqhubekeni nokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingo ukuze sikwanelise
Ukuxhumana nathi
Uma usithinta ngokubonana siqu, ngocingo noma ngencwadi noma nge-imeyli, noma kunini, kuyokwenzeka okulandelayo:
I-ejenti esiza amakhasimende ozoqondana nayo iyozethula kuwe.
Ngemibuzo edluliswa ngocingo neyomuntu uqobo lwakhe, sizophendula imibuzo yakho ngaleso sikhathi.
Uma sehluleka ukuyixazulula ngaleso sikhathi sizokwazisa ngezizathu zalokho futhi silazise iklayenti ukuthi lingalindela ukuyithola nini impendulo.
Sizokunika inombolo eyinkomba ukuze ukwazi ukulandelela inkinga wakho
Sizokwazisa ngokuthola okuthile kokuxhumana nathi futhi sizodingida umbuzo wakho zingakapheli izinsuku zokusebenza ezingu-7.
Uma sehluleka ukukuphendula ngokugcwele ezinsukwini zokusebenza ezingu-7, sizokutshela isizathu kanye nokuthi ungalindela ukuyithola nini impendulo.
Sizozama ukuxazulula inkinga yakho zingakapheli izinsuku zokusebenza ezingu-21.
Uma usifonela, inhloso yethu ukuphendula ucingo lwakho ngokuphazima kweso ngolimi olusemthethweni olukhethayo.
Zonke izinqumo ezithathwayo mayelana nesibonelelo sakho ziyodluliswa ngokubhaliwe.
Emahhovisini akwa-SASSA
Uma ufika kwelinye lamahhovisi ethu, abasebenzi basetafuleni elihlinzeka ngosizo bazokusiza ngaleso sikhathi.
Wonke amahhovisi ethu avulwa kusukela ngo-08h00 kuya ku-16h30, ngoMsombuluko kuya kuLwesine bese avulwe ngo-08h00 ku-16h00 ngoLwesihlanu.
Emahhovisi ethu nasezindaweni okuholwa kuzo uzothola okulandelayo:
Ubumfihlo
Izindawo zokulinda onganethezeka kuzo
Izindlu zangasese
Usizo lwezokwelashwa uma waziswe ngaphambi kwesikhathi ngaleso sidingo
Sizoza kuwe ngezizathu zokugula uma uzokwehluleka ukuya emahhovisi ethu.
Ungasishayela ucingo khona sizohlelela ukukuvakashela ekhaya.
Indlela yokudingida isicelo sesibonelelo sakho
Sizoqala ukucubungula isicelo sakho sesibonelelo ngosuku ozosifaka ngalo.
Kumele siqinisekise ukuthi ufanelekile ukuthi uthole isibonelelo ngokomthetho.
Sizozibekela imigomo yokudingida isicelo sakho futhi sikukhokhela isibonelelo sakho zingakapheli izinsuku ezingu-90.
Sizokweluleka ngelungelo lakho lokudlulisa isinqumo ngesicelo sesibonelelo uma kwenzeka sichithwa, simiswa noma sisulwa
Ukuthathwa kwesinqumo.
Uma sithatha isinqumo ngesicelo sakho sesibonelelo futhi ucabanga ukuthi isinqumo asifanele, noma ufisa ukuthola olunye ulwazi mayelana nesinqumo, ungenza okulandelayo:
Cela ukuthi sikuchazele kabanzi ngesinqumo futhi sizosihlonipha isicelo sakho.  
Uma uphikisana nesinqumo sethu ungasidlulisa zingakapheli izinsuku ezingu-30 kusukela ngosuku olubhalwe encwadini yesinqumo.
Ifayela lakho ungalithola noma kunini ukuze uthole noma eyiphi imininingwane ongase uyidinge.
Umsebenzi wakho kuzoba
Ukusihlinzeka ngokulandelayo:
Ikheli lakho leposi nelasekhaya eliyilonalona
Ushintsho esimweni sakho njengengeniso, ikheli, isimo sempilo njll.
Imininingwane noma incazelo yeqiniso, yangempela, eyiyonayona egcwele ngaso sonke isikhathi.
Ukuphendula zonke izincwadi ozibhalelwayo ngesikhathi okubandakanya ukubukezwa nanoma eyiphi eminye imininingwane eceliwe kuwe.
Imisebenzi yethu ayikuthokozisi?
Uma ungathokozile ngemisebenzi yethu ngoba:
Sathatha isikhathi eside kakhulu ukuqhuba isibonelelo sakho futhi/noma sekudlule isikhathi ungakhokhelwa.
Ukuziphatha kwesikhulu sethu kwakungamukelekile.
Abasebenzi bethu benze iphutha esicelweni sakho noma bekunike iseluleko esingafanele.
Kunephutha esilenzeke ngenhloso/ngephutha
sazise futhi sizobe sesilungisa noma eliphi iphutha esilenzile ngaleso sikhathi.
Uma ufuna ukufa isikhalo, sicela usibhalele noma ufone bese ucele ukudluliselwa ophikweni lwethu lokunakekelwa kwamakhasimende.
Sizoxoxisana nawe ngemisebenzi yethu
Sifisa ukuthola izimvo zakho ngemisebenzi yethu.
Sizosebenzisa ulwazi osinika ukuze sikwazi ukuthuthukisa imisebenzi yethu.
Sicela ukuzwa uvo lwakho ngemisebenzi yethu nganoma eyiphi indlela elandela ngezansi:
Shayela isikhungo sethu sezingcingo kunombolo yamahhala - 0800 601 011
Gcwalisa ikhadi lezimvo zamakhasimende elitholakala emahhovisi ethu nasezindaweni zokuholela.
Vakashela iwebhusayithi yethu ku www.sassa.gov.za
Vakashela noma eyiphi yezindawo okuxhunyanwa nathi kuzo.
(Esifundeni, ngasekhaya, ezindaweni zokuhlinzekela ngemisebenzi kanye nasezindaweni zokuholela)
Thumela isethulo esibhaliwe kunoma eliphi lamahhovisi ethu.
Imibuzo noma izimpendulo mayelana nalo somqulu
Uma kukhona ulwazi lokwengezela oludingayo mayelana nalo somqulu, ungaya kwelinye lamahhovisi ethu.
Lo somqulu ungatholakala ngeBhreyli, ngekhasethi eliqoshiwe kanye nesidi, uma uwucela.
Lo Somqulu uzoqala mhlaka 01/04/2007 futhi uzobukezwa njalo ngonyaka ukuze kufakwe izimvo zakho.
<Doc02>
IHhovisi Lezezibalo LaseNingizimu Afrika - Izindaba
Izibalo zangaphakathi: Isidingo sezibalo sizokwanda njengoba kugxila intandoyeningi
Le ndaba yashicilelwa okokuqala ephephandabeni i-Business Report mhla zizi-05 kuNcwaba 2004
Ngesonto eledlule ngahambela umhlangano webhodi lokweluleka lesifunda Esikhungweni Sokuqeqeshela Izibalo Empumalanga ne-Afrika e-Tanzania, lapho ngaba nethuba lokuhambela umcimbi wokuthwesa kwemiyezane wama-39 obanjwa minyaka yonke, lapho kwakunabasebenzi bomnyango Wezibalo WaseNingizimu Afrika abahlanu ababebambe iqhaza.
I-Stats SA inentshisekelo yokuqeqesha abasebenzi bayo.
Emuva kwesikhashana ngiqokiwe njengombali-jikelele, i-Stats SA, ngokubambisana noMkhandlu Wezokubala, yaqalisa uhlelo lokuphuma inqina kuthungathwa izikhungo ezinezinhlelo ezifanele zokuqeqesha ngemininingwane engahluziwe esemthethweni.
Sahlonza izikhungo ezimbili: isikhungo sokuqeqesha esise-Dar es Salaam, e-Tanzania, kanye neSikhungo Sezezibalo Nokusebenza Kwezomnotho esise-Uganda.
Isikhungo sokuqeqesha sasungulwa ngowe-1965 iKhomishane Yezomnotho Yase-Afrika ye-UN, nenhlangano i-Eastern African Common Services naboHlelo Lwezentuthuko lwe-UN.
Ngowe-1977, isikhungo sasesiphethwe uhulumeni wase-Tanzania, futhi wangezela isibalo samazwe ase-Afrika esasiwahlinzekela safinyelela ku-13. 
Isikhungo esise-Uganda samiswa ngowe-1969, ngaphansi ngohlaka lwezomthetho lweNyuvesi i-Makerere.
Impokophelo yayo eyayisobala kwakuwuhlelo lokuqeqesha olusezingeni elicokeme kwezochwepheshe bezokubala kanye nokusebenza kwezomnotho.
Eminyakeni emithathu edlule, i-Stats SA ibilokhu ithumela abasebenzi bayo kulezi zikhungo.
Ngonyaka odlule, kwathweswa iqembu lokuqala imiyezane.
Selokhu labuya, likhombise ukuthuthuka okukhulu ekuqhutshweni kwemisebenzi, njengoba abanye babo sebenyukele ezikhundleni zokuphatha.
Nokho, i-Stats SA ibhekene nenselele entsha.
Isidingo solwazi lwezokubala oluqondene nokuthathwa kwezinqumo, ezinhlakeni zozintathu zikahulumeni, sesikhuphuke kakhulu.
Ikakhulukazi, sekunesidingo esikhulu sabantu abaqeqeshelwe ukuqoqa nokusebenzisa ulwazi lwezibalo emazingeni omasipala.
Ukuze sanelise lesi sidingo, kuzodingeka ukuthi siqeqeshe abantu ezingeni okungenani labantu abangu 2 000 ngonyaka. 
Isikhungo sokuqeqesha sase-Tanzania kanye neSikhungo Sezezibalo Nokusebenza Kwezomnotho esise-Uganda ngeke zikwazi nhlobo ukumelana nesibalo sabantu esikhulu kangaka.
Ngenkathi kuvulwa ingqungquthela yeNhlangano Yezokubala eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, ungqongqoshe wezimali uTrevor Manuel waphosela amanyuvesi aseNingizimu Afrika inselele yokubhekana nokusilela kokutholakala kwamakhono ezibalo angasiza uhulumeni ukuze athathe izinqumo enolwazi olususelwe emininingwaneni yezibalo efanele.
I-Stats SA yaqala ukuxoxisana namanyuvesi ngenhloso yokwethula lokhu kuqeqesha.
Nokho, njengamanje ayikho inyuvesi enezifundo zokuqeqeshela esezibalo zikahulumeni eNingizimu Afrika. 
I-Stats SA ihlela ukusungula isikhungo sokuqeqesha ngezibalo esikhathini esingatheni esizayo, lapho kuzoqeqeshwa abasebenzi bangaphakathi kanye nabasebenzi bakweminye iminyango ngezibalo zikahulumeni.
Ukukhishwa kohlelo lwezibalo kuzwelonke kuzoholela esidingweni sokusungula amaphiko ezokubala eminyangweni kahulumeni ehlukahlukene, okuzokwenza kube nesidingo esikhulu sabasebenzi abanamakhono kwezokubala.
Nokho, ukuthuthukiswa kwabasebenzi kwezokubala kuxhunyaniswa nokungaphezu kwesidingo sikahulumeni sokuthola ulwazi oluyilonalona.
Izibalo ziqonde ngqo enhliziyweni yentandoyeningi.
U-HG Wells, washo zibekwa ngekhuluminyaka ka 20, ukuthi esikhathini esizayo, isidingo sezokubalo siyoba semqoka kuzakhamizi njengekhono lokufunda nokubhala.
Izibalo zikahulumeni ziyimpumelelo yakamuva ewusiko eyathuthuka ngokuhambisana nokuqala kwentandoyeningi.
Esimweni sase-Afrika, lapho intandoyeningi kusawuhlelo olusha, sizobona kwanda isidingo sezibalo zikahulumeni ngenkathi kugxila intandoyeningi.
Ababali yibo abangabalindi bemigomo yentandoyeningi yokusetshenziswa kwezindlela ezivulelekile kanye nokutholakala, futhi banesibopho sokuphendula.
Yilokho okuseqhulwini njengoba ohlelweni lokwandisa abasebenzi bezokubala, futhi ukusungulwa kwezikhungo ezidingekayo ukuze kwandiswe ukufundisa ngemininingwane kahulumeni okukhulu nokusheshayo.
UPali Lehohla uwumbali-jikelele kanye nenhloko ye-Stats SA.
Ukuze uthole olunye ulwazi nge-Stats SA kanye nalokho ephumelele kukho, vakashela ku-www.statssa.gov.za noma ushayele (012) 310-8600
<Doc03>
Izinsuku ezingu-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kubantu Besifazane Nezingane: ingabe bewazi?
Kusukela ngowe-1994, uHulumeni wasungula umthetho obhekana nezenzo ezingalungile ezithinta abantu besifazane nezingane.
Ukugqugquzelwa koMthetho Wezokulingana Nokuvikelwa Kokucwasa Ngokungalingani, 2000 waphasiswa ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uthokozela amalungelo akuMthethosisekelo.
Lo Mthetho uqinisekisa ukuthi abantu besifazane bathokozela amalungelo nenkululeko ngokulinganayo, ngokulungiswa kwezenzo ezingalungile zangaphambilini.
UMthetho Wokuqasha Ngokulingana, 1998 uqinisekisa ukuthi ukucwaswa kwezokuqashwa, ukusebenza kanye neholo emsebenzini okwadalwa imithetho yobandlululo kuyaqedwa.
Ugqugquzela ukumelwa ngokulinganisayo kwabantu besifazane kanye nabanye abantu ababephucwe amathuba ngaphambilini kuwo wonke amazinga amabhizinisi kahulumeni kanye nakumabhizinisi azimele.
UMthetho Wesondlo, 1998 uqinisekisa amalungelo omntwana okuthi aphile impilo efanele ezokhuthaza ukukhula ngokwenyama, ngokomqondo, ngokomoya kanye nangokwezenhlalakahle. 
UMthetho uqinisekisa ukuthi isondlo sengane siqoqwa kubazali noma kwabanye abantu abanejoka lokuhlinzekelwa komntwana ngokwezezimali.
UMthetho Wezodlame Lwasekhaya, 1998 wamiselwa  ukuthi abantu abasinde odlameni  bavikelwe odlameni lwasekhaya ngendlela esezingeni eliphezulu. 
Abantu besifazane, okuyibo abathinteka kakhulu kudlame lwasekhaya, sebenomthetho abangazivikela ngawo ukuze kuqinisekiswe ukuthi bayavikeleka.
UMthetho Wezingane, 2005 kanye noMthethosichibiyelo Wezingane, 2007 wamiswa phakathi kweminye, ukuze uvikele ingane ekuphathweni ngendlela engafanele, ukunganakwa, ukuhlukunyezwa noma ukudicilelwa phansi.
UHulumeni uqalise futhi wesekela okuningi okusunguliwe okuvikela isithunzi somuntu wesifazane kanye nezingane.
USomqulu Wamalungelo Ezingane uyabukezwa futhi uzochitshiyelwa ukuze ubandakanye izinselele ezivelayo ezinjengokusetshenziswa kwezingane njengababambiqhaza emibukisweni yezocansi kanye nokuvezela izingane imibukiso yezocansi.
UHulumeni seyidingidile inselele yokushadiswa kwezingane ngempoqo zishadiswa nabantu abadala ngaphansi kwenqubo yesiko elibizwa ngokuthi “Ukuthwala”.
UHulumeni uzibophelele ekuqinisekiseni ukuthi amasiko kanye nezinye izinqubo kuyahambisana noMthethosisekelo kanye nomthetho ofanele.
Inqubo iyaqhubeka ukuze kusungulwe kabusha amaphiko akhethekile abhekana namacala okuhlukumeza kanye namacala ezocansi kanye nobunye ubugebengu obubhekiswa kubantu besifazane nezingane.
Ukusungulwa kwamaphiko akhethekile kuzosebenzisa ubungcweti obudingekayo ukuze kuthuthukiswe ukuphathwa nokushushiswa ngempumelelo kwamacala abhekiswe kubantu besifazane nezingane.
Njengamanje kunamaThuthuzela okuyiZikhungo Zokunakekela  ezingu-17 ezisungulwe ezweni lilonke emiphakathini enezigameko zamacala okuhlukunyezwa ngokocansi amaningi kakhulu.
Izikhungo zihlinzeka ngemisebenzi yezempilo neyezenhlalakahle kanjalo nokuqalisa izinqubo zokubika ngendlela enohlonze nokushushisa amacala endaweni enesithunzi nenakekelayo eqhutshwa ochwepheshe abawufundele lowo msebenzi.
Izimali Zokuqoqwa Kwempahla Yezobugengu zasetshenziselwa ukuxhasa amaphrojekthi okusimamisa izisulu ezingu-19.
Kwasungula Umbhalo Wemiyalelo Ngemisebenzi Yezisulu Zodlame Nobugebengu oqukethe imisebenzi eyenziwe izinhlangano zikahulumeni kanye nezemiphakathi ezingaphezu kwe-1 500 kuzo zonke izifundazwe.
Umyalelo obhaliwe usimamisa abantu ukuze bakwazi ukuthola imisebenzi ewusizo ekhona endaweni abakuyo.
Kusungulwe izakhiwo ezilungele izisulu eziteshini zamaphoyisa ezibhekana nobugebengu obukhulu.
Kwasungulwa Izinkantolo Eziqondene Namacala Ezocansi.
UMthetho Wezodlame Lwasekhaya wahlinzekela ukusungulwa kwezakhiwo zokuphephela.
Njengamanje kunezakhiwo zokuphephela ezingu-96 eNingizimu Afrika, njengoba zazingu-39 ngo-2001.
Amalungelo akuSomqulu Wezisulu asethela izithelo ezibonakalayo kuzisulu zobugebengu ezibhekana noHlelo Lwezobulungiswa Olubhekela Ubugebengu
USomqulu ubandakanya Imigomo Okungedlulwe ngaphansi kwayo ngemisebenzi Yezisulu Zobugebengu, uhlinzeka ngohlaka lwezomthetho lwezisulu ukuze kugcizelelwe amalungelo azo emisebenzini elindelekile evela oHlelweni Lwezobulungiswa Olubhekela Ubugebengu.
Ngokuqaliswa kukaSomqulu Wezisulu, isibalo sezinsuku okuqedwe ngazo icala eNkantolo Yamacala Ezocansi zehla zasuka ezinsukwini ezingama-285 kuya e-142.
USomqulu uyadingeka ukuze uHulumeni waseNingizimu Afrika akwazi ukuhlangabezana nesibopho sawo samazwe ngamazwe ngokwesiMemezelo seNhlangano Yezizwe (UN) seMigomo Eyisisekelo Yezobulungiswa eqondene Nezisulu Zokusetshenziswa Kwamandla Ngokungafanele.
Ukubambisana kwamazwe ngamazwe ekubhekaneni nezinselele zodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.
INingizimu Afrika yathumela imibiko yayo ngenqubekela phambili eseyibe nayo ekuqalisweni Kwezivumelwano Ngokukhishwa Inyumbazane nokucwaswa kwabantu besifazane ekomidini le-UN CEDAW.
INingizimu Afrika yasingatha Inhlangano Yezentuthuko YaseNingizmu Ne-Afrika (SADC) Emhlanganweni WoNgqongqoshe (kuMfumfu 09) ukuze kuphothulwe uhlelo lweqhingasu lweminyaka engu-10 lesifunda oluqondene nezenzo zokushushumbiswa kwabantu, ikakhulukazi abantu besifazane nezingane.
INqubo ye-SADC Yobulili kanye Nentuthuko iveza ukuthi Amazwe Ayimalungu e-SADC ayobe esemise umthetho wokulwisana nokuhlukumeza ngokocansi ngowezi-2015.
INingizimu Afrika yasingatha Ingqungquthela Yesifunda Yobulungiswa Kwezobulili (9–10 kuLwezi 2009), eyahlanganisa abantu ababemele amazwe ase-Afrika ukuze babonisane ngalokho ababhekane nakho kanye nalokho okubaphumelelisile ekuqedeni udlame lwezocansi nolubhekiswe kwabobulili obuthile.
Ungashayi sengathi awuboni, thatha isinyathelo ulwisane nokuhlukumeza
<Doc04>
Isitatimende Sobumfihlo
UMnyango Wezezindlu uzinikele ekuvikeleni ubumfihlo bakho nokuthuthukisa ubuchwepheshe obenza obhekana nakho ngokusebenzisa i-inthanethi kube ngokunamandla kakhulu nokuvikelekile.
Isitatimende Sobumfihlo sisebenza kuwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu futhi silawula ukuqoqwa kolwazi olungahluziwe nokusetshenziswa kwalo.
Ngokusebenzisa iwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu, uvuma izinqubo zemininingwane engahluziwe echazwe kulesi sitatimende.
Ukuqoqwa Kolwazi Oluqondene Nawe
UMnyango Wezezindlu uqoqa ulwazi oluhlonzekayo oluqondene nawe, njengekheli le-imeyli, igama, ikheli lasekhaya noma lasemsebenzini noma inombolo yocingo.
UMnyango Wezezindlu uphinde uqoqe ulwazi ngabantu ngaphandle kokubadalula, olungaqondene nawe wedwa, njengekhodi yeposi, iminyaka, ubulili, okukhethayo, onentshisekelo ngakho kanye nalokho okuthandayo. 
Kukhona nolwazi olumayelana nehadiwe nesofthiwe yekhompyutha yakho oluqoqwa uMnyango Wezezindlu ngokuzenzakalela.
Lolu lwazi lungabandakanya: ikheli le-IP yakho, uhlobo lwesiphequluli, amagama amadomeni, izikhathi ongena ngazo kanye namakheli amawebhusayithi akudlulisayo.
Lolu lwazi lusetshenziswa uMnyango Wezezindlu ukuze uqhube umsebenzi, ugcine umsebenzi oseqophelweni elifanele, kanye nokuhlinzeka ngezibalo ezejwayelekile ezimayelana newebhusayithi yoMnyango Wezezindlu.
Sicela ukhumbule ukuthi uma udalula ulwazi oluqondene nawe oluhlonzekayo noma ulwazi olukuthinta ngqo ngokusebenzisa amabhodi omyalezo omphakathi oMnyango Wezezindlu, lolu lwazi lungaqoqwa futhi lusetshenziswe abanye abantu.
Qaphela: UMnyango Wezezindlu awuzifundi izingxoxo zakho eziyimfihlo ozixoxa nge-inthanethi.
UMnyango Wezezindlu ukugqugquzela ukuthi ubukeze isitatimende sobumfihlo sewebhusayithi okhetha ukuxhumana noMnyango Wezezindlu ngayo ukuze uqonde ukuthi lawo mawebhusayithi aqoqa, asebenzise futhi abelane kanjani ngolwazi lwakho.
UMnyango Wezezindlu awubhekelele izitatimende zobumfihlo noma okunye okuqukethwe kumawebhusayithi angekho kuMnyango Wezezindlu kanye namawebhusayithi omndeni woMnyango Wezezindlu.
Sebenzisa Ulwazi Oluqondene Nawe
UMnyango Wezezindlu uqoqa futhi usebenzisa ulwazi oluqondene nawe ukuze usebenzise iwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu futhi uthumele imisebenzi oyicelile.
UMnyango Wezezindlu uphinde usebenzise ulwazi oluqondene nawe oluhlonzekayo ukuze waziswe ngeminye imikhiqizo nemisebenzi etholakala kuMnyango Wezezindlu kanye namadlelandawonye awo.
UMnyango Wezezindlu ungakwazi nokuxhumana nawe ngophenyo ukuze ucwaninge umbono wakho ngemisebenzi yamanje noma yemisebenzi emisha okungase kuhlinzekwe ngayo.
UMnyango Wezezindlu awudayisi, awuqashisi noma awuqashisi ngohlu lwawo kubantu abangahlangene ngqo.
UMnyango Wezezindlu ungase, ngezikhathi ezithile, ukuthinte egameni lozakwabo bangaphandle bakwezamabhizinisi mayelana nomkhiqizo okuhlinzekwa ngawo ongase ube nentshisekelo kuwo. 
Kulezi zimo, ulwazi oluqondene nawe ngqo olungulwazi oluhlonzekayo kuphela (i-imeyli, igama, ikheli, inombolo yocingo) aludluliselwa kumuntu wesithathu.
Phezu kwalokho, uMnyango Wezezindlu ungase wabelane ngolwazi olungahluziwe nombimbi lwawo oluwethembayo ukuze usisize ekucubunguleni ngokwezibalo, ukukuthumelela i-imeyli noma incwadi ngeposi, ukweseka amakhasimende, noma ukuhlelela ukuthunyelwa kokuthile.
Labo abangahlangene ngqo bebonke abavumelekile ukusebenzisa ulwazi oluqondene nawe ngaphandle kokuhlinzeka ngale misebenzi kuMnyango Wezezindlu, futhi kudingeka ukuthi kugcinwe ubumfihlo bolwazi lwakho.
UMnyango Wezezindlu awusebenzisi noma awuludaluli ulwazi oluqondene nawe ngqo olukuthintayo, olunjengobuhlanga, inkolo, noma iqembu lezepolitiki okulo, ngaphandle kokuvuma kwakho ngokusobala.
UMnyango Wezezindlu ulandelela amawebhusayithi kanye namakhasi avakashelwa amakhasimende ethu ngaphakathi koMnyango Wezezindlu, ukuze bakwazi ukubona ukuthi ngemiphi imisebenzi esetshenziswa kakhulu kuMnyango Wezezindlu.
Ulwazi olungahluziwe lusetshenziselwa ukuhlinzeka ngokuqukethwe nezikhangiso ezifanele amakhasimende angaphakathi koMnyango Wezezindlu okubonakala ngendlela abaziphatha ngayo ukuthi banentshisekelo enkulu kulowo mkhakha.
Amawebhusayithi oMnyango Wezezindlu azodalula ulwazi oluqondene nawe, ngaphakade kwesaziso, uma kunesidingo esingokomthetho noma uma ngezinhloso ezinhle ubona isidingo salokho: (a) ukulandela umthetho noma ukuhlonipha izinqubo zomthetho ezithunyelwe kuMnyango Wezezindlu noma endaweni yokwakha; (b) ukuvikela amalungelo noma impahla yoMnyango Wezezindlu; kanye, (c) nokuthatha isinyathelo ngaphansi kwezimo ezibalulekile zokuvikela ukuphepha okuqondene ngqo nabasebenzisi boMnyango Wezezindlu, noma komphakathi.
Ukusetshenziswa kwamaKhukhi
Iwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu isebenzisa “amakhukhi” ukuze ikusize uthole ulwazi olukhethekile kuwe ku-inthanethi.
Ikhukhi iyifayela yombhalo efakwa iseva yekhasi lewebhu kuhadiskhi yakho.
Amakhukhi akanakusetshenziselwa ukuqhuba izinhlelo noma ukuthumela amagciwane ekhompyutheni yakho.
Amakhukhi alungiselelwe wena ngqo, futhi angafundwa iseva yewebhu kudomeyni ekukhiphele ikhukhi kuphela.
Enye yezinhloso eziyisisekelo zamakhukhi ukukuhlinzeka ngendlela engcono engakongela isikhathi.
Inhloso ngamakhukhi ukutshela iseva yewebhu ukuthi sewubuyele ekhasini elithile.
Isibonelo, uma wenzela uMnyango Wezezindlu amakhasi aqondene nawo, noma ubhalise ngendawo yokwakha noma ngemisebenzi kuMnyango Wezezindlu, ikhukhi isiza uMnyango Wezezindlu ukuze ulande ulwazi olukhethekile oke waluvakashela uma sewubuya futhi. 
Lokhu kwenza inqubo yokubhalisa ulwazi oluqondene nawe ibe lula, njengamakheli okuthunyelwa kuwo izikweletu, amakheli okunyelwa impahla kuwo, njalonjalo.
Uma ubuyela kuwebhusayithi yoMnyango Wezezindlu efanayo, imininingwane oyihlinzeke ngaphambili ingalandeka, ukuze ukwazi ukusebenzisa okukhethekile kuwe kuMnyango Wezezindlu kalula.
Ungakwazi ukwamukela noma ukungawamukeli amakhukhi.
Iziphequluli zewebhu eziningi zamukela amakhukhi ngokuzenzakalela, kodwa ngokujwayelekile ungakwazi ukuhlela izilungiselelo zesiphequluli sakho ukuze singawamukeli amakhukhi uma uthanda.
Uma ukhetha ukungawamukeli amakhukhi, ungase wehluleke ukuzibandakanya ngokugcwele ezinhlotsheni zezinhlelo zoMnyango Wezezindlu noma amawebhusayithi owavakashelayo.
Ukuvikeleka Kolwazi Oluqondene nawe
UMnyango Wezezindlu uvikela ulwazi oluqondene nawe ukuze abantu abangagunyaziwe bahluleke ukuluthola, ukulusebenzisa noma ukuludalula.
UMnyango Wezezindlu uvikela ulwazi oluqondene nawe oluhlonzekayo olufaka kumaseva ekhompyutha endaweni elawulekayo, endaweni ephephile, evikelekile ukuze abantu abangagunyaziwe bahluleke ukuluthola, ukulusebenzisa noma ukuludalula.
Uma ulwazi oluqondene nawe (njengenombolo yekhredithi khadi) ludluliselwa kwamanye amawebhusayithi, luvikelekile ngokusebenzisa ikhodi eyisifihlalwazi, njengesivumelwano Songwengwezi Wesokhethi Evikelekile (SSL).
Ushintsho kulesi Sitatimende.
UMnyango Wezezindlu uzobukeza lesi Sitatimende Sobumfihlo ngezikhathi ezithile ukuze kudidiyelwe izimvo zenkampani nezamakhasimende.
UMnyango Wezezindlu ukugqugquzela ukuthi emuva kwesikhathi esithile ubukeze lesi Sitatimende ukuze wazi ukuthi uMnyango Wezezindlu uluvikela kanjani ulwazi lwakho.
Imininingwane Yezokuxhumana
UMnyango Wezezindlu uyazamukela izimvo zakho ngalesi Sitatimende Sobumfihlo.
Uma ukholwa ukuthi uMnyango Wezezindlu awusilandelanga lesi Sitatimende, sicela uthintane noMnyango Wezezindlu ku-webmaster@kznhousing.gov.za.
Sizosebenzisa imizamo efanele ngokwamabhizinisi ukuze sithathe isinqumo futhi sixazulule inkinga ngokushesha.
<Doc05>
Inkulumo kaNdunankulu u-Ebrahim Rasool Emcimbini Wokubungaza Abafundi Bakamatikuletsheni
Namuhla size lapha ukuze sihalalisele abafundi bakamatikuletsheni abaphume phambili.
Sithi kubo: Halala! Siyaziqhenya ngani, Isifundazwe kanye Nezwe kuyaziqhenya ngani, abazali benu bayaziqhenya ngani, futhi okubaluleke kakhulu wukuthi nani uqobo kufanele niziqhenye.
Okwenza siziqhenye esikhathini esinjengalesi, wukwazi ukuthi impumelelo yomzuzu izalwa ubunzima besikhathi eside kanye nokuzinikela, namuhla osekumele ukukhanya kwelanga kulandela isimo esingachazwa ngokuthi ebesiwumqansa.
Umatikuletsheni awulula neze.
Eminyakeni eyishumi edlule kuye kwadingeka ukuthi sishintshe lonke uhlelo lwezemfundo ukuze lususwe ohlelweni lobandlululo oludabuka kulo.
Igxathu esesilithathile saphumelela likhulu uma kubhekwa ukudidiyela kabanzi, uhlelo lokufunda olulodwa kanye nokuhlolwa, isibalo esikhudlwana sabantu ababhala nabaphumelela kumatikuletsheni, kanye nokuqwashisa ngokuthi imfundo iphinde ihlinzekele izidingo ezingaphezu kwezomuntu oyedwa – ukuthi umnotho uwonke weyame ezinhlotsheni zamakhono ahlinzekwa uhlelo lwezemfundo.
Umatikuletsheni unzima impela.
Abaholi bethu ababuthene lapha e-Leeuwenhof akungatshazwa ukuthi  bawongoti, yibo abaqengqeleze phambili, futhi yibo okufanele bahlonyuliswe ngemiklomelo kulesi Sifundazwe.
Kodwa sicabanga nangabantu abangama-71% ezweni abaneminyaka engaphezu kwengama- 20 abangazange bayiphothule imfundo yamabanga aphezulu, abacishe babe wuhhafu wabantu abayizi-80 000 abaqala uGrade 1 nani eminyakeni eyi-12 edlule abahluleka nawukubhala ukuhlolwa kwangowezi-2004 ngoba basala endleleni bangasiqeda isikole, kanye neningi elabhala, kodwa ngenxa yezifundo kanye nezinga abalikhetha, bathole izitifiketi zikamatikuletsheni ezingeke zibasebenzele ukuze bazibandakanye emnothweni noma emfundweni ephakeme.
Umatikuletsheni unzima isibili ngenxa yokuthi sibona esikulangazele ngani.
Izwe libona ikusasa lethu ngemiphumela yenu.
Ithemba ngekusasa lisuselwa ekuphileni kahle kwenu.
Ithemba ngekusasa lisuselwa ekutshaleni kwethu ohlelweni lwezemfundo oluholele kulo mbungazo.
Futhi yebo, ingxenye enkulukazi yesabelomali sezwe nezifundazwe siqondiswa kwezemfundo.
Ngalo nyaka uwodwa, ukuze sigcine othisha abangu 2000 emsebenzini kubize ukuthi sithathe imali ebeyibhekiswe kweminye imisebenzi yesifundazwe iqondiswe kwezemfundo.
Kumele siqinise utshalomali ezikoleni ezeswele imali ukuze ukukhushulwa kwezibalo zokulingana kwezemfundo kuzwakale futhi kukholakale ngelinye ilanga kuzo zonke izikole ezisemalokishini.
Okusemqoka, Ngqongqoshe Dugmore no-Superintendent-General Swartz, sinethuba elilodwa lokusungula Iqhingasu Lwezabasebenzi ukuze kubonakale ukuthi bekunesidingo salo lonke lolu tshalomali.
Kumele sikhiphe abafundi bakumatikuletsheni abagxilile kulokho okuyigugu kubo, abanemiphumela esezingeni eliphezulu, abafanelekile ngokwezomnotho, abathembekile emphakathini yabo, futhi abazohlomulisa abantu.
Yilokho esizokubungaza lapha namuhla.
Nimele la mathemba esinawo njengoba sakha Ikhaya Labo Bonke abantu.
Sibungaza impumelelo yenu ngoba nizinikele futhi nasebenza ngokuzikhandla, abazali benu banikelile, banigcina esikoleni, futhi umphakathi wenu unikelile futhi watshala kwikusasa lenu.
Baningi abangabaza ukubaluleka kokubungaza impumelelo kamatikuletsheni ngenxa yobunzima bawo kanye nokuthi kusangenzeka kuveze insalela yohlelo lobandlululo.
Yini kuphela eninganqoba lokhu ngokushabasheka nokuzibophelela niqwashe ngokwanele ekwakheni Ikhaya labo Bonke abantu, elingacwasi ngokobuhlanga futhi elingcono kwezokulingana. 
Lokhu kumele kuvele kukho konke enikukhethayo kusukela manje kuya phambili.
Kuze kube yimanje obekumele nikwenze bekuwukukhetha ukuthi nizozikhandla kangakanani.
Isitifiketi sakho samatikuletsheni zikuvelela amasango futhi sikuphoqa ukuthi uthathe izinqumo futhi ukhethe uhlobo lomuntu ofuna ukuba wuye kanye nempilo ofuna ukuyiphila.
Siyanihalalisela futhi sinifisela okumhlophe.
<Doc06>
Umsebenzi Wokuphathwa Kwephrojekthi Yezokuxhumana NgoHulumeni wango 2010 ukwenza okulandelayo:
ukulawula impumelelo yezimpokophelo zeqhingasu lezokuxhumana eliqondene neNdebe Yomhlaba Ye-FIFA Yase-Afrika yokuqala
ukusebenzisa leli thuba eliyingqayizivele ukuveza nokuqhubeka nokwakha ubunye nokuzigqaja ezakhamizini zaseNingizimu Afrika
ukugqugquzela intsha yethu
ukwazisa umhlaba ngezwe
ukudala umoya wokuxhumana osiza ekusebenziseni leli thuba ukuze kusheshe ukuthuthukisa nokwandisa amathuba
Ukwakha ubumbano e-Afrika.
Lokhu kuzofezeka ngokwenza okulandelayo:
ukuhlinzeka ngobuholi nokusebenzisana kokuxhumana ngohulumeni kweNdebe Yomhlaba yango 2010
ukwakha ubudlelwano kuzwelonke nabaxhumanisi bakuhulumeni nabazimele kuyo yonke imikhakha, kanjalo nokwakha umbimbi nabaxhumanisi basezwenikazi nasezinhlanganweni, ukuze izwe nezwekazi lizitamuzele kuleli thuba lokuxhumana eliyingqayizivele ngokuhlanganyela.
ukuthatha amaphrojekthi asemqoka okuxhumana ngohulumeni eNdebe Yomhlaba Yebhola Likanobhujuzwayo yango 2010. 
<Doc07>
UMthethonqubo Kazwelonke Womthamo Wezithuthi Ezisemgwaqweni Uchitshiyelwe ukuze kuthuthukiswe ezokuphepha emgwaqweni.
POLOKWANE: Imithethonqubo Kazwelonke Yomthamo Wezithuthi Ezisemgwaqweni seyichitshiyelwe. 
Ibizwa ngokuthi iSichibyelo Seshumi Nesikhombisa futhi yaqala ukusebenza mhla ishicilelwa.
UMnyango Wezemigwaqo Nezokuthutha wazisa abashayeli bezimoto ngezichibiyelo ezilandelayo:
Izithuthi ezintsha ezibhaliswe ngemuva kukamhlaka 01 kuNcwaba 2010 kumele zibe namanambapleti afakwe ngamaphophurayivethi noma izipikili.
Uma ingeke ifakeke esithuthini ngqo kufanele ifakwe ngebhrakhethi ehambisana ne-SANS 973.
Lesi sichibiyelo sizonciphisa ubugebengu kanye nokuphulwa kwemithetho yomgwaqo okwenziwa abashayeli bezithuthi abasusa amanambapleti kalula ukuze bangalandeleki.
Akuzukuba lula ukususa inambapleti bese uyibuyisele emuva kokwenza icala ngoba lokho sekuzodala ezinye izindleko.
Inambapleti yakhiwe nge-aluminiyamu okwenza kube nzima ukuyishisa iphele nya esigamekweni sengozi.
Kusukela mhlaka 1 kuNhlolanja 2011 abantu abathola amalayisense okushayela enelayisense yokushayela yekhodi  C, C1, EC noma EC1 abazukuvumeleka ukuthi bashayele isithuthi esidinga ilayisense yekhodi B noma ilayisense yekhodi EB (ngokwemithetho yakudala umuntu onelayisense yekhodi 10, 11, 13 noma 14 akanakushayela isithuthi esidinga ilayisense yekhodi 08).
Lokhu kuzosebenza kubanikazi bamalayisense amasha kuphela.
Siphezulu kakhulu isibalo sabashayeli abayibafundi abafaka isicelo samalayisense okushayela izithuthi ezinkulu kunezithuthi ezincane ukuze, njengesibonelo, babalekele ukuhlolelwa ukupaka ngokuklelisa izimoto.
Iqiniso ukuthi uma sebethole amalayisense abo ezithuthi ezinkulu, bashayela izithuthi ezincane abangazijwayele izindlela zokuzilawula futhi bagcine sebebandakanyeka ezingozini.
Kulindelekile nokuthi bonke labo bashayeli abathole amalayisense okushayela izithuthi ezinkulu bathole Nezimvume Zokushayela Ngokomsebenzi kodwa, izibalo ziveza okunye.
Lokhu kufakazela ukuthi abafakizicelo badinga amalayisense okushayela izithuthi ezincane hhayi ezinkulu.
Izinsiza Zokulawula Ukungaphumi Emzileni zamatekisi namabhasi zethulwa ngenqubo yokuqinisekisa eyingxenye yokuhlolela ukufaneleka ukuthi zibe semgwaqweni.
Kusebenza kuwo wonke amatekisi kanye namabhasi hhayi ezithuthini ezisanda kwakhiwa kuphela.
Umnikazi wesithuthi obhalisiwe noma umuntu omumele kumele athumele ifomu elimisiwe eligcwalisiwe le-DSCD endaweni okuhlolwa kuyo.
Izinsiza Zokulawula Ukungaphumi Emzileni ziyinsiza enqanda ithayi ekukhumukeni kwirimu uma kuqhuma ithayi isithuthi sisahamba.
Ukuchitshiyelwa koMthethonqubo 332 kwashicilelwa futhi kuqukethe izinsiza zokuhlola ubufakazi bephunga obungase busetshenziselwe ukuqoqa amasampula obufakazi bephunga kanye nesitifiketi esikhishwe umkhiqizi nomhlinzeki wazo kungasetshenziswa njengobufakazi emacaleni, ngokukhiqizwa kwazo.
Lokhu kuchibiyela kuzama ukubhekana nenkinga eyavezwa ephathelene nokuba semthethweni kwemishini yokufutha ngokwesigaba 65(7) soMthetho Kazwelonke Womthamo Wezithuthi Ezisemgwaqweni, 1996 nokuthi ngabe ihambisana ne-SABS 1793 futhi zingasetshenziselwa ukuthola isiklalo sotshwala emphefumulweni.
Okudingekayo okuhlongoziwe kuyalandela:
“Lokhu kusebenza kakhulu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi ngoba kuba negalelo elikhulu emizamweni yokulwisana nabashayeli abadle amanzi amponjwana emigwaqweni yethu”, kusho uMEC Wezemigwaqo Nezokuthutha uPinky Kekana. 
<Doc08>
Imisebenzi Yezempilo Yesikhathi sokukhulelwa (ngaphambi kokubeletha)
Amantombazane kanye nabantu besifazane abakhulelwe badluliselwa ophikweni lwemisebenzi yezokubeletha noma kumaPhiko Ababelethisi (MOUs) ezindaweni zasemadolobheni, kanye nasemitholampilo eyingxenye yemitholampilo emikhulu noma emitholampilo yasezindaweni zasemakhaya ezinzile.
Ama-MOU angamaphiko okubelethisa aqhutshwa ababelethisi kuziguli ezidinga ukunakekelwa okuyisisekelo emphakathini. 
Kuwumqondo omuhle ukuthi omama abalindele ukuthola abantwana babekisele ukuvakashela emtholampilo okokuqala ngaphambi kwamasonto angu 20 noma ngokushesha emuva kwalokho.
Umama uhlolwa okokuqala ngokugcwele futhi elulekwe uma efika okokuqala ukuzonakekelwa ngaphambi kokubeletha, okuphinde kubizwe ngokuthi ukuvakasha okubekisiwe.
Ukukhulelwa kuqashwa ngokuvama ukuvakashela ama-MOU ulandelela.
Nesimo sempilo sikamama siyaqashisiswa.
Uzoklalwa isisindo, umfutho wegazi lakhe uyahlolwa kuphinde kuhlolwe nomchamo wakhe.
Uma kungekho zinkinga, kumele abuye ukuzolandelela okokuqala emuva kwamasonto amabili ukuze athole imiphumela yokuhlolwa okwenziwe ngenkathi efika njengoba wayebekise indawo.
Emuva kwalokhu, kumele abuyele emtholampilo njalo emasontweni ayisithupha kuze kube amasonto angu 28, bese kube amasonto angu 34, emuva kwalokho  njengoba kusho umsebenzi wasemtholampilo/MOU (ukufika ngokuvamile kungahluka ngokwezindawo).
Omama abakhulelwe bahlolelwa ukubheka ukuthi azikho na izifo ezibeka impilo yabo neyombungu engcupheni.
Amantombazane asemancane kanye nabantu besifazane abaneminyaka engaphezu kwa 35 abakhulelwe bathathwa ngokuthi bangabantu abasengcupheni enkulu.
Lokhu kusho ukuthi banamathuba amaningi okubhekana nezinkinga ngesikhathi bekhulelwe nalapho sebebeletha.
Abantu besifazane abakhulelwe bangathathwa ngokuthi basengcupheni enkulu uma umfutho wegazi wabo uphezulu, benomlando wezifo ezitholakala ngofuzo, bethwele amawele noma ngaphezulu kanye nalapho uma bake bahlinzwa njengokubeletha ngokuhlinzwa.
Omama okutholakale ukuthi basengcupheni enkulu badluliselwa emitholampilo yeziguli ezikhulelwe ezingalaliswa ezibhedlela ezisezingeni lokudluliselwa noma okudluliselwa kuzo iziguli ukuze zinakekelwe ochwepheshe, lapho kuqhutshekwa khona nophenyo kanye nokuhlola.
Omama abakhulelwe abasengcupheni enkulu balulekwa ukuthi bahambele imitholampilo yeziguli ezikhulelwe ezingalaliswa njalo uma kunesidingo. 
Uma uqala ukuya emtholampilo, uzocelwa ukuthi ugcwalise ifomu bese uvulelwe ifayela.
Phatha umazisi wakho, nanoma eyiphi imithi oyisebenzisayo kanye nekhadi lasemtholampilo noma lasesibhedlela, uma wake wabhaliswa emtholampilo.
Abantu abakhulelwe abangekho engcupheni enkulu baphathwa kuma-MOU (amaphiko okubelethisa aqhutshwa ababelethisi ezigulini ezidinga ukunakekelwa okuyisisekelo emphakathini) ezindaweni zasemadolobheni, kanye nasemitholampilo eyingxenye yemitholampilo emikhulu noma emitholampilo yasezindaweni zasemakhaya ezinzile.
Abantu abakhulelwe abasengcupheni enkulu baphathwa emitholampilo enakekela iziguli ezigulela emakhaya ezindaweni zasemadolobheni kanye nasezibhedlela zezifunda ezindaweni zasemakhaya kanye nasezibhedlela okudluliselwa kuzo iziguli ukuze zinakekelwe ochwepheshe.
<Doc09>
Uhlelo Lwezondlamzimba Oludidiyele
Uhlelo Lwezondlamzimba Oludidiyele (INP) luhlose ukuthuthukisa isimo sokondleka kwabo bonke abantu abahlala esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.
Lolu hlelo luqukethe okuningi.
Kuyini ukungondleki?
Ukungondleki kuyinkinga enkulu eNingizimu Afrika futhi kuyingxenye yalokho okunomthelela omkhulu ekuguleni nasekushoneni kwezingane.
Zilinganiselwa kuma-30% izingane zaseNingizimu Afrika ezibhekene nokushoda kokudla okunezondlamzimba ebuncaneni bazo.
Ukungakudli ukudla okwanele, ukugula kanye nokuba nengcindezi emqondweni ngokwezenhlakalahle/ukwethuka kuyimbangela enkulu edala ukushoda kwezondlamzimba ngaleso sikhathi.
Ububha kanye nokushoda ngezinsiza kuyizimo eziyisisekelo ezinegalelo esimweni sokungondleki.
I-INP izama ukubhekana nale nkinga engagqamile ngezindlela ezinhlobonhlobo.
Izongezo zokudla zezingane 
Ezingeni lasemtholampilo izingane ezihlolwayo nezihlonzwa njengalezo ezingondlekile ngokwanele (lokhu kubandakanya izingane nabantu abadala abane-HIV nesifo sofuba) zizonikwa izongezo zokudla okubandakanya impuphu enezakhimzimba kanye nesiphuzo esinika umfutho omkhulu.
Amaklayenti ahlonziwe anikwa izongezo zokudla kulandelwa uhlelo oluthile.
Nabasebenzi bezempilo bahlinzeka ngezeluleko, ulwazi kanye nezimfundiso mayelana nezindlela zokudla ukudla okunempilo kanye nezindlela eziphuma phambili zokudidiyela ukudla okunempilo.
Nochwepheshe bezokudla  bahlinzeka ngomsebenzi othile emphakathini.
Ukuncelisa
Emzabalazweni wokulwisana nokungondleki kwezingane zisezincane abasebenzi bezempilo bagqugquzela abantu besifazane ukuthi bondle izingane zabo ngokuzincelisa zize zibe nezinyanga eziyisithupha futhi emuva kwalokho baqhubeke nokuncelisa bebe beyifundisa ukudla okufanele nokuyilungele, ingane ize ibe neminyaka emibili.
Kuxoxwa nomama abane-HIV ngezinye izindlela zokuncelisa izingane.
Isibhedlela iVredendal neSikhungo Sezokubeletha saseGroote Schuur yizibhedlela ezilungele izingane esifundazweni ngokoHlelo Lwezibhedlela Ezilungele  Izingane.
Ukuqapha ukukhula
Zonke izingane ziklalwa isisindo njalo njengengxenye yohlelo lokuqapha ukukhula, njengenkomba ebonisa ukuthi ngabe ingane iyakhula na.
Isisindo sengane sibhalwa Ekhadini Lomgomo.
Kubhekwa izimbangela zokwehla kwesisindo somzimba ezinjengezifo ezisulelanayo, ukushoda kokudla ekhaya kanye nokunganakekelwa kwengane.
Izifo ezisulelanayo ziyimbangela enkulu yokungondleki futhi lezi zifo ziyalapheka ezingeni lasemtholampilo.
Isifo sohudo siyamaniswa kakhulu nokungahlanzeki kwendawo ngokwanele (ukuhlinzeka ngezindawo zokulahlwa kwendle kanye nokutholakala kwamanzi) kanye nokungondleki - noma ukungondleki ngokwanele kosana, okugcina sekulwenza lube sengcupheni yokuphathwa isifo sohudo esibucayi nesidonsa isikhathi eside. 
Ukuqedwa kobubha
Amakhaya akhungethwe ububha ayahlonzwa futhi adluliselwe kolunye lwezinhlelo zikahulumeni zokuqedwa kobubha.
Kubhekanwa nokutholakala kokudla emakhaya ngokwamagatsha futhi kusetshenziswa izindlela zokungenelela ezifanele aphinde asekelwe.
Izengezo zokudla ezinamavithamini
Ukulawula izifo zokushoda ngamamakhroniyuthriyenti kuyingxenye enkulu yalo msebenzi.
Amamakhroniyuthriyenti ayizakhi zemvelo ezinjengamavithamini namaminerali, atholakala ekudleni okuncane futhi abaluleke kakhulu ekuzigcineni uphile saka.
I-INP ihlinzeka ngesongezo sokudla iVithamini A okuqondiswe ezinganeni.
Izingane ezishoda ngeVithamini A ziyazaca, zingakhuli ngendlela efanele futhi zisemathubeni amakhulu okusuleleka ngezifo bese zishone ngenxa yazo.
Ukushoda ngeVithamini A kuphinde kulimaze iso futhi kungenye yezimbangela ezinkulu zobumpumputhe ezinganeni.
Izingane ezizalwa zinesisindo ezincane zinikwa amaphilisi eVithamini A, okulekelela amasosha omzimba futhi kusize izingane ukuze zikhule.
Izinsana kusukela ezinyangeni ezingu 6-11 zinikwa iVithamini A (1000 000 IU) kube kanye ukuze kuvikelwe ukugula okubucayi.
Izingane kusukela ezinyangeni ezingu 12 kuya eminyakeni emihlanu zinikwa 200 000 IU eyodwa ngenkathi inezinyanga ezingu 12 emuva kwalokho zithole 200 000 IU njalo ezinyangeni eziyisithupha  ize ibe neminyaka emihlanu.
IVithamini A yokwengezela inikwa izingane ezingondlekanga kakhulu, noma enezifo ezisulelanayo eziyimbelesela njengesifo sohudo, isimungumungwane noma isandulela ngculazi.
Ukubulala izikelemu
Isindo somzimba sabantwana singancishiswa nawukuba nezikelemu futhi lokhu kungalashwa emtholampilo ngamakhambi okubulala izikelemu.
Izeluleko ngokondleka komzimba
Abantu abake baphathwa isifo sohlangothi, abaphathwa isifo somfutho wegazi ophezulu ngokweqile, isifo sikashukela, i-HIV/AIDS kanye neSifo sofuba bayafundiswa, banikwe ulwazi futhi balulekwe ngokondleka ngaso sonke isikhathi uma belashwa.
Uhlelo lokondla lwasezikoleni ezisemabangeni aphansi
UHlelo Lokondla Lwasezikoleni Ezisemabangeni Aphansi luyatholakala ezikoleni ezinesimo somnotho esintengantengayo ezihlonzwe ngokukhethekile.
Lezi zinhlelo ziqhutshwa ngokuhlanganyela noMnyango Wezemfundo.
Uhulumeni wesifundazwe uhlose ukufinyelela ezingeneni eziyizi-125 000 ezikoleni zasemabangeni aphansi ezingama-847 esifundazweni ngowezi-2004 ngohlelo lwawo lokuphakela izingane ezikoleni.
Ukudla ezikhungweni
I-INP Oludidiyele luphinde lube negalelo ekunakekelweni kwamaklayenti ezikhungweni ngokusebenzisa uhlelo lokuhlinzeka ngokudla ukuze kuhlinzekwe ngokudla okunempilo okulingene.
Imiyalelo:
Abantu abaqalayo ukufika emtholampilo/esibhedlela sesibili noma sesithathu bazocelwa ukuthi bagcwalise ifomu bese isiguli sizovulelwa ifayela.
Phatha umazisi wakho.
Kuzodingeka incwadi yokudluliselwa ephuma emtholampilo uma uya esibhedlela.
Izibhedlela zizocela incwadi yomholo yakamuva/incwadi yokuhlolelwa ezentela (IRP5)
Phatha ikhadi lasesibhedlela lakho uma wake wabhalisa esibhedlela ngaphambilini.
<Doc10>
Inkulumo yePhini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni, uMnu. Ntopile Kganyago, iLungu Lephalamende, emcimbini wokwethulwa emphakathini okokuqala koHlelo Lwengaphakathi Nedolobhakazi LaseTshwane, Esakhiweni Sebhange-ngodla LaseNingizimu Afrika, eTshwane 
Abanye abasebenzi bahulumeni abawomakadebebona emsebenzini
Bafowethu nodadewethu bemithombo yabezindaba
Izihambeli ezahlukahlukene 
Isinqumo esithathwe yiKhabhinethi ngo 1997 sokugqugquzela iminyango kahulumeni kuzwelonke ukuthi ithathe ingaphakathi nedolobhakazi laseTshwane kube yindawo ezozinza kuyo kuveze umbono omkhulu kakhulu; ngaleso sikhathi namanje.
Umphumela uvezwe kahle ohlelweni oluxhumanisa ukuvuselelwa kwamadolobhakazi ethu kulandelwa umyalelo kahulumeni wokuvuselela amadolobha kanye nezinhlelo zokuthuthukiswa kwezindawo okuhlelelwe ukugqugquzela imigomo yokuphathwa kwendawo esedolobheni okuhambisana namalungelo abantu, imikhuba efanele yokuphatha abantu, ukuthuthukiswa kwezomnotho kanye nokubumbana komphakathi.
Namuhla njengoba sithatha isinyathelo sokuqala ukuze kugcwaliseke umbono, siphinde sibungaze ibanga eselihambile kwaze kwaba yinamuhla.
Ukubonisana okunzulu kuvame ukubonakala ngokubanjwa kwezinkulumo-mpikiswano ezijulile ngokulinganayo mayelana futhi nangokukhethwayo eminyangweni kahulumeni, uma kubhekwa isimo sayo esibonakalayo, akuzange kusisuse imigomweni yethu yakudala, okuwukuthuthukisa indawo yokusebenzela yeminyango kuhulumeni ngaphakathi kwedolobhakazi laseTshwane.
Khona manjalo kudingeka ukuthi sibe negalelo ngaleso sikhathi ekuvuselelweni kwedolobhakazi.
Eminye imigomo okungeve kuwukuthi ayibalulekile kakhulu ibandakanya ukuheha utshalomali lwezimboni ezizimele, ukuthuthukisa indlela iTshwane ebukwa ngayo njengedolobhakazi eliyikomkhulu e-Afrika kanye nokugqugquzela ukuthuthuka kwabantu abamnyama kwezomnotho.
UHulumeni nguye ongumnikazi omkhulu wempahla futhi phakathi kwabatshalimali abaphuma phambili empilweni yezomnotho kuhulumeni wasekhaya ikakhulukazi koMasipala abakhulukazi baseGoli naseTshwane eGauteng.
Iminyango idinga indawo okusebenzekayo nekuhlalekayo kuyo ukuze kuhlangatshezwane nezibopho zayo zokuhlinzekwa kwezidingo ukuze kugcwaliseke imigomo yayo.
Kuyazeka ukuthi izakhiwo zikahulumeni eziningi zisezingeni lokuthi zinhle kuya kwezilungile kunokuba kuthiwe ngezinhle ngokwedlulele uma kubhekwa izimo zazo.
Ukuvuselela, ukuthuthukisa nokulungisa kuzohamba phambili ekusetshenzisweni kwemali futhi kube negalelo ohlelweni Lwephrojekthi ye-BEE Yangaphakathi Yedolobhakazi LaseTshwane.
Minyaka yonke uhulumeni kazwelonke ngokusebenzisa uMnyango Wemisebenzi Kahulumeni wawusebenzisa imali eyevile kwizigidigidi ezimbili (R2 wezigidigidi) ukuze kukhokhelwe ukuqasha kanye nezinye izintela eziphathelene nokuphathwa kwesakhiwo njengemareythi nemisebenzi, ezweni lonke, kube kuhlomula umkhakha ozimele kanye nohulumeni wasemakhaya.
Kuhlala kungababambiqhaza ababodwa okulindeleke ukuthi baqhube inqubo yokuvuselelwa kwengaphakathi kwedolobhakazi laseTshwane, okungase kwenzeke ngokubamba iqhaza kukaHulumeni Wesifundazwe waseGauteng ngamaphrojekthi amakhulu otshalomali njengoba usekelwe i-Ejensi Yokuthuthukiswa Kwezomnotho eGauteng (GEDA).
Odabeni loHlelo Lwengaphakathi Ledolobha LaseTshwane, olwaziwa ngokuthi “Re Kgabisa Tshwane” futhi enesihlokwana esithi “Indawo Engcono Yokusebenzela”, kugxilwe kakhulu kubantu (kodwa abasebenzi bahulumeni kanye nomphakathi), njengoba isezikhaleni ahlezi kuzo emsebenzini wokuhlinzeka nokwamukela imisebenzi yomphakathi eseqhulwini.
Uma kumenyezelwa uHlelo Lokusebenza lukahulumeni lango 2004, uMongameli, uMnu Thabo Mbeki ubize iminyango kahulumeni kuzwelonke yeMisebenzi Kahulumeni kanjalo neMisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa kwayo ukuthi ihlanganyele ekuthuthukisweni kwezimo zokusebenza zendawo zikahulumeni kanye nabasebenzi bahulumeni.
Ingqalasizinda ebonakalayo yomphakathi iyinjini yokuhlinzeka ngezidingo futhi abasebenzi bahulumeni yibo abayizinjini futhi abenza isheshe, igculise futhi iphumelele.
Ngesikhathi sesigaba sokuhlolwa kwezidingo kuphrojekthi, abasebenzi abaningi bahulumeni okwabonisanwa nabo bagcizelela ukubaluleka kokuba nezindawo zokusebenzela, ezifanele umsebenzi wabo futhi lokhu kwakubandakanya indawo engaphakathi nengaphandle okwenza kube nesidingo sokusebenzisana noMasipala waseTshwane, okuyiwona onejoka lokubhekela okuningi okuphathelene nokuphathwa kwendawo yasedolobheni njengesiminyaminya sezithuthi, inhlanzeko, ezokuphepha, ezokuvikela kanye nezobuhle bendawo.  
Mangithathe leli thuba ngibonge abaphathi nobuholi baseTshwane ngokwazelela kwabo ekwamukeleni le phrojekthi ngokuyihlelela ukuthi ihambisane neziNhlelo Zentuthuko Ezididiyele zabo.
Empeleni Isivumelwano Sokusebenzisana (MOU) esizosayindwa khona esikhathini esingatheni namuhla phakathi koMnyango Wemisebenzi Kahulumeni kuzwelonke kanye Nomasipala Omkhulukazi WaseTshwane, siyisiqinisekiso sokuvumelana okuzosetshenzelwa phezu kwakho.
Kuyisimemezelo senhloso yokusebenzisana ezinhlelweni nakumaphrojekthi azohlomulisa zombili izinhlaka ezithintekayo.
Umyalezo wethu obhekiswe kuwe namuhla uthi “umsebenzi sewuqalile” futhi eminyakeni engu 10 ezayo kuzobonakala ukufakwa kwezigidigidi eziyisishiyagalombili zamarandi (R8 wezigidigidi) uhulumeni wakuzwelonke kanye nomkhakha ozimele ngezabelomali eziyingqalamsebenzi, ukuthuthukiswa kwezakhiwo okuqashwe kuzo kanye nobudlelwano phakathi kukahulumeni nemikhakha ezizimele. 
Ngokokuphathwa KoHlelo, sekusungulwe iKomidi Lokweluleka Nokweseka elihlanganise aboMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo, uMnyango Wemisebenzi Kahulumeni, uMgcinimafa Kazwelonke kanye neDolobhakazi laseTshwane.
Phakathi kokunye iKomidi lizohola uhlelo, liqaphe futhi libhekele ukuqaliswa kwalo, liphothule iqhingasu lokuxhasa futhi liqinisekise ukuqalisa okudidiyele.
UMnyango uqoke uMnu. Dumisani Dlamini njengePhini likaMqondisi-Jikelele ozobhekela ukuphathwa kohlelo lulonke. 
Ngiyabonga.
<Doc11>
Somlomo, Ndunankulu Ohloniphekile, Ozakwethu kuKhabhinethi, AmaLungu Endlu, Izihambeli Ezihloniphekile, izikhulu zomnyango wezezindlu, amalungu emithombo yezindaba kanye nomphakathi uwonkana, nginamukela ngezandla ezimhlophe.
La mazwi bafowethu nodadewethu aveza isimo sezepolitiki saseNingizimu Afrika, ikakhulukazi eNtshonalanga Kapa.
Noma bangasebenza ngokuzikhandla kangakanani abantu bakuleli zwe abazimisele, abathanda inqubekela-phambili, abanye abantu bahlala bephokophele ekujivazeni umsebenzi omuhle osewenziwe yilo hulumeni onakekelayo ngesikhashana nje uthathe izintambo zombuso.
Bafowethu nodadewethu, abantu abaningi babe nokuphikisana ngokuthi ezezindlu zimayelana nani, kodwa ngivumeleni nginichazele ngenye indlela.
Ngokwami, udaba lwezezindlu aluqondene nophahla lokufihla ikhanda kuphela.
Lumayelana nabantu uqobo betshatha ijoka lokuqhubekisa indawo okungeyabo bebonke futhi behlelemba ikusasa labo.
Lumayelana nokudala imiphakathi esebenzisekayo kanye nezindawo okungaphilwa kuzo eziqhubekisekayo.
Lumayelana nempumelelo evela ngokubumbana ngokusebenzisana phakathi kwezinhlaka ezizimele, izinhlaka zikahulumeni, Izinhlangano Ezingengaphansi Kukahulumeni, kodwa ikakhulukazi, imiphakathi.
Kimi ezezindlu zingase zichazeke kangcono njengenqubo, ebandakanya ukuhlela nabantu kunokuhlelela abantu.
Ezezindlu esimweni saseNingizimu Afrika azikho mayelana nomkhiqizo nje, kodwa inqubo esuselwa ezimisweni zentandoyeningi eyalwelwa kanzima abantu bakuleli zwe.
Yinqubo elalela abantu, evumela abantu ukuthi basebenzise ilungelo labo lentandoyeningi ukuze bakhethe uhlobo lwezindlu kanye nendawo abafuna ukwakhelwa izindlu zabo kuzo.
Akukho okuthunaza isithunzi somuntu nokungahambisani nentandoyeningi ngaphezu kokuthi abantu baphucwe ilungelo labo elisemqoka lokuzikhethela.
Njengesishoshovu sezenhlalakahle, abantu bayinhliziyo yombono neqhingasu lami lokuhlinzeka ngezindlu, okuphambana nenqubo yobandlululo.
Bafowethu nodadewethu, kuyintokozo kimi njengoba lithambama ukunethulela inkulumo yami yesabelomali yesibili njengoNgqongqoshe Wezezindlu Esifundazweni.
Ngiziqhenya kakhulu nangokuthi le nkulumo yesabelomali ngiyethula ngobusuku obandulela Ukugujwa Kweminyaka eyi 10 sinentandoyeningi.
Lokhu kuwubufakazi obuqinile bokuthi uhulumeni oholwa i-ANC sewuphumelele kokuningi  esikhathini esingaphansi kweminyaka eyishumi kubusa intandoyeningi uma kuqhathaniswa nanoma eliphi izwe emhlabeni uwonkana.
Sisebenzile – Siphumelele.
Ngamagama agcwele, emathubeni okuba nezindlu ezingu-1.4 wesigidi asehlinzekwe uhulumeni, ngiyaziqhenya ngokumemezela ukuthi isifundazwe sethu eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule, uhlinzeke ngezindlu eziyizi-167 000, okungama-11% wokudingekayo ezweni lilonke.
Lokhu, ngokubona kwami wumsebenzi omkhulu impela osewenziwe kunoma eliphi izinga.
Ngithanda nokuveza ukuthi unyaka odlule ubukhungethwe inqwaba yezinselele, ezibe nomthelela ekuhlinzekeni ngezindlu ezweni lilonke, kodwa ikakhulukazi kulesi sifundazwe.
Lezi zinselele zabangelwa ukwethulwa kwezimiselo zenqubomgomo entsha kanye nemigomo enjengokuthi umhlomuli kwakudingeka  aphose esivivaneni izingu R2 479 kanye nokwethulwa koHlelo Lwesiqinisekiso Somkhandlu Wokubhaliswa Kwabakhi Bezindlu Kuzwelonke lwezindlu ezixhaswe uhulumeni.
Inhloso ngalezi zindlela akusikho ukubambezela ukuhlinzeka ngezindlu kodwa ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bathola izindlu eziseqophelweni elifanele nelisemandleni abo.
Nokho isifundo esibhekene naso ngokuqaliswa kwalezi zinqubomgomo senze ukuhlinzekwa kwezindlu kwashaya ngolonyawo.
Okwenza isimo sibe sibi kakhulu wukuthi umnyango wami usebenze ungenaye uMqondisi Omkhulu izinyanga eziyisishiyagalolunye.
Lokhu kuyibambezele kakhulu inqubekela-phambili.
Sengize ngaqoka uMnu. Seth Maqethuka, ozalelwe futhi wakhulela eKapa onesipiliyoni emsebenzini kahulumeni kuzwelonke nasekhaya, engithanda ukumhalalisela futhi ngimamukele yize sengikwenze kaninginingi lokho.
Yize zibe khona lezi zinselele nezingqinamba, ngiyaziqhenya ngokumemezela ukuthi ebantwini bakithi ukuthi umnyango wami ukwaze ukusebenzisa isigidi ezingu R348, okungu 92% ngokwabiwa kwezindlu eNtshonalanga Kapa.
Ezinye izifundazwe zihluleke ukusebenzisa ngisho ama 52% esabelomali.
Lokhu kudale ukuthi kugunyazwe uxhaso lwezindlu olulinganiselwa ku 25 000.
Iyanda imindeni edla imbuya ngothi ezothola ithuba lokuthokozela izithelo zentando yeningi yethu.
Lokhu bafowethu nodadewethu, kubonakalisa ukwenyuka okubabazekayo ngezindlu ezingu 3000 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Mayelana nalokhu, ngingathanda ukubonga iqhaza elibalulekile elibanjwa omasipala esifundazweni.
Ngaphandle kokuzinikela kwabo kanye nokusebenza okumangalisayo, besingeke size sikwazi ukuqhuba umsebenzi.
Khona manjalo, ngingathanda ukuhalalisela Idolobha LaseKapa ngokusebenzisa ama 70% esabelomali sethu.
Angizukukhohlwa abasebenzi bami ngokusebenza kanzima kanye neqhaza ababe nalo embonweni wethu wokuhlinzeka izwe ngezindlu.
Bafowethu nodadewethu, unembeza wami ngeke unginike ukuthula uma ngingase ngithi konke kuyacwebezela enqubweni yokuhlinzeka ngezindlu.
Kusanesikhala esikhona enqubweni yokuhlinzeka ngezindlu.
Ngenxa yalokhu, kusamele silungise ezindaweni ezilandelayo:
Izindlu zethu eziningi azikahambisani nenqubomgomo ngokugudluka ekuhlinzekeni ngezindlu eziningi kudlulelwe ekuhlinzekeni ngezindlu eziseqophelweni eliphezulu.
Kusadingeka ukuthi sishintshe inqubo yokuhlinzeka ngezindlu isuke kuleyo yokuhlinzeka ngophahla lokufihla ikhanda kudlulelwe ekudaleni izindawo zokuhlala abantu ngokuqhubekisekayo.
Kudingeka siguqule ukuzibandakanya kwabahlomulayo, bangahlali phansi, kepha basukume bazibambele mathupha.
Kudingeka sishintshe indlela esicabanga ngayo ukuze sikwazi bakwazi ukubheka imixhaso kahulumeni njengempahla ebalulekile hhayi imikhiqizo engatheni.
<Doc12>
UKWAHLUKANISWA KOMSEBENZI WAMAPHOYISA NGOKWEZIGCEME
Kwaba nokukhulu ukukhululeka kumama nomntwana lapho uJames Busakwe owayenezinsuku eziyi-16 ezelwe ehlanganiswa kabusha nonina omzalayo mhla ziyisi-7 kuMbasa 2006.
Udaba lwaqala ngenkathi unina wosana ogama lalo kunguJames efika esibhedlela saseKlerksdorp mhlaka 6 kuMbasa eyovakashela indodana yakhe, lapho umhlengikazi abona khona ukuthi usane lwalunikwe omunye umuntu wesimame, owayethe ngayizolo ungunina ozala umntwana.
Kwathi lapho kutholakala iqiniso, abahlengikazi babika eSiteshini Samaphoyisa eKanana, kwazise owesimame owayelande uJames wayebanike ikheli laseKanana.
Indawo eyayivela ekhelini yafunwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Akekho umuntu owayazi igama kanye nencazelo ngalo muntu wesimame kuleliya kheli.
Ngomhla ziyisi-6 kuMbasa kusihlwa iKanana CPF yabamba umhlangano.
Ukhomishana wesiteshi oyibamba watshela umhlangano ngengane eyayithunjiwe futhi wacela ukuthi bonke abantu bahlale bevule amehlo nezindlebe.
Ngalobo busuku ngezikhathi zabo 23:00, elinye lamalungu omphakathi lashayela amaphoyisa ucingo libika ukuthi kunomuntu wesifazane ohlala esigcemeni salo, obekungaziwa ukuthi uzithwele, osekuthukeke enengane yomfana.
Amaphoyisa alandelela umbiko, amthola umuntu wesifazane nengane.
Abasebenzi basesibhedlela babizwa futhi bayihlonza ngaleso sikhathi ingane, kanjalo nowesifazane owayeyithumbe esibhedlela.
Kwatholakala ubufakazi obunhlobonhlobo, obubandakanya nezigqizo zeplastiki zasesibhedlela endlini kamsolwa.
Lo muntu wesifazane waboshwa kwathi ingane ebeyingalinyazwanga yaphindiselwa esibhedlela,ngakusasa ekuseni  yahlanganiswa kabusha nomama wayo oyizalayo.
Umsebenzi owenziwa amalungu omphakathi abandakanyekayo ekutholakaleni kwengane, kumele ushayelwe ihlombe, njengoba kwagqama ukubaluleka kokusebenzisana komphakathi namaphoyisa.
Ukubaluleka kokuqaliswa Kokwahlukaniswa Komsebenzi Wamaphoyisa Ngokwezigceme nokugcinwa kwawo kanjalo nokuqhutshwa kwawo ngokufanele, akumele kudelelwe.
Qhubekani nomsebenzi omuhle, CPF yaseKanana!
Nkosazana Othandekayo
Ngicabanga ukuthi kwaba yinhlanhla noma mhlawumbe iwela ukuthi ngidlule esiteshini senu samaphoyisa eMondoer, ngase ngihlangana neJenali ye-SAPS yenu.
Ngicabanga ukuthi ishicilelwa kube kanye ngenyanga, futhi ngithole udaba olubaluleke kakhulu kuyo.
Mina nomkami sisanda kuqala ibhizinisi elisha futhi singathanda ukunimema nonke, noma kube wumsebenzi oyedwa walapho uma lisendaweni yethu, nizophuza inkomishi yekhofi noma yetiye yamahhala futhi sethemba ukuthi sinalo ibhisikidi elilodwa noma amaningana esinganipha wona.
Njengoba nginesiqiniseko sokuthi uzoqonda ukuthi ukuqala ibhizinisi elisha akulula futhi kubiza umsebenzi omningi kanye nemali eyingqalamsebenzi.
Nokho, sisakholwa ukuthi amaphoyisa kanye nayo yonke iminyango yabaqinisi  bomthetho ibaluleke kakhulu kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika.
Lokhu kuyinto encane esithanda ukunipha yona sibonge ngokuzinikela kwenu ekuqinisekiseni ukuthi thina, izakhamizi, singaqhubeka nempilo yethu.
Sikulangazelele kakhulu ukuthola impendulo, noma okungasijabulisa kakhulu, ukubona umsebenzi wenu siqu egqoke umfaniswano womsebenzi, efika esitodlwaneni sethu ukuze simazi kangcono.
Siyaphinda sibonga kakhulu, kumaphoyisa aseNingizimu Afrika, ngokusebenza kanzima kwenu kanye nokuzinikela ekugcineni iNingizimu Afrika iphephile.
Izincwadi ezimfishane, ezibhalwe okuyiqiniso zingathunyelwa ngefeksi noma nge-imeyli kuMhleli.
Sinelungelo lokuzihlela noma ukuzinciphisa izincwadi.
<Doc13>
ISIMEMO SOKUTHATHA ISINYATHELO
Mhla ziyi-14 kuNhlangulana 2007, enye yezindaba ezikuJenali ye-SAPS eku-inthanethi (www.sapsjournal-online.gov.za) yachaza ukuthi amaphoyisa amabili aseGatsheni Lokuhlonzwa Kwezithuthi eWelkom aboshelwa kanjani ukukhohlakala nokukhwabanisa.
Ngokwemibiko laba ababili, unsumpa no-inspektha, babedayisa izimoto ezazitholwe amaphoyisa, ukuze bahlomule.
Bobabili abasolwa bavela enkantolo mhlaka 12 kuNhlangulana bese icala lahlehliselwa umhlaka 21 kuNcwaba 2007.
Kusadlule usuku, mhla ziyi-15 kuNhlangulana 2007, kwaba nesihloko ku-News24 esasithi: “Amaphoyisa amabili kwelokuphanga kuhlonyiwe”.
Kulokhu kwakuyiphoyisa eliwumfundi no-inspektha okwakubikwe ukuthi baphange isitolo sezingubo zokugqoka eMarble Hall, beba imali, ibhulukwe kanye nehembe.
Inkohlakalo emaphoyiseni kumele iphele nya.
Njengoba iningi lethu liyizakhamizi ezethembekile, ezisebenza ngokuzikhandla, kunamaphoyisa ambalwa abonakalisa ukungahloniphi ububona, umfaniswano wabo noma Umgomo Wokuziphatha Wamaphoyisa.
Sekuyisikhathi sokuthi sibuqede nya lobu bubi ku-SAPS.
Futhi manje sewungasiza ukuze kuqedwe amaphoyisa akhohlakele ngokuwadalula kunombolo yocingo entsha yokubika ubugebengu.
Ngaphandle kokuzidalula!
Uma usola ukuthi omunye wozakwenu wenza okungasile, noma uma kukhona omunye omaziyo, noma ngabe amaphoyisa, amalungu omndeni, ozakwenu, omakhelwane noma abantu abangaziwa, ababandakanyeka noma abahlela ukuzibandakanya ezenzweni zobugebengu, okumele ukwenze nje, ukuthumela i-SMS ku 32211.
Leyo yinombolo entsha yokubika ngobugebengu kuzwelonke esanda kwethulwa i-Primedia eSandton.
Ungathumela i-SMS ku 32211 (ukhokhiswe u-R1 nge-sms ngayinye) noma uye ku www.crime-line.co.za. 
Ababhali bemininingwane engahluziwe abaqeqeshiwe balindele ukudlulisela imininingwane emaphoyiseni, azothatha isinyathelo ngaleso sikhathi!
Okuhle kakhulu wukuthi awuzukudalulwa.
Manje sewunamandla okulwisana nobugebengu ngaphandle kokubeka impilo yakho engcupheni.
Uhlelo lwe-Primedia lwethembisa ukuthi akuzukubuyelwa kuwe ngalokho okubikile.
UYusuf Abramjee, uMdidiyeli Wephrojekthi Yokulwisana Nobugengu ye-Primedia, uthe: “Asilidingi igama noma ikheli lakho ngaphandle kwalapho usinika ngokuthanda futhi asikho isidingo sokuthi wenze isitatimende noma sokuvela enkantolo.
Esikufunayo nje ulwazi ngezigebengu ukuze amaphoyisa akwazi ukuthatha isinyathelo ngalokho.”
Lo mkhankaso omusha, odle izigidi zamarandi, wokulwisana nobugebengu kuzwelonke omusha wethulwa i-Primedia eSandton mhlaka 7 kuNhlangulana 2007.
Ususelwa ohlelweni Lokunqanda Ubugebengu Lwamazwe Ngamazwe.
Uhlelo Lokunqanda Ubugebengu lwaqala e-Albuquerque, e-New Mexico, kuMandulo 1976.
Kuwukubambisana phakathi komphakathi, imithombo yabezindaba kanye nama-ejensi okuphoqelela umthetho futhi lwakhelwa ukuthi lulwisane nobugebengu futhi lugcine izakhamizi ziphephile.
Namuhla, kunezinhlelo Zokunqanda Ubugebengu ezingu 1 200 emhlabeni jikelele ezisebenza emazweni angu 20 asebenzisa ulwazi oluvele emphakathini  olusiza ekusombululweni izinkinga zobugebengu.
NgokweSikhulu Esiphezulu se-Primedia Ltd, uMnu. William Kirsh, lezi zinhlelo zisize ekuboshweni kwezigebengu eziyizi-600 000!
Okumele kwaziwe iphoyisa ngalinye ngomkhankaso omusha wokulwisana nobugebengu, wukuthi  lo mkhankaso usekelwe uNgqongqoshe Wezokuphepha Nezokuvikela, uMnu. Charles Nqakula kanye noKhomishina we-SAPS kuzwelonke, uKhomishina Jackie Selebi.
UKhomishina Selebi wethembise ukuthi “njengenhlangano, sizokwenza konke okusemandleni ethu ukwenza le phrojekthi isebenze.”
Umbuzo uthi uzokwenzani ngakho?
Kudingeka ukuthi wesekwe yibo bonke abantu ngokugcwele, kungabi nje ukuthatha izinyathelo ngokushesha uma uthola ulwazi oluphuma esikhungweni sozingcingo ezibika ngobugebengu kuphela, kodwa baphinde bazise abantu ngalolu hlelo lapho bethola ithuba.
Tshela abantu, ama-CPF, izikole, umndeni wakho kanye nabangani ngalolu hlelo.
Qinisekisa ukuthi bayaqonda ukuthi umkhankaso wethembisa ukuthi akuzukubuyelwa kubo ngalokho abakubikile.
Khumbula ukuthi le akusiyo inombolo yocingo yezimo eziphuthumayo.
Abantu kumele bakhumbule ukubika ku 10111 ngezimo eziphuthumayo noma eziteshini zamaphoyisa eziseduze.
Ngokusebenzisa umkhankaso wokulwisana nobugebengu imithombo yezindaba yelule isandla ukuze isize amaphoyisa.
Ifuna ukusisiza senze iNingizimu Afrika ibe indawo ephephile kubantu bonke.
Ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwenombolo yocingo yokubika ngobugebengu, uJohn Robbie, umethuli wohlelo lwasekuseni emsakazweni i-Talk Radio 702, unikezela ngemishini Engamathuluzi Okuhlonza angu 65 ku-SAPS.
UMnu Robbie usanda kunxusa abalaleli emoyeni ukuthi bathembise ukunikelela le mishini Engamathuluzi Okuhlonza.
Isitolo esithengisa le mishini, i-Face Technology, naso sifake isandla, sehlisa intengo yale mishini, okwenze izinkampani ezazethembise imali yokuthenga umshini owodwa ekuqaleni  zakwazi ukuthenga emibili.
I-Primedia noJohn Robbie akusibo kuphela abasiza amaphoyisa ukulwisaneni nobugebengu.
Funda noma eziphi izindaba zempumelelo ku-SAPS Journal noma kuJenali ye-SAPS Eku-inthanethi ukuze ubone ukuthi amacala axazululwe kanjani ngosizo lwamalungu omphakathi.
Njengoba kunalo mkhankaso wokulwisana nobugebengu, izigebengu, okubandakanya nalabo abambalwa abasembuthweni, singasho singananazi ukuthi ... izinsuku zabo zibaliwe.
<Doc14>
Ukuthola isitifiketi sokugunyazwa njengomhlinzeki wezidingo yi-ETQA
Imisebenzi Kahulumeni YaseNingizimu Afrika
Izicelo zesitifiketi sokugunyazwa yi-ETQA njengomhlinzeki wezidingo kwezemfundo nokuqeqesha
Incazelo
Imithethonqubo esebenza ezinhlakeni Zokuqinisekisa Izingaqophelo Lezemfundo Nokuqeqesha (ETQA) kususelwa Kumaziphathe Weziqu WaseNingizimu Afrika (SAQA)  kudinga ukuthi abahlinzeki bezidingo zemfundo nokuqeqesha bafake izicelo zesitifiketi sokugunyazwa i-ETQA.
Ukuze bathole isitifiketi sokugunyazwa, abahlinzeki bezidingo bezemfundo nokuqeqesha kudingeka ukuthi babhaliswe ngokomthetho ofanele.
Umthetho omayelana Nemfundo Ephakeme Nokuqhubezela Imfundo udinga ukuthi bonke abahlinzeki bezidingo nokuqeqesha abahlinzeka ngeziqu ezigcwele babhalise eMnyangweni Wezemfundo.
Umhlinzeki wezemfundo nokuqeqesha kumele ahlinzeke ngezifundo ezikumazinga kanye/noma ngeziqu ezihambisana nokugxilwe kukho okuyisisekelo sezinhlaka Zokuqinisekisa Izingaqophelo Lezemfundo Nokuqeqesha (ETQA) okuwuphiko Lukamaziphathe Womkhakha Wezokufundisa Nokuqeqesha (SETA) noma Uphiko Lochwepheshe. 
Okudingekayo ukuze uthole isitifiketi sokugunyazwa:
* Okudingekayo ukuze uthole isitifiketi sokugunyazwa kuqukethwe kumbhalo obizwa ngokuthi Imigomo Nemihlahlandlela Yabahlinzeki notholakala kuwebhusayithi ye-SAQA.
* Izinhlelo (kanye/noma ukuhlolwa) okuhlinzekwa ezemfundo nokuqeqesha kugcina ngokokuba izifundo ezisezingeni kanye/noma iziqu ezibhaliswe Ohlakeni Lweziqu Kuzwelonke (NQF).
* Uhlelo lwezifundo (umumo, okuqukethwe kanye nezinsiza zokufunda) luhambisana namazinga emfundo kanye/noma neziqu.
* Kukhona abasebenzi abafanele nabaqeqeshiwe (ababheki babafundi kanye nabahloli ababhalisiwe).
* Abafundi bakwazi ukuthola ukwesekwa kwezemfundo okufanele.
* Izindlela zokuhlola kanye nezinsiza ezisetshenziselwa ukulinganisa izidingo zamazinga ezifundo kanye/noma iziqu kulungile, kufanelekile futhi kungathenjwa, futhi kusetshenziselwa ukuthuthukisa ukufunda.
Izinyathelo okumele zithathwe
* Thumela incwadi eveza inhloso yakho yokuthola isitifiketi sokugunyazwa njengomhlinzeki wezemfundo nokuqeqesha ku-ETQA efanele.
* Thumela ifomu lokuzihlola nokufaka isicelo ku-ETQA.
* Uma unganikezwanga isitifiketi sokugunyazwa futhi ubona ukuthi inqubo yenziwe ngokungafanele, unelungelo lokufaka isikhalo.
* Uhlu lwama-ETQA kanye nemininingwane yokuxhumana kutholakala kuwebhusayithi ye-SAQA.
Kungase kuthathe izinyanga eziyisi-6.
Lo msebenzi umahhala.
Amafomu okumele agcwalise
Amafomu omhlinzeki okufaka isicelo sesitifiketi sokugunyazwa kanye nemibhalo ehambisana nawo kungatholakala ku-ETQA efanele.
Imininingwane yokuxhumana - Sicela ukhethe okukodwa:
